Lawula Umoya Wakho!
“ABANTU abanolaka, abangabathembi abanye basengozini yokufa beneminyaka engaphansi kwengu-50 ngokuphindwe kahlanu kunabantu abamnene futhi abathemba abanye, kuthole isazi sezifo zengqondo.” Yabika kanjalo iNew York Times kaJanuary 17, 1989. UDkt. Redford B. Williams, onguprofesa eSikhungweni Sezokwelapha eDuke University eDurham, eNorth Carolina, “wasekela lokho ayekutholile ekuhloleni okuningi kakhulu.” “Izinhliziyo ezethemba abanye zihlala isikhathi eside, esho, ngoba zivikelekile emonakalweni wesimiso semizwa,” kubika iTimes.
Intukuthelo inganyusa umfutho wegazi, ibangele izinkinga zokuphefumula, futhi ibe neminye imiphumela emibi. Ulaka lungaphazamisa indlela yokucabanga, futhi umphumela uvame ukuba inkathi yokucindezeleka okukhulu ngokwengqondo. Futhi imiphumela yentukuthelo mibi empilweni yomuntu engokomoya. Akumangalisi ukuthi iBhayibheli lithi: “Inhliziyo ezolileyo ingukuphila kwenyama.” (IzAga 14:30) Yebo, ukulawula umoya wakho kunempilo. Kodwa phawula ezinye izizathu zokwenza kanjalo.
Landela Indlela Yokuhlakanipha
Noma ubani onengqondo ephilile ufuna ukwenza ngokuhlakanipha. Enye indlela yokwenza lokhu iwukubonisa ukuzibamba. Mayelana nalokhu, izAga 29:11 zithi: “Isiwula sikhipha lonke ulaka [“umoya,” NW] lwaso, kepha ohlakaniphileyo uyalugodla ekugcineni.”
EBhayibhelini igama elithi “umoya” livamé ukubhekisela esimweni sengqondo esivelele esishukumisela umuntu ukuba aphishekele inkambo ethile. “Isiwula” sidedela wonke umoya waso, ngoba asikwazi ukuwulawula. Sivumela intukuthelo iqhume ngaphandle kokucabangela imiphumela. Umoya ongaphakathi kumuntu oyisiwula ungaqala ngokumenza ashintshe isimo sobuso. Khona-ke umoya wakhe ungase uziveze ngenkulumo enokhahlo nangezenzo eziwubulima.
Nokho, umuntu ohlakaniphile umoya wakhe ‘uyawugodla kuze kube sekugcineni.’ Uyawulawula futhi ngokucophelela acabangele lokho okungenzeka uma evumela intukuthelo. Ngisho noma enesizathu esihle sokuthukuthela, uyaqaphela ukuthi ukuthatha isinyathelo ngokushesha ekulesosimo sengqondo sokucasuka kungabangela umonakalo omkhulu. Ngakho-ke, uyazibamba futhi azilinde ekubonakaliseni intukuthelo yakhe ngokunganaki, nangokungalawuleki. Ubheka kuJehova ngosizo, mhlawumbe esho umkhuleko ophuthumayo, buthule. Ekugcineni, ngenxa yezithakazelo zabo bonke abathintekile, umuntu ohlakaniphile uyakwazi ukubamba intukuthelo yakhe futhi acabange ngokuvumelana nemiBhalo nentando kaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, umuntu ohlakaniphile uyaqaphela ukuthi akanakufukamela intukuthelo ngoba lokho kungamqhubela ekwenzeni izinto ngendlela yobuwula nasekoneni.
Umuntu ohlakaniphile futhi usebenzisa iseluleko sikamphostoli uPawulu “Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele. Ningamniki uSathane indawo.” (Efesu 4:26, 27) Uma kwenzeka ngesizathu esihle uthukuthela, musa ukuhlala usesimweni sokucasuka, ilanga lize lishone ukulesosimo. Ngani? Ngoba ngalokho uyobe uvulela uSathane uDeveli isikhala sokukusebenzisa, ngokunokwenzeka akuyengele ekwenzeni okuthile okubi futhi ubhekane nokungavunyelwa uNkulunkulu. (IHubo 37:8, 9) Kunalokho, lawula umoya wakho futhi usheshe ukulungisa izinkinga okungenzeka zikuthukuthelisile.—Mathewu 18:15-17.
Yiba Nomoya Opholileyo
Esinye isaga sithi: “Obamba amazwi akhe unokwazi; onomoya opholileyo ungumuntu oqondileyo.” (IzAga 17:27) Umuntu onolwazi lweZwi likaNkulunkulu ‘ubamba amazwi akhe’ futhi akawavumeli aziphumele nje noma kanjani, njengesikhukhula, ikakhulukazi lapho ephazamisekile. Eqaphela ubuhlobo bakhe noJehova nendawo yakhe efanele enhlanganweni kaNkulunkulu, ngeke avumele ukuthukuthela kumnqobe. Kunalokho, ‘umuntu oqondileyo’ ulwela ukuhlala epholile, futhi enokulinganisela ekucabangeni. Ngomoya onjalo, nawe futhi ungazinqoba izimo ezingaqhubela umuntu oyisiwula esonweni.
Ngokuqondene nalokhu, siyafunda: “Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi, kepha isififane siyaphakamisa ubuwula.” (IzAga 14:29) Ukungabekezeli lapho uphazamisekile ngokomzwelo kungaholela ezenzweni zobuwula. Yeka ukuthi kungcono kanjani ukucabangela lokho okungaba umphumela wenkulumo engalawuliwe noma ukuziphatha! Ngaphandle kwalokho, umuntu angahluthuka futhi enze okuwubuwula, ngaleyondlela ‘ephakamisa ubuwula.’ Ngakho-ke, ‘phuza ukuthukuthela,’ njengoba uNkulunkulu enjalo, futhi uyogwema izenzo zokungabekezeli nezobuwula.—Eksodusi 34:6.
Balekela Ukuqhosha
Ngenxa yokuqhosha, umuntu angase angabacabangeli abanye futhi eba ngisho nanolaka. Ngakho siyafunda: “Umuntu onolaka uvusa ukuxabana, nomuntu ofuthekayo uvama ukuphambeka.” (IzAga 29:22) Uma umuntu engawulawuli umoya wakhe kodwa abe ‘nolaka,’ ‘angavusa ukuxabana,’ ngisho naphakathi kwabangane. Futhi umuntu “ofuthekayo uvama ukuphambeka.” Yebo, uthambekele ekoneni—into umuntu ohlakaniphile nowesaba uNkulunkulu angathanda ukuyigwema.
Ungakhohlwa ukuthi uJehova akavumelani nokuqhosha nokuqhuma kwentukuthelo kokuzazisa. (IzAga 16:18) Kungcono kakhulu ukufuna usizo lukaNkulunkulu ukuze ukhuthazelele uvivinyo futhi wenze ngokuthobeka kunokuvumela intukuthelo noma ulaka lokuqhosha.—IzAga 29:23.
Yenza Ngobumnene
Ukuzithoba kuyadingeka uma kwenzeka usolwa ngothile onegunya. Esikhathini esinjalo, kungaba yini ukusabela kwakho kokuqala? Mhlawumbe ukusabela ngenkulumo enamawala, engahlakaniphile. Kodwa iBhayibheli liyeluleka: “Uma umoya wombusi ukuvukela, ungashiyi indawo yakho, ngokuba ukubekezela kuvimba izono ezinkulu.” (UmShumayeli 10:4) Yeka ukuthi kuwukuhlakanipha kangakanani ukuphendula ngobumnene! Ngempela, “impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka.” (IzAga 15:1) Ukusabela ngobumnene kuhlanganisa ukuzibamba, kodwa lenkambo yokuhlakanipha isusa izinkinga futhi ithuthukise ubuhlobo obunokuthula.
Uma uyisisulu sokuyalwa ngokungafanele, kuyethenjwa ukuthi lowomuntu onegunya uyokuvumela ukuba uchaze indaba. Yebo, noma ikuphi ukuchaza kumelwe kwenziwe ngomoya omnene ngethemba lokuthi umbono oyiphutha ngaleyondlela uyolungiseka. Lowo onegunya kudingeka alawule umoya wakhe ukuze avumele incazelo enjalo, futhi lokhu kuyobonisa ukuthi unokuhlakanipha namandla.
Kungakhathaliseki ukuthi umKristu usesikhundleni segunya noma cha, kumelwe akhumbule ukuthi, “njengomuzi odiliziweyo ungenalugange, unjalo umuntu omoya wakhe ungenakubanjwa.” (IzAga 25:28) Umuntu ongemnene futhi ongawulawuli umoya wakhe usengozini yokuhlaselwa imicabango engafanele engamshukumisela ekwenzeni ngezindlela ezingalungile. UJesu Kristu, owabeka isibonelo esiphelele, ‘wayemnene, ethobile ngenhliziyo.’ (Mathewu 11:29) Ngaphezu kwalokho, ubumnene buyisithelo somoya ongcwele kaNkulunkulu, lowo amaKristu okumelwe awuthandazele.—Luka 11:13; Galathiya 5:22, 23.
Kungani Kumelwe Ulawule Umoya Wakho?
Sonke siyawazisa amazwi amnene, kodwa ngokuvamile asazi ukuthi yini ebangela ukuqhuma kwentukuthelo. Phela, umuntu ongenazimiso angase ngisho aphumelele ukufihla intukuthelo yakhe nokuzimisela ukuziphindiselela komunye umuntu ngecala elingokoqobo noma elicatshangelwayo! Ngokuzenzisa, angase alindele ithuba elikahle lokusho okuthile okulimazayo ngomuntu aseye waba nenzondo ngaye. Ngokuqinisekile, umKristu akumelwe avumele lowomoya wakheke kuye ngoba umphostoli uJohane wabhala: “Ozonda umzalwane wakhe usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe.” Futhi uJohane wathi: “Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali; niyazi ukuthi akukho-mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye.”—1 Johane 2:11; 3:15.
Uma ukuqhosha, ukuzenzisa, noma omunye umkhuba wokungamesabi uNkulunkulu usacashile, ukufihla okunjalo aku mkhohlisi uNkulunkulu. Ngisho nokuklabalasa noma ukuzibonakalisa njengolungile ngeke kufihlele uNkulunkulu lokho okusenhliziyweni. IzAga 16:2 zithi: “Zonke izindlela zomuntu zimhlophe emehlweni akhe, kepha uJehova uyalinganisa imimoya.” UNkulunkulu akakhohliswa.
Khona-ke, ngenxa yenhlalakahle yakho siqu nangezizathu ezingokomBhalo esixoxe ngazo, yiba njengoJesu nabanye abantu abahlakaniphile abaye bagwema ukuqhosha futhi benza ngobumnene. Ngazo zonke izindlela, lawula umoya wakho!