UJehova Ungumthandi Wobulungisa
“Mina Jehova, ngithanda ubulungisa.”—ISAYA 61:8.
1, 2. (a) Lisho ukuthini igama elithi “ubulungisa” nenkulumo ethi “ukungabi nabulungisa”? (b) Lithini iBhayibheli ngoJehova nangemfanelo yakhe yobulungisa?
UBULUNGISA buchazwa ngokuthi imfanelo yokungakhethi, ukungenzeleli, ukwenza ngokuvumelana nokuqondile nokuhle. Ukungabi nabulungisa kuhilela ukwenzelela, ukubandlulula, ukwenza okubi nokulimaza abanye kungafanele.
2 Eminyakeni ecishe ibe ngu-3 500 edlule, uMose wabhala ngoMbusi Wendawo Yonke, uJehova: “Zonke izindlela zakhe ziwubulungisa. UNkulunkulu wokuthembeka, okungekho ukungabi nabulungisa kuye.” (Duteronomi 32:4) Ngemva kweminyaka engaphezu kuka-700, uNkulunkulu waphefumulela u-Isaya ukuba abhale la mazwi: “Mina Jehova, ngithanda ubulungisa.” (Isaya 61:8) Kamuva ekhulwini lokuqala, uPawulu wathi: “Ingabe kukhona ukungalungi kuNkulunkulu? Kwangathi kungelokothe kube njalo!” (Roma 9:14) Kulo lelo khulu leminyaka, uPetru wathi: “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35) Ngempela, “uJehova ungumthandi wobulungisa.”—IHubo 37:28; Malaki 3:6.
Ukungabi Nabulungisa Kudlangile
3. Kwaqala kanjani ukungabi nabulungisa emhlabeni?
3 Ubulungisa buyindlala namuhla. Singaphathwa ngendlela engenabulungisa kuzo zonke izigaba zomphakathi—emsebenzini, esikoleni, ekusebenzelaneni kwethu neziphathimandla nakwezinye izici—ngisho nasekhaya. Yiqiniso, ukungabi nabulungisa okunjalo akukusha. Kwaqala lapho abazali bethu bokuqala behlubuka futhi beba abangenamthetho, begqugquzelwa isidalwa somoya esahlubuka saba uSathane uDeveli. Kwakuwukungalungi ngempela ngo-Adamu, ngo-Eva nangoSathane ukusisebenzisa kabi isipho esihle senkululeko yokuzikhethela uJehova ayebaphe sona. Izenzo zabo ezingalungile zabangela ukuhlupheka okukhulu nokufa kuso sonke isintu.—Genesise 3:1-6; Roma 5:12; Hebheru 2:14.
4. Sekuyisikhathi esingakanani ukungabi nabulungisa kuhlupha isintu?
4 Kusukela kwaba nokuhlubuka e-Edene, sekuyiminyaka engaba ngu-6 000 ukungabi nabulungisa kuhlupha isintu. Kulindelekile lokhu ngoba uSathane ungunkulunkulu waleli zwe. (2 Korinte 4:4) Ungumqambimanga noyise wawo, umnyundeli nomphikisi kaJehova. (Johane 8:44) Selokhu kwathi nhlo ubhebhezela ukungabi nabulungisa okubi kakhulu. Ngokwesibonelo, ithonya elibi likaSathane laba nomthelela ngaphambi kukaZamcolo wosuku lukaNowa, uNkulunkulu waze wabona ukuthi “ububi bomuntu babudlangile emhlabeni futhi konke ukuthambekela kwemicabango yenhliziyo yakhe kukubi ngaso sonke isikhathi.” (Genesise 6:5) Leso simo sasikhona nangesikhathi sikaJesu. Wathi: “Ububi bosuku ngalunye banele lona,” esho izinkinga zalo ezicindezelayo, njengakho ukungabi nabulungisa. (Mathewu 6:34) IBhayibheli linembile lapho lithi: “Yonke indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi isezinhlungwini kanyekanye kuze kube manje.”—Roma 8:22.
5. Kungani kunokuntuleka kobulungisa okwengeziwe esikhathini sethu kunanini ngaphambili?
5 Ngakho, izinto ezimbi ezibangela ukungabi nabulungisa okubi kakhulu bezilokhu zenzeka kuwo wonke umlando wesintu. Manje isimo sesisibi kunanini ngaphambili. Kwenziwa yini? Kwenziwa ukuthi sekungamashumi amaningi eminyaka lesi simiso samanje sezinto sabantu abangamesabi uNkulunkulu ‘sisezinsukwini zaso zokugcina’ futhi sihlushwa “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo” njengoba sisondela ekupheleni kwaso. IBhayibheli labikezela ukuthi phakathi nale nkathi emlandweni, abantu bayoba “abazithandayo, abathanda imali, abazazisayo, abazidlayo, abahlambalazi, . . . abangabongiyo, abangathembeki, abangenalo uthando, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele.” (2 Thimothewu 3:1-5) Izici ezimbi njengalezi ziholela ekuntulekeni kobulungisa okuhlukahlukene.
6, 7. Ikuphi ukungabi nabulungisa okubi kakhulu okuye kwahlupha isintu ezikhathini zanamuhla?
6 Phakathi neminyaka eyikhulu edlule kuye kwaba nokungabi nabulungisa ngezinga elingakaze libonwe. Isizathu salokhu siwukuthi kule minyaka kuye kwaba nezimpi kakhulu. Ngokwesibonelo, ezinye izazimlando zilinganisela ukuthi eMpini Yezwe II iyodwa, kwafa abantu abangaba izigidi ezingu-50 kuya ku-60, iningi labo kuyizakhamuzi—amadoda, abesifazane nabantwana abangenacala. Kusukela ekupheleni kwaleyo mpi, kuye kwabulawa izigidi ezengeziwe ezimpini ezihlukahlukene, nakulokhu iningi kuyizakhamuzi. USathane ugqugquzela lezi zenzo zokungabi nabulungisa ngoba uthukuthele uyangqangqa, futhi uyazi ukuthi maduze uJehova uzomnqoba ngokuphelele. Isiprofetho seBhayibheli sikubeka ngale ndlela: “UDeveli wehlele kini, ethukuthele kakhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.”—IsAmbulo 12:12.
7 Emhlabeni wonke, kuchithwa imali engaba amaRandi ayizigidi eziyizigidi ezingu-7,4 kwezempi unyaka ngamunye. Amakhulu ezigidi zabantu awanazo izidingo zokuphila, ngakho cabanga ukuthi yonke leyo mali ibingenzani ukube ibisetshenziselwa izinto ezinhle. Abantu abangaba izigidi eziyinkulungwane abanakho ukudla okwanele, kanti abanye banensada. Ngokombiko othile weZizwe Ezihlangene, izingane ezingaba izigidi ezinhlanu ziyafa minyaka yonke ngenxa yendlala. Yeka ukuntuleka kobulungisa! Cabanga nangezinsana ezingenacala ezibulawa ngokukhishwa kwezisu. Kulinganiselwa ukuthi emhlabeni wonke kubulawa eziyizigidi ezingu-40 kuya ku-60 minyaka yonke! Yeka ukungabi nabulungisa okunyantisayo!
8. Iyiphi indlela okuwukuphela kwayo isintu esingathola ngayo ubulungisa bangempela?
8 Ababusi abangabantu abawatholi amakhambi ezinkinga ezinkulu ezihlupha isintu namuhla; futhi imizamo yabantu ayinakusilungisa lesi simo. IZwi likaNkulunkulu labikezela ukuthi esikhathini sethu “ababi nabakhohlisi bayoqhubeka besuka kokubi baye kokubi kakhulu, bedukisa futhi bedukiswa.” (2 Thimothewu 3:13) Ukungabi nabulungisa kuyinsakavukela kangangokuthi abantu abanakukuqeda. NguNkulunkulu wobulungisa kuphela ongakuqeda. Nguye kuphela ongabhubhisa uSathane, amademoni nabantu ababi.—Jeremiya 10:23, 24.
Ukukhathazeka Okufanele
9, 10. Kungani u-Asafa adangala?
9 Esikhathini esidlule, ngisho nabanye abalobi beBhayibheli bazibuza ukuthi kungani uNkulunkulu engangeneli ezindabeni zesintu, alethe ubulungisa nokulunga kwangempela. Ngokwesibonelo, cabanga ngendoda ethile yangezikhathi zeBhayibheli. Umbhalo ongenhla weHubo 73 unegama lika-Asafa, okungenzeka ukuthi elomculi ovelele ongumLevi owayephila ngesikhathi kubusa iNkosi uDavide noma okungenzeka ukuthi limelela abaculi bendlu u-Asafa ayeyinhloko yayo. U-Asafa nenzalo yakhe babhala izingoma eziningi ezazisetshenziswa ekukhulekeleni kweningi. Nokho, ngesinye isikhathi ekuphileni kwakhe, umlobi waleli hubo wadangala ngokomoya. Wabona abantu ababi bechuma, futhi waqaphela ukuthi ngokuvamile babonakala banelisekile ekuphileni, bengahlushwa yilutho olubi.
10 Siyafunda: “Ngaba nomona ngabaziqhayisayo, lapho ngibona ukuthula kwabantu ababi. Ngoba abanayo imihelo yokufa; futhi banomkhaba omkhulu. Abekho ngisho nasenkathazweni yomuntu ofayo, futhi abahlushwa njengabanye abantu.” (IHubo 73:2-8) Kodwa ngokuhamba kwesikhathi lo mlobi weBhayibheli wabona ukuthi kwakungalungile ukuba nalo mbono ophambene. (IHubo 73:15, 16) Lo mhubi wazama ukulungisa ukucabanga kwakhe, kodwa akazange aqonde ngokugcwele ukuthi kungani ababi bebonakala bengajezi ngezenzo zabo ezimbi kuyilapho abantu abalungile behlupheka ngokuvamile.
11. Yini umhubi u-Asafa ayiqonda?
11 Ekugcineni, le ndoda ethembekile yasendulo yakuqonda okwakuyokwehlela ababi—ukuthi ekugcineni uJehova wayezozilungisa izindaba. (IHubo 73:17-19) UDavide wabhala: “Themba uJehova ugcine indlela yakhe, uyokuphakamisa ukuba udle ifa lomhlaba. Lapho ababi benqunywa, uyokubona.”—IHubo 37:9, 11, 34.
12. (a) Iyini injongo kaJehova ngobubi nangokungabi nabulungisa? (b) Wena uzizwa kanjani ngalelo khambi lokuqeda ukungabi nabulungisa?
12 Ngokuqinisekile, kuyinjongo kaJehova ukuba ngesikhathi sakhe esifanele aqede ukungabi nabulungisa okubangelwa ububi kulo mhlaba. Ngisho namaKristu aqotho kufanele azikhumbuze lokhu njalo. UJehova uzobabhubhisa labo abenza ngokuphambene nentando yakhe, avuze labo abaphila ngokuvumelana nayo. “Amehlo akhe ayabona, amehlo akhe akhanyayo ahlola abantwana babantu. UJehova ngokwakhe uhlola olungile kanye nomubi, futhi ngokuqinisekile umphefumulo wakhe uyamzonda umuntu othanda ubudlova. Uyonisela ababi izicupho, umlilo nesibabule nomoya ohangulayo . . . Ngoba uJehova ulungile; uyazithanda izenzo zokulunga.”—IHubo 11:4-7.
Izwe Elisha Elinobulungisa
13, 14. Kungani ukulunga nobulungisa kuyovama ezweni elisha?
13 Lapho uJehova ebhubhisa lesi simiso sezinto esingenabulungisa esilawulwa uSathane, uyoletha izwe elisha elikhazimulayo. Liyolawulwa uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini, uJesu afundisa abalandeli bakhe ukuba bawuthandazele. Esikhundleni sobubi nokungabi nabulungisa kuyoba khona ukulunga nobulungisa, ngoba ngaleso sikhathi lo mthandazo uyophendulwa ngokugcwele: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:10.
14 IBhayibheli lisichazela ngohlobo lombuso esingawulindela, umbuso kwamanje olangazelelwa yibo bonke abantu abanezinhliziyo ezilungile. IHubo 145:16 liyobe seligcwaliseka ngokugcwele: “[Wena Jehova, Nkulunkulu] uvula isandla sakho wanelise isifiso sayo yonke into ephilayo.” Ngaphezu kwalokho, u-Isaya 32:1 uthi: “Bheka! Inkosi [uKristu Jesu esezulwini] iyobusa ngenjongo yokulunga; ngokuqondene nezikhulu [abameleli bakaKristu emhlabeni], ziyobusa njengezikhulu ngenjongo yobulungisa.” Maqondana neNkosi uJesu Kristu, u-Isaya 9:7 uyabikezela: “Ngeke kuphele ukuchichima kokubusa kwesikhulu kanye nokuthula, phezu kwesihlalo sobukhosi sikaDavide naphezu kombuso wakhe ukuze umiswe uqine futhi usekelwe ngobulungisa nangokulunga, kusukela manje kuze kube nini nanini. Yona kanye intshiseko kaJehova wamabutho iyokwenza lokhu.” Uyazibona yini uphila ngaphansi kwalowo mbuso onobulungisa?
15. UJehova uyosenzelani isintu ezweni elisha?
15 Ezweni elisha likaNkulunkulu, ngeke sisaba nesizathu sokusho amazwi akumShumayeli 4:1: “Ngabuya ukuze ngibone zonke izenzo zokucindezela ezenziwa phansi kwelanga, bheka! izinyembezi zabacindezelwayo, kodwa babengenamduduzi; futhi ohlangothini lwabacindezeli babo kwakukhona amandla, kangangokuthi babengenamduduzi.” Yiqiniso, njengoba izingqondo zethu zingaphelele, kunzima ukucabanga ukuthi lelo zwe elisha lokulunga liyoba lihle kanjani ngempela. Ububi ngeke busaba khona; kunalokho, kuyoba nezinto eziningi ezinhle nsuku zonke. Yebo, uJehova uyolungisa konke okungalungile, akulungise ngendlela esingasoze nanini sayicabanga. Yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuthi uJehova uNkulunkulu waphefumulela umphostoli uPetru ukuba abhale: “Kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso sakhe, futhi kukho kuyohlala ukulunga”!—2 Petru 3:13.
16. Amiswe kanjani “amazulu amasha,” futhi ‘umhlaba omusha’ ulungiselelwa kanjani namuhla?
16 Ngempela, asemisiwe kakade “amazulu amasha,” uhulumeni kaNkulunkulu wasezulwini ophethwe uKristu. Labo abayokwakha ingxenye ebalulekile ‘yomhlaba omusha,’ umphakathi omusha wasemhlabeni owakhiwa abantu abalungile, bayabuthwa phakathi nalezi zinsuku zokugcina. Sebecela ezigidini ezingu-7 emazweni angaba ngu-235 nasemabandleni angaba ngu-100 000. Lezi zigidi zifunda ngezindlela zikaJehova zokulunga nobulungisa, ngakho zinobunye obuqiniswe uthando lobuKristu emhlabeni wonke. Ubunye bazo buphawuleka kakhulu futhi buye baqhubeka bukhona kuwo wonke umlando, budlula noma yini ejatshulelwa abantu bakaSathane. Lolo thando nobunye kungamazwibela esikhathi esimangalisayo esiyoba sezweni elisha likaNkulunkulu, eliyobuswa ngokulunga nangobulungisa.—Isaya 2:2-4; Johane 13:34, 35; Kolose 3:14.
Ukuhlasela KukaSathane Ngeke Kuphumelele
17. Kungani umzamo wokugcina kaSathane wokuhlasela abantu bakaJehova ungeke neze uphumelele?
17 Maduze, uSathane nabalandeli bakhe bazohlasela abakhulekeli bakaJehova ngomzamo wokubaqothula ngokuphelele. (Hezekeli 38:14-23) Lokho kuzoba ingxenye yalokho uJesu akubiza ngokuthi “usizi olukhulu olungakaze lube khona kusukela ekuqaleni kwezwe kuze kube manje, cha, futhi olungasayikuphinde lube khona.” (Mathewu 24:21) Ingabe ukuhlasela kukaSathane kuzophumelela? Cha. IZwi likaNkulunkulu liyasiqinisekisa: “UJehova ungumthandi wobulungisa, futhi ngeke abashiye abaqotho bakhe. Ngokuqinisekile bayoqashwa kuze kube nini nanini; kodwa inzalo yababi yona, iyonqunywa impela. Abalungile bayokudla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:28, 29.
18. (a) UNkulunkulu uyosabela kanjani lapho uSathane ehlasela abantu baKhe? (b) Kungani kukuzuzisile ukubukeza lokhu kwaziswa okusekelwe eBhayibhelini ngokunqoba kobulungisa?
18 Lapho uSathane namabutho akhe behlasela izinceku zikaJehova bayobe begcina ukumedelela. Esebenzisa uZakariya, uJehova wabikezela: “Othinta nina uthinta inhlamvu yeso lami.” (Zakariya 2:8) Kuyoba njengokungathi othile ufaka umunwe enhlamvwini yeso likaJehova. Uyothatha isinyathelo ngokushesha, abaqede laba bahlaseli. Izinceku zikaJehova zingabantu abanothando, abanobunye, abanokuthula nabalalela umthetho kunabo bonke emhlabeni. Ngakho kuyobe kungabafanele nakancane lokho kuhlaselwa futhi kungenabo ubulungisa. “Umthandi wobulungisa” omkhulu ngeke akubekezelele. Ukubalwela kwakhe kuyophumela ekubhujisweni phakade kwezitha zabantu bakhe, ekunqobeni kobulungisa nasekusindisweni kwalabo abakhulekela okuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso. Yeka izenzakalo ezimangalisayo nezivusa amadlingozi ezizokwenzeka maduzane!—IzAga 2:21, 22.
Ungaphendula Kanjani?
• Kungani ukungabi nabulungisa kudlange kangaka?
• UJehova uyoyixazulula kanjani inkinga yokuntuleka kobulungisa emhlabeni?
• Yini ekuhlabe umxhwele kulesi sifundo sokunqoba kobulungisa?
[Isithombe ekhasini 23]
Ububi babudlangile ngaphambi kukaZamcolo futhi busadlangile nakulezi ‘zinsuku zokugcina’
[Isithombe ekhasini 24]
Esikhundleni sobubi kuyoba nobulungisa nokulunga ezweni elisha likaNkulunkulu