Izwe Elingenayo Impi Ngokushesha
AKE uphinde ubheke isiprofetho seBhayibheli esiku-Isaya esithi: “Bayakukhanda izinkemba zabo zibe-ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.” Phawula ukuthi ngokomongo labo abakhanda izinkemba zabo zibe amakhuba “abantu abaningi” abahamba ezindleleni zikaNkulunkulu. (Isaya 2:2-4) Lokhu kusho ukuthi laba bantu bakhulekela uJehova uNkulunkulu futhi balalela imithetho yakhe. Bangobani?
Kumelwe kube abantu bezizwe zonke abangazange nje benqabe izikhali zempi kodwa abaye bazikhandla ukuze bakhiphe ezingqondweni nasezinhliziyweni zabo izimo zengqondo nokuthambekela okubangela izingxabano nempi. (Roma 12:2) Kunokuba babulale umakhelwane wabo, bayamthanda. (Mathewu 22:36-39) Wake wezwa ngabantu abanjalo?
Mhlawumbe wake wezwa ukuthi oFakazi BakaJehova bajabulela ubuzalwane bomhlaba wonke futhi baye bakulahla ukuthatha izikhali zokubulala abanye. Ake ucabange ngakho: Ukuba wonke umuntu emhlabeni ubenalowo mbono, ngabe leplanethi ayiyona yini kakade indawo yokuthula nokulondeka?
Yiqiniso, akuwona wonke umuntu onalowo mbono. Kunjengoba iNkosi uSolomoni yabhala eminyakeni engaba ngu-3000 edlule: “Ngase ngibuye ngabona konke ukucindezela okwenziwa phansi kwelanga; bheka izinyembezi zabacindezelwayo; babengenamduduzi. Ohlangothini lwababacindezelayo kwakukhona amandla.”—UmShumayeli 4:1.
Ukumenywa Kwabathandi Bokuthula
Ingabe liyoke libe khona izwe elingenayo impi? Yebo. Ingabe liyolethwa imizamo yabantu? Cha. Ingabe liyolethwa ukuguqukela kwezixuku zabantu enkolweni yeqiniso? Cha. Incwadi yeBhayibheli yamaHubo iyaphendula: “Wozani nibone izenzo zikaJehova . . . Uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba.” (Omalukeke sizenzele.)—IHubo 46:8, 9.
UJehova uNkulunkulu uyokwenza kanjani lokho? Incwadi yezAga iyaphendula: “Abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo basale kulo. Kepha ababi [labo abangayinaki imithetho kaNkulunkulu] bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.”—IzAga 2:21, 22.
Isizathu esiyinhloko sokuthi kungani uNkulunkulu engakasithathi isinyathelo yilesi: Unikeza abantu ithuba lokufunda ngezindlela zakhe ukuze bahambe emikhondweni yakhe. Umphostoli uPetru wabhala: “UJehova akephuzi ngokuqondene nesithembiso sakhe, njengoba abanye abantu becabangela ukwephuza, kodwa uyanibekezelela ngoba akafisi ukuba noma ubani abhujiswe kodwa ufisa ukuba bonke bafinyelele ekuphendukeni.” (2 Petru 3:9) Ngakho, abantu bakaNkulunkulu ngaphandle kobugovu basiza abanye ukuba bafunde ngoJehova. Njengoba u-Isaya akubeka, bayamemeza: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova . . . uyakusifundisa izindlela zakhe.”—Isaya 2:3.
“Ngezinsuku Ezizayo”
Umbhalo ka-Isaya wabikezela nokuthi ukufundiswa kwabantu ngezindlela zokuthula kwakuyokwenzeka “ngezinsuku ezizayo.” (Isaya 2:2) Siphila phakathi naleso sikhathi manje. Ngokumangalisayo, izimpi zaleli khulu leminyaka zibonisa ukuthi siphila kuleso sikhathi.
Lapho abafundi bakaJesu bembuza ukuthi yini eyayiyophawula ukuphela kwalesi simiso sezinto, wabikezela ukuthi kwakuyoba khona “ukuzamazama komhlaba okukhulu, futhi ezindaweni ngezindawo kube khona izifo eziwumshayabhuqe nokuswelakala kokudla.” (Luka 21:11; Mathewu 24:3) Wathi futhi: “‘Lapho nizwa ngezimpi neziyaluyalu, ningesabi. Ngoba lezizinto kumelwe zenzeke kuqala, kodwa ukuphela akufiki masinyane.’ Khona-ke waqhubeka ethi kubo: ‘Isizwe siyovukela isizwe, nombuso uvukele umbuso.’”—Luka 21:9, 10.
Nakuba sekuyizinkulungwane zeminyaka kukhona izimpi, kuleli khulu leminyaka lilodwa kuye kwaba nezimpi zezwe ezimbili, namakhulukhulu ezinye izimpi ezincane, ngokwezinye izibalo. Iqiniso lokuthi amashumi ezigidi zabantu aye abulawa ezimpini kuleli khulu leminyaka liyashaqisa. Ngokukamagazini i-World Watch, phakathi neminyaka engu-2000 eyandulela ikhulu lama-20, kwathatha ngokwesilinganiso iminyaka engu-50 ukuba kufe abantu abayisigidi empini. Phakathi naleli khulu leminyaka, kwathatha isilinganiso sonyaka owodwa ukuba kufe abantu abayisigidi.
Izwe Elingenayo Impi
Izimpi ezisabekayo zekhulu lethu leminyaka, kanye nezinye izenzakalo eziningi ezabikezelwa esiprofethweni seBhayibheli, zibonisa ukuthi sisonqenqemeni lwezwe elisha likaNkulunkulu. Isiyaluyalu sezwe elidala siyoshanelwa sithathelwe indawo ‘umhlaba omusha,’ lapho kuyobusa khona ukuthula nokulunga. (2 Petru 3:13) IZwi likaNkulunkulu lithi: “Ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba. Kepha abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu.”—IHubo 37:9, 11.
Kuwo wonke umhlaba namuhla, izigidi ezingenakubalwa zilangazelela izwe elingenayo impi. Ebonisa ukuthi uNkulunkulu uyosigcwalisa ngokuqinisekile isithembiso sakhe sokudala izwe elinjalo, umprofethi kaNkulunkulu wasendulo wabhala: “Umbono usengowesikhathi esimisiweyo; uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa; noma ulibala, wulindele, ngokuba uyakufika nokufika, awuyikwephuza.”—Habakuki 2:3.
Ngakho-ke, ngokuhlakanipha thembela kuNkulunkulu futhi ujabulele ukugcwaliseka kwesithembiso sakhe: “UNkulunkulu ngokwakhe uyoba [nabantu bakhe]. Futhi uyosula zonke izinyembezi emehlweni [abo], futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 9, 10]
Okuthenjiswa Ibhayibheli Ngalelozwe Elisha:
Ubugebengu, Ubudlova, Noma Ububi Ngeke Kube Khona
“[UNkulunkulu] uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba.”—IHubo 46:9.
“Ababi bazakuchithwa . . . Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho.”—IHubo 37:9, 10.
Sonke Isintu Sinokuthula
“Sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba-semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa . . . iNkosi yokuthula. Umbuso uyakuba-mkhulu, ukuthula kungabi-nakuphela.”—Isaya 9:6, 7.
Umhlaba Wonke Uyipharadesi
UJesu wathi: “Uyoba nami ePharadesi.”—Luka 23:43.
“Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.”—IHubo 37:29.
Ubuzalwane Obunothando Bomhlaba Wonke
“UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi asebenze ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35.
Ukuvuswa Kwabathandekayo Abafile
“Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo beyozwa khona izwi [likaJesu] futhi baphume.”—Johane 5:28, 29.
Ukugula, Ukuguga, Noma Ukufa Akusekho
“Uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.” —IsAmbulo 21:4.