Hlakulela Umoya Wokwazisa
UDOKOTELA othile eNew York State usindisa uMarie ekufeni esimweni esiphuthumayo. Kodwa uMarie oneminyaka engu-50 ubudala akabongi futhi akamkhokheli lo dokotela. Yeka isibonelo sokuntula ukwazisa!
IBhayibheli lilandisa ukuthi ngesinye isikhathi, lapho uJesu engena emzini othile, wahlangana namadoda ayishumi ayenesifo esibi sochoko. Ammemeza kakhulu ethi: “Jesu, Mfundisi, yiba nesihe kithi!” UJesu wawayala: “Hambani futhi nizibonakalise kubapristi.” Laba abanochoko basamukela isiqondiso sakhe, futhi lapho besendleleni, baqala ukubona futhi bezwa ukuthi base bephulukisiwe.
Abayisishiyagalolunye kulaba ababenochoko baqhubeka ngohambo lwabo. Kodwa omunye, umSamariya, wabuyela emuva wayofuna uJesu. Lo muntu owayenochoko wadumisa uNkulunkulu, futhi lapho ethola uJesu, wawela ezinyaweni zakhe, embonga. Ephendula uJesu wathi: “Bonke abayishumi bahlanziwe, akunjalo? Pho, baphi abanye abayisishiyagalolunye? Ingabe akutholakalanga noyedwa obuyile ukuze anike uNkulunkulu inkazimulo ngaphandle kwalomuntu wesinye isizwe?”—Luka 17:11-19.
Umbuzo othi: “Pho, baphi abanye abayisishiyagalolunye?” unesifundo esibalulekile. NjengoMarie, labo bantu abayisishiyagalolunye ababenochoko babenokushiyeka okukhulu—abazange babonise ukwazisa. Ukuntula ukwazisa okunjalo kuvame kakhulu namuhla. Siyini isizathu salokhu?
Imbangela Eyisisekelo Yokuntula Ukwazisa
Ukuntula ukwazisa ngokuyisisekelo kubangelwa ubugovu. Cabangela abazali bethu bokuqala abangabantu, u-Adamu no-Eva. UJehova wabadala benezimfanelo ezinhle futhi wabanika yonke into ukuze bajabule, kuhlanganise nekhaya elihle eliyingadi, indawo enhle ezungezile nomsebenzi onenjongo nowanelisayo. (Genesise 1:26-29; 2:16, 17) Nokho, ngaphansi kokucindezela kukaSathane kokuba benze okuzobazuzisa, njengombhangqwana abazange balalele futhi basabela ngendelelo emseni kaJehova.—Genesise 3:1-5; IsAmbulo 12:9.
Cabanga futhi ngabantu bakwa-Israyeli wasendulo, uNkulunkulu abakhetha ukuba babe abantu bakhe abakhethekile. Yeka ukuthi kumelwe ukuba bonke abazali abangama-Israyeli babejabule kanjani ngobusuku bango-Nisan 14, 1513 B.C.E.! Ngalobo busuku obuyingqopha-mlando, ingelosi kaNkulunkulu yabulala “onke amazibulo ezweni laseGibithe” kodwa yazidlula izindlu zama-Israyeli ezaziphawulwe kahle. (Eksodusi 12:12, 21-24, 30) Futhi lapho bekhululwa ebuthweni likaFaro oLwandle Olubomvu, ngezinhliziyo ezigcwele ukwazisa, ‘bahlabelela uMose nabantwana bakwaIsrayeli.’—Eksodusi 14:19-28; 15:1-21.
Nokho, ngemva nje kwamasonto ambalwa lishiye elaseGibithe, “lonke ibandla labantwana bakwaIsrayeli lakhonona.” Yeka ukuthi lashesha kanjani ukuntula ukwazisa! Lakhumbula ‘ukuhlala ngasemakhanzini enyama, lidle isinkwa lisuthe’ elalikujabulela eGibithe, izwe elaligqilazwe kulo. (Eksodusi 16:1-3) Ngokusobala, ubugovu benza umuntu angakwazi ukuhlakulela nokubonisa ukwazisa.
Njengoba bonke abantu beyinzalo ka-Adamu onesono, bazalwa benofuzo lobugovu nokuthambekela ekuntuleni ukwazisa. (Roma 5:12) Ukungabongi nakho kuyingxenye yomoya wobugovu obusa abantu baleli lizwe. Njengomoya esiwuphefumulayo, lowo moya ukuyo yonke indawo, futhi uyasithonya. (Efesu 2:1, 2) Ngakho-ke, sidinga ukuhlakulela isimo sengqondo sokwazisa. Singakwenza kanjani lokho?
Kudingeka Sizindle!
I-Webster’s Third New International Dictionary ichaza ukwazisa ngokuthi “isimo sokuba nokwazisa: umuzwa ofudumele nowobungane ngomenzi wokuhle oshukumisela umuntu ukuba abuyisele ngokuhle lokho enzelwe kona.” Lowo muzwa awunakuvulwa noma uvalwe njengokungathi umshini; kumelwe usuke phakathi kumuntu ngokuzenzakalelayo. Ukwazisa kungaphezu kokubonakalisa nje imikhuba emihle noma isimilo; kusuka enhliziyweni.
Singakufunda kanjani ukuba nokwazisa okusuka enhliziyweni? IBhayibheli lihlobanisa indlela esizizwa ngayo nalokho esikhetha ukucabanga ngakho. (Efesu 4:22-24) Ukufunda ukuzizwa unokwazisa kuqala ngokuzindla ngendlela enokwazisa ngomusa esiwuboniswayo. Ngokuvumelana nalokhu, uDkt. Wayne W. Dyer, osebenza emkhakheni wezempilo yengqondo, uthi: “Ngeke ube nomuzwa (nomzwelo) ngaphandle kokuba uqale ngokucabanga.”
Ngokwesibonelo, cabangela indaba yokubonga ngendalo esizungezile. Lapho ubheka esibhakabhakeni esigcwele izinkanyezi ngobusuku obucwathile, uzizwa kanjani ngalokho okubonayo? INkosi uDavide yazwakalisa indlela eyayimangele ngayo: “[Lapho] ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo, umuntu uyini ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu ukuba uyinake na?” Futhi ngobusuku obuthule, izinkanyezi zakhuluma noDavide, zimshukumisela ukuba abhale: “Amazulu ayalanda ngenkazimulo kaJehova, nomkhathi ushumayela umsebenzi wezandla zakhe.” Kungani amazulu agcwele izinkanyezi amthinta ngokujule kangaka uDavide? Uyaphendula: “Ngizindla ngemisebenzi yakho yonke, ngicabange ngezenzo zezandla zakho.”—IHubo 8:3, 4; 19:1; 143:5.
Indodana kaDavide uSolomoni nayo yakuqaphela ukubaluleka kokucabanga ngezimangaliso zendalo. Ngokwesibonelo, ngokuphathelene nengxenye amafu emvula anayo ekuvuseleleni umhlaba wethu, wabhala: “Yonke imifula iyangena elwandle, kepha ulwandle alugcwali; endaweni eya kuyo imifula, ibuye iye khona njalo.” (UmShumayeli 1:7) Ngakho ngemva kokuba imvula nemifula sekuvuselele umhlaba, amanzi ako agelezela olwande bese ekhuphukela emafwini. Ubuyoba njani umhlaba ngaphandle kwalokhu kuhlanzwa nokujikeleza kwamanzi? Yeka ukuthi kumelwe ukuba uSolomoni wazizwa enokwazisa kanjani lapho egxila kule micabango!
Umuntu onokwazisa uyabazisa nobuhlobo anabo namalungu omkhaya, abangane nabantu abajwayele. Uyaziqaphela izenzo zabo zomusa. Lapho ewucabangela ngokwazisa umusa abambonise wona, uba nomuzwa wokubonga osuka enhliziyweni.
Ukuzwakalisa Ukwazisa
Yeka ukuthi izwi elithi “ngiyabonga” lilula kanjani! Kulula ukulisho. Futhi maningi amathuba okulisho. Yeka ukuthi uqabuleka kanjani umuntu osivulele umnyango noma osicoshela okuthile esikuwisile lapho sisho ngokufudumele nangobuqotho ukuthi Ngiyabonga! Ukuzwa lelo lizwi kungawenza ube lula futhi uvuze ngokwengeziwe umsebenzi kamabhalane noma kaweta esitolo sokudlela noma womuntu oletha iposi.
Ukuthumela amakhadi okubonga kuyindlela elula yokuzwakalisa ukwazisa ngezenzo zomusa. Amakhadi amaningi atholakala ezitolo ayiveza kahle leyo mizwa. Kodwa bekungeke yini kube ukuzwakaliswa kwemizwa yakho yothando ukwenezela amazwi okwazisa ngesandla sakho? Abanye baze bakhethe ukungalisebenzisi ikhadi elibhaliwe, kunalokho bathumele incwajana abayibhale ngokwabo.—Qhathanisa nezAga 25:11.
Cishe abakufanelekela kakhulu ukwazisa kwethu yilabo esisondelene nabo kakhulu ekhaya. IBhayibheli lithi ngowesifazane onekhono: “Nendoda yakhe iyamdumisa.” (IzAga 31:28) Ingabe amazwi endoda okubonga umkayo ngokusuka enhliziyweni awabangeli yini isimo sokuthula nokwaneliseka ekhaya? Indoda ayijabuli yini nayo lapho ifika ekhaya ibingelelwe ngokufudumele nangokwazisa ngumkayo? Kulezi zinsuku, ziningi izingcindezi emshadweni, futhi lapho zanda, umuntu uthukuthela kalula. Umuntu onokwazisa uhlale ekulungele ukubonelela futhi uyashesha ukuthethelela.
Intsha nayo kudingeka ikuphaphamele ukuzwakalisa ukwazisa okusuka enhliziyweni kubazali bayo. Yiqiniso, abazali abaphelele, kodwa leso akusona isizathu sokuntula ukwazisa ngalokho abaye bakwenzela kona. Uthando nokunakekela abaye bakunika kona kusukela uzalwa akunakuthengwa ngemali. Uma beye bakufundisa ukumazi uNkulunkulu, unesizathu esengeziwe sokwazisa.
IHubo 127:3 lithi: “Abantwana bayifa elivela kuJehova.” Ngakho abazali kufanele bafune amathuba okuncoma izingane zabo kunokuhlale bekhononda ngezinto eziwubala. (Efesu 6:4) Futhi yeka ilungelo abanalo lokusiza intsha abayinakekelayo ukuba ihlakulele umoya wokwazisa!—Qhathanisa nezAga 29:21.
Ukubonga UNkulunkulu
UJehova uNkulunkulu unguMuphi wazo “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele.” (Jakobe 1:17) Okubaluleke nakakhulu isipho sokuphila, ngoba konke esinakho noma esingase sikuhlele kuyoba yize uma silahlekelwa ukuphila. ImiBhalo isinxusa ukuba sikhumbule ukuthi “umthombo wokuphila [ukuJehova uNkulunkulu].” (IHubo 36:5, 7, 9; IzEnzo 17:28) Ukuze sihlakulele inhliziyo enokwazisa ngoNkulunkulu, kudingeka sizindle ngamalungiselelo akhe omusa okusekela ukuphila kwethu okungokwenyama nokungokomoya. (IHubo 1:1-3; 77:11, 12) Inhliziyo enjalo izosishukumisela ukuba sibonise ukwazisa ngamazwi nangezenzo.
Umthandazo uyindlela esobala yokuzwakalisa ukwasiza kwethu kuNkulunkulu. Umhubi uDavide wathi: “Jehova Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi; akukho okungafaniswa nawe; uma ngiyilanda, ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe.” (IHubo 40:5) Kwangathi singashukunyiswa ngendlela efanayo.
UDavide wayezimisele nokubonisa uNkulunkulu ukwazisa kwakhe ngamazwi awakhuluma kwabanye. Wathi: “Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami; ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho.” (IHubo 9:1) Ukukhuluma nabanye ngoNkulunkulu, siveze imizwa yethu ngokuhlanganyela nabo iqiniso eliseZwini lakhe, cishe kuyindlela enhle kakhulu yokumbonisa ukwazisa kwethu. Futhi lokhu kuyosisiza ukuba sibe nokwazisa ngokwengeziwe kwezinye izici zokuphila.
UJehova uthi: “Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa; oqaphela indlela yakhe ngiyakumbonisa insindiso.” Kwangathi ungaba nenjabulo etholakala ngokumazisa ngokusuka enhliziyweni.—IHubo 50:23; 100:2.
[Isithombe ekhasini 7]
Ukuphila kuyisipho esivela kuNkulunkulu. Qiniseka ukuba ubonise ukwazisa ngendlela ekhethekile