Ingabe Ikusasa Lakho Linqunywa Ukudalelwa?
UMA ubungasinda engozini ebulalayo, ingabe ubungaba nomuzwa wokuthi ukunqunyelwa kusengaphambili kuye kwakuxolela? Noma ingabe esikhundleni salokho ubungabonga ngokuthi kumane kwenzeka nje ukuthi ube sendaweni efanele ngesikhathi esifanele?
Indoda ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Ngabuye ngabona phansi kwelanga ukuthi ukujaha akuyi ngabanejubane, nokulwa ngamaqhawe, nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ngabaqondileyo, nomusa ngabanokwazi, ngokuba bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.” (UmShumayeli 9:11) Yeka ukuthi izinto ezingalindelekile zivame kanjani! Umdlali othandwayo uyalimala, futhi lowo owaziwa njengesehluleki uyanqoba. Ingozi engalindelekile iletha umonakalo ongokwezimali kusomabhizinisi othembekile, okuvumela imbangi yakhe engathembekile ukuba icebe. Kodwa ingabe uSolomoni wathi lezizimo ezingavamile zibangelwa ukudalelwa? Lutho neze. Lokhu kumane nje kuyimiphumela ‘yesikhathi nethuba.’
UJesu Kristu waphawula okufanayo. Ebhekisela esenzakalweni ngokusobala esasaziwa yizo zonke izilaleli zakhe, uJesu wabuza: “Nalabo abayishumi nesishiyagalombili owawela phezu kwabo umbhoshongo waseSilowama, wababulala, nithi bona babenamacala kunabantu bonke abakhileyo eJerusalema na?” (Luka 13:4) UJesu akazange athi lokhu kufa kwabangelwa ukudalelwa okuyimfihlakalo noma intando kaNkulunkulu, futhi wayengakholelwa ukuthi izisulu zazinezono ezedlula ezabanye ngandlela-thile. Leyongozi edabukisayo yayimane nje ingesinye isibonelo sokusebenza kwesikhathi nethuba.
Akukho lapho iBhayibheli liwusekela khona umqondo wokuthi uNkulunkulu uye wasinquma kusengaphambili isikhathi sethu sokufa. Kuyiqiniso ukuthi umShumayeli 3:1, 2 uthi: “Konke kunesikhathi sakho, yonke indaba inomzuzu wayo phansi kwezulu. Kukhona isikhathi sokuzalwa nesikhathi sokufa, isikhathi sokutshala nesikhathi sokusiphula okutshaliweyo.” Kodwa uSolomoni wayemane echaza umjikelezo oqhubekayo wokuphila nokufa okhungethe isintu esingaphelele. Siyazalwa, futhi lapho isikhathi sifika, lapho ubude bokuphila obuvamile bufinyelelwa—ngokuvamile ngemva kweminyaka ecishe ibe ngu-70 noma engu-80—siyafa. Nalapha, isikhathi esiqondile sokufa asinqunywa kusengaphambili uNkulunkulu njengalapho umlimi enquma ‘ukutshala’ noma ‘ukusiphula lokho okutshaliweyo.’
Eqinisweni, uSolomoni kamuva uyabonisa ukuthi umuntu angase afe ngaphambi kwesikhathi, ethi: “Ungabi-mubi ngokudluleleyo, ungabi-yisiwula; uyakufelani kungakabi isikhathi na?” (UmShumayeli 7:17) Leseluleko sasiyoba namuphi umqondo ukuba isikhathi somuntu sokufa sasinqunywe kusengaphambili ngokungenakuguquka? Ngaleyondlela iBhayibheli liyawulahla umqondo wokudalelwa. AmaIsrayeli ahlubukayo amukela lomqondo wobuqaba alahlwa kanzima uNkulunkulu. UIsaya 65:11 uthi: “Nina enimshiya uJehova, nikhohlwe intaba yami engcwele, nihlelele [unkulunkulu weNhlanhla, NW] itafula, nigcwalisele [unkulunkulu wokuDalelwa, NW] iwayini elixutshanisiweyo.”
Khona-ke, yeka ukuthi kuwubuwula kanjani ukuthi izingozi nokulimala kubangelwa ukudalelwa, noma okubi nakakhulu, ukuthi nguNkulunkulu ngokwakhe! “UNkulunkulu uluthando,” kusho iBhayibheli, futhi ukumthwesa icala lokuba unobangela wosizi lwesintu kuphikisana ngokuqondile naleliqiniso eliyisisekelo.—1 Johane 4:8.
Izinjongo ZikaNkulunkulu Ngekusasa
Nokho, kuthiwani ngamathemba ethu okusinda? Ingabe iqiniso lokuthi akukho ukudalelwa okungenakuvikwa okulawula ukuphila kwethu lisho ukuthi kumelwe siphile ukuphila okungenanjongo? Lutho neze, ngoba uNkulunkulu uye wanquma ikusasa lesintu sisonke. IBhayibheli likhuluma ngokudalwa ‘komhlaba omusha’ “okukhona kuwo ukulunga.”—2 Petru 3:13.
Ukuze afeze lokhu, uNkulunkulu uyongenela ngokuqondile ezindabeni zesintu. Ngokungazi, kungenzeka uye wakuthandazela lokhu ukuba kwenzeke ngokuphindaphinda umkhuleko othi: “Mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) LoMbuso uwuhulumeni ongokoqobo omiswé emazulwini. Ngokuwuthandazela ukuba ufike, uthandazela ukuba loMbuso uthathele indawo yoohulumeni bosuku lwanamuhla ekulawulweni komhlaba.—Daniyeli 2:44.
Ukuqinisekisa Ikusasa Lakho Siqu
Ukuthi lezenzakalo ezivusa amadlingozi ziyosithinta kanjani isikhathi sakho esizayo kuxhomeke, hhayi ekudalelweni noma ngisho nasesikhathini nethuba, kodwa enkambweni okhetha ukuyilandela. Khumbula leyanhlekelele yombhoshongo waseSilowama. UJesu wasebenzisa lesosenzakalo esidabukisayo ukuze afundise isifundo esijulile. Izisulu zalokho kuwa kombhoshongo azikwazanga ukubalekela okwazehlela. Ngakolunye uhlangothi, izilaleli zikaJesu zazingakugwema ukubhujiswa okuwumphumela wentukuthelo yaphezulu. UJesu wazixwayisa: “Uma ningaphenduki, niyakubhubha ngokunjalo nonke.” (Luka 13:4, 5) Ngokusobala, zazingazikhethela ikusasa lazo siqu.
Lelithuba elifanayo lelulelwe kithi namuhla—ukusebenzela ukusinda kwethu siqu. (Filipi 2:12) UNkulunkulu ufuna ukuba “abantu bonke . . . bafinyelele ekulazini iqiniso.” (1 Thimothewu 2:4) Futhi nakuba ngamunye wethu ethintwa ufuzo nesizinda ngezinga elithile, uNkulunkulu uye wasinikeza ilungelo lokuzikhethela—ikhono lokukwazi ukunquma indlela esifuna ukusebenzisa ngayo ukuphila kwethu. (Mathewu 7:13, 14) Singenza okulungile noma okungalungile. Singazuza ukuma okuhle noJehova uNkulunkulu futhi sizuze ukuphila, noma singamhlubuka futhi sife.
Abaningi bakhetha ukuphila ngaphandle kukaNkulunkulu. Banikela ukuphila kwabo ekuphishekeleni izinto ezibonakalayo, injabulo, noma udumo. Kodwa uJesu waxwayisa: “Bhekani, nixwaye ukuhaha konke, ngokuba ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.” (Luka 12:15) Khona-ke, ukuphila kwethu kuxhomeke kuphi? Kweyoku-1 Johane 2:15-17, iBhayibheli liyachaza: “Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. . . . Konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhukuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni. Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.”
Ukukhetha Ukuphila
Ungaqiniseka kanjani ngokuthi ngempela wenza intando kaNkulunkulu? UJesu wathi: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Ulwazi oluqondile oluvela eBhayibhelini lunikeza isisekelo sokholo. “Ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.” (Heberu 11:6) Ulwazi okudingeka uluzuze lutholakala kalula. OFakazi BakaJehova baye basiza izigidi ukuba ziluzuze ngesifundo seBhayibheli sasikhathi sonke.a
Ukuze uthokozise uNkulunkulu, kuyodingeka wenze izinguquko ezithile. Kungase kube nemikhuba ethile emibi okumelwe inqotshwe noma ngisho nemikhuba yokuziphatha okubi okumelwe iqedwe. Ungapheli amandla, njengokungathi akunakwenzeka ukuba ushintshe. Umbono wokuthi izinto azinakushintsha umane nje ungokunye okususelwa emfundisweni engamanga yenkolelo yokudalelwa. Ngosizo lukaJehova, kungenzeka nganoma ubani ukuba ‘aguqule ingqondo yakhe’ futhi azuze “ubuntu obusha.” (Roma 12:2; Efesu 4:22-24, qhathanisa neNW.) Imizamo yakho yokuthokozisa uNkulunkulu ngeke inganakwa. Uhlala ekulungele ukubusisa labo abenza intando yakhe.
Kuyavunywa, ukufunda iBhayibheli ngeke kuzixazulule zonke izinkinga zakho. Izinceku zikaNkulunkulu zeqiniso ziyathinteka ezingozini nasezimweni ezimbi, njengabanye. Nokho, uNkulunkulu angasinikeza ukuhlakanipha kokubhekana nobunzima. (Jakobe 1:5) Futhi kunenjabulo yokwazi ukuthi umuntu unobuhlobo obuhle noNkulunkulu. ‘Owethembayo kuJehova ubusisiwe,’ kusho izAga 16:20.
EPharadesi elibuyiselwe ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, ngeke sisazizwa sisongelwa isikhathi nethuba. Ngempela, uNkulunkulu uyosusa zonke izinto ezonakalisa injabulo yesintu namuhla. “Azesule izinyembezi zonke emehlweni [ethu]; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona,” kuthembisa iBhayibheli. (IsAmbulo 21:4) Izisulu ezingenakubalwa zezingozi ziyovuka.—Johane 5:28, 29.
Ingabe lesikhathi esizayo esikhazimulayo siyoba esakho? Ngenkathi amaIsrayeli esezongena eZweni Lesithembiso, uMose wawatshela: “Ngibeké phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuba niphile, wena nenzalo yakho, ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, ulilalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho.”—Duteronomi 30:19, 20.
Cha, asizona izisulu ezingenakuzisiza zokudalelwa okunonya. Injabulo yakho yesikhathi esizayo, eqinisweni ikusasa lakho laphakade, lisezandleni zakho. Sikunxusa ukuba ukhethe ukuphila.
[Umbhalo waphansi]
a Isifundo esinjalo singahlelwa ngokubhalela abanyathelisi balomagazini.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
AmaIsrayeli ahlubukayo amukela umqondo wobuqaba wokudalelwa alahlwa kanzima uNkulunkulu