UJehova Unikeza Okhatheleyo Amandla
“Abamethemba uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi.”—ISAYA 40:31.
1, 2. UJehova ubanikani labo abathembela kuye, futhi yini esizoyicabangela manje?
IZINKOZI ziphakathi kwezinyoni ezinamandla kakhulu kwezindizayo. Zingatshuza amabanga amade ngaphandle kokubhakuzisa amaphiko azo. Njengoba inamaphiko angandlaleka abe amamitha amabili, “iNkosi Yezinyoni,” i-golden eagle, “ingolunye lwezinkozi ezihlaba umxhwele kunazo zonke; iphakama ngaphezu kwamagquma namathafa, indiza phezu kwezintaba amahora amaningi, bese iphakama yenza iziyingi ize ibe ichashazi elimnyamana esibhakabhakeni.”—The Audubon Society Encyclopedia of North American Birds.
2 Ecabanga ngamakhono okhozi okundiza, u-Isaya wabhala: “Nguye [uJehova] omupha oyethileyo amandla, nakongenamandla uyandisa izikhwepha. Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale, nabasha bawa nokuwa, kepha abamethemba uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.” (Isaya 40:29-31) Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi uJehova unikeza labo abathembela kuye amandla okuqhubekela phambili, njengokungathi ubahlomisa ngamaphiko abonakala engakhathali okhozi olundizela phezulu! Manje, cabangela amanye amalungiselelo awenzile ukuze anikeze okhatheleyo amandla.
Amandla Omthandazo
3, 4. (a) UJesu wanxusa abafundi bakhe ukuba benzeni? (b) Yini esingalindela ukuba uJehova ayenze ekuphenduleni imithandazo yethu?
3 UJesu wanxusa abafundi bakhe ukuba “bathandaze ngaso sonke isikhathi futhi bangayeki.” (Luka 18:1) Ingabe ukuthululela izifuba zethu kuJehova kungasisiza ngempela ukuba sithole amandla amasha futhi sigweme ukuhlala phansi lapho izingcindezi zokuphila zibonakala zidlangile? Yebo, kodwa kunezinye izinto okumelwe singazikhohlwa.
4 Kumelwe singeqisi kulokho esilindela ukuba uJehova akwenze lapho ephendula imithandazo yethu. Omunye umKristu owayebe senkathini yokucindezeleka okukhulu kamuva waphawula: “Njengakwezinye izifo, uJehova akenzi izimangaliso manje. Kodwa uyasisiza ukuba sibhekane nesimo futhi selapheke ngezinga esingakwazi ngalo kulesi simiso.” Echaza ukuthi kungani imithandazo yakhe yayenza umehluko, wanezela: “Umoya ongcwele kaJehova ngangiwuthola usuku lonke.” Ngakho, uJehova akasivikeli ezingcindezini zokuphila ezingasicindezela, kodwa ‘uyabanika umoya ongcwele labo abawucela kuye!’ (Luka 11:13; IHubo 88:1-3) Lowo moya ungasenza sibhekane nanoma yikuphi ukulingwa noma izingcindezi esingase sihlangabezane nazo. (1 Korinte 10:13) Uma kudingeka, ungasinika “amandla angaphezu kwavamile” ukuze sikhuthazele kuze kube yilapho uMbuso kaNkulunkulu ususa zonke izinkinga ezicindezelayo ezweni elisha eselisemnyango.—2 Korinte 4:7.
5. (a) Ukuze imithandazo yethu ibe ezwakalayo, yiziphi izinto ezimbili ezibalulekile? (b) Singathandaza kanjani uma silwa nobuthakathaka obuthile benyama? (c) Imithandazo yethu ephikelelayo nengagwegwesi iyombonisani uJehova?
5 Nokho, ukuze imithandazo yethu ibe ezwakalayo kumelwe siphikelele, futhi singagwegwesi. (Roma 12:12) Ngokwesibonelo, uma ukhathala ngezinye izikhathi ngenxa yokulwa nobuthakathaka obuthile benyama, ekuqaleni kosuku ngalunye, nxusa uJehova ukuba akusize ugweme ukunqotshwa yilobo buthakathaka phakathi nosuku. Thandaza ngendlela efanayo phakathi nalo lonke usuku nangaphambi kokuyolala ubusuku ngabunye. Uma uzithola uhluleka, cela intethelelo kaJehova, kodwa futhi khuluma naye ngalokho okukwenzé wahlehlela emuva nokuthi yini ongayenza ukuze ugweme lezo zimo ngokuzayo. Ukuphikelela okunjalo nemithandazo engagwegwesi kuyobonisa ‘uMuzwi wemithandazo’ ubuqotho besifiso sakho sokunqoba kuleyompi.—IHubo 65:2; Luka 11:5-13.
6. Kungani singalindela ngokufanele ukuba uJehova ezwe imithandazo yethu nakuba singase sizizwe singakufanelekele ukuthandaza?
6 Nokho, ngezinye izikhathi labo abaye bakhathala bangazizwa bengakufanelekele ukuthandaza. Owesifazane ongumKristu owayezizwe ngaleyo ndlela kamuva waphawula: “Lowo umcabango oyingozi kakhulu ngoba kusho ukuthi sesikwenze okwethu ukuzahlulela, kanti lokho akukhona okwethu.” Ngempela, “uNkulunkulu ungumahluleli.” (IHubo 50:6) IBhayibheli lisiqinisekisa ukuthi nakuba ‘inhliziyo yethu ingase isilahle, uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu futhi wazi zonke izinto.’ (1 Johane 3:20) Yeka ukuthi kududuza kanjani ukwazi ukuthi nakuba singase sizahlulele njengabangakufanelekele ukuthandaza, uJehova angase angazizwa ngaleyo ndlela ngathi! “Wazi zonke izinto” ngathi, kuhlanganise nezimo ekuphileni kwethu okungenzeka ziye zasibangela ukuba sizizwe singafaneleki. (IHubo 103:10-14) Isihe sakhe nokujula kokuqonda kumshukumisela ukuba alalele imithandazo esuka ‘enhliziyweni eyaphukileyo nedabukileyo.’ (IHubo 51:17) Angenqaba kanjani ukulalela ukucela kwethu usizo kuyilapho yena ngokwakhe emlahla “ovala indlebe yakhe ngokukhala kompofu”?—IzAga 21:13.
Ukufudumala Kobuzalwane
7. (a) Yiliphi elinye ilungiselelo uJehova alenzile ukuze asisize sithole amandla amasha? (b) Ukwazi ini ngobuzalwane bethu okungasiqinisa?
7 Elinye ilungiselelo uJehova alenzile ukuze asisize sithole amandla amasha ubuzalwane bethu bobuKristu. Yeka ukuthi kuyilungelo eliyigugu kanjani ukuba yingxenye yomkhaya womhlaba wonke wabazalwane nodade! (1 Petru 2:17) Lapho izingcindezi zokuphila zisicindezela, ukufudumala kobuzalwane bethu kungasisiza sithole amandla amasha. Kanjani? Ukwazi nje ukuthi asisodwa ekubhekaneni nezinselele ezicindezelayo kungasiqinisa. Ngokungangabazeki phakathi kwabafowethu nodadewethu, kunabanye abaye babhekana nezingcindezi noma ukulingwa okufanayo futhi abaye baba nemizwa enjengeyethu. (1 Petru 5:9) Kumisa idolo ukwazi ukuthi okusehlelayo akukhona okungavamile nokuthi imizwa esinayo ivamile.
8. (a) Yiziphi izibonelo ezibonisa indlela esingathola ngayo usizo nenduduzo esiyidinga kakhulu ebuzalwaneni bethu? (b) Iyiphi indlela wena siqu oye wasizwa noma waduduzwa ngayo ‘umngane weqiniso’?
8 Ekufudumaleni kobuzalwane singathola ‘abangane bangempela’ okuyothi lapho sicindezelekile, basinikeze usizo nenduduzo esiyidinga kakhulu. (IzAga 17:17, qhathanisa ne-NW.) Ngokuvamile, kudingeka nje amazwi anomusa noma izenzo zokucabangela. UmKristu owayelwa nokuzizwa engelutho uyakhumbula: “Kwakunabangane ababengitshela izinto ezinhle ngami ukuze bangisize nginqobe imicabango engemihle enganginayo.” (IzAga 15:23) Ngemva kokufa kwendodakazi yakhe encane, udade othile wakuthola kunzima ekuqaleni ukucula izingoma zoMbuso emihlanganweni yebandla, ikakhulukazi izingoma ezikhuluma ngovuko. “Ngesinye isikhathi,” ekhumbula, “udade owayehlezi ngaphesheya wangibona ngikhala. Weza kimi, wangigaxa, wayesecula nami ingxenye yaleyo ngoma eyayisasele. Ngazizwa ngibathanda kakhulu abazalwane nodade futhi ngajabula kakhulu ngokuthi ngiye ngaya emihlanganweni, ngiqaphela ukuthi yilapho usizo lwethu lukhona, eHholo LoMbuso.”
9, 10. (a) Singaba kanjani nengxenye ekufudumaleni kobuzalwane bethu? (b) Obani kakhulu abadinga ubudlelwane obukhuthazayo? (c) Yini esingayenza ukuze sisize labo abadinga isikhuthazo?
9 Yiqiniso, ngamunye wethu unomthwalo wemfanelo wokwenza ubuzalwane bobuKristu bube obufudumele. Ngakho, izinhliziyo zethu kufanele ‘zanuleke’ zihlanganise bonke abafowethu nodadewethu. (2 Korinte 6:13) Yeka ukuthi bekuyodabukisa kanjani ukuba labo abaye bakhathala babe nomuzwa wokuthi uthando lwabazalwane ngakubo luye lwaphola! Nokho, amanye amaKristu abika ukuthi azizwa enesizungu futhi enganakiwe. Udade omyeni wakhe umelene neqiniso wanxusa: “Ubani ongabufisi futhi ongabudingi ubungane obakhayo, isikhuthazo, nobudlelwane bothando? Sicela nikhumbuze abafowethu nodadewethu ukuthi siyabadinga!” Yebo, ikakhulukazi labo abazimo zabo ekuphileni ziyabacindezela—labo abanabayeni abangakholwa, abazali abangabodwa, labo abanezinkinga zempilo ezingamahlala khona, asebekhulile, kanye nabanye—badinga ubudlelwane obukhuthazayo. Ingabe abanye bethu kudingeka bakhunjuzwe ngalokho?
10 Yini esingayenza ukuze sisize? Masilusabalalise uthando lwethu. Ekumemeni izihambi, masingabakhohlwa labo abadinga isikhuthazo. (Luka 14:12-14; Heberu 13:2) Esikhundleni sokuphetha ngokuthi izimo zabo ziyabavimbela ukuba bamukele isimemo, kungani ungabamemi noma kunjalo? Bese kuba yibona abanqumayo. Ngisho noma bengenakusamukela, ngokungangabazeki kuyobakhuthaza ukwazi ukuthi abanye baye bacabanga ngabo. Kungenzeka yilokho kanye abakudingayo ukuze bathole amandla amasha.
11. Labo abacindezelekile bangadinga usizo ngaziphi izindlela?
11 Labo abacindezelekile bangase badinge usizo ngezinye izindlela. Ngokwesibonelo, umama ongayedwa angase adinge umzalwane ovuthiwe ukuba abonise isithakazelo kumfana wakhe ongenayise. (Jakobe 1:27) Umzalwane noma udade onenkinga yempilo engathi sína angase adinge usizo ngokuthenga noma ngemisebenzi yasendlini. Osekhulile angase alangazelele ubungane noma adinge usizo ukuze aye enkonzweni yasensimini. Lapho kunesidingo esiqhubekayo sosizo olunjalo, ‘ubuqotho bothando lwethu buyavivinyeka’ impela. (2 Korinte 8:8) Esikhundleni sokumonyuka kwabaswele ngenxa yesikhathi nomzamo ohilelekile, kwangathi singanqoba ovivinyweni lothando lobuKristu ngokuba nozwela nangokusabela ezidingweni zabanye.
Amandla EZwi LikaNkulunkulu
12. IZwi likaNkulunkulu lisisiza kanjani ukuba sithole amandla amasha?
12 Umuntu oyeka ukudla ngokushesha uphelelwa amandla. Ngenxa yalokho, enye indlela uJehova asinikeza ngayo amandla okuqhubekela phambili ukuqikelela ukuthi siyondleka ngokomoya. (Isaya 65:13, 14) Yikuphi ukudla okungokomoya akulungiselele? Ngaphezu kwakho konke, iZwi lakhe, iBhayibheli. (Mathewu 4:4; qhathanisa namaHeberu 4:12.) Lingasisiza kanjani ukuba sithole amandla amasha? Lapho izingcindezi nezinkinga esibhekana nazo ziqala ukusithena amandla, singathola amandla ngokufunda ngemizwa nangemishikashika yabesilisa nabesifazane ababekholekile ezikhathini zeBhayibheli. Nakuba beyizibonelo ezivelele zobuqotho, babengabantu ‘abanemizwa efana neyethu.’ (Jakobe 5:17; IzEnzo 14:15) Babhekana nokulingwa nezingcindezi ezifana nezethu. Cabangela ezinye izibonelo.
13. Yiziphi izibonelo ezingokomBhalo ezibonisa ukuthi abesilisa nabesifazane abakholekile ezikhathini zeBhayibheli babenemizwa nokuhlangenwe nakho okunjengokwethu?
13 Inzalamizi u-Abrahama yadabuka kakhulu ngokufa komkayo nakuba yayinokholo ovukweni. (Genesise 23:2; qhathanisa namaHeberu 11:8-10, 17-19.) UDavide owayephendukile waba nomuzwa wokuthi izono zakhe zazimenze wangakufanelekela ukukhonza uJehova. (IHubo 51:11) UMose wayenomuzwa wokungafaneleki. (Eksodusi 4:10) U-Ephafrodithu wacindezeleka kakhulu lapho kwazeka ukuthi ukugula okungathi sína kwakumkhinyabezile ‘emsebenzini weNkosi.’ (Filipi 2:25-30) UPawulu kwakudingeka alwe nenyama enesono. (Roma 7:21-25) U-Evodiya noSintike, odade ababili abagcotshiwe ababesebandleni laseFilipi, ngokusobala babenenkinga yokungezwani. (Filipi 1:1; 4:2, 3) Yeka ukuthi kukhuthaza kanjani ukwazi ukuthi laba abakholekile babenemizwa nokuhlangenwe nakho okunjengokwethu, kodwa abayekanga! NoJehova akazange abalahle.
14. (a) Yiliphi ithuluzi uJehova aye walisebenzisa ukuze asisize sithole amandla eZwini lakhe? (b) Kungani umagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! beye baba nezihloko ezikhuluma ngezindaba zenhlalo, zomkhaya, nezomzwelo?
14 Ukuze asisize sithole amandla eZwini lakhe, uJehova usebenzisa isigaba sesigqila esikholekile nesiqondayo ukuze asinikeze ukudla kwasikhathi sonke “ngesikhathi esifanele.” (Mathewu 24:45) Isigqila esikholekile sekuyisikhathi eside silokhu sisebenzisa umagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! ukuze sivikele iqiniso leBhayibheli futhi simemezele uMbuso kaNkulunkulu njengowukuphela kwethemba lomuntu. Ikakhulukazi emashumini eminyaka amuva, labomagazini baye baba nezihloko ezingokomBhalo ezifike ngesikhathi ngezinselele zezenhlalo, zomkhaya, nezingokomzwelo lezo ngisho nabanye abantu bakaNkulunkulu ababhekana nazo. Kuye kwanyatheliswa ngayiphi injongo ukwaziswa okunjalo? Ngokuqinisekile ukuze kusizwe labo ababhekana nalezi zinselele ukuba bathole amandla nesikhuthazo eZwini likaNkulunkulu. Kodwa futhi izihloko ezinjalo zisisiza sonke ukuba sikuqonde ngokucace kangcono lokho abanye abafowethu nodadewethu okungenzeka babhekene nakho. Ngaleyo ndlela sikuhlonyiselwa kangcono ukusebenzisa amazwi kaPawulu: “Nikhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile, nisekele ababuthakathaka, nibe ababhekakade kubo bonke.”—1 Thesalonika 5:14.
Abadala ‘Abayindawo Yokucashela Umoya’
15. Yini u-Isaya ayiprofetha ngalabo abakhonza njengabadala, futhi yimuphi umthwalo wemfanelo lokhu okuwubeka phezu kwabo?
15 Kunokunye uJehova akulungiselele ukuze asisize lapho sikhathala—abadala bebandla. Ngalaba, umprofethi u-Isaya wabhala: “Umuntu uyakuba-yindawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.” (Isaya 32:1, 2) Khona-ke, abadala banomthwalo wemfanelo wokuba yilokho uJehova akubikezela ngabo. Kumelwe ‘babe’ imithombo yenduduzo nokuqabuleka kwabanye futhi bazimisele ‘ukuqhubeka bethwalisa abanye imithwalo [noma, “izinto ezikhathazayo”; ngokwezwi nezwi, “izinto ezisindayo”].’ (Galathiya 6:2, umbhalo waphansi we-NW) Bangakwenza kanjani lokhu?
16. Yini abadala abangayenza ukuze basize lowo ozizwa engakufanelekele ukuthandaza?
16 Njengoba sekushiwo ngaphambili, ngezinye izikhathi umuntu oye wakhathala angazizwa engakufanelekele ukuthandaza. Yini abadala abangayenza? Bangathandaza nalowo muntu futhi bamthandazele. (Jakobe 5:14) Ukucela uJehova, lowo okhathele ezwa, ukuba amsize aqonde indlela uJehova nabanye abamthanda ngayo ngokuqinisekile kuyoba okududuzayo. Ukuzwa umthandazo oqotho, nowozwela womdala kungasiza ekuqiniseni ithemba lomuntu ocindezelekile. Angase asizwe ukuba acabange ukuthi uma abadala beqiniseka ukuthi uJehova uyoyiphendula imithandazo eyenzelwa onjalo, khona-ke naye angaba nalokho kuqiniseka.
17. Kungani abadala kumelwe babe izilaleli ezinozwela?
17 “Wonke umuntu kumelwe asheshe ngokuphathelene nokuzwa, ephuze ngokuphathelene nokukhuluma,” kusho uJakobe 1:19. Ukuze basize abakhathele bathole amandla amasha, abadala kumelwe futhi babe izilaleli ezinozwela. Kwezinye izimo amalungu ebandla kungenzeka alwa nezinkinga noma izingcindezi ezingeke zixazululwe kulesi simiso sezinto. Khona-ke, okungenzeka ayakudinga akulona ikhambi “lokulungisa” inkinga yawo kodwa nje ukukhuluma nesilaleli esihle—umuntu ongeke awatshele ukuthi kufanele azizwe kanjani kodwa oyolalela ngaphandle kokwahlulela.—Luka 6:37; Roma 14:13.
18, 19. (a) Ukusheshe ezwe kungamsiza kanjani umdala ukuba agweme ukwenza umthwalo wokhatheleyo ube nzima nakakhulu? (b) Uba yini umphumela lapho abadala bebonisa ‘uzwela’?
18 Badala, ukushesha ukuzwa kunganisiza nigweme ukwenza umthwalo wokhathele usinde nakakhulu ningaqaphele. Ngokwesibonelo, uma umzalwane noma udade eye walahlekelwa eminye imihlangano noma wehlisa izinga lenkonzo yasensimini, ingabe ngempela udinga iseluleko sokwenza okwengeziwe enkonzweni noma sokuba khona njalo emihlanganweni? Kungenzeka. Kodwa ingabe usazi sonke isimo? Ingabe kunezinkinga ezandayo zempilo? Ingabe imithwalo yemfanelo yomkhaya isanda kushintsha? Ingabe kunezinye izimo noma izingcindezi ezimcindezelayo? Khumbula, kungenzeka uzizwa enecala kakade ngokungakwazi ukwenza okwengeziwe.
19 Ungamsiza kanjani-ke lowo mzalwane noma udade? Ngaphambi kokuba ufinyelele iziphetho futhi unikeze iseluleko, lalela! (IzAga 18:13) Ngemibuzo enokuqonda ‘thola’ imizwa yenhliziyo yakhe. (IzAga 20:5, qhathanisa ne-NW.) Ungayishayi indiva leyo mizwa—yivume. Okhatheleyo angase adinge ukuqinisekiswa ukuthi uJehova uyasikhathalela futhi uyaqonda ukuthi ngezinye izikhathi izimo zethu zingasilinganisela. (1 Petru 5:7) Lapho abadala bebonisa ‘uzwela’ olunjalo, abakhatheleyo ‘bayotholela imiphefumulo yabo ukuqabuleka.’ (1 Petru 3:8; Mathewu 11:28-30) Lapho bethola ukuqabuleka okunjalo, ngeke kudingeke batshelwe ukuba benze okwengeziwe; izinhliziyo zabo ziyobashukumisela ukuba benze lokho abangakwenza ekukhonzeni uJehova.—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 8:12; 9:7.
20. Njengoba ukuphela kwalesi sizukulwane esibi sekusemnyango, yini okufanele sizimisele ukuyenza?
20 Ngempela siphila esikhathini esinzima kakhulu kuwo wonke umlando wesintu. Izingcindezi zokuphila ezweni likaSathane ziyanda njengoba siya singena esikhathini sokuphela. Khumbula, njengengonyama ezingelayo, uDeveli ulindele ukuba sikhathale bese siyayeka ukuze asizakale asibambe kalula. Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi uJehova unikeza okhatheleyo amandla! Kwangathi singawasebenzisa ngokugcwele amalungiselelo awenzile okusinikeza amandla okuqhubekela phambili, njengokungathi usinika amaphiko anamandla okhozi olundizela phezulu. Njengoba ukuphela kwalesi sizukulwane esibi kuseduze kangaka, lesi akusona isikhathi sokuyeka ukugijima emncintiswaneni wethu womklomelo—ukuphila okumi phakade.—Heberu 12:1.
Ungaphendula Uthini?
◻ Yini esingalindela ukuba uJehova ayenze ekuphenduleni imithandazo yethu?
◻ Yiziphi izindlela esingathola ngazo amandla ebuzalwaneni bethu bobuKristu?
◻ IZwi likaNkulunkulu lisisiza kanjani ukuba sithole amandla amasha?
◻ Yini abadala abangayenza ukuze basize abakhatheleyo bathole amandla amasha?
[Isithombe ekhasini 17]
Ekungeniseni izihambi, masingabakhohlwa abadinga isikhuthazo
[Isithombe ekhasini 18]
Abadala bangacela uJehova asize abakhatheleyo ukuba baqonde indlela abathandwa ngayo