Intsha Iyabuza . . .
Kubi Ngani Ukuphindisela?
“Ungithukile.”—UConneel, oneminyaka engu-15 ubudala, oboshelwe ukubulala.
U-Andrew, oneminyaka engu-14 ubudala, owabulala uthisha emdansweni esikoleni, wathi uyabazonda othisha nabazali bakhe futhi uwathukuthelele amantombazane ngoba awamqomi.
UMAGAZINI i-Time ukubiza ngokuthi “umkhuba obulalayo.” Osemusha othukuthele ungena ngesinyenyela nesikhali esibulalayo esikoleni afike avulele inhlamvu kubafundi nakothisha. Izenzakalo eziyinhlekelele kanjalo seziqale ukwanda kakhulu e-United States kangangokuthi omunye umbiko wezindaba ze-TV wachaza lo mkhuba ngokuthi “ukuqhuma kobudlova.”
Ngenhlanhla, ukudubula esikoleni kuseyivelakancane. Noma kunjalo, amacala amuva abangelwa ulaka embula ukuthi enye intsha ithukuthele kangakanani. Icasulwa yini kangaka? Enye yale ntsha yayicasulwe ukungabi nabulungisa noma ukusetshenziswa kabi kwamandla eyakubona kwenziwa iziphathimandla. Enye yayicasulwe ukulokhu igconwa ontanga. Omunye umfana oneminyaka engu-12 ubudala owadubula umfundi afunda naye—wayesezidubula naye—wayegconwa ngokuthi ukhuluphele.
Kuyavunywa, mhlawumbe intsha eningi ngeke icabange ngempela ngokwenza isenzo sobudlova esikhulu kangako. Noma kunjalo, akulula ukulwa nemizwa yokuphatheka kabi ebangelwa ukuba yisisulu sokubandlululwa, ukuchukuluzwa noma ukugconwa okuwunya. Ekhumbula izinsuku zakhe zesikole, uBen uthi: “Ngangimfushane kunontanga yami abaningi. Futhi ngenxa yokuthi ngangiphucile, ezinye izingane zazilokhu zingigcona futhi zingishaya ekhanda. Lokhu kwakungicasula kakhulu. Okwenza izinto zaba zimbi nakakhulu ukuthi lapho ngiyofuna usizo kulaba abayiziphathimandla, babenganginaki. Lokho kwangicasula nakakhulu!” UBen uyanezela: “Ukuphela kwento eyayingivimbela ukuba ngithathe isibhamu ngibadubule laba bantu ukuthi ngangingasitholi.”
Kufanele uyibheke kanjani intsha efuna ukulimaza labo abaye bayiphatha kabi? Futhi yini okufanele uyenze uma uyisisulu sokuphathwa kabi? Ukuze uthole impendulo, cabangela lokho iZwi likaNkulunkulu elikushoyo.
Ukuzithiba—Uphawu Lwamandla!
Ukuphathwa kabi nokungabi nabulungisa akukusha. Omunye umlobi weBhayibheli wanikeza lesi seluleko: “Pheza ukuthukuthela; yeka ulaka, [“ungafuthelani,” NW]; kubanga ukona nje.” (IHubo 37:8) Ngokuvamile, ulaka luhilela ukuhluleka ukuzithiba futhi umuntu uluveza angabi nandaba nemiphumela. Ukuzivumela ukuba ‘ufuthelane’ kungaphumela ekuqhumeni kwentukuthelo! Ungaba yini umphumela?
Cabangela isibonelo seBhayibheli sikaKayini no-Abela. ‘UKayini wayesemthukuthelela kakhulu’ umfowabo u-Abela. Ngenxa yalokho, “kwathi besendle, uKayini wasukela umfowabo u-Abela, wambulala.” (Genesise 4:5, 8) Esinye isibonelo solaka olungalawuleki sasihilela iNkosi uSawule. Enomona ngempumelelo kaDavide osemusha kwezempi, akacibanga imikhonto kuDavide kuphela kodwa nasendodana yakhe uJonathani!—1 Samuweli 18:11; 19:10; 20:30-34.
Yiqiniso, kunezikhathi lapho kufaneleka khona ukuthukuthela. Kodwa noma kunjalo, intukuthelo efanele ingaphumela ebubini uma ingalawulwa. Ngokwesibonelo, uSimeyoni noLevi ngokuqinisekile babenelungelo lokuthukuthelela uShekemi uma bezwa ukuthi wayedlwengule udadewabo uDina. Kodwa esikhundleni sokuba bazole, bavuka umbhejazane, njengoba kubonakala emazwini abawasho kamuva: “Ngabe bemenza udadewethu isifebe na?” (Gen. 34:31) Futhi lapho intukuthelo yabo iphenduka isifuthefuthe, “bathatha, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe, bahlasela umuzi ngesibindi, babulala bonke abesilisa” ababehlala emzaneni wakubo kaShekemi. Ulaka lwabo lwaluthelelana ngoba namanye “amadodana kaJakobe” ahlanganyela kulokhu kuhlasela okubulalayo. (Genesise 34:25-27) Ngisho nangemva kweminyaka eminingi, uJakobe, uyise kaSimeyoni noLevi, wayilahla intukuthelo yabo engalawuliwe.—Genesise 49:5-7.
Kulokhu sifunda iphuzu elibalulekile: Intukuthelo engalawuliwe ayilona uphawu lwamandla kodwa iwuphawu lobuthakathaka. IzAga 16:32 zithi: “Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe, nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi.” (Omalukeke sizenzele.)
Ubuwula Bokuphindisela
Ngakho imiBhalo inikeza lesi seluleko: “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi. . . . Ningaziphindiseleli.” (Roma 12:17, 19) Impindiselo—kungakhathaliseki ukuthi ihilela ubudlova obungokomzimba noma nje amazwi anonya—ayihambisani nokuhlonipha uNkulunkulu. Ngesikhathi esifanayo, impindiselo enjalo ayisizi futhi ayikona ukuhlakanipha. Phakathi kokunye, ubudlova buvame ukuholela kobunye ubudlova obengeziwe. (Mathewu 26:52) Futhi amazwi anonya avame ukubangela amazwi anonya nakakhulu. Khumbula futhi nokuthi intukuthelo ngokuvamile ayinazaba. Ngokwesibonelo, ingabe kungenzeka ngempela ukuba wazi ukuthi umuntu okucasulile ubengakuthandi? Kungenzeka yini ukuthi mhlawumbe nje akacabanganga noma uluhlaza? Futhi ngisho noma kunobutha, ingabe lesi simo senza ukuphindisela kufaneleke?
Cabangela amazwi eBhayibheli kumShumayeli 7:21, 22: “Ungabeki inhliziyo yakho emazwini onke akhulunywayo, funa uzwe inceku yakho ikuthuka, ngokuba kaninginingi inhliziyo yakho iyazi ukuba nawe ubathukile abanye.” Yebo, akumnandi ukuba abantu basho izinto ezimbi ngawe. Kodwa iBhayibheli liyavuma ukuthi kuyinto eyenzekayo. Ingabe akulona iqiniso ukuthi mhlawumbe nawe uke washo izinto ngabanye obekungaba ngcono ukuba ubungazishongo? Pho kungani kufanele uhluthuke uma othile esho into embi ngawe? Ngokuvamile, indlela engcono kakhulu yokubhekana nokugconwa ukumane ukuzibe.
Ngokufanayo, akuhlakaniphile ukuhluthuka uma unomuzwa wokuthi uye waphathwa kabi. Osemusha okuthiwa uDavid ukhumbula okwenzeka ngesikhathi bedlala i-basketball namanye amaKristu. “Othile kuleli elinye iqembu wangishaya ngebhola,” kusho uDavid. Ngokuxhamazela ecabanga ngokuthi lokhu kwakuyisenzo sonya, uDavid waphindisela, wamshaya ngebhola lowo mdlali. “Ngangithukuthele ngingqangqa,” kuvuma uDavid. Kodwa ngaphambi kokuba izinto zibe zimbi kakhulu uDavid wathandaza kuJehova. Wayesethi enhliziyweni, ‘Ngenzani, ngifuna ukulwa nomfowethu ongumKristu?’ Kamuva, baxolisa komunye nomunye.
Ezimweni ezinjalo kuhle ukukhumbula isibonelo sikaJesu Kristu. “Lapho ethukwa, akaphindiselanga ngokuthuka. Lapho ehlupheka, akasongelanga.” (1 Petru 2:23) Yebo, uma ucindezelwa, esikhundleni sokuphindisela, thandaza kuJehova futhi umcele ukuba akusize uzithibe. Ngesandla esivulekile ‘uyobanika umoya ongcwele labo abacela kuye.’ (Luka 11:13) Esikhundleni sokuphindisela lapho othile ekucasulile, mhlawumbe into ongayenza iwukuba uye kulowo muntu ukhulume ngakho. (Mathewu 5:23, 24) Noma uma uyisisulu sokuxhashazwa kohlobo oluthile okuqhubekayo, mhlawumbe ukuchukuluzwa esikoleni, ungafuni ukukulungisa ngobudlova. Kunalokho, kudingeka uthathe izinyathelo ezisebenzayo ukuze uzivikele.a
Osemusha Owayeka Ulaka
Intsha eningi iye yazisebenzisa lezi zimiso zeBhayibheli futhi kwaba nemiphumela emihle. Ngokwesibonelo, uCatrina wanikelwa ukuba abe yingane yokutholwa esemncane. Uthi: “Nganginenkinga yolaka ngoba ngangingazi ukuthi kungani umama ongizalayo anikela ngami. Ngakho ngangikhiphela isibhongo kumama owangithola. Ngobuwula, ngangicabanga ukuthi uma ngimphatha kabi yena, ngangiphindisela ngandlela-thile kumama ongizalayo. Ngakho ngangenza konke—ngimchapha ngamazwi, ngigxoba ngezinyawo phansi, ngimthukuthelela. Ngangithanda ukushaya izicabha. Ngangivame nokuthi ‘Ngiyakuzonda!’—konke ngenxa yokuthi ngangithukuthele kakhulu. Uma ngibheka emuva, angikholwa ukuthi ngangenza lezi zinto.”
Yini eyasiza uCatrina ukuba alawule intukuthelo yakhe? Uyaphendula: “Ukufunda iBhayibheli! Lokhu kubaluleke kakhulu ngoba uJehova uyazi ukuthi sizizwa kanjani.” UCatrina wathola induduzo nalapho yena nomkhaya wakubo befunda izihloko ze-Phaphama! ezazikhuluma ngokuqondile ngesimo salo mkhaya wakubo.b Uyakhumbula: “Sonke sakwazi ukuhlala phansi ndawonye futhi saqonda imizwa yomunye nomunye.”
Nawe ungafunda ukulawula ulaka. Uma ugconwa, uchukuluzwa noma uphathwa kabi, khumbula amazwi eBhayibheli kumaHubo 4:4: “Thukuthelani ningoni.” Lawo mazwi angakusiza ukuba ugweme ukuvumela ulaka olulimazayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole iseluleko esisebenzayo ekusebenzelaneni nothisha abenzelelayo, izingane ezichukuluzanayo nezihlukumezanayo, bheka izihloko ezithi “Intsha Iyabuza . . . ” kuyi-Phaphama! ka-August 8, 1984; September 8, 1985; no-August 8, 1989.
b Bheka uchungechunge oluthi “Ukuba Nezingane Zokutholwa—Izinjabulo, Izinselele,” kuyi-Phaphama! ka-May 8, 1996.
[Isithombe ekhasini 15]
Ezikhathini eziningi, indlela engcono kakhulu yokubhekana nokugconwa ukumane ukuzibe