-
Isinqumo SikaJehova NgezizweIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu I
-
-
Kunempi yombango eGibithe, ‘umuzi ulwa nomuzi, umbuso ulwa nombuso.’ (Isaya 19:2, 13, 14) Izazi-mlando zinikeza ubufakazi bokuthi amakhosi ayizimbangi ayebusa izingxenye ezihlukahlukene zezwe ngesikhathi esisodwa.
-
-
Isinqumo SikaJehova NgezizweIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu I
-
-
27. Yiluphi uqhekeko olwabikezelwa ngaphakathi ‘eGibithe,’ futhi lokhu kugcwaliseka kanjani namuhla?
27 Ngokuphathelene nesikhathi esiholela ekukhipheni kwakhe isahlulelo, uJehova ngokwesiprofetho uthi: “Ngizoqhatha abaseGibithe nabaseGibithe, futhi ngokuqinisekile bayokulwa yilowo nalowo nomfowabo, nalowo nalowo nomngane wakhe, umuzi ulwe nomuzi, umbuso ulwe nombuso.” (Isaya 19:2) Kusukela kwamiswa uMbuso kaNkulunkulu ngo-1914, “isibonakaliso sokuba khona [kukaJesu]” siye sabonakala ngokuthi isizwe sivukele esinye nombuso uvukele omunye. Ukubulawa kwezizwe ezincane ngobuningi bazo, ukuqothulwa kohlanga okugcwele igazi, nalokho okubizwa ngokuthi ukuhlanzwa kohlanga kuye kwabulala izigidi zabantu kulezi zinsuku zokugcina. “Imihelo yokucindezeleka” enjalo izokuba mibi nakakhulu njengoba isiphelo sisondela.—Mathewu 24:3, 7, 8.
-