Isiphephelo Sabo—Singamanga!
“Senzile amanga abe-yisiphephelo sethu, sicashile phansi kwenkohliso.”—ISAYA 28:15.
1, 2. (a) Iyiphi inhlangano namuhla okufanele iqaphele lokho okwenzeka embusweni wasendulo wakwaJuda? (b) Yiliphi ithemba elalibekwe endaweni engafanele uJuda ayenalo?
INGABE lawomazwi asebenza kweLobukholwa namuhla njengoba ayesebenza embusweni wakwaJuda wezizwe ezimbili wasendulo? Ngokuqinisekile, kunjalo! Futhi lokho kufana kuyibika lokubi ngeLobukholwa losuku lwanamunhla. Kusho ukuthi lenhlangano yenkolo yezihlubuki ngokushesha izoficwa inhlekelele.
2 Ngasenyakatho yakwaJuda kwakunombuso wakwaIsrayeli wezizwe eziyishumi. Lapho uIsrayeli ebonakala engenalo ukholo, uJehova wavumela ukuba anqotshwe yiAsiriya ngo-740 B.C.E. Umbuso ongudadewabo, uJuda, wasibona lesenzakalo esiyinhlekelele kodwa ngokusobala waba nomuzwa wokuthi into enjalo yayingasoze iwehlele. Abaholi bawo baqhosha: ‘Angithi ithempeli likaJehova lisasebenza eJerusalema? Angithi singabantu bakaNkulunkulu abathandekayo? Engani abapristi nabaprofethi bethu bakhuluma egameni likaJehova?’ (Qhathanisa noJeremiya 7:4, 8-11.) Labo baholi benkolo babeqiniseka ngokuthi baphephile. Kodwa babenephutha! Babengenalo ukholo njengazo nje izihlobo zabo ezisenyakatho. Ngakho, okwehlela iSamariya kwakuyolehlela futhi neJerusalema.
3. Kungani eLobukholwa lizizwa liqinisekile ngekusasa, kodwa ingabe sikhona isizathu esizwakalayo sokuqiniseka kwalo?
3 Ngendlela efanayo, eLobukholwa lithi linobuhlobo obukhethekile noNkulunkulu. Liqhosha ngokuthi, ‘Engani sinamashumi ezinkulungwane zamasonto nabefundisi abaqeqeshiwe, kanye namakhulu ezigidi zabalandeli. Futhi sineBhayibheli, futhi sisebenzisa igama likaJesu ekukhulekeleni kwethu. Ngokuqinisekile, uNkulunkulu uyasithanda!’ Kodwa lokho okwenzeka eJerusalema lasendulo kuyisixwayiso esingathi sína. Naphezu kwezenzakalo zamuva ezingavamile ezingokombangazwe, siyazi ukuthi uJehova ngokushesha uzothatha isinyathelo esingunqamula-juqu ngokumelene neLobukholwa kanye nazo zonke ezinye izinkolo zamanga.
“Isivumelwano Nokufa”
4. Yisiphi isivumelwano uJuda ayecabanga ukuthi usenzile?
4 Ezikhathini zasendulo, iJerusalema elingathembekile lathola izixwayiso eziningi ngabaprofethi bakaNkulunkulu beqiniso, kodwa alizikholelwanga. Kunalokho, laqhosha ngokuthi ukufa kwakungasoze kwaliholela eSheoli, ithuna, njengoba kwakube njalo ngombuso wasenyakatho wakwaIsrayeli. UIsaya umprofethi waphefumlelwa ukuba athi kuJuda: “Ngalokho yizwani izwi likaJehova nina-bantu abadelelayo, enibusa lababantu baseJerusalema. Ngokuba nithé: Senzile isivumelwano nokufa, sivumelene nendawo yabafileyo [iSheoli]; lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula, asiyikusehlela thina, ngokuba senzile amanga abe-yisiphephelo sethu, sicashile phansi kwenkohliso.”—Isaya 28:14, 15.
5. (a) Kwakuyini lokho okwakuthiwa kuyisivumelwano sikaJuda nokufa? (b) Yisiphi isixwayiso esasinikezwe iNkosi uAsa uJuda ayesikhohliwe?
5 Yebo, kunjengokungathi abaholi beJerusalema babecabanga ukuthi benzé isivumelwano nokufa neSheoli ukuze umuzi wabo ulondolozwe. Kodwa ingabe lokho okwakuthiwa kuyisivumelwano seJerusalema nokufa kwakusho ukuthi laliphendukile ezonweni zalo futhi manje lalithembela kuJehova ukuze lisindiswe? (Jeremiya 8:6, 7) Lutho neze! Kunalokho, laphendukela kubabusi bezombangazwe abangabantu ukuze lithole usizo. Futhi ukuthembela kwalo ezivumelwaneni zalo nezwe kwakuyinkohliso, amanga. Abantu bezwe elalibathemba babengenakulisindisa. Futhi njengoba lalilahle uJehova, noJehova walilahla iJerusalema. Kwenzeka njengoba nje umprofethi uAzariya ayexwayise iNkosi uAsa: “UJehova unani, uma ninaye; uma nimfuna, uyakufunyanwa yinina; kepha uma nimshiya, uyakunishiya nani.”—2 IziKronike 15:2.
6, 7. Yiziphi izinyathelo uJuda azithatha ukuze aqinisekise ukulondeka kwakhe, kodwa kwaba namuphi umphumela?
6 Bethembela ezivumelwaneni zabo zezombangazwe, abaholi beJerusalema babeqiniseka ukuthi asikho “isiswebhu esikhukhulayo” samabutho ahlaselayo esasiyosondela kubo futhi siphazamise ukuthula kwabo nokulondeka. Lapho esongelwa isivumelwano sikaIsrayeli neSiriya, uJuda waphendukela kuyiAsiriya ukuze athole usizo. (2 AmaKhosi 16:5-9) Kamuva, lapho esongelwa amabutho empi aseBabiloni, wanxusa iGibithe ukuba limsekele futhi uFaro wasabela, wathumela ibutho lakhe ukuba liyosiza.—Jeremiya 37:5-8; Hezekeli 17:11-15.
7 Kodwa amabutho aseBabiloni ayenamandla kakhulu, futhi kwadingeka ukuba amasosha aseGibithe ahlehle. Ukubeka kweJerusalema ithemba kuyiGibithe kwaba yiphutha, futhi ngo-607 B.C.E., uJehova walilahlela ekubhujisweni ayekubikezele. Ngakho ababusi nabapristi baseJerusalema babenephutha! Ukuthembela kwabo ezivumelwaneni zezwe ukuze bathole ukuthula nokulondeka ‘kwakungamanga’ akhukhulwa isiswebhu esikhukhulayo samabutho aseBabiloni.
Ukwenqaba “Itshe Elivivinyekileyo”
8. ELobukholwa liye laba kanjani sesimweni esifana ncamashí nesikaJuda wasendulo?
8 Ingabe sikhona isimo esifana naleso namuhla? Yebo, sikhona. Abefundisi beLobukholwa nabo banomuzwa wokuthi akukho nhlekelele ezobafica. Ngakho, bakhuluma njengoba uIsaya abikezela: “Senzile isivumelwano nokufa, sivumelene nendawo yabafileyo [iSheoli]; lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula, asiyikusehlela thina, ngokuba senzile amanga abe-yisiphephelo sethu, sicashile phansi kwenkohliso.” (Isaya 28:15) NjengeJerusalema lasendulo, eLobukholwa libheka ezivumelwaneni zezwe ukuze lithole ukulondeka, futhi bayenqaba ukuphephela kuJehova. Phela, abalisebenzisi ngisho negama lakhe, futhi bayabagcona baphinde babashushise labo abadumisa lelogama. Abefundisi beLobukholwa baye benza lokho kanye okwenziwa abapristi abakhulu bamaJuda ekhulwini lokuqala leminyaka lapho benqaba uKristu. Ngakho, baye bathi: “Asinankosi, uKesari kuphela.”—Johane 19:15.
9. (a) Ubani oxwayisa eLobukholwa namuhla ngendlela efana naleyo uIsaya axwayisa ngayo uJuda? (b) ELobukholwa kufanele liphendukele kubani?
9 Namuhla, oFakazi BakaJehova baxwayisa ngokuthi isikhukhula samabutho abhubhisayo ngokushesha sizolikhukhula eLobukholwa. Ngaphezu kwalokho, babonisa indawo yeqiniso yokuphepha kulesosikhukhula. Bacaphuna uIsaya 28:16, othi: “Ithi iNkosi uJehova: Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lesisekelo, itshe elivivinyekileyo, itshe legumbi elinqabileyo lesisekelo esiyiso; okholwayo kayikubaleka.” Lingubani ‘lelitshe legumbi elinqabileyo’? Umphostoli uPetru wacaphuna lamazwi wayesewasebenzisa kuJesu Kristu. (1 Petru 2:6) Ukuba eLobukholwa lalifune ukuthula neNkosi kaJehova, uJesu Kristu, khona-ke beliyosigwema isiswebhu esikhukhulayo esizayo.—Qhathanisa noLuka 19:42-44.
10. Yikuphi ukuhileleka eLobukholwa eliye lakuhlakulela?
10 Nokho, alenzanga kanjalo. Kunalokho, ekunxaneleni kwalo ukuthula nokulondeka, ngobuqili lifuna ukuzitholela umusa wabaholi bezombangazwe bezizwe—lokhu likwenza naphezu kwesixwayiso seBhayibheli sokuthi ukuba nobungane nezwe kungubutha kuNkulunkulu. (Jakobe 4:4) Ngaphezu kwalokho, ngo-1919 layisekela ngamandla iNhlangano Yezizwe njengeyithemba lomuntu elingcono kunawo wonke lokuletha ukuthula. Kusukela ngo-1945 liye labeka ithemba lalo enhlanganweni yeZizwe Ezihlangene. (Qhathanisa nesAmbulo 17:3, 11.) Lihileleke ngezinga elikhulu kangakanani kulenhlangano?
11. Inkolo imelelwe kanjani kuyiUN?
11 Incwadi yamuva inikeza umqondo walokhu lapho ithi: “Kumelelwe izinhlangano zamaKatolika ezingengaphansi kwamashumi amabili nane kuyiUN. Abaholi benkolo abaningana bezwe baye bayihambela lenhlangano yezizwe zonke. Ukuhambela okukhumbuleka kakhulu okukaPapa uPaul VI oNgcwele phakathi noMhlangano Womkhandlu ngo-1965 nokukaPapa John Paul II ngo-1979. Izinkolo eziningi zinemikhuleko ekhethekile yokunxusa, imithandazo, amaculo nezinkonzo okwenzelwa inhlangano yeZizwe Ezihlangene. Izibonelo ezivelele kakhulu ngezezinkolo zamaKatolika, amaUnitarian-Universalist, amaBaptist nezobuBahai.”
Amathemba Okuthula Ayize
12, 13. Naphezu kwamathemba asakazekile okuthi ukuthula kungase kufinyelelwe, kungani oFakazi BakaJehova beqiniseka ngokuthi izixwayiso zabo ziyiqiniso?
12 Omunye wabaholi bezwe bezombangazwe abanethonya kakhulu wenanela amathemba abaningi lapho ethi: “Lesizukulwane sabantu abasemhlabeni singase sibone ukufika kwenkathi yokuthula engenakuguqulwa emlandweni wempucuko.” Ingabe wayeqinisile? Ingabe izenzakalo zamuva zisho ukuthi izixwayiso eziye zakhishwa oFakazi BakaJehova ngokuqondene nokukhipha kukaJehova isahlulelo phezu kwezizwe ngeke zisagcwaliseka? Ingabe oFakazi BakaJehova banephutha?
13 Cha, abanaphutha. Bayazi ukuthi bakhuluma iqiniso ngoba bathembele kuJehova naseBhayibhelini, eliyiZwi leqiniso likaNkulunkulu ngokwakhe. UThithu 1:2 uthi: ‘UNkulunkulu akawaqambi amanga.’ Ngakho baqiniseka ngokugcwele ngokuthi lapho isiprofetho seBhayibheli sithi into ethile izokwenzeka, isuke izokwenzeka nakanjani. UJehova ngokwakhe uthi: “Liyakuba-njalo izwi lami eliphuma emlonyeni wami: aliyikubuyela-ze kimi, lingakafezi lokhu engikufunayo, liphumelele kulokhu engilithumele kukho.”—Isaya 55:11.
14, 15. (a) Yini abaholi bakaJuda ababeyimemezela ngokushesha ngaphambi kokubhujiswa kweJerusalema ngo-607 B.C.E.? (b) Yini uPawulu athi yayiyomenyezelwa ngaphambi kokuba imbubhiso esheshayo ifike phezu kwalelizwe? (c) Yini esingayilindela lapho isimemezelo okuprofethwe ngaso kweyoku-1 Thesalonika 5:3 (NW) sifinyelela umvuthwandaba?
14 Eminyakeni engaphambi kokubhujiswa kweJerusalema ngo-607 B.C.E., uJeremiya wabika ukuthi abaholi babememezela, “Ngukuthula, ngukuthula.” (Jeremiya 8:11) Nokho, lokho kwakungamanga. IJerusalema labhujiswa ekugcwalisekeni kwezixwayiso eziphefumlelwe zabaprofethi bakaJehova baqiniso. Umphostoli uPawulu waxwayisa ngokuthi kwakuzokwenzeka okuthile okufanayo osukwini lwethu. Wathi abantu babeyomemezela “ukuThula nokulondeka!” Kodwa-ke, wathi “imbubhiso ezumayo” ‘yayiyobehlela masinyane.’—1 Thesalonika 5:3, NW.
15 Njengoba besingena eminyakeni yawo-1990, amaphephandaba nomagazini yonke indawo bebethi Impi Yokubhekana Ngeziqu Zamehlo iphelile futhi ukuthula kwezwe ekugcineni sekuyabonakala. Kodwa-ke kwagqashuka impi ebhubhisayo eMpumalanga Ephakathi. Nokho, kungekudala isimo sezwe sizothuthukela ezingeni lapho ukumenyezelwa ‘kokuThula nokulondeka!’ okwaprofethwa ngakho kweyoku-1 Thesalonika 5:2, 3 (NW) kuzofinyelela khona umvuthwandaba. Njengoba amathemba ethu esekelwe ngokuqinile eZwini likaNkulunkulu, siyazi ukuthi, njengoba kufinyelelwa lowomvuthwandaba, izahlulelo zikaNkulunkulu ziyokhishwa ngokushesha nangokungaphuthi. Akukho zimemezelo zokuthula nokulondeka ezichibiyelwe okufanele zisenze sicabange ukuthi imbubhiso eyabikezelwa uNkulunkulu ngeke ifike. Izahlulelo zikaJehova zilotshwe ngokungenakuguqulwa eZwini lakhe iBhayibheli. ELobukholwa, kanye nayo yonke enye inkolo yamanga, liyobhujiswa. Khona-ke izahlulelo zikaJehova ezibhubhisayo ziyobonakaliswa ngokumelene nalo lonke izwe likaSathane. (2 Thesalonika 1:6-8; 2:8; IsAmbulo 18:21; 19:19-21) Njengoba oFakazi BakaJehova beqiniseka ngokuthi uJehova uzolifeza izwi lakhe, bayaqhubeka beqaphile ngaphansi kokuqondisa kwesigaba senceku ethembekile neqondayo futhi bayayiqaphelisisa indlela izenzakalo zezwe ezenzeka ngayo. (Mathewu 24:45-47) Ngokuqinisekile, akukho mizamo yomuntu yokwenza ukuthula okufanele isenze sicabange ukuthi uJehova uyilahlile injongo yakhe yokuletha isiswebhu esikhukhulayo sembubhiso phezu kweLobukholwa elisindwa izono.
“UNkulunkulu Uyisiphephelo Sethu”
16, 17. OFakazi BakaJehova basabela kanjani uma abanye becasulwa ukungagunci kwesigijimi sabo?
16 Abanye bangase bacasulwe ukungagunci koFakazi BakaJehova lapho bememezela lokhu. Nokho, lapho bethi ababusi benkolo beLobukholwa baye baphephela elungiselelweni lamanga, bamane nje balandisa lokho iBhayibheli elikushoyo. Lapho bethi eLobukholwa lifanelwe isijeziso ngoba liye laba ingxenye yezwe, bamane nje babika lokho uNkulunkulu ngokwakhe akushoyo eBhayibhelini. (Filipi 3:18, 19) Ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi eLobukholwa libeka ithemba lalo ezimisweni ezihlongozwa yilelizwe, empeleni lisekela unkulunkulu walelizwe, uSathane uDeveli, lowo uJesu athi unguyise wamanga.—Johane 8:44; 2 Korinte 4:4.
17 Ngakho-ke, oFakazi BakaJehova bathi: Thina, asiwathuthukisi amathemba amanga okuthula kwezwe abangelwa isimo esingokombangazwe esishintshayo. Kunalokho, senanela amazwi omhubi: “UNkulunkulu uyisiphephelo sethu. . . . Abantwana babantu bangumoya nje, abantwana bezikhulu bangamanga; esilinganisweni bayakhuphuka, balula kunomoya bonke.” (IHubo 62:8, 9) Izimiso zabantu zokuthuthukisa nokulondoloza eLobukholwa kanye naso sonke lesimiso sezinto ziyinkohliso, amanga! Zonke ngothi lwazo azisenamandla okuthiya izinjongo zikaJehova njengoba kunjalo ngamazwi ayimbudane!
18. Yisiphi isixwayiso somhubi esifanelekayo namuhla?
18 OFakazi BakaJehova bacaphuna neHubo 33, amavesi 17 kuya ku-19, elithi: “Ihashi [laseGibithe, elifanekisela impi] liyize ekusindiseni, alihlangulisi ngobukhulu bamandla alo. Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe, ukuba akhulule umphefumulo wabo ekufeni, abaphilise endlaleni.” Namuhla, amaKristu eqiniso athembela kuJehova naseMbusweni wakhe wasezulwini, okuwukuphela kwelungiselelo elingaletha ukuthula okuhlala njalo.
ELobukholwa “Indawo Yokunyathela”
19. Kungani ukuthembela ezinhlanganweni zezombangazwe ukuba zilethe ukuthula kwezwe kuyinkohliso?
19 Ukuthembela kunoma iyiphi into eyenziwe abantu ethatha indawo yoMbuso kaNkulunkulu kwenza leyonto ewuthathela indawo ibe isithombe, into yokukhulekelwa. (IsAmbulo 13:14, 15) Kanjalo, ukukhuthaza ukuncika ezinhlanganweni zezombangazwe, njengenhlangano Yezizwe Ezihlangene, ukuba zilethe ukuthula nokulondeka kuyinkohliso, amanga. Ngokuqondene nezinto ezinjalo zamathemba amanga, uJeremiya uthi: “Izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga, nomoya awukho kuzo. Ziyize, umsebenzi wenkohliso; ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.” (Jeremiya 10:14, 15) Ngakho-ke, amahashi empi eGibithe elingokomfanekiso, okungukuthi, amandla ezizwe angokwezombangazwe nezempi namuhla, ngeke awuvikele umbuso ongokwenkolo weLobukholwa osukwini lwalo lwenhlekelele. Isivumelwano sezinkolo zeLobukholwa nalelizwe ngokuqinisekile sizohluleka ukuzivikela.
20, 21. (a) Kwenzekani eNhlanganweni Yezizwe, futhi kungani inhlangano yeZizwe Ezihlangene ingeke ibhekane nokungcono? (b) UIsaya wakubonisa kanjani ukuthi izivumelwano zeLobukholwa nezwe ngeke zilisindise?
20 ELobukholwa labeka amathemba alo eNhlanganweni Yezizwe, kodwa yagumbuqelwa ngisho nangaphandle kokufika kweArmagedoni. Manje liye ladlulisela ukuthembeka kwalo enhlanganweni yeZizwe Ezihlangene. Kodwa ngokushesha kuzodingeka ibhekane ‘nokulwa kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke,’ futhi ngeke isinde. (IsAmbulo 16:14) Ngisho neUN evuselelwe ayisoze ikulethe ukuthula nokulondeka. IZwi likaNkulunkulu elingokwesiprofetho libonisa ukuthi inhlangano yeZizwe Ezihlangene kanye nezizwe ezingamalungu ayo ‘ziyolwa neWundlu [uKristu esemandleni oMbuso], neWundlu liyozinqoba, ngoba, liyiNkosi yamakhosi noMbusi wababusi.’—IsAmbulo 17:14.
21 OFakazi BakaJehova basho ngokuqiniseka ukuthi eLobukholwa ngeke lisindiswe izivumelwano zalo nezwe likaSathane. Futhi lapho besho lokhu, bamane nje babhekisela kulokho iBhayibheli ngokwalo elikushoyo. UIsaya 28:17, 18 ucaphuna uJehova ethi: “Ngiyakwenza ukwahlulela kube-ngumucu wokulinganisa, nokulunga kube-ngumthofu wokumisa, isichotho sihlwithe isiphephelo samanga, amanzi akhukhule indawo yokucasha. Futhi isivumelwano senu nokufa siyakuchithwa, nokuvumelana kwenu nendawo yabafileyo [iSheoli] akuyikuma; lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula, [kumelwe futhi nibe indawo yaso yokunyathela, NW].”
22. Lapho ukwahlulela ngokulunga okuphelele kusetshenziswa kweLobukholwa, uyoba yini umphumela?
22 Lapho isinqumo sikaJehova sokwahlulela sikhishwa, kuyoba ngokuvumelana nokwahlulela ngokulunga okuphelele. Futhi isisekelo seLobukholwa sethemba, “isivumelwano” salo “nokufa,” siyokhukhulwa ngokuphelele njengokungathi ngesiswebhu esikhukhulayo. UIsaya uyaqhubeka uthi: “Siyakudabula ukusa ngokusa imini nobusuku, kube-ngukwesaba kuphela, lapho umbiko uqondwa.” (Isaya 28:19) Yeka ukuthi kuyokwesabeka kanjani kwababukelayo ukubona amandla agcwele esahlulelo sikaJehova! Yeka ukuthi kuyoba okudabukisa kanjani ngabefundisi beLobukholwa nabalandeli babo ukuthola sekwephuze kakhulu ukuthi bebethembela emangeni!
Igama LikaJehova “Lingumbhoshongo Onamandla”
23, 24. Esikhundleni sokufuna ukulondeka kulelizwe, yini oFakazi BakaJehova abazoyenza?
23 Kodwa kuthiwani ngoFakazi BakaJehova? Ngisho noma bebhekene nenzondo nokushushiswa yizizwe zonke, bayaphikelela bezigcina behlukile ezweni. Abakhohlwa nanini ukuthi uJesu wathi ngabalandeli bakhe: “Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.” (Johane 17:16) Phakathi nazo zonke lezinsuku zokugcina, baye babeka ithemba labo eMbusweni kaJehova, hhayi ezimisweni zabantu. Ngakho-ke, inhlekelele yeLobukholwa ngeke ibesabise oFakazi BakaJehova. Njengoba uIsaya abikezela: “Okholwayo kayikubaleka [ngeke esabe, NW].”—Isaya 28:16.
24 IzAga 18:10 zithi: “Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.” Ngakho simema bonke abantu abanjengezimvu ukuba baphephele kuJehova naseMbusweni wakhe ngoKristu. Njengendawo yokucasha, uJehova akayona inkohliso! UMbuso wakhe ngoKristu awuwona amanga! Isiphephelo seLobukholwa singamanga, kodwa isiphephelo samaKristu eqiniso siyiqiniso.
Ingabe Ungachaza?
◻ UJuda wasendulo waphephela kanjani emangeni?
◻ Iyiphi indlela eLobukholwa eliye lazama ngayo ukucasha enkohlisweni?
◻ UIsaya wamxwayisa kanjani uJuda, futhi oFakazi BakaJehova basimemezela kanjani isixwayiso esifanayo namuhla?
◻ ELobukholwa liyokuthola kanjani ukuthi ithemba lalo libekwe endaweni engafanele?
◻ Ngokungafani neLobukholwa, yisiphi isimo oFakazi BakaJehova abasilondolozayo?
[Ibhokisi ekhasini 17]
AMATHEMBA AMAKHULU AZWAKALISWAYO NGENHLANGANO YEZIZWE EZIHLANGENE
“Ngokokuqala ngqá kusukela eMpini Yezwe II umphakathi uye wahlanganiswa. Ukuhola kwenhlangano yeZizwe Ezihlangene, ngaphambili okwakumane nje kuwumgomo okwakwethenjwa ukuthi uzofinyelelwa, manje sekuqinisekisa umbono wabasunguli bayo. . . . Ngakho-ke izwe lingasebenzisa lelithuba ngokugcwele ukuze ligcwalise isithembiso okukade senziwa sohlelo lwezwe olusha.”—UMongameli uBush waseUnited States enkulumweni yakhe yaminyaka yonke (State of the Union) ekhuluma nalesosizwe, ngoJanuary 29, 1991