-
UJehova Uthululela Intukuthelo Yakhe EzizweniIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu I
-
-
16, 17. Uyoba yini u-Edomi, futhi uyoqhubeka enjalo isikhathi eside kangakanani?
16 Isiprofetho sika-Isaya siyaqhubeka, sibikezela ukuthi indawo yabantu bakwa-Edomi iyothathwa izilwane zasendle, okusho ukubhujiswa okuzayo: “Liyogangatheka izizukulwane ngezizukulwane; akukho muntu oyodabula kulo kuze kube phakade naphakade. Ivuba nengungumbane kuyolenza libe elako, nezikhova ezinamadlebe amade namagwababa kuyohlala kulo; uyokwelula phezu kwalo umucu wokulinganisa wobuze namatshe ogwadule. Izicukuthwane zalo—asikho nesisodwa lapho esiyobizelwa ebukhosini, nazo kanye izikhulu zalo zonke ziyoba yize. Kuyovela ameva emibhoshongweni yalo yokuhlala, izimbabazane nokhula olunameva ezindaweni zalo ezinezivikelo eziqinile; liyoba yindawo yokuhlala yezimpungushe, igceke lezintshe. Okuvama ezifundeni ezingenamanzi kuyohlangana nezilwane ezihewulayo, ngisho nedemoni elimise okwembuzi liyomemeza umngane walo. Yebo, uzavolo uyochanasa lapho azitholele indawo yokuphumula. Inyoka eshulubezayo yakhé isidleke sayo khona futhi izalela amaqanda.”—Isaya 34:10b-15.a
17 Yebo, u-Edomi uyoba izwe elingenalutho. Liyoba indawo eyincithakalo enezilwane zasendle, izinyoni nezinyoka kuphela.
-
-
UJehova Uthululela Intukuthelo Yakhe EzizweniIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu I
-
-
a Ngesikhathi sikaMalaki, lesi siprofetho sase sigcwalisekile. (Malaki 1:3) UMalaki uthi abakwa-Edomi babenethemba lokuphinde balithole izwe labo elenziwe incithakalo. (Malaki 1:4) Kodwa loko kwakungeyona intando kaJehova, futhi kamuva izwe elalingelakwa-Edomi lathathwa abanye abantu, amaNabataean.
-