-
Izidakwa Ezingokomoya—Zingobani?INqabayokulinda—1991 | Juni 1
-
-
20, 21. Yini oFakazi BakaJehova abayimemezela ngokuphindaphindiwe, kodwa yini abaholi beLobukholwa abenqabayo ukuyenza?
20 Isiprofetho sithi ngabanjalo: “Akade esho kubo ukuthi: Lokhu kungukuphumula; phumuzani abayethileyo; lokhu kungukuhlunyelelwa; kepha abathandanga ukuzwa.
-
-
Izidakwa Ezingokomoya—Zingobani?INqabayokulinda—1991 | Juni 1
-
-
21 Ngokuphindaphindiwe, njengoba nje uIsaya akhuluma ngesigijimi sikaNkulunkulu, oFakazi BakaJehova batshela eLobukholwa ukuthi kufanele libeke ithemba lalo ezwini likaJehova. Kodwa liyenqaba ukulalela. Kulo, oFakazi babonakala bebheda ngolimi lwakwelinye izwe. Bakhuluma ulimi elingaluqondi. ELobukholwa liyenqaba ukuphumuza okhathele ngokuba likhulume ngoMbuso kaNkulunkulu nangezwe elisha elizayo. Kunalokho, lidakwe yiwayini lobuhlobo balo nalelizwe. Likhetha ukusekela amakhambi ezombangazwe okuxazulula izinkinga zesintu. NjengamaJuda osuku lukaJesu, aliyifunanga indawo yokuphumula yoMbuso, futhi ngeke libatshele abanye ngayo.—Mathewu 23:13.
-