Ingabe Ukudumisa Noma Ukuthopha?
OTHILE uthi kuwe, “Ayive ikufanela indlela entsha olungise ngayo izinwele!” Ingabe ukudumisa noma ukuthopha kokukhohlisa? “Ayive ikufanela leyo sudi!” Ukudumisa noma ukuthopha kokukhohlisa? “Angikaze ngikudle ukudla okumnandi kanje!” Ingabe ukudumisa noma ukuthopha kokukhohlisa? Uma sithola ukutuswa okunjalo singase sizibuze ukuthi kuqotho futhi kuyiqiniso ngempela yini noma kumane nje kwenzelwa ukuba sijabule hhayi ngoba ngempela lowo okushoyo eqinisile.
Singazi kanjani ukuthi lokho umuntu akusho kithi kuwukudumisa noma ukuthopha kokukhohlisa? Ingabe kunendaba? Asinakumane yini sikwamukele njengoba kunjalo lokho okushiwoyo futhi sijabulele intokozo okusinika yona? Kuthiwani uma thina sidumisa abanye? Sake sazihlola yini izisusa zethu? Ukucabanga ngale mibuzo kungasisiza ukuba sisebenzise ukuqonda futhi sisebenzise ulimi lwethu ngendlela eletha udumo kuJehova uNkulunkulu.
Ukuchaza Ukudumisa Nokuthopha
Ukudumisa kuchazwa yi-Webster’s Dictionary njengenkulumo yokwamukelwa noma ukunconywa, futhi leli gama lingase libonise ukukhulekela noma ukunika inkazimulo. Ngokucacile lezi zincazelo ezimbili zakamuva zibhekisela kuphela ekudumiseni okuqondiswe kuJehova uNkulunkulu. Lena ingxenye eyinhloko yokukhulekela kweqiniso, njengoba umhubi ophefumulelwe enxusa: “Ngokuba kuhle . . . , kumnandi; ukudumisa kufanele.” “Konke okuphefumulayo makudumise uJehova.”—IHubo 147:1; 150:6.
Nokho, lokhu akusho ukuthi abantu abanakudunyiswa. Kungenziwa, ngomqondo wokuncoma, ukwamukela, noma ukwahlulela okuhle. Emfanekisweni owanikezwa uJesu, inkosi itshela inceku yayo: “Wenze kahle, sigqila esihle nesikholekile!”—Mathewu 25:21.
Ngakolunye uhlangothi, ukuthopha kokukhohlisa kuchazwa njengokudumisa okungamanga, okungeqotho noma okweqile, lapho umthophi ngokuvamile enezisusa zobugovu. Ukuncoma okwenziwa ngobuqili noma okuyihaba kwenziwa ukuze kutholakale umusa noma izinzuzo zezinto ezibonakalayo kothile noma ukuze abe nomuzwa wokuba nesibopho kulowo omthophayo. Ngakho-ke labo abathophayo bashukunyiswa ubugovu. NgokukaJude 16, bahlala “bekulungele ukuthopha abanye abantu lapho bebona ukuthi bangazuza.”—The Jerusalem Bible.
Umbono OngokomBhalo
Uyini umbono ongokomBhalo ngokudumisa abantu esikanye nabo? UJehova usibekela isibonelo sokulandelwa kulesi sici. EBhayibhelini sitshelwa ukuthi siyodunyiswa uma senza intando kaJehova. Umphostoli uPawulu uthi “yilowo nalowo uyothola udumo lwakhe oluvela kuNkulunkulu.” UPetru usitshela ukuthi isimo esivivinyiwe sokholo lwethu singase “sitholakale siyisizathu sendumiso.” Ngakho-ke iqiniso lokuthi uJehova uyodumisa abantu lisibonisa ukuthi ukunikeza udumo oluqotho kuyisenzo somusa, sothando, nesizuzisayo, okungamelwe singanakwa.—1 Korinte 4:5; 1 Petru 1:7.
NgokweBhayibheli, omunye umthombo esingathola kuwo ukudunyiswa, amagunya kahulumeni abona ukuziphatha kwethu okuhle futhi asincome ngokwethembeka. “Qhubeka wenza okuhle,” siyatshelwa, “futhi uyoba nodumo oluvela kulo.” (Roma 13:3) Singakuthola futhi ukudunyiswa kubantu abasuke beqinisile kulokho abakushoyo futhi abangenazo izisusa ezicashile ekusidumiseni. ImiBhalo ephefumulelwe ithi kuzAga 27:2: “Makakudumise omunye, kungabi-ngumlomo wakho.” Lokhu kubonisa ukuthi ukudunyiswa abantu kufanelekile.
Akunjalo ngokuthopha omunye noma ukuthoshwa. Kungani inkulumo ethophayo imdumaza kangaka uJehova? Kungenxa yokuthi, iwukuzenzisa, futhi uJehova uyabuzonda ubuzenzisi. (Qhathanisa nezAga 23:6, 7.) Ngaphezu kwalokho, ayithembekile. Echaza abantu abafanelwe ukulahlwa uNkulunkulu, umhubi uthi: “Ukuphela kwento abayenzayo ukukhuluma amanga komunye nomunye, izindebe ezithophayo, bakhuluma benhliziyo-mbili. Kwangathi uYahweh angachitha zonke izindebe ezithophayo.”—IHubo 12:2, 3, JB.
Ngaphezu kwakho konke, ukuthopha akulona uthando. Kushukunyiswa ubugovu. Ngemva kokukhuluma ngabathophi, umhubi uDavide ubacaphuna njengabathi: “Siyakunqoba ngolimi lwethu; izindebe zethu zinathi; ngubani oyinkosi phezu kwethu na?” UJehova uchaza amagovu anjalo ‘njengabaphangi babahluphekileyo.’ Ulimi lwabo oluthophayo alusetshenziselwa ukwakha abanye, kodwa ukubaphanga futhi lubahluphe.—IHubo 12:4, 5.
Ukuthopha—Ugibe
“Umuntu othopha umakhelwane wakhe wenekela izinyawo zakhe inetha.” Isho kanjalo inkosi ehlakaniphile uSolomoni, futhi yeka ukuthi lokho kuyiqiniso kangakanani! (IzAga 29:5) AbaFarisi bazama ukubekela uJesu ugibe ngokumthopha. Bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uneqiniso futhi ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, futhi awukhathali ngamuntu, ngoba awubheki ukubonakala kwabantu kwangaphandle.” Yeka indlela okwakuzwakala kujabulisa ngayo! Kodwa uJesu akazange akhangwe ukulalisa kwabo ulimi. Wayazi ukuthi babengayikholelwa imfundiso yakhe eyiqiniso kodwa babezama ukumbamba enkulumweni yakhe endabeni yokukhokha intela kuKesari.—Mathewu 22:15-22.
Owayehluke kakhulu kuJesu kwakuyinkosi yekhulu lokuqala uHerode. Lapho enikeza inkulumo yasobala edolobheni laseKesariya, abantu bamemeza: “Izwi likankulunkulu, akulona elomuntu!” Esikhundleni sokuba akhuze abantu ngalokho kudunyiswa okungamanga ngokusobala, uHerode wakwamukela ukuthoshwa. Ingelosi kaJehova yaletha isijeziso esisheshayo njengoba uHerode ashaywa ngokuhlaselwa izibungu okwaholela ekufeni kwakhe.—IzEnzo 12:21-23.
UmKristu ovuthiwe uyophaphamela ukuqaphela ukuthopha ngokwalokho okuyikho ngempela. Abadala bebandla kumelwe baqaphe ngokukhethekile lapho othile ohileleke endabeni edinga isahlulelo ebancoma ngokwedlulele, mhlawumbe aze aqhathanise ngisho nabadala ethi othile unomusa futhi unobubele kangakanani kunomunye.
IBhayibheli libonisa ngokucacile ngolunye ugibe olungabangelwa ukuthopha lapho lichaza indlela insizwa eyengelwa ngayo ekuziphatheni okubi ngowesifazane oyengayo. (IzAga 7:5, 21) Lesi sixwayiso siyafaneleka esimweni sanamuhla. Phakathi kwalabo abasuswa ekuhlanganyeleni ebandleni lobuKristu unyaka ngamunye, abaningi basuswa ngenxa yokuziphatha okubi. Kungenzeka yini ukuthi ukuwela esonweni esingathi sína okunjalo kwaqala ngokuthopha? Njengoba abantu bekuthanda kangaka ukunconywa nokukhulunyelwa kahle, inkulumo eshelelayo evela ezindebeni ezithophayo ingase yehlise ukumelana komKristu nokuziphatha okubi. Uma lokho kungaqashelwe, kungase kuholele emiphumeleni engathi sína.
Izindlela Zokuzivikela Ekuthopheni
Ukuthopha kwanelisa ukuzazisa noma ukuziqhenya kwalowo okuqondiswe kuye. Kunikeza umuntu umbono wokuzikhukhumeza ngalokho ayikho, kumenze azizwe emkhulu kunabanye ngandlela-thile. Isazi sefilosofi uFrançois de La Rochefoucauld wafanisa ukuthopha nemali mbumbulu, “kodwa ngenxa yokuthi iyize ngeke isebenze.” Ngakho indlela yokuzivikela iwukulalela isixwayiso somphostoli uPawulu esinengqondo: “Ngitshela wonke umuntu lapho phakathi kwenu ukuba angazicabangeli ngaphezu kwalokho okudingeke ukuba akucabange; kodwa acabange ukuze abe nengqondo ehluzekile, yilowo nalowo njengoba uNkulunkulu emabele isilinganiso esithile sokholo.”—Roma 12:3.
Nakuba ukuthambekela kwethu kwemvelo kuwukufuna ukuzwa okujabulisa izindlebe zethu, esikudinga ngempela ezikhathini eziningi iseluleko nesiyalo esisekelwe eBhayibhelini. (IzAga 16:25) INkosi u-Ahabi yayifuna ukuzwa okwakuyijabulisa kuphela; izinceku zakhe zaze zacela ngisho nomprofethi uMikhaya ukuba izwi lakhe libe ‘njengezwi lomunye wabo [abaprofethi baka-Ahabi abathophayo], akhulume okuhle.’ (1 AmaKhosi 22:13) Ukuba u-Ahabi wayethanda ukulalela inkulumo eqotho ashintshe izindlela zakhe zokuhlubuka, wayengavimbela ukunqotshwa okwesabekayo kwama-Israyeli empini nokufa kwakhe siqu. Ngenxa yenhlalakahle yethu engokomoya, kufanele sisheshe sisabele eselulekweni esiqinile, nokho esinothando, sabadala abamisiwe abangamaKristu, abafuna ukusisiza sihlale endleleni eqondile yeqiniso, kunokufuna abantu abalokhu bethi yeka indlela esimangalisa ngayo, bekitaza izindlebe zethu ngenkulumo ethophayo!—Qhathanisa neyesi-2 Thimothewu 4:3.
Nganoma isiphi isizathu, amaKristu awasoze afuna ukuphendukela ekuthopheni. Njengo-Elihu okholekile, akhuleka ngokuzimisela: “Mangingakhethi ubuso bamuntu, ngingathophi nobani. Ngokuba angikwazi ukuthopha; uma kunjalo, uMenzi wami angangisusa masinyane.” Khona-ke njengoPawulu ayokwazi ukuthi: “Asikaze sivele nenkulumo ethophayo . . . noma nokuzishaya esingekhona ngenjongo yokukhanuka.”—Jobe 32:21, 22; 1 Thesalonika 2:5, 6.
Udumo Lapho Lufanele Khona
Isaga esiphefumulelwe sibonisa ukuthi ukudunyiswa kungasebenza njengento yokuzivivinya, sithi: “Ibhodwe lokuncibilikisa ngelesiliva, nesithando ngesegolide, kodwa ukudunyiswa kuvivinya isimilo.” (IzAga 27:21, The New English Bible) Yebo, ukudunyiswa kungase kwanelise imizwa yokuphakama noma ukuziqhenya, kuholele ekuweni komuntu. Ngakolunye uhlangothi, kungase kwembule isizotha nokuthobeka kwakhe uma eqaphela ukuthi nganoma yini ayenzile eye yamlethela udumo ukweleta uJehova.
Ukudunyiswa okuqotho ngokuziphatha okufanele noma ukufeza okuthile kwakha bobabili odumisayo nodunyiswayo. Kwenza kube nokwazisana okufudumele nokunempilo ngomunye nomunye. Kukhuthaza ukuphishekela imigomo etusekayo. Ukudunyiswa okufanele kwabancane kungase kubenze bafune ukusebenza kanzima. Kungase kusize ekulolongeni isimilo sabo njengoba belwela ukuphila ngezindinganiso ezilindelekile kubo.
Ngakho-ke, masigweme ukuthopha kokukhohlisa—kungakhathaliseki ukuthi siyakwenza noma kwenziwa kithi. Masithobeke lapho samukela ukudunyiswa. Futhi masivame ekudumiseni abanye futhi sikwenze ngokusuka enhliziyweni—sikwenze njalo kuJehova ekukhulekeleni kwethu nangobuqotho kwabanye ngendlela yokuncoma okunempilo nokwazisa, sikhumbula ukuthi “nezwi ngesikhathi salo lihle kangakanani!”—IzAga 15:23.