Intsha Iyabuza . . .
Ngingabhekana Kanjani Nokugula Kangaka?
UJASON wayeneminyaka engu-18 kuphela ubudala, kodwa kwakubonakala sengathi wayengasenakuyifinyelela yonke imigomo yakhe ekuphileni. Wayenethemba lokukhonza isikhathi esigcwele njengesikhonzi esingumKristu, kodwa-ke kwatholakala ukuthi une-Crohn’s disease—isifo sesisu esibuhlungu futhi esiwohlozayo. Nokho, namuhla uJason ubhekana ngokuphumelelayo nesimo sakhe.
Mhlawumbe nawe uphethwe ukugula okungathi sína. Kumagazini wangesikhathi esidlule, i-Phaphama! yacabangela izinselele intsha enjengawe ebhekana nazo.a Manje ake sibone ukuthi ungabhekana kanjani ngokuphumelelayo nesimo sakho.
Isimo Sengqondo Esiqondile
Ukubhekana ngokuphumelelayo nokugula kuhilela ukuba nesimo sengqondo esiqondile. IBhayibheli lithi: “Umoya womuntu uyasekela ubuthakathaka bakhe, kepha ngubani ongathwala umoya owaphukileyo na?” (IzAga 18:14) Imicabango nemizwa efiphele, engenathemba yenza ukululama kube nzima. UJason wakuthola kuyiqiniso lokhu.
Ekuqaleni, uJason kwadingeka alwe nemizwa ephambene, njengentukuthelo, eyayimenza acindezeleke. Yini eyamsiza? Uyachaza: “Izihloko ze-Nqabayokulinda ne-Phaphama! ezikhuluma ngokucindezeleka zangisiza ngempela ukuba ngilondoloze isimo sengqondo esiqondile. Manje sengizama ukubhekana nosuku olulodwa ngesikhathi.”b
UCarmen oneminyaka engu-17 ubudala naye wafunda ukugxilisa ingqondo ezicini ezingcono. Nakuba ephethwe i-sickle-cell anemia, uzibheka njengobusisekile. Uthi: “Ngicabanga ngabanye abasesimweni esibi kunami futhi abangakwazi ukwenza izinto engikwazi ukuzenza. Futhi ngizizwa nginokubonga futhi ngingazidabukeli.”
IzAga 17:22 zithi: “Inhliziyo eyenamileyo iyikhambi elihle.” Abanye bangase babe nomuzwa wokuthi ukuhleka akufanelekile lapho umuntu egula ngokungathi sína. Kodwa ukuba namahlaya okuhle nobudlelwane obakhayo kuqabula ingqondo yakho futhi kwandise isifiso sakho sokuphila. Eqinisweni, injabulo iyimfanelo evela kuNkulunkulu, esinye sezithelo zomoya kaNkulunkulu. (Galathiya 5:22) Lowo moya ungakusiza ukuba ujabule ngisho noma ulwa nokugula.—IHubo 41:3.
Ukuthola Udokotela Onokuqonda
Ukuba nodokotela oyiqondayo intsha kuwusizo kakhulu. Ngokuvamile izidingo zosemusha ezingokwengqondo nezingokomzwelo zihlukile kwezomuntu omdala. U-Ashley wayeneminyaka eyishumi kuphela lapho kudingeka aye esibhedlela eyolashelwa isimila esisebuchosheni esiyingozi. Udokotela ka-Ashley wasebenzelana naye ngozwela nangendlela okwakulula ukuba ayiqonde. Wamtshela indlela ukugula kwakhe siqu esemncane okwamshukumisela ngayo ukuba abe udokotela. Ngobumnene kodwa ngokucacile wamchazela indlela yokwelapha eyayihlongozwa, ngakho wayazi ukuthi yini ayilindele.
Wena nabazali bakho niyozama ukuthola izisebenzi zezokwelapha ezikuhloniphayo futhi eziziqondayo izidingo zakho. Uma ngesizathu esithile uzizwa unganelisekile ngokunakekelwa okutholayo, zizwe ukhululekile ukuveza okukukhathazayo kubazali bakho.
Lwela Impilo Yakho!
Kubalulekile ukuba ulwe nokugula kwakho ngazo zonke izindlela. Ngokwesibonelo, funda okuningi ngangokunokwenzeka ngesifo esikuphethe. Isaga seBhayibheli siyaphawula: ‘Umuntu wokwazi u ya qinisisa amandhla.’ (IzAga 24:5, Kwelidala) Ulwazi lususa ukwesaba ngezinto ongazazi.
Ngaphezu kwalokho, osemusha onolwazi angahileleka kakhudlwana ekwelashweni kwakhe futhi usesimweni esingcono sokubambisana nakho. Ngokwesibonelo, angase afunde ukuthi akufanele ayeke ukuphuza umuthi ogunyaziwe ngaphandle kokutusa kukadokotela. UCarmen, okukhulunywe ngaye ngenhla, wayefunda izincwadi eziphathelene ne-sickle-cell anemia, njengoba kwakwenza abazali bakhe. Abakufunda kwabasiza ukuba bathole ukwelashwa okwakungasiza uCarmen kakhulu.
Buza udokotela wakho imibuzo eqondile—ngaphezu kwesikhathi esisodwa uma kudingekile—uma kunento ongayiqondi kahle. Kunokuba usho lokho ocabanga ukuthi udokotela ufuna ukukuzwa, chaza ngokwethembeka ukuthi ucabangani nokuthi uzizwa kanjani. Njengoba iBhayibheli lisho, “lapho kungekho khona ukululekana, amasu ayachitheka.”—IzAga 15:22.
Kwake kwaba nesikhathi lapho u-Ashley kwakubonakala engafuni ukuxoxa ngokugula kwakhe. Wayexoxa nonina kuphela ngakho. Isisebenzi sezenhlalakahle esihlakaniphile sambuza ngasese: “Ingabe mhlawumbe unomuzwa wokuthi awutshelwa yonke into?” U-Ashley wavuma ukuthi wayezizwa kanjalo. Ngakho lona wesifazane wabonisa u-Ashley imibiko yakhe yezokwelapha futhi wamchazela yona. Wacela nodokotela bakhe ukuba bachithe isikhathi esengeziwe bexoxa no-Ashley ngokuqondile, kunokuba baxoxe nje ngaye. Ngokukwazi ekugcineni ukuveza imizwa yakhe, u-Ashley wakwazi ukuthola usizo ayeludinga.
Ukusekela Kwalabo Abakuzungezile
Lapho kunelungu lomkhaya eligula ngempela, kuba indaba yomkhaya, edinga umzamo obumbene. Umkhaya wakubo ka-Ashley nebandla lobuKristu baba imbumba ukuze bamsize. Ibandla lalikhunjuzwa njalo ukuthi usesibhedlela. Amalungu ebandla ayemvakashela njalo, futhi ayesiza umkhaya wakubo ngomsebenzi wasendlini nokulungiselela ukudla kwaze kwaba yilapho umkhaya usubuyela esimweni esivamile. Izingane zasebandleni zazimvakashela u-Ashley esibhedlela lapho engaguli kakhulu ukuba abone abantu. Lokhu kwakungelona usizo ku-Ashley kuphela kodwa futhi nakubangane bakhe.
Nokho, ngaphambi kokuba abanye bakusize, kufanele bazi ukuthi uyakudinga ukusizwa. UCarmen uncike kubazali bakhe nakubadala basebandleni ukuze athole ukusekelwa ngokomzwelo nangokomoya. Futhi uncike nakulabo afunda nabo esikoleni abanezinkolelo zobuKristu ezinjengezakhe ukuze bamsekele. UCarmen uthi: “Bayanginakekela, futhi ngizizwa ngikhathalelwa.”
Isikole ofunda kuso singase sikwazi ukunikeza amacebiso ezokwelapha nawezimali awusizo futhi singaze sinikeze ngisho nosizo oluqondile. Ngokwesibonelo, uthisha ka-Ashley wakhuthaza ikilasi labo ukuba libhalele u-Ashley futhi limvakashele. Uma othisha bakho bengabuqondi ubunzima obhekana nabo, kungase kudingeke ukuba ngenhlonipho abazali bakho baxoxe nabaphathi-sikole ngesimo sakho.
Sebenzisa Ingqondo Nomzimba Ngokuhlakanipha
Lapho ugula kakhulu, ungase ungakwazi ukwenza okuthile ngaphandle kokugxilisa amandla onawo ekululameni. Uma usakwazi ukunyakaza, ziningi izinto ezakhayo ongazenza. Umlobi uJill Krementz wakhuluma ngalokho akuphawula lapho ecwaningela incwadi yakhe ethi How It Feels to Fight for Your Life: “Kuye kwangidumaza ukuchitha iminyaka emibili ngiya esibhedlela futhi ngibona izingane eziningi zigqolozele i-TV. Kufanele sikhuthaze lentsha ukuba ifunde ngokwengeziwe. Umbhede wasesibhedlela uyindawo enhle kakhulu lapho umuntu engavivinya khona ubuchopho bakhe.”
Kungakhathaliseki ukuthi usekhaya noma usesibhedlela, ukuvivinya amakhono akho engqondo ngokuvamile kungakusiza uzizwe ungcono. Ingabe wake wazama ukubhala izincwadi noma izinkondlo? Ukudweba? Kuthiwani ngokufunda ukudlala insimbi yomculo uma isimo sikuvumela? Ngisho noma unokulinganiselwa kwempilo, kuningi ongakwenza. Ngokuqinisekile, into engcono kakhulu ongayenza ukuhlakulela umkhuba wokuthandaza kuNkulunkulu nokufunda iZwi lakhe, iBhayibheli.—IHubo 63:6.
Uma isimo sakho sivuma, ukuvivinya umzimba okufanele nakho kungakusiza ukuba uzizwe ungcono. Ngenxa yalesi sizathu izikhungo zezokwelapha ngokuvamile zinezinhlelo zokuvivinya umzimba ezenzelwe intsha egulayo. Ezimweni eziningi ukuvivinya umzimba okufanele akuthuthukisi nje ukululama ngokomzimba kodwa futhi kukusiza ukuba uhlale weneme.
Ungadangali!
Lapho ebhekene nokuhlupheka okukhulu, uJesu wathandaza kuNkulunkulu, wathembela kuye, futhi wagxilisa ingqondo ekusaseni lakhe elijabulisayo kunasezinhlungwini. (Heberu 12:2) Wafunda kokuhlangenwe nakho kwakhe okunzima. (Heberu 4:15, 16; 5:7-9) Wamukela usizo nesikhuthazo. (Luka 22:43) Wagxila enhlalakahleni yabanye kunasekuphathekeni kwakhe kabi.—Luka 23:39-43; Johane 19:26, 27.
Nakuba ungase ugule kakhulu, nawe ungaba isikhuthazo kwabanye. Embikweni wesikole, udadewabo ka-Ashley, u-Abigail, wabhala: “Umuntu ongihlaba umxhwele kunabo bonke udadewethu. Ngisho noma kufanele aye esibhedlela ayojovwa, uhlala emomotheka!”c
UJason akakayilahli imigomo yakhe, umane nje wathi ukuyishintsha. Manje umgomo wakhe uwukukhonza lapho kunendingeko enkulu khona yabashumayeli boMbuso kaNkulunkulu. NjengoJason, ungase ungakwazi ukwenza zonke izinto ozifisayo. Into ebalulekile ukufunda ukuphila ngokuvumelana nokulinganiselwa kwakho, ungazitotosi kodwa futhi ungabi budedengu. Thembela kuJehova ukuze akunikeze ukuhlakanipha namandla okwenza konke okusemandleni akho. (2 Korinte 4:16; Jakobe 1:5) Futhi khumbula, siyeza isikhathi lapho lomhlaba uyoba ipharadesi, lapho ‘abakhé khona bengasayikusho ukuthi: Ngiyagula.’ (Isaya 33:24) Yebo, ngolunye usuku uyophinda ube umqemane!
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka i-Phaphama! ka-April 22, 1997, amakhasi 17-19.
b Bheka INqabayokulinda ka-October 1, 1991, ikhasi 15; March 1, 1990, amakhasi 3-9; kanye ne-Phaphama! ka-November 8, 1987, amakhasi 17-30; neka-November 8, 1987 (yesiNgisi), amakhasi 12-16.
c Bheka futhi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya, enyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., amakhasi 116-27.
[Isithombe ekhasini 26]
Udadewabo ka-Ashley omdala, u-Abigail, uhlatshwa umxhwele isibindi sika-Ashley