Ingabe Ungenwa Ubuthi Obungumoya Wezwe?
NGO-SEPTEMBER 12, 1990, kwaqhuma okuthile embonini yaseKazakstan. Imisebe eyingozi yaphumela emoyeni, isongela impilo yezakhamuzi zendawo ezingu-120 000, eziningi zazo ezaphumela emigwaqweni zibhikishela lobu buthi obubulalayo.
Kodwa njengoba ukwaziswa okwengeziwe kwakwembuleka, zathola ukuthi kwase kungamashumi eminyaka zihlala endaweni enobuthi. Phakathi neminyaka, amathani angu-100 000 emfucumfucu enemisebe eyingozi ayelahlwa endaweni engabiyelwe nevulekile. Nakuba ingozi yayisemnyango, akekho owayeyithathe njengembi kangako. Ngani?
Zonke izinsuku, enkundleni yemidlalo yakulendawo, iziphathimandla zazichoma ibhodi elibonisa isilinganiso semisebe, elalenza kube sengathi kwakungekho ngozi nakancane. Izibalo zazinembile, kodwa zazibonisa imisebe ye-gamma kuphela. Imisebe ye-alpha, eyayingakalwa, ingabulala ngendlela efanayo. Omama abaningi baqala ukubona ukuthi kungani izingane zabo zazigula kangaka.
Ngomqondo ongokomoya, nathi singangenwa ubuthi bokungcola okungabonakali. Futhi njengalabo bantu baseKazakstan abaseshweni, iningi aliyiqapheli lengozi esongela ukuphila. IBhayibheli libiza lokhu kungcola ngokuthi “umoya wezwe,” ogqugquzelwa uSathane uDeveli uqobo. (1 Korinte 2:12) ISitha sikaNkulunkulu siwusebenzisa ngonya lomoya wezwe—noma isimo sengqondo esidlangile—ukuze sithuntubeze ukuzinikela kwethu kokuhlonipha uNkulunkulu.
Umoya wezwe ungawaqeda kanjani amandla ethu angokomoya kancane kancane? Ngokuvusa isifiso samehlo nokusizakala ngobugovu bethu esizalwa nabo. (Efesu 2:1-3; 1 Johane 2:16) Njengezibonelo, sizocabangela izici ezintathu ezihlukene lapho ukucabanga kwezwe kungafaka khona ingokomoya lethu ubuthi.
Ukufuna UMbuso Kuqala
UJesu wanxusa amaKristu ukuba ‘afune kuqala uMbuso nokulunga kukaNkulunkulu.’ (Mathewu 6:33) Ngakolunye uhlangothi, umoya wezwe ungasiholela ekubeni sibheke izithakazelo nokunethezeka kwethu siqu njengokubaluleke kakhulu kunokufanele. Ingozi yokuqala ayikhona ukulahla izithakazelo ezingomoya ngokuphelele, kodwa iwukuzinikeza indawo yesibili. Singase singayinaki ingozi—njengoba kwenza abantu baseKazakstan—ngenxa yomuzwa wokulondeka ongamanga. Iminyaka yenkonzo yokukholeka nokwazisa esinakho ngabafowethu nodadewethu abangokomoya kungasilolozela size sicabange ukuthi asisoze sayishiya indlela yeqiniso. Kungenzeka ukuthi abaningi ebandleni lase-Efesu babezizwa ngaleyo ndlela.
Cishe ngonyaka ka-96 C.E., uJesu wabanika iseluleko esilandelayo: “Nginalokhu ngawe, ukuthi ulushiyile uthando owawunalo ekuqaleni.” (IsAmbulo 2:4) LamaKristu ayesenesikhathi eside ekhonza ayekhuthazelele izinkinga eziningi. (IsAmbulo 2:2, 3) Ayefundiswe abadala abakholekile, kuhlanganise nomphostoli uPawulu. (IzEnzo 20:17-21, 27) Nokho, phakathi neminyaka uthando lwawo ngoJehova lwaluye lwadamba, futhi aphelelwa umfutho ongokomoya ayenawo.—IsAmbulo 2:5.
Cishe abanye kwabase-Efesu bathonywa ezentengiselwano nokuchuma okwakukulomuzi. Ngokudabukisayo, ithonya lezinto ezibonakalayo lomphakathi wanamuhla ngokufanayo liye lakhukhula amanye amaKristu. Ukuzimisela ukulwela ukuphila okunethezekile, nakanjani kuyosiphambukisa emigomweni engokomoya.—Qhathanisa noMathewu 6:24.
Exwayisa ngalengozi, uJesu wathi: “Isibani somzimba iso. Khona-ke, uma iso lakho lilihle, umzimba wakho wonke uzokhanya; kodwa uma iso lakho lilibi [“lifisa,” umbhalo waphansi we-NW], umzimba wakho wonke uzoba mnyama.” (Mathewu 6:22, 23) Iso ‘elihle’ yiso elibona ngokucacile ngokomoya, iso eligxile eMbusweni kaNkulunkulu. Ngakolunye uhlangothi, iso ‘elibi’ noma ‘elifisayo’ lifiphele, likwazi ukugxila ezifisweni zenyama eziseduze kuphela. Imigomo engokomoya nemivuzo yesikhathi esizayo ikude nalo.
Evesini elandulelayo uJesu wathi: “Lapho umcebo wakho ukhona, yilapho nenhliziyo yakho iyoba khona futhi.” (Mathewu 6:21) Singazi kanjani ukuthi inhliziyo yethu igxile ezintweni ezingokomoya yini noma kwezibonakalayo? Mhlawumbe okungasiqondisa kangcono kakhulu yinkulumo yethu, njengoba ‘umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.’ (Luka 6:45) Uma sizithola sixoxa ngezinto ezibonakalayo njalo noma ukufinyelela izinto zezwe, kuwubufakazi bokuthi inhliziyo yethu ihlukene phakathi nokuthi umbono wethu ongokomoya ufiphele.
UCarmen, udade waseSpain, walwa nalenkinga.a “Ngakhulela eqinisweni,” kuchaza uCarmen, “kodwa lapho ngineminyaka engu-18, ngaqala ibhizinisi lami lenkulisa. Ngemva kweminyaka emithathu ngase nginezisebenzi ezine, ibhizinisi lalichuma, futhi ngangenza imali enhle. Nokho, mhlawumbe okwakunganelisa kakhulu ukuthi ngangizimele ngokwezimali, futhi ‘ngiphumelela.’ Uma ngikhuluma iqiniso, inhliziyo yami yayisebhizinisini lami—ngangilikhonze kakhulu.
“Ngaba nomuzwa wokuthi ngangingaqhubeka nginguFakazi kuyilapho ngichitha ingxenye enkulu yesikhathi sami ezindabeni zebhizinisi. Ngakolunye uhlangothi, nganginomuzwa obeleselayo wokuthi ngingenza okwengeziwe ekukhonzeni uJehova. Ekugcineni, okwangenza ngabeka izithakazelo zoMbuso kuqala yisibonelo sabangane ababili ababengamaphayona. Omunye wabo, uJuliana, wayesebandleni lakithi. Akazange angicindezele ukuba ngiphayone, kodwa izingxoxo zakhe nenjabulo ngokusobala ayeyithola enkonzweni yakhe kwangisiza ukuba ngihlaziye kabusha izindinganiso zami ezingokomoya.
“Ngemva kwesikhathi esithile, lapho ngiseholidini e-United States, ngahlala noGloria, udade oyiphayona. Wayesanda kushonelwa umyeni, futhi wayenakekela indodakazi yakhe eneminyaka emihlanu nonina owayenesifo somdlavuza. Kodwa wayephayona. Isibonelo sakhe nokwazisa kwakhe okusuka enhliziyweni ngenkonzo kwathinta inhliziyo yami. Izinsuku ezine ezimfushane engazihlala kwakhe zangenza ngazimisela ukunikeza uJehova okungcono kakhulu. Okokuqala nje ngaba iphayona elivamile, kwase kuthi ngemva kweminyaka embalwa, mina nomyeni wami samenyelwa ukuyokhonza eBethel. Ngavalelisa ebhizinisini lami—isithiyo entuthukweni yami engokomoya—futhi manje nginomuzwa wokuthi ukuphila kwami kuyaphumelela emehlweni kaJehova, okuyikhona okunendaba ngempela.”—Luka 14:33.
Ukufunda ‘ukuqiniseka ngezinto ezibaluleke ngokwengeziwe,’ njengoba kwenza uCarmen, kuyosisiza ukuba senze izinqumo ezihluzekile ngokuqondene nomsebenzi wethu, imfundo, indawo yokuhlala nendlela yokuphila. (Filipi 1:10) Kodwa ingabe siyaqiniseka ngezinto ezibaluleke ngokwengeziwe nalapho kuziwa kwezokuzilibazisa? Lesi esinye isici lapho umoya wezwe unethonya elikhulu khona.
Gcina Ukuzilibazisa Kusendaweni Yako
Ngobuqili umoya wezwe usebenzisa isifiso sabantu esingokwemvelo sokuphumula nokuzilibazisa. Njengoba abantu abaningi bengenathemba ngempela ngekusasa, kuyaqondakala ukufuna kwabo ukugcwalisa isikhathi samanje ngokuzijabulisa nokuphumula. (Qhathanisa no-Isaya 22:13; 1 Korinte 15:32.) Ingabe sizithola sibheka ukuzilibazisa njengokubalulekile ngokwandayo? Lokho kungaba uphawu lokuthi indlela yezwe yokucabanga ilolonga umbono wethu.
IBhayibheli liyaxwayisa: “Othanda injabulo [“ukuzijabulisa,” Lamsa] uyakuba-mpofu.” (IzAga 21:17) Akukubi ukuba nesikhathi esimnandi, kodwa ukukuthanda, noma ukukubheka njengokubaluleke kakhulu, kuyoholela ekubeni mpofu ngokomoya. Nakanjani ukulangazelela kwethu ukudla okungokomoya kuyodamba, futhi siyosalelwa isikhathi esincane sokushumayela izindaba ezinhle.
Ngenxa yalesi sizathu, iZwi likaNkulunkulu liseluleka ukuba ‘sibhukulele umsebenzi ngokwengqondo, sizithiba ngokuphelele.’ (1 Petru 1:13, The New English Bible) Kudingeka ukuzithiba ukuze sigcine isikhathi sethu sokuzilibazisa sisesilinganisweni esifanele. Ukubhukulela umsebenzi kusho ukulungela umsebenzi ongokomoya, kungaba ukutadisha, imihlangano, noma inkonzo yasensimini.
Kuthiwani ngokuphumula okudingekayo? Ingabe kufanele sizizwe sinecala lapho sithatha isikhathi esithile sokuphumula? Lutho neze. Ukuphumula kuyadingeka, ikakhulukazi ezweni lanamuhla elicindezelayo. Noma kunjalo, njengamaKristu azinikezele asinakuvumela ukuphila kwethu ukuba kugxile ekuzilibaziseni. Ukuzilibazisa okweqile kungasilolozela bese uya uncipha umsebenzi onenjongo esiwenzayo. Kunganciphisa umuzwa wethu wokuphuthuma, futhi kungakhuthaza ngisho nokuzitika. Khona-ke, singaba kanjani nombono olinganiselayo ngokuphumula?
IBhayibheli litusa ukuphumula kancane kunokuzikhandla ngokweqile—ikakhulukazi uma lowo msebenzi wokuziphilisa ungadingekile. (UmShumayeli 4:6) Nakuba ukuphumula kusiza imizimba yethu ukuba ithole amandla, umthombo wamandla angokomoya ungamandla kaNkulunkulu asebenzayo. (Isaya 40:29-31) Lomoya ongcwele siwuthola ukuze senze imisebenzi yethu yobuKristu. Isifundo somuntu siqu sondla izinhliziyo zethu futhi sishukumise izifiso ezilungile. Ukuba khona emihlanganweni kuthuthukisa ukwazisa ngoMdali wethu. Ukuhlanganyela enkonzweni yobuKristu kwakha ukuzwelana nabanye. (1 Korinte 9:22, 23) Njengoba uPawulu achaza, “umuntu wangaphandle uyaguga ngempela, kodwa nsuku zonke umuntu wangaphakathi uthola amandla amasha.”—2 Korinte 4:16, Phillips.
U-Ileana, unina wezingane eziyisithupha nongunkosikazi womyeni ongakholwa, uphila ukuphila okumatasa kakhulu. Unemithwalo yemfanelo emkhayeni wakhe siqu nakwezinye izihlobo eziningana, okusho ukuthi uhlale ebonakala ephuthuma. Noma kunjalo, ubeka nesibonelo esiphawulekayo ekushumayeleni nasekulungiseleleni imihlangano. Ukwazi kanjani ukufeza wonke lomsebenzi?
“Imihlangano nenkonzo yasensimini kungisiza ngempela ukuba ngibhekane neminye imithwalo yami yemfanelo,” kuchaza u-Ileana. “Ngokwesibonelo, ngemva kokushumayela, ngiba nokuningi engingacabanga ngakho lapho ngenza imisebenzi yasekhaya. Ngokuvamile ngiyenza ngicula. Ngakolunye uhlangothi, uma ngiye ngaphutha emhlanganweni noma ngenza okuncane enkonzweni yasensimini, imisebenzi yasekhaya iba umshikashika wangempela.”
Yeka ukuthi lokhu kuhluke kanjani ekugcizeleleni ngokweqile ukuzilibazisa!
Ubuhle Obungokomoya Buyamjabulisa UJehova
Siphila ezweni elisha amashushu ngokwandayo ngokubukeka ngokomzimba. Abantu bachitha imali eningi ekwelashweni okuklanyelwe ukuthuthukisa ukubukeka kwabo nokunciphisa imiphumela yokuguga. Lokhu kuhlanganisa ukufakelwa izinwele nokuzidaya, amabele okufakelwa, nokuhlinzwa kokulungisa ubuso. Izigidi zihambela izikhungo zokunciphisa umzimba, izindawo zokuvivinya umzimba, namakilasi okuzivocavoca, noma zithenge ama-video okuvivinya umzimba nezincwadi zezindlela zokudla. Izwe lifuna ukuba sikholelwe ukuthi into eqinisekisa injabulo ukubukeka kwethu ngokomzimba, ukuthi “ukubukeka” iyonanto esemqoka.
E-United States, ukuhlola okwacashunwa umagazini i-Newsweek kwathola ukuthi intsha emhlophe yaseMelika engamaphesenti angu-90 “yayinganelisekile ngokubukeka kwayo.” Ukufuna ngokweqile ukuba nomzimba omuhle kungathinta ingokomoya lethu. UDora wayenguFakazi KaJehova osemncane owayenamahloni ngokubukeka komzimba wakhe ngoba wayekhuluphele. “Lapho ngiyothenga, kwakunzima ukuthola izingubo ezifanelekayo ezingilinganayo,” echaza. “Kwakubonakala sengathi izingubo ezinhle zazakhelwe intsha enemizimba emincane kuphela. Okubi nakakhulu, abantu babekhuluma ngokujivazayo ngokukhuluphala kwami, okwakungicasula kakhulu, ikakhulu uma kwenziwa abafowethu nodadewethu abangokomoya.
“Ngenxa yalokho, ngakukhathalela ngokwandayo ukubukeka kwami, kangangokuthi izindinganiso ezingokomoya zaqala ukuthatha indawo yesibili ekuphileni kwami. Kwakunjengokungathi injabulo yami yayixhomeke ekubukekeni kwami. Sekudlule iminyaka embalwa, futhi njengoba manje sengingowesifazane ovuthiwe nomKristu ovuthiwe, ngibona izinto ngokuhlukile. Nakuba ngiyinaka indlela engibukeka ngayo, ngiyaqaphela ukuthi ubuhle obungokomoya yibona obubaluleke kakhulu, futhi yilokho okunginika ukwaneliseka okukhulu. Ngathi ngingakuqaphela lokho, ngakwazi ukubeka izithakazelo zoMbuso endaweni yazo efanele.”
USara wayengowesifazane okholekile wasendulo owayenalombono olinganiselayo. Nakuba iBhayibheli likhuluma ngobuhle bakhe obungokomzimba lapho eseneminyaka engaphezu kuka-60 ubudala, lidonsela ukunaka ngokuyinhloko ezimfanelweni zakhe ezinhle—umuntu osithekile wenhliziyo. (Genesise 12:11; 1 Petru 3:4-6) Wabonisa umoya omnene nozothile, futhi wayelalela umyeni wakhe ngokuthobeka. USara wayengakhathazekile ngokungafanele ngokuthi abanye bambheka kanjani. Nakuba ayekhulele emkhayeni ocebile, ngokuzithandela wahlala ematendeni iminyaka engaphezu kuka-60. Wasekela umyeni wakhe ngokuthobeka nangokungabi nabugovu; wayengowesifazane wokholo. Yilokho okwamenza owesifazane omuhle ngempela.—IzAga 31:30; Heberu 11:11.
NjengamaKristu, sinesithakazelo ekuthuthukiseni ubuhle bethu obungokomoya, ubuhle okuyothi uma buhlakulelwa njalo, bukhule futhi buhlale njalo. (Kolose 1:9, 10) Ukubukeka kwethu okungokomoya singakunakekela ngezindlela ezimbili eziyinhloko.
Siba bahle kakhulu emehlweni kaJehova lapho sihlanganyela enkonzweni yethu esindisa ukuphila. (Isaya 52:7; 2 Korinte 3:18–4:2) Ngaphezu kwalokho, njengoba sifunda ukubonakalisa izimfanelo zobuKristu, ubuhle bethu buyajula. Amathuba okuthuthukisa ubuhle bethu obungokomoya ayanda: “Yibani nokusondelana okunesisa komunye nomunye. Ekubonisaneni udumo nihole. . . . Vuthani ngomoya. . . . Landelani inkambo yokungenisa izihambi. . . . Jabulani nabantu abajabulayo; khalani nabantu abakhalayo. . . . Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi. . . . Yibani nokuthula nabantu bonke.” (Roma 12:10-18) Ukuhlakulela izimo zengqondo ezinjalo kuyosenza sithandeke kuNkulunkulu nakubantu esiphila nabo, futhi kuyonciphisa ukubukeka kabi kokuthambekela kwethu okunesono esikuzuze njengefa.—Galathiya 5:22, 23; 2 Petru 1:5-8.
Singalwa Nomoya Wezwe!
Ngezindlela eziningi ezicashile, umoya wezwe onobuthi ungenza ubuqotho bethu bube buthaka. Ungasenza singaneliswa esinakho futhi sikhathalele ukubeka izidingo nezithakazelo zethu siqu ngaphambi kwezikaNkulunkulu. Noma ungase usiholele ekubeni sicabange imicabango yabantu kunekaNkulunkulu, sibheke ukuzilibazisa nokubukeka okungokomzimba njengokubaluleke kakhulu kunokufanele.—Qhathanisa noMathewu 16:21-23.
USathane uzimisele ukonakalisa ingokomoya lethu, futhi umoya wezwe ungesinye sezikhali zakhe eziyinhloko. Khumbula ukuthi uDeveli angawashintsha amasu akhe kusuka ekubeni ibhubesi elibhodlayo abe inyoka eqaphile. (Genesise 3:1; 1 Petru 5:8) Ngezikhathi ezithile izwe linqoba umKristu ngoshushiso olunonya, kodwa ezikhathini eziningi limfaka ubuthi kancane kancane. UPawulu wayekhathazeke ngokwengeziwe ngalengozi yakamuva: “Ngiyesaba ukuthi ngandlela-thile, njengoba inyoka yayenga u-Eva ngobuqili bayo, izingqondo zenu zingase zonakaliswe zisuke ebuqothweni nasebumsulweni obufanele uKristu.”—2 Korinte 11:3.
Ukuze sizivikele ebuqilini balenyoka, kudingeka sibone inkulumo-ze ‘esuka ezweni’ bese siyenqaba ngokuqinile. (1 Johane 2:16) Akumelwe sikhohliseke sikholelwe ukuthi indlela yezwe yokucabanga ayilimazi. Umoya kaSathane onobuthi usufinyelele izinga elithusayo.—Efesu 2:2.
Lapho nje ukucabanga kwezwe sekubonakele, singalwa nakho ngokugcwalisa izingqondo nezinhliziyo zethu ngokufundisa kukaJehova okuhlanzekile. NjengeNkosi uDavide, masithi: “Ngazise imendo yakho, Jehova; ngifundise izindlela zakho. Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise, ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami.”—IHubo 25:4, 5.
[Umbhalo waphansi]
a Kusetshenziswe amagama okungewona.
[Isithombe ekhasini 26]
Ukulwela ukuphila ngokunethezeka kungasiphambukisa emigomweni engokomoya