-
Hlakulela Ukusondelana NoJehovaINqabayokulinda—2000 | Januwari 15
-
-
Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.”—IzAga 3:5, 6.
-
-
Hlakulela Ukusondelana NoJehovaINqabayokulinda—2000 | Januwari 15
-
-
‘Singamazisa kanjani uJehova kuzo zonke izindlela zethu’? Umhubi ophefumulelwe uthi: “Ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho, ngizindle ngezenzo zakho.” (IHubo 77:12) Njengoba uNkulunkulu engabonakali, ukuzindla ngemisebenzi yakhe nokusebenzelana kwakhe nabantu bakhe kubalulekile ekuhlakuleleni ukusondelana naye.
Umthandazo uyindlela ebalulekile yokwazisa uJehova. INkosi uDavide yaqhubeka ibiza uJehova “usuku lonke.” (IHubo 86:3) Ngokuvamile uDavide wayethandaza phakathi nobusuku, njengalapho engumbaleki ehlane. (IHubo 63:6, 7) ‘Qhubekani nithandaza ngomoya ngezikhathi zonke,’ kunxusa umphostoli uPawulu. (Efesu 6:18) Sithandaza kaningi kangakanani? Ingabe sijabulela ukukhulumisana komuntu siqu okusuka enhliziyweni noNkulunkulu? Lapho ubhekene nezimo ezivivinyayo, ingabe siyalucela usizo kuye? Ingabe ngomkhuleko sifuna isiqondiso sakhe ngaphambi kokwenza izinqumo ezibalulekile? Imithandazo yethu eqotho eya kuJehova isenza sithandeke kuye. Futhi siyaqiniseka ukuthi uzoyilalela imithandazo yethu futhi ‘aqondise izindlela zethu.’
-