Kusebenzise Kangcono Kakhulu Ukuphila Kwakho
UYISE wayesendlini, embhedeni, ebulawa umdlavuza. Indodana yakhe yayiseshabhu lokusebenzela, iqoqa amathuluzi kayise okubaza. Njengoba ithatha la mathuluzi, yacabanga ngezinto ezinhle ngokungavamile uyise ayezakhe ngawo. Nakuba ishabhu laliseduze kwendlu, yayazi ukuthi uyise wayengeke aphinde angene kulo, engasayophinde futhi abambe la mathuluzi ayenekhono elingaka lokuwasebenzisa. Leso sikhathi sase sidlulile.
Le ndodana yacabanga ngombhalo womShumayeli 9:10: “Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho-msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.” Yayiwazi kahle lowo mbhalo. Kwase kukaningi iwusebenzisa lapho ifundisa abanye iqiniso leBhayibheli lokuthi ukufa kuyisimo sokungenzi lutho. Manje iphuzu likaSolomoni lase lihlabe lezwela enhliziyweni yayo—lokuthi kufanele sisebenzise ukuphila ngokugcwele futhi sijabulele izinsuku zethu lapho sisengakwazi ngoba kuyofika isikhathi lapho singeke sisakwazi ukwenza kanjalo.
Jabulela Ukuphila
Kuyo yonke incwadi yomShumayeli, inkosi ehlakaniphile uSolomoni inxusa abafundi bencwadi yayo ukuba bakujabulele ukuphila. Ngokwesibonelo, isahluko 3 sithi: “Ngiyazi ukuthi akukho okuhle [kubantu] kunokuba bathokoze, bazenzele okumnandi besekhona. Kepha futhi ukuba abantu bonke badle, baphuze, babone okuhle kuwo wonke umshikashika wabo kuyisipho sikaNkulunkulu nalokho.”—UmShumayeli 3:12, 13.
USolomoni waphefumulelwa uNkulunkulu ukuba awuphinde lo mqondo: “Bheka, engikubonile mina ukuthi kuhle nokumnandi kumuntu kungukudla, nokuphuza, nokubona okuhle kuwo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga zonke izinsuku zokuphila kwakhe uNkulunkulu amnika zona; ngokuba lokhu kuyisabelo sakhe.”—UmShumayeli 5:18.
Ngokufanayo, ukhuthaza abantu abasha: “Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa [noma, yobuntombi] bakho, uhambe ngezindlela zenhliziyo yakho njengokubona kwamehlo akho.” (UmShumayeli 11:9a) Yeka ukuthi kuhle kanjani ukuwajabulela ngokugcwele amandla nobungqabavu bobusha!—IzAga 20:29.
“Khumbula UMdali Wakho”
Yebo, uSolomoni akasho ukuthi kuwukuhlakanipha ukuphishekela yonke into engase ikhange izinhliziyo noma amehlo ethu. (Qhathanisa neyoku-1 Johane 2:16.) Lokhu kusobala ngokwalokho akubhalayo ngokulandelayo: “Kepha yazi ukuthi ngakho konke lokho [iminako engase yanelise isifiso sakho] uNkulunkulu uyakukungenisa ekwahlulelweni.” (UmShumayeli 11:9b) Kungakhathaliseki ubudala bethu, kufanele sikhumbule ukuthi uNkulunkulu uyakuqaphela esikwenzayo ngokuphila kwethu futhi uyosahlulela ngokuvumelana nako.
Yeka ukuthi kuwubuwula kanjani ukucabanga ukuthi singaphila ukuphila kobugovu futhi sihlehlisele ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu esikhathini lapho sesigugile! Ukuphila kwethu kunganqamuka noma nini. Ngisho noma kunganqamuki, ukukhonza uNkulunkulu akubi lula lapho umuntu esegugile. Eqaphela leli qiniso, uSolomoni uyabhala: “Futhi khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi: Angithokozi ngayo.”—UmShumayeli 12:1.
Ukuguga akuzibeki phansi. Ngamazwi angokomfanekiso uSolomoni ube esechaza imiphumela yokuguga. Izandla nezingalo ziyaqhaqhazela, imilenze iba buthaka futhi amazinyo aba mbalwa. Izinwele ziba mhlophe futhi ziqothuke. Umuntu uphazamiseka kalula kangangokuthi uphashanyiswa umsindo wenyoni ebuthongweni. Izinzwa—ukubona, ukuzwa, ukuthinta, ukuhogela nokunambitha—zonke ziyathuntubezeka. Umzimba osubuthaka uholela ekwesabeni ukuwa nezinye “izesabiso” emigwaqweni yomphakathi. Ekugcineni umuntu uyafa.—UmShumayeli 12:2-7.
Ukuguga kuba yinhlekelele ngokukhethekile kulabo abangazange ‘bakhumbule uMdali wabo’ ebusheni babo. Ngenxa yokudlala ngokuphila kwakhe, umuntu onjalo ‘akathokozi’ eminyakeni yakamuva. Indlela yokuphila kokungamshayi mkhuba uNkulunkulu ingase inezele nasezinkingeni nobuhlungu bokuguga. (IzAga 5:3-11) Ngokudabukisayo, lapho abanjalo bebheka phambili, ababoni lutho ngaphandle kwethuna.
Ukuthokoza Lapho Usugugile
Lokhu akusho ukuthi asebekhulile abanakukujabulela ukuphila. EBhayibhelini, “ubude bezinsuku” nabo buhlanganiswa nesibusiso sikaNkulunkulu. (IzAga 3:1, 2) UJehova watshela umngane wakhe u-Abrahama: ‘Kepha wena uyakumbelwa usumdala.’ (Genesise 15:15) Naphezu kweziphazamiso zokuguga, u-Abrahama wathola ukuthula nokuzola eminyakeni yakhe yobudala, ebheka emuva ngokwaneliseka ekuphileni okunikelwe kuJehova. Futhi wayebheke phambili ngokholo ‘emzini onezisekelo zangempela,’ eMbusweni kaNkulunkulu. (Heberu 11:10) Ngakho, wafa “egugile, esanelisiwe.”—Genesise 25:8.
Ngakho-ke uSolomoni wanxusa: “Noma umuntu ekhona iminyaka eminingi, makathokoze ngayo yonke.” (UmShumayeli 11:8) Kungakhathaliseki ukuthi sibasha noma sibadala, injabulo yeqiniso ihlotshaniswa nobuhlobo bethu noNkulunkulu.
Lapho insizwa eseshabhu ibeka amathuluzi okugcina kayise, yayicabanga ngalezi zinto. Yacabanga ngabo bonke abantu ebaziyo abazama ukukusebenzisa kangcono kakhulu ukuphila kwabo kodwa bangayitholi injabulo ngoba abanabuhlobo noMdali wabo. Yeka ukuthi kwabonakala kufaneleka kanjani ukuthi ngemva kokunikeza isikhuthazo sokuba umuntu ajabule ekuphileni kwakhe, uSolomoni wasonga indaba ngamazwi athi: “Nakhu ukuphela kwendaba, lapho sekuzwakele konke: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke”!—UmShumayeli 12:13.