-
Ingabe Uyasifeza Sonke Isibopho Sakho KuNkulunkulu?INqabayokulinda—1999 | Novemba 15
-
-
Isibopho Sethu Sonke KuNkulunkulu
15. (a) Ungawabeka kanjani amazwi kaSolomoni aphathelene naso “sonke isibopho somuntu”? (b) Yini okumelwe siyenze ukuze sifeze isibopho sethu kuNkulunkulu?
15 Efingqa lonke uphenyo lwakhe, uMshumayeli, uSolomoni, uthi: “Nakhu ukuphela kwendaba, lapho sekuzwakele konke: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho [“kuyiso sonke isibopho somuntu,” NW].
-
-
Ingabe Uyasifeza Sonke Isibopho Sakho KuNkulunkulu?INqabayokulinda—1999 | Novemba 15
-
-
(UmShumayeli 12:13, 14) Ukumesaba okunempilo uMdali wethu, noma ukumhlonipha, kuyosivikela, kuvikele nemikhaya yethu, ekubeni singaphishekeli inkambo yokuphila yobuphikankani engase ilethele thina nabathandekayo bethu izinkathazo nosizi olungenakulinganiswa. Ukumesaba okunempilo uNkulunkulu kumsulwa futhi kuwukuqala kokuhlakanipha nolwazi. (IHubo 19:9; IzAga 1:7) Uma sinokuqonda okusekelwe eZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe futhi sisebenzisa iseluleko salo ezintweni zonke, siyobe sifeza ‘sonke isibopho sethu’ kuNkulunkulu. Cha, akuyona indaba yokwenza uhlu lwezibopho. Kunalokho, okudingekayo ukuba siphendukele emiBhalweni lapho sixazulula izinkinga zokuphila futhi senze izinto ngendlela kaNkulunkulu njalo.
-
-
Ingabe Uyasifeza Sonke Isibopho Sakho KuNkulunkulu?INqabayokulinda—1999 | Novemba 15
-
-
Kodwa isisusa esikhulu kunazo zonke kufanele kube uthando ngoBaba wethu osezulwini, ngoba umphostoli uJohane wabhala: “Ngoba yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo osindayo.” (1 Johane 5:3) Futhi njengoba imiyalo kaNkulunkulu iklanyelwe ukuthuthukisa inhlalakahle yethu yaphakade, ngokuqinisekile akugcini ngokuba okufanelekile kodwa futhi kuhlakaniphile ngempela ukuyigcina. Lokhu akuwona umthwalo osindayo kubathandi boMdali. Bafuna ukufeza isibopho sabo kuye.
Feza Sonke Isibopho Sakho
17. Yini esiyoyenza uma sifuna ngempela ukufeza sonke isibopho sethu kuNkulunkulu?
17 Uma sihlakaniphile futhi sifisa ngempela ukufeza sonke isibopho sethu kuNkulunkulu, ngaphezu kokugcina imiyalo yakhe, siyokwesaba ngenhlonipho ukumdumaza. Ngempela, “ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha,” futhi labo abagcina imiyalo yakhe “banengqondo enhle.” (IHubo 111:10; IzAga 1:7) Ngakho masenze ngokuhlakanipha futhi silalele uJehova kuzo zonke izinto. Lokhu kubaluleke ngokukhethekile manje, ngoba iNkosi uJesu Kristu isikhona, futhi usuku lokwahlulelwa yiyo njengoMahluleli omiswe nguNkulunkulu seluseduze.—Mathewu 24:3; 25:31, 32.
18. Uyoba yini umphumela kithi uma sifeza sonke isibopho sethu kuJehova uNkulunkulu?
18 Ngamunye wethu manje ungaphansi kokuhlolwa kwaphezulu. Ingabe sinokuthambekela okungokomoya, noma ingabe sesiye savumela amathonya ezwe ukuba enze ubuhlobo bethu noNkulunkulu bube buthaka? (1 Korinte 2:10-16; 1 Johane 2:15-17) Kungakhathaliseki ukuthi sibadala noma sibancane, sonke masenze konke esingakwenza ukuze sijabulise uMdali wethu. Uma simlalela uJehova futhi sigcina imiyalo yakhe, siyozenqaba izinto eziyize zaleli zwe elidala elidlulayo. Khona-ke singaba nethemba lokuphila okumi phakade esimisweni esisha sezinto esithenjiswe nguNkulunkulu. (2 Petru 3:13) Yeka ukuthi lawa amathemba amahle kanjani kubo bonke labo abafeza sonke isibopho sabo kuNkulunkulu!
-