-
Abathandekayo Bakho Abafile—Ingabe Uyophinde Ubabone?INqabayokulinda—1994 | Juni 15
-
-
KumShumayeli 12:7 siyafunda: ‘Uthuli luyakubuyela emhlabathini njengokuba lwalunjalo, umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo.’
-
-
Abathandekayo Bakho Abafile—Ingabe Uyophinde Ubabone?INqabayokulinda—1994 | Juni 15
-
-
Ake sicabangele lemibhalo ngokunakekela, siqale ngomShumayeli 12:7. Ngokukhanyayo, indoda ehlakaniphile eyaloba lawomazwi yayingaqondile ukuphikisa lokho eyase ikushilo kakade encwadini efanayo yeBhayibheli: “Abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi-lutho.” (UmShumayeli 9:5) Yayikhuluma ngokufa okuvamile kwesintu. Kunengqondo yini ukukholelwa ukuthi bonke abazikhethela ukungakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu nezigelekeqe ezingaphenduki ziphindela kuNkulunkulu lapho zifa? Lutho neze. Eqinisweni, lokho akunakushiwo nganoma ubani wethu, kungakhathaliseki ukuthi sizibheka njengabahle noma ababi. Njengoba kungekho phakathi kwethu owake waba noNkulunkulu ezulwini, kungashiwo kanjani ukuthi siphindela kuye?
Khona-ke, wayesho ukuthini lomlobi weBhayibheli uma ethi ekufeni, ‘umoya ubuyela kuNkulunkulu’? Ngokusebenzisa igama lesiHeberu elihunyushwa ngokuthi “umoya,” wayengabhekiseli kokuthile okuyingqayizivele okuhlukanisa umuntu komunye. Kunalokho, kumShumayeli 3:19, umlobi weBhayibheli ofanayo uchaza ukuthi umuntu nezilwane “[kunomoya, NW] munye.” Ngokusobala wayesho ukuthi “umoya” ungamandla okuphila asemangqamuzaneni akha imizimba yenyama yabantu nezilwane. Lomoya asiwamukelanga kuNkulunkulu ngokuqondile. Wadluliselwa kithi abazali bethu abangabantu lapho bekhulelwa futhi kamuva sizalwa. Ngaphezu kwalokho, lomoya awuhambi ngokoqobo emkhathini uphindele kuNkulunkulu ekufeni. Inkulumo ethi, “umoya ubuyele kuNkulunkulu,” iwucezu lwenkulumo olusho ukuthi amathemba okuphila esikhathini esizayo omuntu ofile manje axhomeke kuNkulunkulu. Uyena oyonquma ukuthi ubani ayomkhumbula futhi ekugcineni amvuse. Ziphawulele indlela iBhayibheli elikubonisa ngokucace ngayo lokhu kumaHubo 104:29, 30.
-