“Ulukhuni Kunomuzi Onamandla”
“NGOKWEZIBALO zamanje, cishe izingane zase-U.S. ezingamaphesenti angu-40 ziyobona ukubhidlika kwemishado yabazali bazo ngaphambi kokuba zibe neminyaka engu-18.” (Science, June 7, 1991) Yeka izibalo ezethusayo! Kungani lokhu kwenzeka?
Umahluleli wasezinkantolo ezisingatha izingxabano zemindeni nezidingida izindaba zamafa u-Edward M. Ginsburg, wanikeza umbono wakhe lapho ekhuluma ne-Boston Globe. Wathi: “Siwumphakathi onobugovu. Sifuna ‘okwami.’ Siyabuza, ‘Ngingatholani manje?’ Sifuna ukwaneliseka ngokushesha.”
Ubugovu obunjalo obubonisa ukungavuthwa buholela ekuhilizisaneni nasezingxabanweni emshadweni. Umahlulel’ uGinsburg uthi lapho imibhangqwana ekugcineni ifika enkantolo yesehlukaniso, indoda nomfazi bafuna ukuvikelwa. Bafuna umuntu ozobatshela ukuthi benza okulungile nokuthi umngane wabo womshado usephutheni. Bafuna umuntu ozothi: “Uyinqobile impi.”
Amazwi akhe asikhumbuza lesisaga esiphefumlelwe: “Umzalwane owoniweyo ulukhuni kunomuzi onamandla.” (IzAga 18:19) Yebo, lapho kusuka udweshu emshadweni, abalwayo bangase bangacabangelani futhi bangafuni ukuzwa. Ngokuvamile, benqaba ngenkani ukuvumelana nesimo, ‘njengomuzi onamandla’ ovinjezelwe.
Ingabe izinto kufanele zenziwe ngalendlela? Cha, kukhona okungenziwa. Imishado iba ngenamandla nehlala njalo uma zisuka nje bobabili abantu abahilelekile belalela amazwi kamphostoli uPawulu: “Maniphathane ngobumnene‚ nihawukelane‚ nithethelelane‚ njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.” (Efesu 4:32) Ingabe kulula ukuhlakulela izimfanelo ezinjalo? Akulula ngaso sonke isikhathi. Kodwa kulula yini ukwehlukanisa? Kubuhlungu kangakanani ukuthwala izinkathazo ezingokomzwelo nezingokwezimali zomshado obhidlikile? Futhi kuthiwani ngezingane, ngokuvamile okuyizo ezithwala izibazi zokuhlukanisa kwabazali bazo nalapho sezikhulile?
Kungcono kakhulu ukuba bobabili abangane bomshado basebenzele ukulondoloza umshado futhi bangabhekani ngeziqu zamehlo, ‘njengomuzi onamandla.’ Iseluleko sikaPawulu esiya kumaKristu sisebenza ikakhulukazi emibhangqwaneni eshadile: “Yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.”—Kolose 3:14.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 32]
The Complete Encyclopedia of Illustration/J. G. Heck