Isahluko Samashumi Amabili Nanhlanu
INkosi Nezikhulu Zayo
1, 2. Yini engase ishiwo ngokulotshwe eMqulwini ka-Isaya WasoLwandle Olufile?
NGASEKUPHELENI kwawo-1940, kwatholakala iqoqo lemiqulu eyisimanga emihumeni eseduze koLwandle Olufile, ePalestine. Yabe seyaziwa ngokuthi iMiqulu YasoLwandle Olufile futhi kucatshangwa ukuthi yalotshwa cishe phakathi kuka-200 B.C.E. no-70 C.E. Owaziwa kakhulu kuyo umqulu ka-Isaya owalotshwa ngesiHeberu esikhunjeni esingagugi. Lo mqulu ucishe uphelele, futhi okulotshwe kuwo akuhlukile kangako emibhalweni yamaMasorete eyalotshwa cishe eminyakeni eyinkulungwane kamuva. Ngakho, lo mqulu ubonisa ukuthi umbhalo weBhayibheli wadluliswa ngendlela enembile.
2 Isici esiphawulekayo ngoMqulu ka-Isaya WasoLwandle Olufile ukuthi ingxenye eyakha ingxenye engu-Isaya isahluko 32 namuhla iphawulwe ngo-“X” obhalwe umlobi eceleni. Asazi ukuthi umlobi walwenzelani lolo phawu, kodwa siyazi ukuthi kunokuthile okukhethekile ngale ngxenye yeBhayibheli Elingcwele.
Ukubusa Ngenjongo Yokulunga Nobulungisa
3. Yimuphi uhulumeni okuprofethwe ngawo encwadini ka-Isaya neyesAmbulo?
3 U-Isaya isahluko 32 uqala ngesiprofetho esimnandi esigcwaliseka ngokuphawulekayo osukwini lwethu: “Bheka! Inkosi iyobusa ngenjongo yokulunga; ngokuqondene nezikhulu, ziyobusa njengezikhulu ngenjongo yobulungisa.” (Isaya 32:1) Yebo, “Bheka!” Lesi sibabazo sisikhumbuza isibabazo esifanayo esisencwadini yesiprofetho yokugcina yeBhayibheli: “Lowo ohlezi esihlalweni sobukhosi wathi: ‘Bheka! Ngenza zonke izinto zibe zintsha.’” (IsAmbulo 21:5) Izincwadi zeBhayibheli, eka-Isaya neyesAmbulo, ukulotshwa kwazo okwaqhelelana ngeminyaka engaba ngu-900, zinikeza incazelo ejabulisayo kahulumeni omusha—“izulu elisha,” elakhiwa iNkosi, uKristu Jesu, eyabekwa esihlalweni sobukhosi ngo-1914 nebusa kanye nabo abangu-144 000 ‘abathengwa phakathi kwesintu’—kanye ‘nomhlaba omusha,’ umphakathi wembulunga yonke wabantu abamunye.a (IsAmbulo 14:1-4; 21:1-4; Isaya 65:17-25) Lonke leli lungiselelo lenzeka ngenxa yomhlatshelo wesihlengo sikaKristu.
4. Yiliphi iqembu eliyinhloko elakha umhlaba omusha manje?
4 Ngemva kokubona umbono wokubekwa uphawu kokugcina kwalaba babusi abangu-144 000, umphostoli uJohane uyabika: “Ngabona, bheka! isixuku esikhulu, okungekho muntu owakwazi ukusibala, siphuma kuzo zonke izizwe nabantu nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu.” Nanti iqembu eliyinhloko elakha umhlaba omusha—isixuku esikhulu manje esibalelwa ezigidini, esiye saqoqelwa ohlangothini lwabambalwa abasele nasebekhulile kwabangu-144 000. Lesi sixuku esikhulu sizosinda osizini olukhulu olusondela ngokushesha, futhi emhlabeni oyiPharadesi, siyohlangana nabathembekile abavusiwe kanye nezinkulungwane zezigidi zabanye eziyonikezwa ithuba lokubonisa ukholo. Bonke abenza kanjalo bayobusiswa ngokuphila okumi phakade.—IsAmbulo 7:4, 9-17.
5-7. ‘Izikhulu’ ezabikezelwa zifeza yiphi indima emhlanjini kaNkulunkulu?
5 Nokho, uma nje leli zwe lamanje eligcwele inzondo lisekhona, amalungu esixuku esikhulu adinga isivikelo. Ngokwezinga elikhulu sinikezwa ‘izikhulu ezibusa ngenjongo yobulungisa.’ Yeka ilungiselelo elihle! Isiprofetho sika-Isaya siyaqhubeka sichaza lezi “zikhulu” ngamazwi amnandi: “Ngamunye kumelwe abe njengendawo yokucashela umoya nendawo yokucashela isiphepho esinemvula, njengemifudlana yamanzi ezweni elingenamanzi, njengomthunzi wedwala elikhulu ezweni eligwadulekile.”—Isaya 32:2.
6 Khona kanye kulesi sikhathi sokucindezeleka emhlabeni wonke, kunesidingo ‘sezikhulu,’ yebo, abadala ‘abazonaka wonke umhlambi,’ banakekele izimvu zikaJehova futhi benze ubulungisa ngokuvumelana nezimiso zikaJehova zokulunga. (IzEnzo 20:28) Lezo ‘zikhulu’ kumelwe zihlangabezane nezimfuneko ezikweyoku-1 Thimothewu 3:2-7 nakuThithu 1:6-9.
7 Esiprofethweni sakhe esithakazelisayo esichaza ‘isiphelo sesimiso sezinto,’ uJesu wathi: “Qaphelani ukuba ningesabi.” (Mathewu 24:3-8) Kungani abalandeli bakaJesu bengenakwesatshiswa yizimo zezwe zanamuhla eziyingozi? Esinye sezizathu ukuthi ‘izikhulu’—kungakhathaliseki ukuthi zigcotshiwe noma ‘zingezinye izimvu’—ziwuvikela ngokwethembeka umhlambi. (Johane 10:16) Zinakekela abafowabo nodadewabo ngesibindi, ngisho nalapho zibhekene nezenzo zonya ezinjengezimpi zobuhlanga nokuqothulwa kohlanga. Ezweni elimpofu ngokomoya, ziyaqikelela ukuthi imiphefumulo ecindezelekile iqatshulwa amaqiniso akhayo eZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli.
8. UJehova uziqeqesha futhi azisebenzise kanjani ‘izikhulu’ ezingezinye izimvu?
8 Phakathi neminyaka engu-50 edlule, ‘izikhulu’ ziye zabonakala ngokucacile. ‘Izikhulu’ ezingezinye izimvu ziyaqeqeshwa njengesigaba ‘somphathi’ esikhulayo ukuze ngemva kosizi olukhulu, abafanelekayo phakathi kwazo babe bekulungele ukukhonza ezikhundleni zokuphatha ‘emhlabeni omusha.’ (Hezekeli 44:2, 3; 2 Petru 3:13) Ngokunikeza isiqondiso nokuqabuleka okungokomoya njengoba zihola enkonzweni yoMbuso, zizibonakalisa ‘zinjengomthunzi wedwala elikhulu,’ ziletha impumuzo emhlanjini endaweni yawo yokukhulekela.b
9. Yiziphi izimo ezibonisa isidingo ‘sezikhulu’ namuhla?
9 Kulezi zinsuku zokugcina eziyingozi zezwe likaSathane elibi, amaKristu azinikezele asidinga kakhulu isivikelo esinjalo. (2 Thimothewu 3:1-5, 13) Kubhenguza imimoya enamandla yemfundiso yamanga nemfundiso-ze esontekile. Kuvunguza izivunguvungu zezimpi zezizwe nezokuhlaselwa okuqondile kwabakhulekeli abathembekile bakaJehova uNkulunkulu. Ezweni eligagadwe isomiso esingokomoya, amaKristu ayidinga ngokuphuthumayo imifula yamanzi eqiniso elimsulwa elingonakalisiwe ukuze acime ukoma kwawo okungokomoya. Kuyajabulisa ukuthi uJehova uthembise ukuthi iNkosi ebusayo ayimisile, isizwa abafowabo abagcotshiwe ‘nezikhulu’ zezinye izimvu ezibasekelayo, iyonikeza isikhuthazo nesiqondiso kulabo abacindezelekile nabadikibele kulesi sikhathi sokuhlupheka. UJehova uyobe eseqikelela ukuthi okulungile nokufanele kuyenzeka.
Ukunaka Ngamehlo, Ngezindlebe Nangezinhliziyo
10. Yimaphi amalungiselelo uJehova awenzile ukuze abantu bakhe ‘bezwe futhi balalele’ izinto ezingokomoya?
10 Isixuku esikhulu sisabele kanjani elungiselelweni likaJehova elingokwasezulwini? Lesi siprofetho siyaqhubeka: “Amehlo ababonayo ngeke avalwe, nezindlebe zabezwayo ziyolalela.” (Isaya 32:3) Kule minyaka edlule, uJehova wenze ukuba izinceku zakhe eziyigugu zifundiswe futhi zifinyelele ekuvuthweni. ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini neminye imihlangano eqhutshwa emabandleni oFakazi BakaJehova emhlabeni kabanzi; imihlangano yesigodi, yesifunda neyezizwe kanye nokuqeqeshwa okukhethekile ‘kwezikhulu’ ukuba ziphathe umhlambi ngokunakekela kothando, konke kuye kwaba neqhaza ekwakhiweni kobuzalwane bembulunga yonke obuhlanganisa izigidi zabantu abanobunye. Nomaphi lapho bekhona laba belusi emhlabeni, izindlebe zabo zihlala zicijile ukuze bezwe lapho kulungiswa indlela yokuqonda izwi leqiniso eliqhubekela phambili. Ngonembeza abaqeqeshwe ngeBhayibheli, bahlale bekulungele ukuzwa nokulalela.—IHubo 25:10.
11. Kungani abantu bakaNkulunkulu bekhuluma ngokuzethemba manje, bengangingiziswa ukungaqiniseki?
11 Lesi siprofetho sibe sesixwayisa: “Inhliziyo yalabo abanamawala ngokweqile iyocabangela ulwazi, ngisho nolimi lwezingingingi luyoshesha ukukhuluma izinto ezicacile.” (Isaya 32:4) Makungabi bikho muntu ofinyelela eziphethweni ngamawala ngokuthi yini elungile nengalungile. IBhayibheli lithi: “Ingabe umbonile umuntu onamawala ngamazwi akhe? Kukhona ithemba elikhulu ngomuntu oyisiphukuphuku kunangaye.” (IzAga 29:20; UmShumayeli 5:2) Ngaphambi kuka-1919, ngisho nabantu bakaJehova babengcoliswe imibono yeBabiloni. Kodwa kusukela ngalowo nyaka, uJehova ubenze baziqonda ngokucace ngokwengeziwe izinjongo zakhe. Amaqiniso awembulile bawathole engewona amawala, kodwa ecatshangwe kahle futhi manje bakhuluma ngokuqiniseka ngabakukholelwayo, abangingiziswa ukungaqiniseki.
“Ongenangqondo”
12. Obani ‘abangenangqondo’ namuhla, futhi abaphani ngayiphi indlela?
12 Isiprofetho sika-Isaya sibe sesiveza umehluko: “Ongenangqondo ngeke esabizwa ngokuthi uyephana; nomuntu ongenazimiso, ngeke kuthiwe uyisicukuthwane; ngoba ongenangqondo uyokhuluma okungenangqondo kuphela.” (Isaya 32:5, 6a) Ubani lo “ongenangqondo”? Njengokungathi iyagcizelela, iNkosi uDavide inikeza impendulo kabili: “Ongenangqondo uthé enhliziyweni yakhe: ‘Akekho uJehova.’ Benzé ngendlela echithayo, benzé ngendlela enengekayo ekusebenzelaneni kwabo nabanye. Akekho owenza okuhle.” (IHubo 14:1; 53:1) Yebo, abanye bayaphika ukuthi uNkulunkulu ukhona. Empeleni, “nezihlakaniphi” kanye nabanye abenza njengokungathi uNkulunkulu akekho basho kanjalo, bacabanga ukuthi akekho okudingeka balandise kuye. Iqiniso alikho kwabanjalo. Izinhliziyo zabo aziphi. Abanalo ivangeli lothando. Ngokungefani namaKristu angempela, bayephuza ukunikeza abaswele izidingo abazidingayo lapho becindezelekile, noma bangabaniki nhlobo.
13, 14. (a) Izihlubuki zanamuhla zikwenza kanjani okulimazayo? (b) Izihlubuki zizama ukubancishani abalambile nabomile, kodwa siyoba yini isiphetho?
13 Abaningi kulabo abangenangqondo bayabazonda labo abasekela iqiniso likaNkulunkulu. “Nayo kanye inhliziyo yakhe iyokwenza okulimazayo, ukuba yenze ukuhlubuka nokuba ikhulume okuphambukile ngoJehova.” (Isaya 32:6b) Yeka ukuthi lokhu kuyiqiniso kanjani ngezihlubuki zanamuhla! Emazweni amaningi eYurophu nase-Asia, izihlubuki ziye zazibandakanya nabanye abaphikisi beqiniso, zatshela iziphathimandla amanga aluhlaza cwe, ngoba zifuna oFakazi BakaJehova bavinjelwe noma babekelwe imingcele. Zibonisa umoya ‘wesigqila esibi,’ uJesu aprofetha ngaso: “Uma kungenzeka leso sigqila esibi sithi enhliziyweni yaso, ‘Inkosi yami ilibele,’ bese siqala ukushaya izigqila ezikanye naso futhi sidle siphuze nezidakwa ezaziwayo, inkosi yaleso sigqila iyofika ngosuku esingalulindele nangehora esingalazi, futhi isijezise kanzima kakhulu futhi isabele ingxenye yaso nabazenzisi. Lapho kulapho ukukhala kwaso nokuququda amazinyo kuyoba khona.”—Mathewu 24:48-51.
14 Okwamanje, isihlubuki senza ‘umphefumulo wolambileyo ulambathe, futhi sibangela ngisho nowomileyo ukuba angasitholi isiphuzo.’ (Isaya 32:6c) Izitha zeqiniso zizama ukuncisha abantu abalambele iqiniso ukudla okungokomoya, futhi zizama ukuvimbela abomileyo ukuba bangawaphuzi amanzi aqabulayo esigijimi soMbuso. Kodwa isiphetho siyoba yilokho uJehova akutshela abantu bakhe ngomunye wabaprofethi bakhe: “Ngokuqinisekile bazolwa nawe, kodwa ngeke bakunqobe, ngoba ‘mina nginawe,’ kusho uJehova, ‘ukuba ngikukhulule.’”—Jeremiya 1:19; Isaya 54:17.
15. Namuhla, obani ‘abangenazimiso’ ngokukhethekile, futhi yimaphi “amazwi angamanga” abawabhebhezele, futhi waba yini umphumela?
15 Kusukela maphakathi nekhulu lama-20, ukuziphatha okubi kuye kwadlanga emazweni eLobukholwa. Ngani? Lesi siprofetho sabikezela isizathu esisodwa: “Umuntu ongenazimiso, amathuluzi akhe mabi; yena ngokwakhe unikeze iseluleko ngezenzo zokuziphatha okuxekethile, ukuze aphihlize ohluphekileyo ngamazwi angamanga, ngisho nalapho ompofu ekhuluma okulungileyo.” (Isaya 32:7) Ekugcwalisekeni kwala mazwi, abefundisi abaningi ikakhulukazi banesimo sengqondo sokuyekelela endabeni yobulili ngaphambi komshado, ukukipita, ubungqingili—yebo, “ubufebe nokungahlanzeki kwazo zonke izinhlobo.” (Efesu 5:3) Ngaleyo ndlela ‘baphihliza’ imihlambi yabo ngamazwi angamanga.
16. Yini ejabulisa amaKristu eqiniso?
16 Ngokuphambene, yeka ukuthi kuqabula kanjani ukugcwaliseka kwamazwi alandelayo omprofethi! “Umuntu ophanayo yena, uye wanikeza iseluleko ngezenzo ezibonisa ukuphana; futhi uyosukumela izenzo ezibonisa ukuphana.” (Isaya 32:8) UJesu ngokwakhe wayekhuthaza ukupha lapho ethi: “Yenzani ukupha kube umkhuba, futhi abantu bayonipha. Bayothela emathangeni enu isilinganiso esihle, esigxishiwe, esigxishisisiwe nesichichimayo. Ngoba isilinganiso enilinganisa ngaso, bayonilinganisela ngaso njengembuyiselo.” (Luka 6:38) Umphostoli uPawulu naye waveza izibusiso ezitholwa ngabaphanayo lapho ethi: “Nikhumbule amazwi eNkosi uJesu, lapho yona ngokwayo ithi, ‘Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.’” (IzEnzo 20:35) AmaKristu eqiniso awajatshuliswa ingcebo yezinto ezibonakalayo noma ukuvelela, kodwa ajatshuliswa ukuphana—ngendlela efanayo naleyo uNkulunkulu wawo, uJehova, aphana ngayo. (Mathewu 5:44, 45) Injabulo enkulu ayithola ekwenzeni intando kaNkulunkulu, ekuzinikeleni ngokungazigodli ukuze atshele abanye ‘izindaba ezinhle ezikhazimulayo zikaNkulunkulu ojabulayo.’—1 Thimothewu 1:11.
17. Obani namuhla ‘abanjengamadodakazi angenandaba’ u-Isaya akhuluma ngawo?
17 Isiprofetho sika-Isaya siyaqhubeka: “Nina besifazane enikhululekile, vukani, lalelani izwi lami! Nina madodakazi angenandaba, bekani indlebe ezwini lami! Phakathi nonyaka nezinsuku ezithile nina eningenandaba niyoyaluza, ngoba ukukha amagilebhisi kuyobe kuphelile kodwa kuyobe kungekho zithelo ezibuthiwe eziyongeniswa. Thuthumelani nina besifazane enikhululekile! Yaluzani nina eningenandaba!” (Isaya 32:9-11a) Isimo sengqondo salaba besifazane singase sisikhumbuze labo namuhla abathi bakhonza uNkulunkulu kodwa abangashiseki enkonzweni yakhe. Labo batholakala ezinkolweni ‘zeBabiloni Elikhulu, unina wezifebe.’ (IsAmbulo 17:5) Ngokwesibonelo, amalungu ezinkolo zeLobukholwa afana ncamashí nalaba “besifazane” abachazwa u-Isaya. ‘Bakhululekile,’ abanandaba nesahlulelo nesiyaluyalu esizobafikela maduze nje.
18. Obani abayalwa ukuba ‘babhince indwangu yamasaka ezinkalweni,’ futhi ngani?
18 Khona-ke kuphuma umyalo oya enkolweni yamanga: “Khumulani nibe nqunu nibhince indwangu yamasaka ezinkalweni. Zishayeni amabele nililela amasimu afiselekayo, nililela umvini othela izithelo. Emhlabathini wabantu bami kumila ameva nje kuphela, izihlahla ezinameva, ngoba ziphezu kwazo zonke izindlu zokwethaba, yebo umzana owesese kakhulu.” (Isaya 32:11b-13) Inkulumo ethi “Khumulani nibe nqunu” akubonakali isho ukukhumula zonke izingubo. Isiko lasendulo laliwukugqoka ingubo yangaphandle phezu kweyangaphansi. Eyangaphandle ngokuvamile yayimbonakalisa umuntu. (2 AmaKhosi 10:22, 23; IsAmbulo 7:13, 14) Ngakho lesi siprofetho siyala amalungu ezinkolo zamanga ukuba akhumule izingubo zawo zangaphandle—ukuzisholo kwawo ukuthi ayizinceku zikaNkulunkulu—esikhundleni sazo agqoke izingubo zendwangu yamasaka, eziwuphawu lokuzila ngenxa yesahlulelo sabo esisondele. (IsAmbulo 17:16) Akukho zithelo zokuhlonipha uNkulunkulu ezingatholakala ezinhlanganweni zeLobukholwa, ezithi ‘zingumzana kaNkulunkulu owesese kakhulu,’ noma phakathi kwamanye amalungu ombuso wezwe wenkolo yamanga. Izikhungo zawo ziveza ‘ameva nezihlahla ezinameva’ okunganaki nokulahlwa.
19. Yisiphi isimo ‘seJerusalema’ elihlubukayo esembulwa u-Isaya?
19 Lo mfanekiso wobumnyama ufinyelela kuzo zonke izindawo ‘zeJerusalema’ elihlubukayo: “Umbhoshongo wokuhlala ulahliwe, ukuxokozela komuzi kushiyiwe; i-Ofeli nenqaba yokulinda kubé yiziganga ezingenalutho, ukwethaba kwamadube, idlelo lemihlambi kuze kube phakade.” (Isaya 32:14) Yebo, ngisho ne-Ofeli libaliwe. I-Ofeli liyindawo ephakeme yaseJerusalema enendawo eqinile yokuzivikela. Ukuthi i-Ofeli liba isiganga esingenalutho kusho ukuchithwa okuphelele kwalo muzi. Amazwi ka-Isaya abonisa ukuthi “iJerusalema” elihlubukayo—eLobukholwa—alikunakile ukwenza intando kaNkulunkulu. Alitheli ngokomoya, alinalo nhlobo iqiniso nobulungisa—lifana nesilwane nje kwaphela.
Umehluko Omuhle Kakhulu!
20. Uyini umphumela wokuthululwa komoya kaNkulunkulu phezu kwabantu bakhe?
20 U-Isaya ube esenikeza ithemba elijabulisayo ngalabo abenza intando kaJehova. Ukubhujiswa kwabantu bakaNkulunkulu uqobo kuyoqhubeka kuze “kube yilapho sekuthululwe phezu kwethu umoya ovela phezulu, nehlane selibe yingadi yezithelo, futhi ingadi yezithelo yona isibhekwa njengehlathi langempela.” (Isaya 32:15) Ngokujabulisayo, kusukela ngo-1919, umoya kaJehova uye wathululelwa kubantu bakhe ngezinga elikhulu, ngomqondo ongokomfanekiso, kwabuyiselwa insimu yezithelo ezingoFakazi abagcotshiwe, eyayizolandelwa ihlathi elikhulayo lezinye izimvu. Ukuchuma nokwanda kuyizinto eziyinhloko enhlanganweni yakhe esemhlabeni namuhla. Epharadesi elingokomoya elibuyiselwe, abantu bakhe babonisa ‘inkazimulo kaJehova nobukhazikhazi bukaNkulunkulu wethu’ njengoba bememezela uMbuso wakhe ozayo emhlabeni wonke.—Isaya 35:1, 2.
21. Kutholakalaphi ukulunga, ukuthula nokulondeka namuhla?
21 Manje lalela isithembiso sikaJehova esihle kakhulu: “Ngokuqinisekile ubulungisa buyohlala ehlane, ukulunga kuhlale engadini yezithelo. Umsebenzi wokulunga kweqiniso kumelwe ube ukuthula; nenkonzo yokulunga kweqiniso ibe ukuzola nokulondeka kuze kube phakade.” (Isaya 32:16, 17) Yeka ukuthi lokhu kusichaza kahle kanjani isimo esingokomoya sabantu bakaJehova namuhla! Ngokungafani neningi lesintu, elihlukaniswe yinzondo, ubudlova nobumpofu obukhulu obungokomoya, amaKristu eqiniso amunye embulungeni yonke, nakuba ‘ephuma kuzo zonke izizwe nabantu nezilimi.’ Aphila, asebenze futhi akhonze ngokuvumelana nokulunga kukaNkulunkulu, enethemba lokuthi ekugcineni ayothola ukuthula kweqiniso nokulondeka kuze kube phakade.—IsAmbulo 7:9, 17.
22. Uyini umehluko phakathi kwesimo sabantu bakaNkulunkulu nesalabo abasenkolweni yamanga?
22 Epharadesi elingokomoya, u-Isaya 32:18 useyagcwaliseka kakade. Uthi: “Abantu bami bayohlala endaweni yokuhlala enokuthula nasezindaweni zokuhlala zokuqiniseka okuphelele nasezindaweni zokuphumula ezingaphazanyiswa.” Kodwa kumaKristu-mbumbulu, “ngokuqinisekile liyowisa isichotho lapho ihlathi liwela phansi nomuzi uthotshiselwa esimweni sokwehliswa.” (Isaya 32:19) Yebo, njengesichotho esinamandla, isahlulelo sikaJehova silungele ukushaya umuzi-mbumbulu wenkolo yamanga, siceke “ihlathi” labasekeli bawo, sibaqothule bangaphinde babe khona!
23. Yimuphi umsebenzi wembulunga yonke osuzophothulwa, futhi yini okumelwe ishiwo ngalabo abawenzayo?
23 Le ngxenye yesiprofetho iphetha ngokuthi: “Niyajabula nina enihlwanyela imbewu eceleni kwawo wonke amanzi, enithuma izinyawo zenkunzi nezembongolo.” (Isaya 32:20) Inkunzi nembongolo kwakuyizilwane ezazisetshenziswa abantu bakaNkulunkulu basendulo lapho belima amasimu futhi betshala imbewu. Namuhla, abantu bakaJehova basebenzisa imishini yokunyathelisa, eyama-electronic, izakhiwo zesimanje nezinto zokuhamba, futhi ngaphezu kwakho konke, basebenzisa inhlangano engokwasezulwini ukuze banyathelise futhi basakaze izigidigidi zezincwadi zeBhayibheli. Izisebenzi zokuzithandela zisebenzisa la mathuluzi ukuze zitshale imbewu yeqiniso loMbuso emhlabeni wonke, ngomqondo ongokoqobo, “eceleni kwawo wonke amanzi.” Sekuvunwe izigidi zamadoda nabesifazane abesaba uNkulunkulu, futhi abanye abaningi bazihlanganisa nabo. (IsAmbulo 14:15, 16) Ngempela, bonke kumelwe kuthiwe ‘bayajabula’!
[Imibhalo yaphansi]
a “Inkosi” eku-Isaya 32:1 kungenzeka ekuqaleni yayibhekisela eNkosini uHezekiya. Nokho, ukugcwaliseka okukhulu kuka-Isaya isahluko 32 kuhlobene neNkosi, uKristu Jesu.
b Bheka INqabayokulinda ka-March 1, 1999, amakhasi 13-18, enyatheliswa yi-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania.
[Izithombe ekhasini 331]
EMiqulwini YasoLwandle Olufile, u-Isaya isahluko 32 uphawulwe ngo-“X”
[Izithombe ekhasini 333]
‘Isikhulu’ ngasinye sinjengendawo yokucashela umoya, sinjengendawo yokukhosela emvuleni, sinjengamanzi ogwadule nanjengomthunzi elangeni
[Isithombe ekhasini 338]
UmKristu ukujabulela kakhulu ukuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye