Dumisa Abantu Bazo Zonke Izinhlobo
“Dumisani abantu bazo zonke izinhlobo, . . . yesabani uNkulunkulu, nidumise inkosi.”—1 PETRU 2:17, “NW.”
1. (a) Obani abanye ngaphandle kukaNkulunkulu noKristu abadunyiswa ngokufanele? (b) Yiziphi izindawo abantu okumelwe baboniswe kuzo udumo ngokweyoku-1 Petru 2:17?
SIBONILE ukuthi sinesibopho sokunikeza uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu udumo. Kuyinto efanele, enokuhlakanipha newuthando okumelwe siyenze. Nokho iZwi likaNkulunkulu liyabonisa futhi ukuthi kumelwe sidumise abantu esiphila nabo. Siyatshelwa: “Dumisani abantu bazo zonke izinhlobo.” (1 Petru 2:17, NW) Njengoba lelivesi liphetha ngomyalo othi, “nidumise inkosi,” lisikisela ukuthi udumo kufanele lunikezwe labo abalufanele ngenxa yezikhundla zabo. Khona-ke, obani okufanele sibadumise ngokufanele? Inani labafanelwe udumo lingase lihlanganise nabaningi abangaphezu kwalabo abanye abangase babacabange. Singasho ukuthi kunezindawo ezine okumelwe sibonise kuzo udumo kwabanye abantu.
Dumisa Ababusi Bezombangazwe
2. Sazi kanjani ukuthi “inkosi” okukhulunywa ngayo kweyoku-1 Petru 2:17 ibhekisela kunoma iyiphi inkosi engumuntu noma umbusi wezombangazwe?
2 Eyokuqala yalezindawo ihlobene nohulumeni bezwe. Kudingeka sidumise ababusi bezombangazwe. Lapho uPetru eluleka: “Nidumise inkosi,” kungani sithi uPetru wayecabanga ngababusi bezombangazwe? Ngoba ukhuluma ngesimo esingalithinti ibandla lobuKristu. Wayesanda kuthi: “Thobelani izimiso zonke zabantu ngenxa yeNkosi, nokuba kuyinkosi njengokuba ingomkhulu, nokuba kungababusi njengokuba bethunywa yiyo.” Phawula futhi, ukuthi uPetru uveza umehluko phakathi kukaNkulunkulu ‘nenkosi,’ ethi: “Yesabani uNkulunkulu, nidumise inkosi.” (1 Petru 2:13, 14, qhathanisa neNW.) Ngakho, “inkosi” uPetru asinxusa ukuba siyidumise ibhekisela emakhosini angabantu nababusi bezombangazwe.
3. Obani ‘abangamandla ombuso,’ futhi yini ebafanele?
3 Umphostoli uPawulu uyala ngendlela efanayo: “Zithobe phansi kwamandla ombuso.” ‘Lamandla ombuso’ awayena uJehova uNkulunkulu noma uJesu Kristu, kodwa angababusi bezombangazwe, izikhulu zikahulumeni. Ecabanga ngalaba, uPawulu uyaqhubeka ethi: “Nikani bonke okubafaneleyo: . . . udumo kofanele udumo.” Yebo, abanjalo abaye bavunyelwa uNkulunkulu ukuba basebenzise ukubusa kwezombangazwe bafanelwe udumo.—Roma 13:1, 7.
4. (a) Udumo lungase luboniswe kanjani kubabusi bezombangazwe? (b) Yisiphi isibonelo esabekwa umphostoli uPawulu ekuboniseni udumo kubabusi?
4 Silubonisa kanjani udumo kubabusi bezombangazwe? Enye indlela iwukubahlonipha ngokujulile. (Qhathanisa neyoku-1 Petru 3:15.) Futhi ngenxa yezikhundla zabo, inhlonipho enjalo ibafanele ngisho noma bengase babe abantu ababi. Isazi-mlando esingumRoma uTacitus sachaza uMbusi uFeliksi njengomuntu “owayecabanga ukuthi angenza noma yisiphi isenzo esibi angajeziswa.” Kodwa uPawulu wazivikela phambi kukaFeliksi ngendlela ehloniphekile. Ngokufanayo, ngenhlonipho uPawulu wathi eNkosini uHerode Agripha II, “Ngizibona nginenhlanhla, ngokuba ngizakuziphendulela namuhla phambi kwakho,” ngisho nakuba uPawulu ayazi ukuthi uAgripha wayeshade nesihlobo sakhe. Ngokufanayo, uPawulu wabonisa udumo kuMbusi uFestu, embiza ngokuthi ‘oMuhle Kakhulu,’ ngisho nakuba uFestu ayengumkhulekeli wezithombe.—IzEnzo 24:10; 26:2, 3, 24, 25, qhathanisa neNW.
5. Iyiphi enye indlela iziphathi-mandla zikahulumeni eziboniswa ngayo udumo, futhi oFakazi BakaJehova basibeka kanjani isibonelo esihle ekwenzeni lokhu?
5 Enye indlela esibonisa ngayo izikhulu zikahulumeni udumo iboniswe umphostoli uPawulu lapho ebhala ngokunikeza iziphathimandla zikahulumeni izimfanelo zazo. Wathi sinike “intela kofanele intela, inkokhiso kofanele inkokhiso.” (Roma 13:7) OFakazi BakaJehova banikeza izimfanelo ezinjalo kungakhathaliseki ukuthi bahlala kuliphi izwe emhlabeni. EItaly iphephandaba iStampa laphawula: “Bayizakhamuzi ezithembeke kakhulu umuntu angazifisela: abazibalekeli izintela noma bafune ukubalekela imithetho ebafaka enkingeni ukuze kuzuze bona.” Futhi iPost yasePalm Beach, eFlorida, eU.S.A., yaphawula lokhu ngoFakazi BakaJehova: “Bayazikhokha izintela zabo. Bayingxenye yezakhamuzi ezithembeke kakhulu kuleRiphabhuliki.”
Bonisa Udumo Kubaqashi
6. Abaphostoli ababili uPawulu noPetru bathi obani abanye okufanele banikwe udumo?
6 Indawo yesibili lapho udumo lufaneleke khona kusezindaweni zethu zomsebenzi. Bobabili abaphostoli uPawulu noPetru bagcizelela ukubaluleka kokuba amaKristu adumise labo ababekwe phezu kwawo ebuhlotsheni bezomsebenzi. UPawulu wabhala: “Bonke abayizigqila phansi kwejoka mabathi abanumzane babo bafanele [ukudunyiswa ngokugcwele, NW], ukuze igama likaNkulunkulu nesifundiso kungahlanjalazwa. Abanabanumzane abakholwayo bangabadeleli, ngokuba bengabazalwane, kodwa kube-yikhona bebakhonza kakhulu.” Futhi uPetru wathi: “Nina-zinceku, thobelani amakhosi ngokwesaba konke, kungabi-ngamahle navileyo kuphela kodwa nayizixhwanguxhwangu.”—1 Thimothewu 6:1, 2; 1 Petru 2:18; Efesu 6:5; Kolose 3:22, 23.
7. (a) Iseluleko seBhayibheli sokuba ‘izinceku’ zibonise udumo ‘kubanumzane’ sisebenza kanjani ngokufanele namuhla? (b) Yini abaqashwa abangamaKristu okufanele baqaphele ukuyenza uma benabaqashi abangamaKristu?
7 Yiqiniso, ubugqila abusakazekile namuhla. Kodwa izimiso ezazibusa amaKristu ebuhlotsheni bomnumzane nesigqila ziyasebenza ebuhlotsheni bomqashi nomqashwa. Ngakho, abaqashwa abangamaKristu banomthwalo wemfanelo wokubonisa udumo ngisho nakubaqashi abayizixhwanguxhwangu. Futhi kuthiwani uma umqashi naye engokholwayo? Esikhundleni sokulindela ukuhlonishwa nokuthandwa okukhethekile ngenxa yalobobuhlobo, umqashwa kufanele asebenzele umqashi wakhe ongumKristu ngisho nakakhulu, angalokothi nganoma iyiphi indlela akusebenzise kabi ukuba kwakhe okholwa kanye naye.
Udumo Emkhayeni
8, 9. (a) Abantwana banemfuneko yokudumisa bani? (b) Kungani abantwana kufanele babonise loludumo, futhi bangalubonisa kanjani?
8 Indawo yesithathu lapho udumo lufaneleke khona kusemkhayeni. Ngokwesibonelo, abantwana banesibopho sokudumisa abazali babo. Lokhu kwakungeyona kuphela imfuneko yoMthetho owanikezwa uMose kodwa futhi kwakuyisibopho kumaKristu. UPawulu wabhala: “Bantwana, lalelani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile. Yazisa [dumisa] uyihlo nonyoko.”—Efesu 6:1, 2; Eksodusi 20:12.
9 Kungani abantwana kufanele badumise abazali babo? Kufanele babadumise ngenxa yegunya labazali babo abalinikwe uNkulunkulu nangenxa yalokho abazali babo ababenzele khona, bebangela ukuba bazalwe, bebondla futhi bebakhulisa kusukela ebuntwaneni kuqhubeke. Abantwana kufanele babadumise kanjani abazali babo? Lokhu kufanele bakwenze ikakhulukazi ngokubalalela nangokubathobela. (IzAga 23:22, 25, 26; Kolose 3:20) Ukunikeza udumo olunjalo kungase kudinge ukuba abantwana asebekhulile babasekele ngokwengeziwe abazali babo asebegugile noma ugogo nomkhulu ngezinto ezibonakalayo nezingokomoya. Lokhu kudinga ukulinganiselwa ngokuhlakanipha neminye imithwalo yemfanelo, njengokunakekela komuntu abantwana bakhe siqu nokuhlanganyela ngokugcwele emihlanganweni yobuKristu nasenkonzweni yasensimini.—Efesu 5:15-17; 1 Thimothewu 5:8; 1 Johane 3:17.
10. Abafazi banesibopho sokubonisa bani udumo, futhi yiziphi izindlela abangakwenza ngazo lokhu?
10 Nokho abantwana akubona bodwa emkhayeni abanesibopho sokunikeza abanye udumo. Abafazi kumelwe banikeze amadoda abo udumo. Umphostoli uPawulu wathi futhi “umfazi [makayihloniphe ngokujulile, NW] indoda yakhe.” (Efesu 5:33; 1 Petru 3:1, 2) Ukubonisa amadoda ‘inhlonipho ejulile’ ngokuqinisekile kuhilela ukuwanikeza udumo. USara wadumisa indoda yakhe, uAbrahama, lapho eyibiza ngokuthi “inkosi.” (1 Petru 3:6) Ngakho-ke bafazi, lingisani uSara. Nikezani abayeni benu udumo ngokwamukela izinqumo zabo nangokuzenza ziphumelele. Ngokwenza konke eningakwenza ukuze nisize abayeni benu bathwale imithwalo yabo, kunokuyenezela, nibabonisa udumo.
11. Ngokuqondene nokubonisa udumo, amadoda anasiphi isibopho, futhi ngani?
11 Kuthiwani ngamadoda? Ayalwa ngalokhu eZwini likaNkulunkulu: “Kanjalo, madoda, hlalani [nomkenu] ngokokwazi, njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakathaka, nibanike udumo, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.” (1 Petru 3:7) Ngokuqinisekile lokho kufanele kwenze wonke amadoda acabange. Kunjengokungathi umfazi unesigqebhezana esithi “Kuyigugu. Kubuthakathaka. Kuphathe ngokucophelela! Kunike udumo!” Ngakho amadoda mawakhumbule ukuthi uma engabanikezi omkawo udumo ngokubabonisa ukubacabangela okufanele, ayolimaza ubuhlobo bawo noJehova uNkulunkulu, ngoba imithandazo yawo iyothiywa. Yiqiniso, kuyawazuzisa wonke amalungu omkhaya ukunikana udumo.
Ebandleni
12. (a) Obani abanomthwalo wemfanelo wokubonisa udumo ebandleni? (b) UJesu wabonisa kanjani ukuthi kufanelekile ukwamukela udumo?
12 Kukhona futhi umthwalo wemfanelo wonke umuntu anawo wokubonisa udumo ebandleni lobuKristu. Siyelulekwa: “[Ekubonisaneni udumo, NW] nandulelane.” (Roma 12:10) UJesu wabonisa komunye wemifanekiso yakhe ukuthi kufanele ukwamukela udumo. Wathi lapho simenyiwe edilini, kufanele sihlale endaweni ephansi kunazo zonke, ngoba lowo osimemile uyosicela ukuba sihlale esihlalweni esiphakeme, futhi siyoba nodumo phambi kwabo bonke esimenywe kanye nabo. (Luka 14:10) Manje, njengoba sonke sikwazisa ukunikwa udumo, ingabe akufanele sibe ngabacabangelayo futhi sinikane udumo? Singakwenza kanjani lokhu?
13. Yiziphi ezinye izindlela esingabonisa ngazo udumo kwabanye ebandleni?
13 Amazwi okwazisa ngomsebenzi owenziwe kahle ayafana nokunika udumo. Ngakho singadumisana ngokutusana, mhlawumbe ngenkulumo noma impendulo enikezwe ngothile ebandleni. Ngaphezu kwalokho, singadumisana ngokuzembesa ukuthobeka kwengqondo ngakubafowethu nodadewethu abangamaKristu, ngokubaphatha ngenhlonipho ejulile. (1 Petru 5:5) Kanjalo sibonisa ukuthi sibabheka njengezinceku ezidumisekayo esikanye nazo zikaJehova uNkulunkulu.
14. (a) Abazalwane ebandleni bangabanikeza kanjani odade udumo olubafanele? (b) Yini ebonisa ukuthi ukupha izipho kungenye indlela yokunika udumo?
14 Umphostoli uPawulu weluleka uThimothewu osemusha ukuba aphathe odade abadala abangamaKristu njengomama nabasebasha njengodadewabo abangokwenyama, “ngenhlanzeko epheleleyo.” Yebo, lapho abazalwane beqaphela ukuba bangasondelani ngokweqile nodadewabo abangamaKristu, njengokubonisa ukujwayelana nabo okungafanele, babanikeza udumo. UPawulu waqhubeka wabhala: “[Dumisa] abafelokazi abangabafelokazi ngoqobo.” Enye indlela umfelokazi oswele angadunyiswa ngayo ingokusekelwa ngokwezinto ezibonakalayo. Kodwa ukuze afanelekele lokhu, kumelwe ‘afakazelwe ngokuba nemisebenzi emihle.’ (1 Thimothewu 5:2-10, qhathanisa neNW.) Ngokuqondene nezipho zezinto ezibonakalayo, uLuka wabhala lokhu ngabantu basesiqhingini saseMelitha: “[Basidumisa ngezipho eziningi, NW]; kwathi mhla simuka ngomkhumbi, basinika esikudingayo.” (IzEnzo 28:10) Ngakho udumo lungaboniswa komunye ngokumupha izipho zezinto ezibonakalayo.
15. (a) Obani esinesibopho esikhethekile sokubabonisa udumo? (b) Iyiphi enye indlela esingabonisa ngayo udumo kwabaholayo?
15 Eqhuba incwadi yakhe eya kuThimothewu, uPawulu uyabhala: “Amalunga aphatha kahle akuthiwe afanele [ukudunyiswa] ngokuphindiweyo, ikakhulu lawo akhuthalela izwi nokufundisa.” (1 Thimothewu 5:17) Yiziphi izindlela esingabadumisa ngazo abadala, noma ababonisi? UPawulu wathi: “Yibani-ngabalingisi bami, njengokuba nami ngilingisa uKristu.” (1 Korinte 11:1) Lapho silalela amazwi kaPawulu okuba abalingisi bakhe, simnikeza udumo. Lokhu kwakuyosebenza kulabo abaholayo phakathi kwethu namuhla. Ngezinga esibalingisa ngalo ngokulandela isibonelo sabo, siyobe sibanikeza udumo.
16. Yiziphi ezinye izindlela ezengeziwe udumo olungaboniswa ngazo kwabaholayo?
16 Enye indlela esibonisa ngayo udumo kubabonisi ingokulalela lesiyalo: “Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu njengabazakulandiswa ngayo.” (Heberu 13:17) Ngendlela efanayo abantwana abadumisa ngayo abazali babo ngokubalalela, nathi sidumisa abaholayo phakathi kwethu ngokubalalela nangokubathobela. Futhi, njengoba uPawulu nabangane bakhe badunyiswa ngezipho zezinto ezibonakalayo yilezozakhamuzi ezinomusa zaseMelitha, abameleli abaningi beNhlangano abajikelezayo ngokufanayo baye badunyiswa izikhathi eziningi. Yebo, kodwa akufanele balokothe bacele izipho ezinjalo noma basho okusikisela ukuthi beziyokwaziswa noma ziyadingeka.
17. Yisiphi isibopho labo abanamalungelo okuba ababonisi abanaso ngokubonisa udumo?
17 Ngakolunye uhlangothi, bonke abasezikhundleni zobubonisi ohlelweni olungokwasezulwini—kungakhathaliseki ukuthi kusebandleni abakhonza kulo, esifundeni noma esigodini njengombonisi ojikelezayo, kwelinye lamagatsha eWatch Tower Society, noma emkhayeni—banesibopho sokunikeza udumo kulabo abangaphansi kwabo. Lokhu kufuna ukuba babe nesihawu kanye nozwela. Kudingeka babe abangenekayo ngazo zonke izikhathi, babe-mnene futhi bathobeke enhliziyweni nasengqondweni, njengoba uJesu Kristu athi unjalo.—Mathewu 11:29, 30.
Sebenzelani Ukudumisana
18. (a) Yini engasivimbela ekuboniseni udumo kwabalufaneleyo? (b) Kungani isimo sengqondo esiphambene nesigxekayo singenakuthethelelwa?
18 Sonke kudingeka sisebenze kanzima ukuze sidumisane, ngoba kunento enamandla esivimbela ukuba senze kanjalo. Leyonto evimbelayo, noma isithiyo, yinhliziyo yethu engaphelele. IBhayibheli lithi: “Ukuthambekela kwenhliziyo yomuntu kubi kusukela ebusheni bakhe.” (Genesise 8:21, NW) Okunye kokuthambekela kobuntu okungase kuphazamise ukubonisa kwethu udumo olufanele kwabanye ukuba nesimo sengqondo esiphambene nesigxekayo. Sonke singabantu ababuthakathaka, abangaphelele abadinga isihe sikaJehova nomusa ongafanele. (Roma 3:23, 24) Sikuqonda lokhu, masiqaphele ukuba singagxili ebuthakathakeni babafowethu noma sithi abafowethu banezisusa ezingabazekayo.
19. Yini eyosisiza ukuba silwisane nanoma yisiphi isimo sengqondo esiphambene?
19 Ikhambi lanoma ikuphi ukuthambekela okunjalo okuphambene uthando nokuzithiba. Kudingeka sibe nesimo sengqondo sokuhawukela, sokwethembeka nesiqondile ngabafowethu, siphawula izimfanelo zabo ezinhle. Uma kukhona okuthile esingakuqondi, singenaso isiqiniseko ngakho, masizimisele njalo ukungangabazi lutho ngabafowethu futhi silalele iseluleko sikaPetru: “Kunakho konke yibani-nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono.” (1 Petru 4:8) Kumelwe sibe nalolohlobo lothando ukuze sinikeze abafowethu udumo olubafanele.
20, 21. (a) Yikuphi okunye ukuthambekela okungaphazamisa ukubonisana kwethu udumo? (b) Yini eyosisiza ukuba silwisane nalokhu kuthambekela?
20 Esinye isici esingaphazamisa ukubonisa kwethu udumo olufanele kwabanye ukuthambekela ekucasukeni ngokushesha, noma ekuzweleni ngokungafanele. Ukusheshe uzwele kunendawo yakho. Izingcweti kumelwe zisheshe ukuzwela noma ukuqaphela imisindo noma imibala njengengxenye yomsebenzi wazo. Kodwa ukusheshe uzwele ngokungafanele, noma ukushesha ukucasuka ebuhlotsheni bethu nabanye kuwuhlobo oluthile lobugovu olungasiphanga ukuthula kwethu futhi lusivimbele ekuboniseni udumo kwabanye.
21 Okusinikeza iseluleko esihle ngalokhu amazwi atholakala kumShumayeli 7:9: “Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula.” Ngakho kubonisa ukuntula ukuhlakanipha nomqondo omuhle, kanye nokuntula uthando, ukushesha ukuzwela ngokungafanele noma ukucasuka ngokushesha. Kumelwe siqaphele ukuthi ukuthambekela kwethu okunamaphutha, njengokuba nesimo sengqondo esiphambene, ukugxeka kakhulu, noma ukushesha sizwele ngokungafanele, akusivimbeli ekuboniseni udumo kubo bonke abalufanele.
22. Isibopho sethu sokubonisa udumo singafingqwa kanjani?
22 Yiqiniso, sinezizathu eziningi zokubonisa udumo kwabanye. Futhi, njengoba siye sabona, kunezindlela eziningi kakhulu esingabonisa ngazo udumo olunjalo. Ngaso sonke isikhathi kumelwe siqaphele ukuthi isimo sengqondo sobugovu nesiphambene asisiphazamisi ekuboniseni kwethu udumo. Ikakhulukazi, kudingeka siqaphele ukuba sibonise udumo kwabasemikhayeni yethu, amadoda nabafazi komunye nomunye kanye nabantwana kubazali babo. Futhi ebandleni, sinesibopho sokubonisa udumo kubakhulekeli esikanye nabo futhi, ikakhulukazi, kulabo abasebenza kanzima phakathi kwethu abasezikhundleni zobubonisi. Kuzo zonke lezindawo, kungokwenzuzo yethu ukuba sinikeze udumo olufanele kulabo okukhulunywe ngabo ngenhla, ngoba, njengoba uJesu asho: “Kubusisekile ukupha kunokwamukela.”—IzEnzo 20:35.
Ubungaphendula Uthini?
◻ Kungani kumelwe sidumise iziphathimandla zikahulumeni futhi kanjani?
◻ Isiphi iseluleko seBhayibheli esingasetshenziswa ebuhlotsheni bomqashwa nomqashi?
◻ Udumo kufanele luboniswe kanjani emkhayeni?
◻ Yiluphi udumo olukhethekile olungaboniswa ebandleni, futhi ngani?
◻ Ubuthakathaka bobuntu obenza sihluleke ukubonisa udumo kwabanye bunganqotshwa kanjani?