Isahluko Samashumi Amabili Nane
UJehova Uzenzela Igama Elihle
1, 2. (a) Kungani kuwathakazelisa amaKristu ukuza ‘kosuku lukaJehova’? (b) Yiluphi udaba olusemqoka oluhilelekile ekuzeni kosuku lukaJehova?
SEKUYIMINYAKA ecela ezinkulungwaneni ezimbili amaKristu ‘elindele futhi ekugcine kuseduze engqondweni ukuba khona kosuku lukaJehova.’ (2 Petru 3:12; Thithu 2:13) Kuyaqondakala ukuthi alubheke ngabomvu lolu suku. Phela, luyoba ukuqala kokukhululeka kwawo emonakalweni owadalwa ukungapheleli. (Roma 8:22) Luyosho nokuphela kwezingcindezi eziwahluphayo kulezi “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.”—2 Thimothewu 3:1.
2 Nokho, yize usuku lukaJehova luyolethela abalungile impumuzo, luyosho nokubhujiswa ‘kwalabo abangamazi uNkulunkulu nokwalabo abangazilaleli izindaba ezinhle ezimayelana neNkosi yethu uJesu.’ (2 Thesalonika 1:7, 8) Kuyasangulukisa ukucabanga ngalokhu. Ingabe ngempela uNkulunkulu uyobhubhisa ababi ukuze nje akhulule abantu bakhe ezimweni ezicindezelayo? Isahluko 63 sika-Isaya sibonisa ukuthi kunodaba olusemqoka nakakhulu oluhilelekile, oluwukungcweliswa kwegama likaNkulunkulu.
Ukumasha Kweqhawe Elinqobayo
3, 4. (a) Siyini isizinda sesiprofetho sika-Isaya isahluko 63? (b) Ubani lona u-Isaya ambona emasha eza ngaseJerusalema, futhi izazi ezithile zithi ungubani?
3 Ku-Isaya isahluko 62 sifunde ngokukhululwa kwamaJuda ekuthunjweni eBabiloni nokubuyiselwa kwawo ezweni lawo. Kulindelekile ukuba kuphakame lo mbuzo: Ingabe insali yamaJuda ebuyiselwe kuyadingeka iqhubeke yesaba ukuqothulwa ezinye izizwe eziyizitha? Umbono ka-Isaya ufeza lukhulu ekunciphiseni ukwesaba kwayo. Lesi siprofetho siqala kanje: “Ubani lo ovela kwa-Edomi, ogqoke izingubo ezinemibala exhophayo zaseBozira, lo onodumo ngezembatho zakhe, omasha ngokuchichima kwamandla akhe?”—Isaya 63:1a.
4 U-Isaya ubona iqhawe, linamandla futhi linqobile, limasha liza ngaseJerusalema. Izingubo zalo eziwubucwebecwebe zibonisa ukuthi lingelesigaba esiphezulu kunazo zonke. Livela ngasemzini wakwa-Edomi odumile, iBozira, okusikisela ukuthi linqobe imizi eminingi ezweni lesitha. Lingaba ubani leli qhawe? Izazi ezithile zithi linguJesu Kristu. Ezinye zikholelwa ukuthi lingumholi wempi yamaJuda uJudas Maccabaeus. Leli qhawe liyazisho nokho lapho liphendula lo mbuzo ongenhla ngokuthi: “Yimi, engikhuluma ngokulunga, engivame ngamandla ukuze ngisindise.”—Isaya 63:1b.
5. Lingubani iqhawe elibonwa ngu-Isaya, futhi kungani uphendula kanjalo?
5 Akungatshazwa ukuthi leli qhawe linguJehova uNkulunkulu uqobo lwakhe. Kwenye indawo uchazwe ngokuthi ‘unamandla amaningi’ nangokuthi ‘ukhuluma ukulunga.’ (Isaya 40:26; 45:19, 23) Izingubo zaleli qhawe eziwubucwebecwebe zisikhumbuza la mazwi omhubi: “O Jehova Nkulunkulu wami, uzibonakalisé umkhulu kakhulu. Uzembathisé isithunzi nobukhazikhazi.” (IHubo 104:1) Nakuba uJehova enguNkulunkulu wothando, iBhayibheli lithi uyaba nayiqhawe uma kudingeka.—Isaya 34:2; 1 Johane 4:16.
6. UJehova ubeyolwelani kwa-Edomi?
6 UJehova ubeyolwelani kwa-Edomi? Sekuyisikhathi eside abakwa-Edomi, ababhebhezeli benzondo eyaqala ngokhokho wabo u-Esawu, beyizitha zabantu bakaNkulunkulu besivumelwano. (Genesise 25:24-34; Numeri 20:14-21) Ukujula kwenzondo ka-Edomi ngoJuda kwabonakala kahle ngesikhathi sokuchithwa kweJerusalema lapho abakwa-Edomi bebongela amasosha aseBabiloni. (IHubo 137:7) UJehova ubheka inzondo enjalo njengebhekiswe kuye uqobo. Yingakho anquma ukuhoshela u-Edomi inkemba yempindiselo!—Isaya 34:5-15; Jeremiya 49:7-22.
7. (a) Sagcwaliseka kanjani isiprofetho esimelene no-Edomi ekuqaleni? (b) Ufanekiselani u-Edomi?
7 Ngakho-ke umbono ka-Isaya uyisikhuthazo esikhulu kumaJuda abuyela eJerusalema. Uwaqinisekisa ngokuthi ayohlala ngokuphepha emzini wawo omusha. Ngempela, ngezinsuku zomprofethi uMalaki, uNkulunkulu wenza “izintaba [zakwa-Edomi] zaba ugwadule oluyincithakalo nefa lakhe laba ngelezimpungushe zehlane.” (Malaki 1:3) Ingabe lokhu kusho ukuthi isiprofetho sika-Isaya sagcwaliseka ngokuphelele ngosuku lukaMalaki? Cha, ngoba naphezu kwesimo sakhe sokuba incithakalo, u-Edomi wayezimisele ukuzakha kabusha izindawo zakhe ezaziqothuliwe, futhi uMalaki waqhubeka ebiza u-Edomi ngokuthi “indawo yobubi” nangokuthi “isizwe esilahlwe nguJehova kuze kube phakade.”a (Malaki 1:4, 5) Nokho, ngokwesiprofetho, u-Edomi uhlanganisa nabanye abangeyona inzalo ka-Esawu. Ufanekisela zonke izizwe eziyizitha zabakhulekeli bakaJehova. Izizwe zeLobukholwa ziye zaba obhongoza kulokhu. Kuzokwenzekani kulo Edomi wanamuhla?
Isikhamo Sewayini
8, 9. (a) Belenzani iqhawe elibonwa ngu-Isaya? (b) Isikhamo sewayini esingokomfanekiso sinyathelwa nini futhi kanjani?
8 U-Isaya ubuza leli qhawe elifikayo: “Kungani izembatho zakho zibomvu, nezingubo zakho zinjengezalowo onyathela isikhamo sewayini?” UJehova uyaphendula: “Umkhombe wewayini ngiwunyathelé ngedwa, kungekho muntu kanye nami ovela ezizweni. Ngaqhubeka ngizinyathela ngentukuthelo yami, ngaqhubeka ngizinyathela ngokufutheka kwami. Futhi igazi lazo elitsazayo belilokhu lichaphazela izingubo zami, ngizingcolisé zonke izembatho zami.”—Isaya 63:2, 3.
9 La mazwi acacile achaza ukuphalala kwegazi. Phela nezingubo zikaNkulunkulu zikanokusho zinindwe yigazi, njengezingubo zomuntu onyathela isikhamo sewayini! Isikhamo sewayini sisifanekisela kahle isimo sokuvaleleka ekhoneni izitha zikaJehova uNkulunkulu ezizithola zikuso lapho ethatha isinyathelo sokuzibhubhisa. Lesi sikhamo sewayini esingokomfanekiso siyonyathelwa nini? Isiprofetho sikaJoweli nesomphostoli uJohane nazo zikhuluma ngesikhamo sewayini esingokomfanekiso. Isikhamo sewayini salezo ziprofetho siyonyathelwa lapho uJehova enyathela izitha zakhe ngesikhathi ezibhubhisa e-Armagedoni. (Joweli 3:13; IsAmbulo 14:18-20; 16:16) Isikhamo sewayini sika-Isaya esingokwesiprofetho sikhomba esikhathini esifanayo.
10. Kungani uJehova ethi usinyathela yedwa isikhamo sewayini?
10 Kodwa kungani uJehova ethi usinyathela yedwa lesi sikhamo sewayini, kungekho muntu kanye naye ovela ezizweni? UJesu Kristu, njengommeleli kaNkulunkulu, ngeke yini ahole ekunyatheleni isikhamo sewayini? (IsAmbulo 19:11-16) Yebo, kodwa uJehova ubhekisela kubantu, hhayi ezidalweni zomoya. Uthi akukho muntu ongakwazi ukususa abalandeli bakaSathane emhlabeni. (Isaya 59:15, 16) Kushiyelwa kuNkulunkulu uMninimandla onke ukuba abanyathele ngentukuthelo yakhe, kuze kube yilapho sebecoboshisiwe.
11. (a) Kungani uJehova eletha “usuku lwempindiselo”? (b) Babengobani “abathengwe kabusha” endulo, futhi bangobani namuhla?
11 UJehova uyaqhubeka echaza isizathu sokuba azibambele mathupha kulo msebenzi, uthi: “Usuku lwempindiselo lusenhliziyweni yami, futhi ufikile unyaka wabathengwe kabusha bami.” (Isaya 63:4)b NguJehova kuphela onegunya lokuphindisela kulabo abalimaza abantu bakhe. (Duteronomi 32:35) Endulo, “abathengwe kabusha” kwakungamaJuda ayehlushwa abaseBabiloni. (Isaya 35:10; 43:1; 48:20) Ezikhathini zanamuhla bayinsali egcotshiwe. (IsAmbulo 12:17) Njengozakwabo basendulo, bathengwe kabusha ekuthunjweni okungokwenkolo. Futhi njengalawo maJuda, abagcotshiwe, kanye nabangane babo ‘bezinye izimvu,’ baye baba izisulu zokushushiswa nokuphikiswa. (Johane 10:16) Ngakho, isiprofetho sika-Isaya siwaqinisa idolo amaKristu namuhla ngokuthi ngesikhathi sikaNkulunkulu esimisiwe, uzothatha isinyathelo ngenxa yawo.
12, 13. (a) UJehova akanamsizi ngamuphi umqondo? (b) Ingalo kaJehova iyinikeza kanjani insindiso, futhi ukufutheka kwakhe kumsekela kanjani?
12 UJehova uyaqhubeka: “Ngaqhubeka ngibhekile, kodwa kwakungekho msizi; ngaqala ukuzibonisa ngimangele, kodwa kwakungekho osekelayo. Ngakho ingalo yami yanginikeza insindiso, nokufutheka kwami yikho okwangisekela. Ngaqhubeka nginyathela izizwe ngentukuthelo yami, ngazenza zadakwa ngokufutheka kwami futhi ngalehlisela emhlabeni igazi lazo elitsazayo.”—Isaya 63:5, 6.
13 Akukho msizi ongumuntu ongazincoma ngosuku lukaJehova olukhulu lwempindiselo. Kanti noJehova akadingi kusekelwa muntu ukuze afeze intando yakhe.c Ingalo yakhe yamandla enamandla angenakulinganiswa ingawenza lo msebenzi. (IHubo 44:3; 98:1; Jeremiya 27:5) Ngaphezu kwalokho, ukufutheka kwakhe kuyamsekela. Kanjani? Ngokuthi ukufutheka kukaNkulunkulu akuwona umzwelo ongalawuleki kodwa kuyintukuthelo elungile. Njengoba uJehova ehlale enza izinto ngokwezimiso zokulunga, ukufutheka kwakhe kuyamsekela futhi kumshukumisele ukuba ‘alehlisele emhlabeni’ “igazi elitsazayo” lezitha zakhe, zihlazeke futhi zinqotshwe.—IHubo 75:8; Isaya 25:10; 26:5.
Umusa Wothando KaNkulunkulu
14. U-Isaya unikeza ziphi izikhumbuzo ezifanelekayo manje?
14 Endulo, amaJuda ashesha ukuyeka ukwazisa izinto uJehova ayewenzele zona. Kuyafaneleka-ke ukuba u-Isaya awakhumbuze ukuthi kungani uJehova enza lezo zinto. U-Isaya uthi: “Ngizokhuluma ngomusa wothando kaJehova, ngezindumiso zikaJehova, ngokuvumelana nakho konke lokho uJehova akwenzile kithi, yebo ubuhle obuchichimayo endlini ka-Israyeli ayenzele bona ngokwesihe sakhe nangokuvumelana nokuchichima komusa wakhe wothando. Waqhubeka wathi: ‘Ngokuqinisekile bangabantu bami, abantwana abangeke bazibonakalise bengathembekile.’ Ngakho waba uMsindisi kubo. Phakathi nakho konke ukucindezeleka kwabo wayecindezelekile naye. Isithunywa sakhe siqu sabasindisa. Ngothando lwakhe nangobubele bakhe wabathenga kabusha, wabaphakamisa wabathwala zonke izinsuku zakudala.”—Isaya 63:7-9.
15. UJehova wawubonisa kanjani umusa wothando enzalweni ka-Abrahama eGibithe futhi ngani?
15 Yeka isibonelo esihle kakhulu esibekwa nguJehova ekuboniseni umusa wothando, noma uthando oluqotho! (IHubo 36:7; 62:12) UJehova wakha ukusondelana kothando no-Abrahama. (Mika 7:20) Wathembisa le nzalamizi ukuthi ngenzalo yayo, zonke izizwe zomhlaba zaziyozibusisa. (Genesise 22:17, 18) UJehova akasukanga kuleso sithembiso, wayibonisa ubuhle obukhulu indlu ka-Israyeli. Isenzo esivelele ezenzweni zakhe zokwethembeka kwaba ukophula kwakhe inzalo ka-Abrahama ebugqilini eGibithe.—Eksodusi 14:30.
16. (a) UJehova wayenamuphi umbono lapho enza isivumelwano no-Israyeli? (b) UNkulunkulu usebenzelana kanjani nabantu bakhe?
16 Ngemva koFuduko, uJehova waletha u-Israyeli eNtabeni YaseSinayi wabe esenza lesi sithembiso: “Manje uma nizolilalela nokulilalela izwi lami futhi nizosigcina impela isivumelwano sami, khona-ke ngokuqinisekile niyoba impahla yami ekhethekile . . . Futhi nina ngokwenu niyoba umbuso wabapristi nesizwe esingcwele kimi.” (Eksodusi 19:5, 6) Ingabe uJehova wayeqamba amanga uma enza lesi sithembiso? Cha, ngoba u-Isaya uveza ukuthi uJehova wakhuluma yedwa ethi: ‘Ngokuqinisekile bangabantu bami, abantwana abangeke bazibonakalise bengathembekile.’ Esinye isazi siyaphawula: “Igama elithi ‘ngokuqinisekile’ alivezi umqondo womyalo ovela emlonyeni ongathethi manga noma umqondo wekhono lokwazi kusengaphambili: libhekisela ethembeni nasekwethembeni abanye okusekelwe othandweni.” Yebo, uJehova wenza isivumelwano sakhe ngezisusa ezinhle, efuna ukuba abantu bakhe baphumelele ngempela. Naphezu kokushiyeka kwabo okwakungafihlekile, wabonisa ukuthi uyabethemba. Akuve kukuhle ukukhulekela uNkulunkulu obethemba kanjalo abakhulekeli bakhe! Namuhla abadala benza okuningi ukuze baqinise labo ababaphathisiwe, nabo bebonisa ukubethemba abantu bakaNkulunkulu ukuthi ngokuyinhloko bahle.—2 Thesalonika 3:4; Heberu 6:9, 10.
17. (a) UJehova wanikeza buphi ubufakazi bothando lwakhe ngama-Israyeli? (b) Singaqiniseka ngani namuhla?
17 Noma kunjalo, umhubi uthi ngama-Israyeli: “Bamkhohlwa uNkulunkulu uMsindisi wabo, uMenzi wezinto ezinkulu eGibithe.” (IHubo 106:21) Isimo sawo sengqondo sokungezwa nokuba ntamo-lukhuni sasivame ukuwafaka enkathazweni. (Duteronomi 9:6) Ingabe uJehova wayeka ukuwabonisa umusa wothando? Kunalokho, u-Isaya uthi “phakathi nakho konke ukucindezeleka kwabo wayecindezelekile naye.” Yeka uzwela analo uJehova! Njenganoma imuphi ubaba onothando, kwakumzwisa ubuhlungu uNkulunkulu ukubona izingane zakhe zihlupheka, ngisho nalapho ukuhlupheka kubangelwa ubuwula bazo. Njengoba kwabikezelwa nanjengobufakazi bothando lwakhe, wathumela “isithunywa sakhe siqu,” cishe uJesu ngaphambi kokuba abe umuntu, ukuba abaholele eZweni Lesithembiso. (Eksodusi 23:20) Ngakho uJehova wasifukula isizwe wasithwala, “njengoba nje indoda ithwala indodana yayo.” (Duteronomi 1:31; IHubo 106:10) Namuhla singaqiniseka ukuthi uJehova ukwazi ngendlela efanayo ukuhlupheka kwethu futhi uyasizwela lapho sicindezelekile. Ngokuqiniseka ‘singaphonsa konke ukukhathazeka kwethu phezu kwakhe, ngoba uyasikhathalela.’—1 Petru 5:7.
UNkulunkulu Uba Yisitha
18. Kungani uJehova aba isitha sabantu bakhe?
18 Yize kunjalo, akufanele nanini sigagamele ngokuqondene nomusa wothando kaNkulunkulu. U-Isaya uyaqhubeka: “Bona ngokwabo badlubulunda futhi benza umoya wakhe ongcwele waphatheka kabuhlungu. Manje washintsha waba yisitha sabo; yena ngokwakhe walwa nabo.” (Isaya 63:10) UJehova waxwayisa ngokuthi nakuba enguNkulunkulu onesihe nonomusa, “ngeke neze akhulula ekujezisweni.” (Eksodusi 34:6, 7) Ama-Israyeli azidonsela wona ngokwawo amanzi ngomsele ngokuqala umkhuba wokudlubulunda. “Ungayikhohlwa indlela omcasule ngayo uJehova uNkulunkulu wakho ehlane,” kusho uMose ewakhumbuza. “Kusukela osukwini owaphuma ngalo ezweni laseGibithe kuze kube sekufikeni kwenu kule ndawo niye naba abadlubulundayo kuJehova ekuziphatheni kwenu.” (Duteronomi 9:7) Ngokwenqaba ithonya elihle lomoya kaNkulunkulu, awuphathe kabuhlungu, noma awenza lusizi. (Efesu 4:30) Amphoqa uJehova ukuba abe isitha sawo.—Levitikusi 26:17; Duteronomi 28:63.
19, 20. Yiziphi izinto ezikhunjulwa amaJuda, futhi ngani?
19 Esabanjwe ukuhlupheka, amaJuda athile ayathinteka abese ecabanga ngesikhathi esidlule. U-Isaya uthi: “Umuntu waqala ukukhumbula izinsuku zakudala, uMose inceku yakhe: ‘Uphi Lowo owabakhuphula wabakhipha olwandle kanye nabelusi bomhlambi wakhe? Uphi Lowo owafaka kuye umoya waKhe ongcwele? Lowo owenza ukuba ingalo yaKhe enhle ihambe ngasesandleni sokunene sikaMose; Lowo oqhekeza amanzi phambi kwabo ukuze azenzele igama elimi phakade; Lowo obenza bahambe emanzini agubhayo kangangokuthi, njengehhashi ehlane, abazange bakhubeke? Njengalapho isilwane sehlela ethafeni eliyisigodi, wona kanye umoya kaJehova wabenza baphumula.’”—Isaya 63:11-14a.
20 Yebo, njengoba ehlushwa imiphumela yokungalaleli, amaJuda afisa izinsuku uJehova ayenguMkhululi wawo ngazo esikhundleni sokuba isitha sawo. Akhumbula indlela “abelusi” bawo, uMose no-Aroni, abawahola ngokuphepha ngayo anqamula uLwandle Olubomvu. (IHubo 77:20; Isaya 51:10) Akhumbula isikhathi umoya kaNkulunkulu uwahola ngokuqondisa kukaMose namanye amadoda amadala ayemiswe umoya, esikhundleni sokuwuzwisa ubuhlungu. (Numeri 11:16, 17) Ayakhumbula futhi ebona “ingalo” kaJehova “enhle” yamandla isebenza ngoMose ngenxa yawo! Ngokuhamba kwesikhathi, uNkulunkulu wawakhipha ehlane elikhulu nelesabekayo, wawaholela ezweni elichichima ubisi noju—indawo yokuphumula. (Duteronomi 1:19; Joshuwa 5:6; 22:4) Kodwa manje ama-Israyeli ayahlupheka ngoba awasenabo ubuhlobo obuhle noNkulunkulu!
‘Uzenzela Igama Elihle’
21. (a) Yiliphi ilungelo elikhulu u-Israyeli okungabe waba nalo mayelana negama likaNkulunkulu? (b) Yisiphi isizathu esiyinhloko sokukhulula kukaNkulunkulu inzalo ka-Abrahama eGibithe?
21 Ukulahlekelwa yizinto ezibonakalayo kwama-Israyeli akulutho uma kuqhathaniswa nokulahlekelwa ilungelo alitshinge kude, ilungelo lokuhlanganyela ekukhazimuliseni igama likaNkulunkulu. UMose wathembisa ama-Israyeli: “UJehova uyokumisa njengesizwe esingcwele kuye, njengoba nje afunga kuwe, ngoba uqhubeka ugcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, futhi uye wahamba ezindleleni zakhe. Zonke izizwe zomhlaba kuyomelwe zibone ukuthi igama likaJehova libizwé phezu kwakho, futhi impela ziyokwesaba.” (Duteronomi 28:9, 10) Ngesikhathi uJehova elwela inzalo ka-Abrahama, eyophula ebugqilini baseGibithe, wayengenzeli nje ukuba ukuphila kwayo kuthi ukuba ntofontofo noma kube mnandi. Wayekwenza ngenxa yento ethile ebaluleke kakhulu—igama lakhe. Yebo, wayefuna ukuqiniseka ukuthi igama lakhe ‘limenyezelwa emhlabeni wonke.’ (Eksodusi 9:15, 16) Futhi lapho uNkulunkulu ebonisa isihe ngemva kokudlubulunda kuka-Israyeli ehlane, isizathu sokwenza kwakhe kanjalo kwakungesona nje esingokomzwelo. UJehova ngokwakhe wathi: “Ngathatha isinyathelo ngenxa yegama lami ukuze lingangcoliswa phambi kwamehlo ezizwe.”—Hezekeli 20:8-10.
22. (a) Esikhathini esizayo, kungani uNkulunkulu eyophinde abalwele abantu bakhe? (b) Uthando lwethu ngegama likaNkulunkulu lukuthinta ngaziphi izindlela esikwenzayo?
22 Yeka isiphetho esinamandla salesi siprofetho u-Isaya abe esesinikeza! Uthi: “Wabahola kanjalo abantu bakho ukuze uzenzele igama elihle.” (Isaya 63:14b) Manje kubonakala ngokucacile ukuthi kungani uJehova ebalwela ngamandla abantu bakhe. Kungenjongo yokuzenzela igama elihle. Ngakho isiprofetho sika-Isaya siyisikhumbuzo esinamandla sokuthi ukuphatha igama likaJehova kuyilungelo elishayisa uvalo nomthwalo wemfanelo omkhulu. AmaKristu eqiniso namuhla athanda igama likaJehova ngaphezu kokuphila kwawo siqu. (Isaya 56:6; Heberu 6:10) Awafuni ukwenza noma yini engalokotha ilethe isihlamba kulelo gama elingcwele. Asabela othandweni lukaNkulunkulu oluqotho ngokuhlala eqotho kuye. Futhi ngenxa yokuthi ayalithanda igama likaJehova elihle, alangazelela usuku ayonyathela ngalo izitha zakhe esikhamweni sewayini lolaka lwakhe—hhayi ngoba kuyozuzisa wona, kodwa ngoba kuyoholela ekukhazinyulisweni kwegama likaNkulunkulu amthandayo.—Mathewu 6:9.
[Imibhalo yaphansi]
a OHerode bekhulu lokuqala C.E. babengabakwa-Edomi.
b Inkulumo ethi “unyaka wabathengwe kabusha bami” kungenzeka ukuthi ibhekisela enkathini yesikhathi efanayo naleyo eshiwo inkulumo ethi “usuku lwempindiselo.” Bheka indlela lezi zinkulumo ezisetshenziswe ngendlela efanayo ngayo ku-Isaya 34:8.
c UJehova uyamangala ukuthi akekho ocela ukumsekela. Kungase kumangaze ngempela ukuthi cishe ngemva kweminyaka engaba ngu-2 000 uJesu afa, iziqhwaga ezingabantu zisaphikisana nentando kaNkulunkulu.—IHubo 2:2-12; Isaya 59:16.
[Isithombe ekhasini 359]
UJehova wayelindele okukhulu kubantu bakhe