Ithemba Langempela Ngezingane
“Akunakuphinde kube khona . . . usana oluphila izinsuku ezimbalwa . . . Abayikushikashikela ize noma bazale abantwana abaqalekisiwe; ngoba bayakuba abantu ababusiswe iNKOSI.”—Isaya 65:20, 23, New International Version.
NAPHEZU kwemizamo yomuntu encomekayo yokuthuthukisa izinto, izigidi zezinsana ‘zisaqalekisiwe.’ Akusoze kwahlala kunjalo. Isiprofetho sika-Isaya asisiqinisekisi nje kuphela ukuthi ngolunye usuku zonke izingane ziyoba nekusasa elilondekile kodwa futhi sichaza indlela lomgomo ongagcwaliseka ngayo.
Ku-Isaya 65:17, uNkulunkulu uthi: “Ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha; izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni.” Ukuze zinakekelwe ngokufanelekile izingane emhlabeni, kudingeka kokubili “izulu elisha” kanye “nomhlaba omusha.”
‘Lomhlaba omusha’ ungumphakathi omusha wabantu abanamathela ezimisweni ezafundiswa uJesu Kristu. UJesu wachaza ukuthi esinye salezozimiso siwukuthi “yilowo nalowo oyakwamukela abemunye kubantwana abanje ngegama lami uyangamukela mina.” (Marku 9:37) Umphakathi obungaphatha zonke izingane njengokungathi uKristu ngokwakhe ngokuqinisekile ubungaba ‘umhlaba omusha’! Kakade, izigidi zabantu zilwela ukwenza lokho kanye, futhi ziye zaphumelela ukunikeza ezinye izingane emhlabeni ithemba.
Izingane Esezinethemba
UTshepo, kanye nabafowabo nodadewabo abane abadala, babehlala emijondolo eNingizimu Afrika. Lapho enonyaka owodwa ubudala, wayesenesisu esikhulu esiwuphawu lwengane engondlekile. Abazali bakhe babechitha ingxenye enkulu yeholo labo elincane ngokuthenga ubhiya bezama ngokungaphumeleli ukuqeda usizi lwabo. UTshepo wayengavamile ukuthola ukudla okushisayo, futhi wayevunyelwa ukuba adlale ngemfucumfucu nangamathini kabhiya ayesakazeke kuyo yonke indawo ekhaya.
Ikusasa likaTshepo lalibonakala lilufifi kwaze kwenzeka okuthile okwashintsha isimo sengqondo sabazali bakhe. Umakhelwane okuthiwa uGeorge wabanikeza isifundo samahhala seBhayibheli. Imiphumela yayihlaba umxhwele—inkinga yokuphuza yaphela, ikhaya lahlanzwa, umkhaya wawudla ukudla okushisayo nsuku zonke, futhi uTshepo nabafowabo nodadewabo baqala ukubukeka behlanzekile, begqoke kahle, futhi bejabulile.
UGeorge wasiza umkhaya wakubo kaTshepo ngoba, njengomunye woFakazi BakaJehova, uzizwa enomthwalo wemfanelo kubo bonke abantu, kuhlanganise nabampofu. Yiqiniso, kwathatha isikhathi eside nesineke ukusiza lomkhaya ushintshe indlela yawo yokuphila, ukuwufundisa izindinganiso ezintsha ezisekelwe eZwini likaNkulunkulu. Kodwa uGeorge unomuzwa wokuthi lomzamo wawufanelekile, ikakhulukazi lapho ebona umehluko owenzile kulezizingane.
Edolobhaneni laseMexico iSan Salvador Atenco kwakunomlimi okuthiwa uJosé, ubaba wezingane eziyisishiyagalolunye. Wayeyisidakwa, futhi abantabakhe babemsaba ngoba wayenobudlova lapho edakiwe. Ikhaya labo lalihlala lingcolile, futhi igceke laliyisibaya sezimbongolo nezingulube zalomkhaya, ezazingena ngokuzithandela endlini. Ngenxa yalokho, izingane zaphathwa izifo zesisu namathumbu, futhi ngezinye izikhathi imizimba yazo yayigcwala izilonda ezibhibhayo.
Izinto zashintsha lapho uJosé eqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Wayeka ukudakwa futhi waba ubaba wangempela kubantwana bakhe. “Manje sesikwazi ngisho nokudlala nobaba!” kubabaza ngenjabulo omunye wezingane ezincane. Ikhaya labo manje lingelinye lahlanzeke kakhulu—kunokuba libe ngelinye langcole kakhulu—edolobheni. Izingulube nezimbongolo zigcinwa edlelweni, futhi lomkhaya uyawabilisa njalo amanzi okuphuza. Inhlanzeko ethuthukisiwe iye yabangela ukuba izingane zibe nempilo engcono futhi zijabule kakhudlwana.
Njengoba lezizibonelo ezimbili zibonisa, ngokuvamile isihluthulelo sokusiza izingane siwukusiza abazali. Isimemezelo se-World Summit for Children saphawula ukuthi “umkhaya unomthwalo wemfanelo oyinhloko wokunakekela nokuvikela izingane.” Futhi ukuthi imikhaya iyazinakekela futhi izivikele izingane zayo noma cha kungase kuxhomeke kakhulu emfundweni njengoba kuxhomeke nasemalini eyitholayo.
Ukuguqula Ingane Yasemgwaqweni
EBrazil, uDomingos wayeneminyaka eyisishiyagalolunye kuphela lapho uyise efa. Lapho unina ephinde eshada, wathunyelwa ekhaya lezintandane. Impatho enonya ayithola kulelikhaya lezintandane yamenza wanquma ukujoyina iqembu elalihlela ukubaleka. Nakuba unina ambuyisa ekhaya lapho ezwa ngamacebo akhe, ukushaywa njalo usingayise kwamqinisekisa ukuba ahambe ekhaya. Waba enye yezingane zasemgwaqweni eziyizinkulungwane zaseSão Paulo ezipholisha izicathulo, zithengise uswidi, noma zithuthe ngisho nezidakamizwa ukuze ziphile.
Lapho uDomingos eqala ngqá ukufika eHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova, wayengathembi muntu futhi eluhlaza—okungamangalisi uma kucatshangelwa isizinda sakhe. Nakuba kunjalo, oFakazi abadala bamethemba, futhi ngesifundo somuntu siqu seBhayibheli, bamsiza ukuba athole izindinganiso ezintsha. Ekugcineni wafunda ukuthi angamethemba uNkulunkulu nabanye. LaboFakazi bamsiza wathola umsebenzi, okokuqala njengomsizi womakhi futhi kamuva njengesisebenzi sasehhovisi. Manje, eminyakeni eminingana kamuva, ukhonza njengesikhonzi sesikhathi esigcwele esingumKristu.
Lezizibonelo zibonisa ukuthi umphakathi wabantu abakhathalelayo ungakudambisa okunye ukuhlupheka kwezingane emhlabeni. Yiqiniso, oFakazi BakaJehova bayaqaphela ukuthi izimo ezidabukisayo azinakuqedwa ngokuphelele ngemizamo yabantu. Ikhambi eliqinisekile lezinkinga zezingane emhlabeni lingadinga ikhono elingaphezu kwelomuntu, imithombo engenakulinganiselwa, negunya lembulunga yonke.
‘Amazulu Amasha’ Ezwe Elingcono
UNkulunkulu kuphela onganikeza ikhambi eliphelele. Ngenxa yalesosizathu, isiprofetho sika-Isaya sichaza ukuthi ‘umhlaba omusha’ uyohambisana ‘namazulu amasha.’ Izikhathi eziningana iBhayibheli lithembisa ukuthi kuyomiswa “izulu elisha” noma “amazulu amasha.” (Isaya 65:17; 2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:1) Isikhathi ngasinye ukumiswa ‘kwalamazulu amasha’ kuvezwa njengesinyathelo esibalulekile sokuqeda ukuhlupheka nokuletha ukulunga emhlabeni. Ayini ngempela ‘lamazulu amasha’?
Ngokuvamile iBhayibheli lisebenzisa igama elithi “amazulu” njengelinomqondo ofanayo nokubusa, kukaNkulunkulu noma kwabantu. (Qhathanisa noDaniyeli 4:25, 26.) Lohulumeni omusha uwuMbuso wasezulwini, uMbuso kaNkulunkulu—uJesu afundisa abalandeli bakhe ukuba bawuthandazele. (Mathewu 6:10) UMbuso kaNkulunkulu uyoba namandla okuqeda zonke izimo ezidabukisayo ezingase zisongele izingane emhlabeni, futhi uyoqikelela ukwenza kanjalo.
Kungani singaqiniseka kangaka ngalokho? Ngoba uhulumeni uveza ubuntu bababusi bawo. Ngakho-ke, uMbuso kaNkulunkulu uyobusa ngokuvumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu nezeNdodana yakhe, uJesu Kristu, iNkosi kaNkulunkulu emisiwe. Bobabili baye babonisa isithakazelo esifudumele enhlalakahleni yezingane.—IHubo 10:14; 68:5; Marku 10:14.
Lapho sisawulindele ngokulangazela loMbuso othenjisiwe, noma “amazulu amasha,” singalwela ukuthuthukisa izimo zezingane esakhelene nazo. Njengoba i-World Summit for Children yaphetha ngokufanelekile: “Awukho umsebenzi omuhle ngaphezu kokunikeza zonke izingane ikusasa elingcono.”
[Ibhokisi ekhasini 11]
Isimiso Esiwusizo Sokusiza Izingane
Umsebenzi wokufundisa woFakazi BakaJehova unikeza izingane usizo olungokoqobo noluhlala njalo. Ezinye izici zalesisimiso yilezi:
Imfundo yabantu abadala. Lokhu kuhilela izifundo ezinikezwa abazali abangakwazi ukuzifundela noma ukubhala, kanye nemfundo ebanzi yeBhayibheli eyenzelwe ukugxilisa izindinganiso ezibalulekile zokunakekela izingane ngendlela efanele.
Isiqondiso somkhaya. IBhayibheli liyala abazali—ngisho nalabo abampofu ngempela—ukuba banakekele zonke izingane zabo kunokuba basise ezinye ezihlotsheni. Incwadi ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise iye yaba usizo emikhayeni enezinkinga ezithile.a
Ukuhileleka nokuqeqeshwa kwezingane. Lapho izingane ngokwazo zihilelekile emfundweni, ekunakekeleni impilo, nokuhlanzeka, imiphumela iba ngcono kakhulu. OFakazi bavame ukutadisha iBhayibheli nezingane, besebenzisa izincwadi ezifanelekayo ezinjengethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli nethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo ukuze bazisize ekusingatheni izinkinga ekhaya futhi zithuthukise inhlanzeko yazo.b
Ukufundisa ngenhlanzeko nokunakekela impilo. OFakazi BakaJehova banyathelisa i-Phaphama! ngezilimi ezingu-74, futhi lomagazini ngokuvamile uba nezihloko eziphathelene nokunakekela impilo.
Ukunikeza usizo. Ezikhathini eziphuthumayo, oFakazi BakaJehova bahlela imikhankaso yokunikeza usizo ngokushesha ethumela usizo ngokuqondile endaweni evelelwe inhlekelele.
[Imibhalo yaphansi]
a Inyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
b Inyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Izithombe ekhasini 10]
Ikhambi eliphelele lezinkinga zezingane emhlabeni lingadinga ikhono elingaphezu kwelomuntu. UNkulunkulu kuphela onganikeza lelokhambi