Ukuba Khona KukaMesiya Kanye Nokubusa Kwakhe
“UJesu lo, osuswé kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini.”—IZENZO 1:11.
1, 2. (a) Izingelosi ezimbili zabaduduza kanjani abaphostoli bakaJesu lapho enyukela ezulwini? (b) Imiphi imibuzo ephakanyiswa ithemba lokubuya kukaKristu?
AMADODA ayishumi nanye ayeme egqumeni elingasempumalanga leNtaba Yeminqumo, egqolozele esibhakabhakeni. Esikhashaneni esingengakanani nje esidlule uJesu Kristu wayenyukile esuka phakathi kwawo, umzimba wakhe unyamalala kwaze kwaba yilapho ususithwe ifu. Eminyakeni yawo enaye, lamadoda ayebone uJesu enikeza ubufakazi obuningi bokuthi wayenguMesiya; ayedlule ngisho nasosizini lokufa kwakhe kanye nasenjabulweni enkulu yokuvuswa kwakhe. Manje wayesehambile.
2 Ngokungazelele kwabonakala izingelosi ezimbili futhi zakhuluma lamazwi aduduzayo: “Madoda aseGalile, nimeleni nibheka ezulwini na? UJesu lo, osuswé kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini.” (IzEnzo 1:11) Yeka indlela okwakuqinisekisa ngayo—ukunyukela kukaJesu ezulwini kwakungasho ukuthi wayeseqedile ngomhlaba nangesintu! Kunalokho, uJesu wayezobuya. Ngokungangabazeki lamazwi enza abaphostoli baba nethemba. Izigidi zabantu namuhla nazo ziye zasibheka njengesibaluleke kakhulu isithembiso sokubuya kukaKristu. Abanye babhekisela kukho ngokuthi “uKuza Kwesibili” noma “uKuvela.” Nokho, abaningi babonakala bedidekile ngokuthi ukubuya kukaKristu kusho ukuthini ngempela. UKristu ubuya ngayiphi indlela? Nini? Futhi lokhu kukuthinta kanjani ukuphila kwethu namuhla?
Indlela UKristu Abuya Ngayo
3. Yini abantu abaningi abayikholelwayo ngokubuya kukaKristu?
3 Ngokwencwadi ethi An Evangelical Christology, “ukuza kwesibili noma ukubuya kukaKristu (parousia) kumisa umbuso kaNkulunkulu, ngokokugcina, ngendlela esobala, futhi kuze kube phakade.” Kuyinkolelo eyaziwa kabanzi ukuthi ukubuya kukaKristu kuyobonakala ngendlela esobala, abonwe ngokoqobo yinoma ubani okuleplanethi. Ukuze basekele lomqondo, abaningi bakhomba kusAmbulo 1:7, esifundeka kanjena: “Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo.” Kodwa ingabe lelivesi kumelwe lithathwe njengoba linjalo?
4, 5. (a) Sazi kanjani ukuthi isAmbulo 1:7 akumelwe sisithathe ngomqondo ongokoqobo? (b) Amazwi akhe siqu uJesu akuqinisekisa kanjani lokhu kuqonda?
4 Khumbula, incwadi yesAmbulo inikezwa ‘ngezibonakaliso.’ (IsAmbulo 1:1) Khona-ke, lendima kumelwe ukuba ingokomfanekiso; cabanga, kungenzeka kanjani ukuthi ‘labo abamgwazayo’ bambone uKristu ebuya? Sebefe cishe amakhulu angu-20 eminyaka! Ngaphezu kwalokho, izingelosi zathi uKristu wayeyobuya “kanjalo” ngendlela ayehambe ngayo. Nokho, wahamba kanjani? Ingabe kwakunezigidi ezazibukele? Cha, abantu abambalwa nje kuphela abathembekile ababona lesisenzakalo. Futhi lapho izingelosi zikhuluma nabo, ingabe abaphostoli balubona ngokoqobo uhambo lukaKristu waze wayofika ezulwini? Cha, isembozo sefu sasimsithile uJesu engabonakali. Esikhathini esithile ngemva kwalokho, kumelwe ukuba wangena emazulwini awumoya njengomuntu womoya, ongabonakali emehlweni abantu. (1 Korinte 15:50) Ngakho ngokwengxenye enkulu, abaphostoli babona kuphela isiqalo sohambo lukaJesu; babengenakusibona isiphetho salo, ukubuyela kwakhe phambi kukaYise wasezulwini, uJehova. Lokhu babengakubona ngamehlo abo okholo kuphela.—Johane 20:17.
5 IBhayibheli lifundisa ukuthi uJesu ubuya ngendlela efana nsé. UJesu ngokwakhe ngokushesha ngaphambi kokufa kwakhe wathi: “Kuseyisikhashana izwe lingasangiboni.” (Johane 14:19) Wathi futhi “umbuso kaNkulunkulu awufiki ubonwa ngamehlo.” (Luka 17:20) Khona-ke, kungamuphi umqondo ‘amehlo onke eyakumbona’? Ukuze siphendule, okokuqala kudingeka siliqonde ngokucacile igama uJesu nabalandeli bakhe abalisebenzisa ngokuphathelene nokubuya kwakhe.
6. (a) Kungani amagama anjengathi “ukubuya,” “ukufika,” “ukuvela,” nokuthi “ukuza” engekhona ukuhunyushwa okwanele kwegama lesiGreki elithi pa·rou·siʹa? (b) Yini ebonisa ukuthi ipa·rou·siʹa noma “ukuba khona,” ithatha isikhathi eside ngokwengeziwe kunoma isiphi isenzakalo sesikhashana nje?
6 Iqiniso liwukuthi, uKristu wenza okuningi ngokwengeziwe kunokumane nje ‘abuye.’ Lelogama, njengelithi “ukuza,” “ukufika,” noma “ukuvela,” lisikisela isenzakalo esisodwa esikhashaneni esifushane. Kodwa igama lesiGreki uJesu nabalandeli bakhe abalisebenzisa lisho okwengeziwe. Leligama lithi pa·rou·siʹa, ngokwezwi nezwi lisho “ukuba malungana” noma “ukuba khona.” Izazi eziningi ziyavuma ukuthi leligama alihlanganisi nje ukufika kuphela kodwa futhi nokuba khona okuba ngemva kwalokho kufika—njengasekuvakashelweni okungokomthetho umuntu wasebukhosini. Lokhu kuba khona akusona isenzakalo sesikhashana; kuyinkathi ekhethekile, inkathi ephawulekayo yesikhathi. KuMathewu 24:37-39 (NW) uJesu wathi, “ukuba khona [pa·rou·siʹa] kweNdodana yomuntu” kwakuyoba ‘njengemihla kaNowa’ eyafinyelela umvuthwandaba ngoZamcolo. UNowa wayakha umkhumbi futhi exwayisa abantu ababi amashumi amaningi eminyaka ngaphambi kokuba kufike uZamcolo futhi uqothule lesosimiso sezwe esonakele. Khona-ke, ngendlela efanayo lokhu kuba khona kukaKristu okungabonakali kuthatha inkathi engamashumi athile eminyaka ngaphambi kokuba nakho kufinyelele emvuthwandaba ngembubhiso enkulu.
7. (a) Yini ebonisa ukuthi ipa·rou·siʹa ayibonakali emehlweni abantu? (b) Iyogcwaliseka kanjani futhi nini imibhalo echaza ukubuya kukaKristu njengokubonakalayo ‘emehlweni onke’?
7 Ngokungangabazeki, ipa·rou·siʹa ayibonakali ngokoqobo emehlweni abantu. Ukuba ibibonakala, kungani uJesu achitha isikhathi esiningi kangaka, njengoba sizobona, enikeza abalandeli bakhe isibonakaliso sokubasiza ukuba babone lokhu kuba khona kwakhe?a Nokho, lapho uKristu eza ukuzobhubhisa isimiso sezwe sikaSathane, iqiniso lokuba khona kwakhe liyobonakala kubo bonke ngendlela eyesabekayo. Kungalesosikhathi lapho ‘amehlo onke eyakumbona.’ Ngisho nabaphikisi bakaJesu bayokwazi ukubona ukuthi ukubusa kukaKristu kungokoqobo, okuyobangela ukuba besabe.—Bheka uMathewu 24:30; 2 Thesalonika 2:8; IsAmbulo 1:5, 6.
Kuqala Nini?
8. Isiphi isenzakalo esiphawula ukuqala kokuba khona kukaKristu, futhi lokhu kwenzeka kuphi?
8 Ukuba khona kukaMesiya kuqalisa ngesenzakalo esigcwalisa isihloko esiqhubekayo seziprofetho zobuMesiya. Uthweswa umqhele njengeNkosi ezulwini. (2 Samuweli 7:12-16; Isaya 9:6, 7; Hezekeli 21:26, 27) UJesu ngokwakhe wabonisa ukuthi ukuba khona kwakhe kwakuyohlanganiswa nokuba kwakhe inkosi. Emifanekisweni eminingana, wazifanisa nomphathi oshiya abendlu yakhe nezinceku, ahambe isikhathi eside aye “ezweni elikude” lapho ethola khona “umbuso.” Wanikeza omunye umfanekiso onjalo njengengxenye yempendulo yakhe embuzweni wabaphostoli bakhe ophathelene nokuthi yayiyoqala nini ipa·rou·siʹa yakhe; omunye wawunikeza ngenxa yokuthi “bebethi umbuso kaNkulunkulu uzakubonakala masinyane.” (Luka 19:11, 12, 15; Mathewu 24:3; 25:14, 19) Ngakho phakathi nesikhathi sakhe esemhlabeni njengomuntu, ukuthweswa kwakhe umqhele kwakusazothatha isikhathi eside, ukuba kwenzeke “ezweni elikude” ezulwini. Kwakuyokwenzeka nini?
9, 10. Ibuphi ubufakazi obukhona bokuthi uKristu uyabusa njengamanje ezulwini, futhi waqala nini ukubusa kwakhe?
9 Lapho abafundi bakaJesu bembuza: “Siyokuba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho nesesiphelo sesimiso sezinto?” uJesu waphendula ngokubanikeza incazelo eningiliziwe yalesosikhathi esizayo. (Mathewu, isahluko 24, qhathanisa neNW; Marku, isahluko 13; Luka, isahluko 21; bheka futhi neyesi-2 Thimothewu 3:1-5; IsAmbulo, isahluko 6.) Lesibonakaliso sakha umfanekiso oningiliziwe wenkathi enezinkathazo. Iyisikhathi esiphawuleka ngezimpi zezizwe zonke, ubugebengu obandayo, ukuphila komkhaya okuwohlokayo, imiqedazwe yezifo, indlala, nokuzamazama komhlaba—hhayi njengezinkinga zasendaweni eyodwa kodwa njengezinhlekelele ezikhungatha imbulunga yonke. Ingabe lokhu kuzwakala kujwayelekile? Usuku ngalunye oludlulayo luqinisekisa ukuthi ikhulu lama-20 leminyaka liyifanela ngokuphelele incazelo kaJesu.
10 Izazi-mlando ziyavuma ukuthi u-1914 wawuyisikhathi senguquko emlandweni wesintu, unyaka woshintsho okwathi ngemva kwawo eziningi zalezinkinga zaqala ukungalawuleki, zibhebhetheka ngezinga lembulunga yonke. Yebo, izenzakalo ezingokoqobo zezwe ekugcwalisekeni kwesiprofetho seBhayibheli zonke zikhomba ku-1914 njengonyaka uJesu aqala ngawo ukubusa njengeNkosi ezulwini. Ngaphezu kwalokho, isiprofetho esikuDaniyeli isahluko 4 sinikeza ubufakazi obuphathelene nokubalwa kwezikhathi obusiholela kuwo lowonyaka ofanayo—u-1914—njengesikhathi iNkosi emiswe uJehova eyayiyoqala ngaso ukubusa kwayo.b
Kungani Kuyisikhathi Sezinkathazo?
11, 12. (a) Kungani kunzima ngabanye ukuba bakukholelwe ukuthi uKristu uyabusa ezulwini njengamanje? (b) Singakufanekisa kanjani okwenzeka ngemva kokuba uJesu ethweswe umqhele njengeNkosi?
11 Nokho, abanye bayazibuza ukuthi ‘Kungani izwe ligcwele izinkathazo ezingaka uma uMesiya ebusa ezulwini? Ingabe ukubusa kwakhe akuphumeleli?’ Umfanekiso ungase usize. Izwe elithile libuswa umongameli omubi. Uye wamisa isimiso esonakele esinethonya elifinyelela kulo lonke izwe. Bese kwenziwa ukhetho; kuphumelele indoda enhle. Manje yini ezokwenzeka? Njengoba kunjalo emazweni athile abusa ngentando yeningi, kudlula inkathi ethile yoshintsho yezinyanga ezithile ngaphambi kokuba umongameli omusha amiswe ngokomthetho. Lamadoda amabili ayobe enzani phakathi naleyonkathi? Ingabe indoda enhle iyobuhlasela ngokushesha futhi ibuchithe bonke ububi umanduleli wayo aye wabubangela kulo lonke izwe? Ibingeke yini, kunalokho, iqale ngokugxila enhloko-dolobha, imise isishayamthetho esisha futhi inqamule ubudlelwane nababekade bengabangane ababi bakamongameli nezinduna zakhe? Ngaleyondlela, lapho iqala ukusebenzisa igunya ngokugcwele, ingasebenzela esihlalweni sokubusa esihlanzekile, nesiphumelelayo. Ngokuqondene nomongameli owonakele, ubengeke yini asebenzise isikhathi esifushane asele naso ukuba athole kulelozwe zonke izinzuzo ezimbi angase akwazi ukuzithola ngaphambi kokuba alahlekelwe yiwo wonke amandla?
12 Empeleni, kuyinto efanayo nangepa·rou·siʹa kaKristu. IsAmbulo 12:7-12 sibonisa ukuthi lapho uKristu enziwa iNkosi ezulwini, okokuqala waphonsa uSathane namademoni akhe ngaphandle kwezulu, ehlanza indawo kahulumeni waKhe. Ebhekene nalokhukwehlulwa okwakulindelwe esikhathini eside, uSathane uziphatha kanjani phakathi ‘nesikhathi esifushane’ ngaphambi kokuba uKristu asebenzise igunya lakhe eligcwele lapha emhlabeni? Njengalowamongameli owonakele, uzama ukuthola yonke into angayithola kulesimiso esidala. Akanandaba nemali; ufuna ukuphila kwabantu. Ufuna ukuhlubula abantu abaningi kuJehova neNkosi yaKhe ebusayo ngangokusemandleni akhe.
13. ImiBhalo ibonisa kanjani ukuthi ukuqala kokubusa kukaKristu kwakuyoba isikhathi sezinkathazo lapha emhlabeni?
13 Khona-ke, akumangalisi ukuthi ukuqala kokubusa kukaMesiya kusho isikhathi ‘somaye emhlabeni.’ (IsAmbulo 12:12) Ngokufanayo, iHubo 110:1, 2, 6 libonisa ukuthi uMesiya uqala ukubusa kwakhe ‘phakathi kwezitha zakhe.’ Kukamuva kuphela lapho ezichoboza khona ngokuphelele “izizwe,” kanye nazo zonke izici zesimiso esonakele sikaSathane, zingabe zisakhunjulwa!
Isikhathi uMesiya Abusa Ngaso Umhlaba
14. Yini uMesiya ayokwazi ukuyenza ngemva kokuba ebhubhise isimiso sezinto esibi sikaSathane?
14 Ngemva kokuba ibhubhise isimiso sikaSathane nabo bonke abasisekelayo, iNkosi yobuMesiya, uJesu Kristu, ekugcineni iyobe isisesimweni sokugcwalisa iziprofetho zeBhayibheli ezimangalisayo ezichaza uKubusa kwayo Kweminyaka Eyinkulungwane. UIsaya 11:1-10 usisiza ukuba sibone ukuthi luhlobo luni lombusi uMesiya ayoba yilo ngempela. Ivesi lesibili lisitshela ukuthi uyoba ‘nomoya kaJehova, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla.’
15. ‘Umoya wamandla’ uyosho ukuthini ekubuseni kobuMesiya?
15 Cabanga nje ngalokho ‘umoya wamandla’ oyokusho ekubuseni kukaJesu. Lapho esemhlabeni, wayenezinga elithile lamandla avela kuJehova, ayemenza akwazi ukwenza izimangaliso. Futhi wabonisa isifiso esiqotho sokusiza abantu, ethi, “ngiyathanda.” (Mathewu 8:3) Kodwa izimangaliso zakhe zangalezozinsuku zazimane nje ziyisibonakaliso sangaphambili salokho ayezokwenza lapho esebusa esezulwini. UJesu uyokwenza izimangaliso ngezinga lomhlaba wonke! Abantu abagulayo, izimpumputhe, izithulu, abagogekile, nabayizinyonga bayophulukiswa phakade. (Isaya 35:5, 6) Inala yokudla, okwabiwe kahle, iyoyiqeda phakade indlala. (IHubo 72:16) Kuthiwani ngalezozigidi ezisemathuneni uNkulunkulu akujabulelayo ukuzikhumbula? “Amandla” kaJesu ayohlanganisa namandla okuzivusa, enikeza ngamunye wazo ithuba lokuphila phakade ePharadesi! (Johane 5:28, 29) Nokho, nakuba inawo wonke lamandla, iNkosi yobuMesiya iyohlala ithobeke ngokuphelele. Ithola ‘intokozo ekumesabeni uJehova.’—Isaya 11:3.
16. INkosi yobuMesiya iyoba luhlobo luni lomaHluleli, futhi lokho kuyohluka kanjani emaqinisweni aphathelene nabahluleli abangabantu?
16 LeNkosi futhi iyoba umaHluleli ophelele. ‘Ayiyikwahlulela ngokubona kwamehlo ayo, inganqumi ngokuzwa kwezindlebe zayo.’ Imuphi umahluleli ongumuntu, owesikhathi esedlule noma owamanje, ongachazwa ngaleyondlela? Ngisho nomuntu owahlulela kahle angahlulela kuphela ngalokho akubonayo nakuzwayo, esebenzisa noma yikuphi ukuhlakanipha noma ukuqonda okungenzeka unakho. Kanjalo, abahluleli nabaphathi bezokwahlulela balelizwe elidala bangase baphambukiswe noma badidwe izimpikiswano zobuhlakani ezingelona iqiniso, ubuciko basezinkantolo noma ubufakazi obuphikisanayo. Ngokuvamile kuba abacebile nabanamandla kuphela abakwaziyo ukuzivikela ngokuphumelelayo, empeleni bethenga ubulungisa. Akunjalo ngaphansi komaHluleli wobuMesiya! Ufunda izinhliziyo. Akukho lutho oluyomphamba. Ubulungisa, obuqiniswe uthando nesihe, ngeke buthengiswe. Buyohlala bukhona.—Isaya 11:3-5.
Indlela Ukubusa Kwakhe Okukuthinta Ngayo
17, 18. (a) Imuphi umbono okhazimulayo wekusasa lesintu oboniswe kuIsaya 11:6-9? (b) Lesiprofetho sisebenza kubani ngokuyinhloko, futhi kungani kunjalo? (c) Lesiprofetho siyogcwaliseka kanjani ngokoqobo?
17 Ngokuqondakalayo, ukubusa kukaMesiya kunethonya elikhulu ezikhonzini zako. Kuguqula abantu. UIsaya 11:6-9 ubonisa indlela izinguquko ezinjalo ezinkulu ngayo. Lesiprofetho sinikeza umbono oshukumisayo wezilwane eziyingozi, ezidla inyama—amabhele, izimpisi, izingwe, amabhubesi, izimfezi—zihlezi nezilwane ezifuywayo ezingenangozi ngisho nabantwana. Kodwa izilwane ezidla inyama azibi ingozi! Ngani? Ivesi 9 liyaphendula: “Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle.”
18 Yebo, “ukumazi uJehova” bekungeke kube nomphumela ezilwaneni ezingokoqobo; ngakho lamavesi ngokuyinhloko kumelwe ukuba asebenza kubantu. Ukubusa kukaMesiya kusekela uhlelo lokufundisa emhlabeni wonke, ukufundisa abantu ngoJehova nangezindlela zakhe, ukufundisa bonke ukuba baphathe abantu abakanye nabo ngothando, inhlonipho, nangesizotha. EPharadesi elizayo, uMesiya ngokuyisimangaliso uyokwenza isintu sifinyelele ekupheleleni okungokomzimba nokungokokuziphatha. Izici zokuphanga zobulwane, ezonakalisa isimo somuntu esingokwemvelo esingaphelele ziyobe seziphelile. Futhi ngomqondo ongokoqobo, isintu siyoba sekuthuleni nezilwane—ekugcineni!—Qhathanisa noGenesise 1:28.
19. Ukubusa kukaMesiya kukuthinta kanjani ukuphila kwabantu kulezinsuku zokugcina?
19 Nokho, khumbula ukuthi uMesiya uyabusa manje. Ngisho namanje, izikhonzi zoMbuso wakhe zifunda ukuhlala ndawonye ngokuthula, zigcwalisa uIsaya 11:6-9 ngomqondo owodwa. Ngaphezu kwalokho, eminyakeni ecishe ibe ngu-80, uJesu ubegcwalisa uIsaya 11:10: “Kuyakuthi ngalolosuku impande kaJese ime iyibhanela lezizwe; abezizwe bayakuyifuna, nendawo yayo iyakuba-nodumo.” Abantu bazo zonke izizwe baphendukela kuMesiya. Ngani? Ngoba kusukela aqala ukubusa, ubelokhu ‘emile njengebhanela.’ Ubelokhu enza ukuba khona kwakhe kwaziwe emhlabeni wonke ngohlelo olubanzi lokufundisa oluchazwe ngenhla. Eqinisweni, uJesu wabikezela ukuthi umsebenzi wokushumayela embulungeni yonke wawuyoba isibonakaliso esivelele sokuba khona kwakhe ngaphambi kokuphela kwalesimiso esidala.—Mathewu 24:14.
20. Isiphi isimo sengqondo zonke izikhonzi zokubusa kukaMesiya okufanele zisigweme, futhi ngani?
20 Ngakho ukuba khona kukaKristu emandleni obuKhosi akuyona indaba ekude, ewumbono ocatshangelwayo, emane nje iyisihloko senkulumo-mpikiswano yobuhlakani phakathi kwezazi zemfundiso yenkolo. Ukubusa kwakhe kuthinta futhi kuguqula ukuphila lapha emhlabeni, njengoba nje uIsaya abikezela ukuthi kwakuyokwenzeka. UJesu uye wakhipha izigidi zezikhonzi kulesimiso sezwe esonakele ukuze zithole uMbuso wakhe. Ingabe uyisikhonzi esinjalo? Khona-ke khonza ngayo yonke intshiseko nenjabulo emfanele uMbusi wethu! Kuyavunywa, kulula kakhulu ukukhathala, ukuhlanganyela ekuhlekeni usulu kwalelizwe: “Siphi isithembiso [“sokuba khona,” NW] kwakhe na?” (2 Petru 3:4) Kodwa njengoba uJesu ngokwakhe asho, “okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni nguyena oyakusindiswa.”—Mathewu 24:13.
21. Singakuthuthukisa kanjani sonke ukwazisa kwethu ngethemba lobuMesiya?
21 Usuku ngalunye oludlulayo lusisondeza ngokwengeziwe osukwini olukhulu lapho uJehova eyoqondisa khona iNdodana yaKhe ukuba yenze ukuba khona kwayo kubonakale emhlabeni wonke. Ungalokothi uvumele ukuthembela kwakho kulolosuku kufiphale. Zindla ngokuba kukaJesu uMesiya nangezimfanelo zakhe zokuba iNkosi ebusayo. Futhi, cabanga ngokujulile ngoJehova uNkulunkulu, umsunguli nengcweti yalelithemba elikhulu lobuMesiya elivezwe eBhayibhelini. Uma wenza kanjalo, ngokungangabazeki uyoqhubeka uzizwa njengomphostoli uPawulu lapho ebhala: “Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu!”—Roma 11:33.
[Imibhalo yaphansi]
a Emuva ngo-1864 isazi semfundiso yenkolo uR. Govett sakubeka ngalendlela: “Lokhu kubonakala kucacile kimi. Ukunikezwa kwesibonakaliso soKuba Khona kubonisa ukuthi kuyimfihlo. Asidingi sibonakaliso sokusazisa ukuba khona kwento esiyibonayo.”
b Ukuze uthole imininingwane, bheka incwadi ethi “Let Your Kingdom Come,” amakhasi 133-9.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ UKristu ubuya ngayiphi indlela?
◻ Sazi kanjani ukuthi ipa·rou·siʹa kaKristu ayibonakali futhi ithatha inkathi ende yesikhathi?
◻ Ukuba khona kukaKristu kuqala nini, futhi sikwazi kanjani lokhu?
◻ UMesiya uluhlobo luni loMbusi wasezulwini?
◻ Ukubusa kukaKristu kukuthinta ngaziphi izindlela ukuphila kwezikhonzi zako?
[Isithombe ekhasini 15]
Ithemba lokuthi uJesu wayeyobuya lalisho okuningi kubaphostoli bakhe abathembekile
[Isithombe ekhasini 17]
Ebusa esezulwini, uJesu uyokwenza izimangaliso ngezinga lomhlaba wonke
[Umthombo]
Earth: Based on NASA photo