Induduzo Nesikhuthazo—Amagugu Anezinhlangothi Eziningi
ABANINGI bethu bake babhekana nezikhathi lapho babezizwa bempofu kakhulu—bengempofu ngokwezimali kodwa bedanile. Babedangele, becindezeleke ngokujulile. Nokho, ngezikhathi ezinjalo kungenzeka sasingase sithole okuthile okuyigugu okwakungasisiza kakhulu. Lelo “gugu” isikhuthazo.
EBhayibhelini kusetshenziswe igama lesiGreki elifanayo ekuhumusheni elithi “isikhuthazo” nelithi “induduzo.” Womabili lamagama adlulisela umqondo wokunikeza isibindi, amandla, noma ithemba. Khona-ke, kuyacaca ukuthi lapho sizizwa sibuthakathaka noma sidanile, induduzo nesikhuthazo kuyilokho kanye esikudingayo. Kungatholakalaphi?
IBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi uJehova ‘unguNkulunkulu wenduduzo yonke.’ (2 Korinte 1:3) Futhi lisitshela ukuthi ‘akakude kulowo nalowo kithi.’ (IzEnzo 17:27) Ngakho induduzo nesikhuthazo kuyatholakala. Ake sicabangele izindlela ezine ezivamile uJehova anikeza ngazo isikhuthazo.
Ngobuhlobo Bomuntu Siqu NoNkulunkulu
Umthombo wenduduzo omkhulu kunayo yonke ubuhlobo bomuntu siqu noJehova uNkulunkulu. Ukuthi ngisho nobuhlobo obunjalo bungaba khona kuyakhuthaza. Imuphi nje umbusi wezwe obengamukela izingcingo zethu noma obengabonisa isithakazelo somuntu siqu ezinkingeni zethu? UJehova unamandla amakhulu kunabantu abanjalo. Kodwa uthobekile—uzimisele ukusebenzelana nabantu abaphansi, abangaphelele. (IHubo 18:35) UJehova uye wathatha ngisho nesinyathelo kuqala ekusiboniseni uthando. Eyoku-1 Johane 4:10 ithi: “Uthando lukulesisici, akukhona ukuthi thina siye samthanda uNkulunkulu, kodwa ukuthi yena wasithanda futhi wathumela iNdodana yakhe njengomhlatshelo oyisihlawulelo wezono zethu.” Ngaphezu kwalokho, uJehova usidonsela eNdodaneni yakhe ngothando.—Johane 6:44.
Ingabe uye wasabela futhi wafuna induduzo ebunganeni noNkulunkulu? (Qhathanisa noJakobe 2:23.) Ngokwesibonelo, uma unomngane othandekayo, oseduze, akuyona yini injabulo ukuchitha isikhathi esithile ninodwa, ukhuluma ngokukhululekile ngezinto ezikukhathazayo, amathemba nezinjabulo zakho? UJehova ukumema ukuba wenze okufanayo kuye. Akabeki mingcele yokuthi ungase ukhulume naye isikhathi eside kangakanani ngomthandazo—futhi ulalela ngempela. (IHubo 65:2; 1 Thesalonika 5:17) UJesu wayethandaza njalo nangobuqotho. Eqinisweni, ngaphambi kokukhetha abaphostoli bakhe abangu-12, wachitha ubusuku bonke ethandaza.—Luka 6:12-16; Heberu 5:7.
Ngezikhathi ezithile, ngamunye wethu angakwazi ukuba yedwa noJehova. Ukuzihlalela ngasefasiteleni uthule noma ukuhamba endaweni ethule kungasinikeza ithuba elihle lokuthulula inhliziyo yethu kuJehova ngomthandazo. Ukwenza kanjalo kungaba umthombo wempumuzo nenduduzo enkulu. Uma sinesici esithile sendalo kaJehova esisibukayo ngenkathi sizindla—isibhakabhaka, izihlahla noma izinyoni—leso sici singase sibe isikhumbuzo esiduduzayo sothando lukaJehova nokusikhathalela kwakhe.—Roma 1:20.
Ngesifundo Somuntu Siqu SeZwi LikaNkulunkulu
Nokho, izimfanelo zikaJehova zembuleka ngempela kithi ngesifundo seBhayibheli somuntu siqu. Ngokuphindaphindiwe iBhayibheli lembula ukuthi uJehova ‘unguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novamé ubumnene.’ (Eksodusi 34:6; Nehemiya 9:17; IHubo 86:15) Isifiso sokududuza izikhonzi zakhe zasemhlabeni siyingxenye yabo kanye ubuntu bukaJehova.
Ngokwesibonelo, cabangela amazwi kaJehova aku-Isaya 66:13: “Njengoduduzwa ngunina, kanjalo ngiyakuniduduza nina.” UJehova waklama uthando lukamama ngezingane zakhe lwaba ngolokuzidela noluqotho. Uma wake wabona umama onothando eduduza ingane yakhe elimele, uyazi ukuthi uJehova usho ukuthini lapho ethi uyoduduza abantu bakhe.
Ukulandisa kweBhayibheli okuningi kubonisa ukusebenza kwenduduzo enjalo. Lapho umprofethi u-Eliya esongelwe ngokufa yiNdlovukazi embi uJezebeli, wangenwa itwetwe futhi wabaleka. Wayedangele kangangokuthi wahamba ehlane lonke usuku, ngokusobala engaphethe manzi noma impahla. Elusizi, u-Eliya watshela uJehova ukuthi wayefuna ukufa. (1 AmaKhosi 19:1-4) Wenzani uJehova ukuze aduduze futhi akhuthaze umprofethi wakhe?
UJehova akazange amthethise u-Eliya ngenxa yokuzizwa eshiywe dengwane, engelutho, futhi esaba. Ngokuphambene, lomprofethi wezwa “izwi elincane elihashazayo.” (1 AmaKhosi 19:12) Uma ufunda eyoku-1 AmaKhosi isahluko 19, uyobona indlela uJehova amduduza ngayo u-Eliya, wammisa idolo, futhi wakha ukholo lwakhe. Lenduduzo yayingeyona ekha phezulu. Yafinyelela phakathi enhliziyweni ka-Eliya ekhathazekile, ikhuthaza lomprofethi ukuba aqhubeke. (Qhathanisa no-Isaya 40:1, 2.) Ngokushesha, wabuyela emsebenzini wakhe.
Ngokufanayo uJesu Kristu ududuza futhi akhuthaze abalandeli bakhe abaqotho. Eqinisweni, u-Isaya waprofetha ngoMesiya: “UMoya weNkosi uJehova . . . ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, . . . ngiduduze bonke abalilayo.” (Isaya 61:1-3) Phakathi nesikhathi sokuphila kwakhe, uJesu akashiyanga kungabaza ngokuthi lamazwi ayesebenza kuye. (Luka 4:17-21) Uma uzizwa udinga induduzo, zindla ngokusebenzelana kukaJesu ngobumnene, nangothando nabantu ababehluphekile futhi beswele. Ngempela, ukutadisha iBhayibheli ngokucophelela kuwumthombo omkhulu wenduduzo nesikhuthazo.
Ngebandla
Ebandleni lobuKristu, amagugu enduduzo nesikhuthazo asiza ngezindlela eziningi. Umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba abhale: “Qhubekani niduduzana futhi nakhana.” (1 Thesalonika 5:11) Induduzo nesikhuthazo kungatholakala kanjani emihlanganweni yebandla?
Yebo, ngokuyinhloko siya emihlanganweni yobuKristu ukuze ‘sifundiswe uJehova,’ samukele imfundo ephathelene naye nezindlela zakhe. (Johane 6:45) Imfundo enjalo ihloselwe ukuba ibe ekhuthazayo neduduzayo. KuzEnzo 15:32, siyafunda: “UJuda noSila, . . . bakhuthaza abafowethu ngezinkulumo eziningi futhi babaqinisa.”
Ingabe kwake kwenzeka ukuba uye emhlanganweni wobuKristu udangele wabe usuphindela ekhaya uzizwa ungcono kakhulu? Mhlawumbe okuthile okwashiwo enkulumweni, empendulweni, noma emthandazweni kwathinta inhliziyo yakho futhi kwanikeza induduzo nesikhuthazo owawusidinga. Ngakho ungaphuthi emihlanganweni yobuKristu.—Heberu 10:24, 25.
Ukuba nabafowethu nodadewethu enkonzweni nangezinye izikhathi kungaba nomphumela ofanayo. NgesiHeberu izenzo eziningana ezisho “ukubophela ndawonye” zagcina sezisho nokuthi “amandla” noma “qinisa”—ngokusobala ngomqondo wokuthi izinto ziyaqina lapho ziboshelwe ndawonye. Lesi simiso siyiqiniso ebandleni. Siyaduduzwa, yebo, siqiniswe, ngokuba ndawonye. Futhi siboshelwe ndawonye uthando, isibopho esinamandla kunazo zonke.—Kolose 3:14.
Ngezinye izikhathi ukukholeka kwabafowethu noma odadewethu abangokomoya yikhona okusikhuthazayo. (1 Thesalonika 3:7, 8) Ngezinye izikhathi kuba uthando abalubonisayo. (Filemoni 7) Futhi ngezinye kumane nje kube ukusebenza ndawonye, sibambisana, njengoba sikhuluma nabanye ngoMbuso kaNkulunkulu. Uma uzizwa ubuthakathaka futhi udinga isikhuthazo lapho kuziwa enkonzweni, kungani ungenzi amalungiselelo okusebenza nommemezeli woMbuso osenesikhathi eside noma onokuhlangenwe nakho okukhudlwana? Cishe uyothola induduzo enkulu ngokwenza kanjalo.—UmShumayeli 4:9-12; Filipi 1:27.
‘Ngesigqila Esikholekile Nesiqondayo’
Obani abahlela lezi zici eziduduzayo zokukhulekela kwethu? UJesu wamisa isigaba asikhetha ‘njengesigqila esikholekile nesiqondayo’ ukuze sabe ‘ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele.’ (Mathewu 24:45) Ekhulwini lokuqala C.E., lendikimba yamaKristu agcotshwe ngomoya yayisisebenza kakade. Indikimba ebusayo yabadala eyayiseJerusalema yayithumelela amabandla izincwadi zokufundisa nokuqondisa. Kwaba namuphi umphumela? IBhayibheli lilandisa indlela lamabandla asabela ngayo kwenye yalezi zincwadi: “Ngemva kokuyifunda, [uquqaba] lwajabula ngalesosikhuthazo.”—IzEnzo 15:23-31.
Ngokufanayo, kulezi zinsuku zokugcina ezibucayi, isigqila esikholekile nesiqondayo saba ukudla okungokomoya okunikeza induduzo nesikhuthazo esikhulu kubantu bakaJehova. Ingabe uyakudla lokho kudla? Kutholakala kalula ezincwadini ezinyathelisiwe isigaba sesigqila esizenza zitholakale emhlabeni wonke. Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! kanye nezincwadi, izincwajana, namapheshana i-Watch Tower Society ekunyathelisayo kuye kwaletha induduzo kubafundi abaningi kakhulu.
Omunye umbonisi ojikelezayo wabhala: “Abaningi babafowethu nodadewethu bafuna ukwenza okulungile, kodwa izikhathi eziningi balwisana nokukhungatheka, ukwesaba, nomuzwa wokuthi abanamandla okuzisiza. Izihloko ezikomagazini bethu zisiza abaningi ukuba baphinde bakwazi ukulawula ukuphila nemizwelo yabo. Lezi zihloko zinikeza nabadala okuthile okungcono abangakunikeza kunesikhuthazo esikha phezulu.”
Zisebenzise ngokugcwele izincwadi ezivela esigabeni sesigqila esikholekile. Omagazini abafika ngesikhathi, izincwadi, nokunye okunyatheliswayo kungasisiza ukuba sithole induduzo lapho izikhathi zinzima. Ngakolunye uhlangothi, uma usesi-mweni sokunikeza isikhuthazo kocindezelekile, sebenzisa ukwaziswa okungokomBhalo okukulabomagazini. Lezi zihloko zibhalwa ngokucophelela okukhulu, ngokuvamile ngemva kwamasonto noma izinyanga eziningi zokucwaningisisa, ukutadisha, nomthandazo. Izeluleko zazo zisekelwe eBhayibhelini, ziye zahlolwa futhi ziyiqiniso. Abanye baye bakuthola kuwusizo kakhulu ukufunda isihloko esisodwa noma ezimbili ezifanelekayo nomuntu ozizwa edanile. Lokhu kungaba induduzo nesikhuthazo esikhulu.
Uma uthola amagugu, ingabe ubungawagodla, noma ngomoya wokupha ubungahlanganyela ingxenye yalomcebo nabanye? Kwenze umgomo ukuba umthombo wenduduzo nesikhuthazo kubafowenu nodadewenu ebandleni. Uma wakha kunokuba ubhidlize, utusa kunokuba ugxeke, ukhuluma ‘ngolimi lwabafundi’ kunokuba ‘uphahluke njengokuhlaba kwenkemba,’ ungase wenze umehluko ekuphileni kwabanye. (Isaya 50:4; IzAga 12:18) Ngempela, cishe nawe ngokwakho uyobhekwa njengegugu—umthombo wenduduzo nesikhuthazo sangempela!
[Ibhokisi ekhasini 20]
Induduzo Ngalabo Abayidingayo
ABANINGI baye baphawula ngendlela izihloko ezithile ze-Nqabayokulinda noma ze-Phaphama! eziye zajulisa ngayo ubuhlobo babo bomuntu siqu noJehova. Omunye wathi: “Ngemva kokufunda lesi sihloko, ngaba nomuzwa wokuthi uJehova wayekanye nami ngamandla nobukhulu bakhe bonke. Ngaba nomuzwa wokuthi ungumuntu ongokoqobo.” Enye incwadi yathi: “Izinhliziyo nezingqondo zethu ziye zashintsha ngokuphawulekayo endleleni ebesimbheka ngayo uJehova kangangokuthi sesingabantu abahlukile. Kunjengokungathi othile uye wasula izibuko zethu zamehlo, futhi manje sesingakwazi ukubona ngokucace kakhulu.”
Abanye bayabhala basho indlela labomagazini ababasiza ngayo ukuba babhekane nezinkinga noma izinselele ezithile, kanjalo babaqinisekise ukuthi uJehova unesithakazelo somuntu siqu kubo. Omunye umfundi wakubeka kanje: “Nginibonga kakhulu ngokuphinda nisibonise ukuthi uJehova ubanakekela kangakanani futhi ubathanda kangakanani abantu bakhe.” Owesifazane othile waseJapane owalahlekelwa ingane ngokufa washo lokhu ngezihloko ze-Phaphama! ezikhuluma ngaleyo ndaba: “Isihe sikaNkulunkulu esijulile sasithululwa emakhasini, futhi ngakhihla isililo. Lezi zihloko ngiye ngazibeka endaweni lapho ngingazithola khona ngokushesha futhi ngizifunde noma nini lapho ngizizwa ngilusizi futhi nginesizungu.” Omunye wesifazane owayedabukile wabhala: “Izihloko ze-Nqabayokulinda ne-Phaphama! nencwajana ethi “Lapho Ufelwa Othandekayo” ziye zanginika amandla ebengiwadinga ukuze ngikhuthazelele izikhathi ebengisosizini ngazo.”
ImiBhalo Engcwele iwumthombo wenduduzo oyinhloko. (Roma 15:4) INqabayokulinda inamathela eBhayibhelini njengegunya layo, ngokufanayo nomagazini ongumngane wayo, i-Phaphama! Ngenxa yalokhu, labomagazini baye baba induduzo nesikhuthazo kubafundi babo.
[Isithombe ekhasini 23]
UNkulunkulu wenduduzo yonke unguMuzwi wemikhuleko futhi