Kungani Kufanele Sesabe UNkulunkulu?
“MESABENI uNkulunkulu, nimnike inkazimulo, ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile.” (IsAmbulo 14:7) Lamazwi avusa amadlingozi ezwiwa okokuqala ngumphostoli uJohane osekhulile embonweni. Ashiwo yingelosi endiza emkhathini wezulu, ayeqondiswe ikakhulukazi kubantu abaphila phakathi nalesikhathi sokuphela, inkathi yokuqala ‘yosuku lweNkosi.’—IsAmbulo 1:10.
Nokho, yeka ukuthi angase abonakale engafanele kanjani lamazwi kwabathile! Abaningi bangabaza ngisho nobukhona bukaNkulunkulu, akusaphathwa ukumesaba. Ngabaningi balabo abazisholo ukuba ngamaKristu, umqondo wokwesaba uNkulunkulu ubonakala usuphelelwe yisikhathi. Uthando lukaNkulunkulu bangalamukela. Kodwa ukumesaba kubonakala kuyinto yangeNkathi Ephakathi. Ingabe lena indlela oyi-bheka ngayo lendaba?
Ukwesaba KukaJesu UNkulunkulu
Uma kunjalo, cabangela lokho okushiwo ukuba umKristu. NgokweBhayibheli, ukuba umKristu kuhilela ukulandela eduze ezinyathelweni zikaJesu Kristu. (1 Petru 2:21) Manje, nakuba kungekho kungabaza ngokuthi uJesu wamthanda uNkulunkulu, iBhayibheli likwenza kube sobala ukuthi wayemesaba futhi. UIsaya, ekhuluma ngendlela engokwesiprofetho ngoJesu, wathi wayeyokuba “nomoya wokwazi nowokumesaba uJehova.” (Isaya 11:2) Nokho, okuthakazelisayo ukuthi lokhu kwesaba kwakungewona umthwalo kuJesu. Akufanele sicabange ngakho njengokufana nokwengane eyesaba uyise ononya noma ukwesatshiswa komphakathi umbusi ocindezelayo. Eqinisweni, uIsaya futhi waprofetha ngoJesu: “Intokozo yakhe iyakuba-sekumesabeni uJehova.” (Isaya 11:3) Ungakujabulela kanjani ukwesaba umuntu othile?
Iqiniso liwukuthi, eBhayibhelini igama elithi “ukwesaba” linezincazelo eziningi. Kukhona ukwesaba noma ingebhe engokomzimba esiyizwa uma umuntu othile efuna ukusilimaza. Ngakho, izimpi zakwaIsrayeli ‘zamesaba kakhulu’ uGoliyati. (1 Samuweli 17:23, 24) Bese kuba khona ukwesaba into engalindelekile noma engaziwa eshaqisayo, njengoba uZakariya azizwa kanjalo lapho ingelosi kaJehova ngokuzumayo ibhekene naye ubuso nobuso ethempelini. (Luka 1:11, 12) Nokho, ukwesaba okwezwiwa uJesu ngoYise kwakungafani nanokukodwa kwalokhu.
Kunalokho, amagama okuqala esiHeberu nesiGreki asetshenziswe eBhayibhelini asho “ukwesaba” ngokuvamile abhekisela ekubeni nenhlonipho noma ukwesaba okujulile ngoNkulunkulu. Kwakuwukwesaba uNkulunkulu okunjalo uJesu ayenakho futhi ingelosi eyayikhuthaza bonke abantu namuhla ukuba bakuhlakulele. Lokhu kwesaba kwenhlonipho, kuyagxila ezinhliziyweni zethu lapho sizindla ngamandla kaJehova bese siwaqhathanisa nobuze bethu. Kuyakhula lapho sicabanga ngemisebenzi yakhe yamandla, futhi kuyathuthukiswa ngokukhumbula ngomthandazo iqiniso lokuthi unguMahluleli oPhakeme, onamandla okunikeza ukuphila kanye nokujezisa ngokufa kwaphakade.
Ukwesaba okunjalo kubalulekile ngoba kuyasinqanda ekwenzeni okubi nasekwenzeni njengokungathi uNkulunkulu simthatha kalula. Kuyasisiza ukuba sigweme isimo sengqondo esinjengokuthi: ÙNkulunkulu uzongithethelela. Uyazi ukuthi ngibuthakathaka,’ lapho sibhekene nesilingo esingase futhi sisivumele kunokuba silwisane naso. Njengoba izAga 8:13 zisitshela: “Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi.” Futhi izAga 16:6 ziyenezela: “Nangokumesaba uJehova kudedwa ebubini.” UAdamu noEva bahluleka ukubonisa lokhu kwesaba uJehova okufanele nokunempilo lapho bengamlaleli. Waba yini umphumela? Bezwa olunye uhlobo lokwesaba oluphambene futhi bacasha ebusweni bakhe. UAdamu wathi: “Ngizwé izwi lakho ensimini, ngesaba.”—Genesise 3:10.
Ngokungafani noAdamu noEva, uJobe waba indoda eyahlala ithembekile kuJehova naphezu kokuvivinywa okunzima kakhulu. Kungani? UJehova ngokwakhe wathi uJobe ‘wayeyindoda emesabayo, khona-ke futhi eyayiyobalekela okubi.’ (Jobe 1:8; 2:3) Namuhla kumelwe siqiniseke ukuthi uJehova angasho into efanayo ngathi! Ukwesaba uNkulunkulu kufanele, futhi kumelwe kube ingxenye yokucabanga kwethu.
Ukwesaba UNkulunkulu Nokwesaba Umuntu
Ukwesaba uNkulunkulu kuwumuzwa ongokwemvelo osinikeza uhlobo lokulondeka olufanayo nalolo ubaba ofundisa inhlonipho ejulile alunikeza abantwana bakhe. Futhi ukwesaba okunjalo kuyasiza ukuxosha ukwesaba umuntu okungathandeki, okuphambene, nokuwugibe. (IzAga 29:25) Omunye ongazange asifunde lesifundo kwakunguUriya, indodana kaShemaya, owashumayela eJerusalema kanye noJeremiya ngaphambi kuka-607 B.C.E. Ngokungafani noJeremiya, u-Uriya wavumela ukuba ukwesaba inkosi kube ugibe. Wayeka ukushumayela futhi wabalekela isabelo sakhe. Ekugcineni, inkosi yambamba futhi yambulala. (Jeremiya 26:20-23) U-Uriya wayengayigwema kanjani leyonhlekelele? Ngokwakha ukwesaba uJehova okuqinile kunokwesaba kwakhe umuntu.
UJesu, ngemva kokuvuka nokwenyukela kwakhe ezulwini, weluleka abalandeli bakhe: “Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho.” (IsAmbulo 2:10) Umlando ubonisa isidingo salesoseluleko, njengoba amaKristu—kusukela ezinkundleni zamaRoma kuya emakamu okuhlushwa obuNazi—eye abhekana nezimo ezesabisayo. Aye akwazi kanjani ukunqoba ukwesaba izitha zawo ezizame ukukufaka? Ngokusebenzisa amazwi kaJesu: “Ningabesabi abawubulala umzimba, bengenakwenza okunye emva kwalokho. Kodwa ngiyakunitshengisa eniyakumesaba: Mesabeni lowo othi esebulele abenamandla okuphonsa [eGehena, NW].”—Luka 12:4, 5.
KumaHubo 19:9 siyafundiswa: “Ukumesaba uJehova kuhlanzekile, kumi kuze kube-phakade; imithetho kaJehova iyiqiniso, ilungile yonke.” Ngakho akukho-lutho oluphambene ngokwesaba uNkulunkulu. Kuhlanzekile futhi kuyisivikelo futhi kwenza inceku kaNkulunkulu iqine kunezitha zayo. NjengoJesu, kulokhu kwesaba umKristu uthola ukwaneliseka ngendlela efanayo naleyo ajabulela ngayo zonke ezinye izibusiso ezivela kuJehova.—Isaya 11:3.
Ngakho, kufaneleke ngokuphelele ngengelosi ukunxusa sonke isintu namuhla ukuba sesabe uNkulunkulu. Ngaphandle kokwesaba uNkulunkulu okufanele, cishe siyovumela ukuthambekela okungalungile noma sehlulwe ukwesaba umuntu. Uma sihlakulela uhlobo oluhle lokwesaba, siyosizwa ukuba senze ngokuhlakanipha. “Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova.” (IzAga 9:10; IHubo 111:10) Yiqiniso, kufanele sithande uNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo, umphefumulo, ingqondo namandla ethu. (Marku 12:30) Futhi kufanele simesabe ngokujulile, simhloniphe, noma ngokwamazwi engelosi, “mesabeni uNkulunkulu, nimnike inkazimulo, ngokuba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile.”—IsAmbulo 14:7.
[Isithombe ekhasini 30]
Ukuba u-Uriya wayenakho ukwesaba uJehova okujulile, ukwesaba umuntu kwakungayikuba lugibe kuye