Ukujabula Manje Naphakade
“Jabulani, nethabe kuze kube phakade ngengikudalayo, ngokuba bheka, ngilidala iJerusalema libe-ngukwethaba, nabantu balo babe-yinjabulo.”—ISAYA 65:18.
1. Ukukhulekela kweqiniso kuye kwabathinta kanjani abantu phakathi namakhulu eminyaka?
KUWO wonke amakhulu eminyaka, amanani angenakubalwa aye athola injabulo enkulu ekukhonzeni uNkulunkulu weqiniso, uJehova. UDavide wayengomunye owayejabula ekukhulekeleni kweqiniso. IBhayibheli lilandisa ukuthi lapho umphongolo wesivumelwano ulethwa eJerusalema, “uDavide nayo yonke indlu kaIsrayeli benyusa umphongolo kaJehova ngokukhamuluka.” (2 Samuweli 6:15) Injabulo enjalo ekukhonzeni uJehova ayiyona nje into yesikhathi esidlule. Ungahlanganyela kuyo. Futhi ngokushesha ungajabulela ngisho nenjabulo eyengeziwe!
2. Ngaphandle kokugcwaliseka kokuqala kuka-Isaya isahluko 35 kumaJuda ayebuyile, obani namuhla abahileleke kokunye ukugcwaliseka?
2 Esihlokweni esandulele, sihlole ukugcwaliseka kokuqala kwesiprofetho esivusa amadlingozi esilotshwe ku-Isaya isahluko 35. Lesi siprofetho singasibiza ngokufanelekile ngokuthi isiprofetho sokubuyiselwa ngoba yilokho esaba yikho kumaJuda asendulo. Sinokugcwaliseka okufanayo nasesikhathini sethu. Kanjani? Phela, kusukela kubaphostoli bakaJesu nabanye ngePentekoste lika-33 C.E., uJehova ubesebenzelana nama-Israyeli angokomoya. Laba abantu abagcotshwe ngomoya ongcwele kaNkulunkulu ababa yingxenye yalokho umphostoli uPawulu akubiza ngokuthi ‘u-Israyeli kaNkulunkulu.’ (Galathiya 6:16; Roma 8:15-17) Futhi, khumbula ukuthi kweyoku-1 Petru 2:9, lamaKristu abizwa ngokuthi “uhlanga olukhethiweyo, ubupristi bobukhosi, isizwe esingcwele, isizwe sokuba yimpahla ekhethekile.” UPetru uyaqhubeka echaza isabelo esasinikwe u-Israyeli ongokomoya: “‘Nimemezele kabanzi ubuhle’ balowo owanibiza ukuba niphume ebumnyameni ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.”
Ukugcwaliseka Esikhathini Sethu
3, 4. Sasiyini isimo lapho u-Isaya isahluko 34 egcwaliseka ezikhathini zanamuhla?
3 Kunesikhathi ekuqaleni kwaleli khulu leminyaka, lapho insali ka-Israyeli ongokomoya emhlabeni yayinenkuthalo eguquguqukayo ekumemezeleni isigijimi esinjalo. Yayingakujabuleli ngokugcwele ukukhanya okumangalisayo kukaNkulunkulu. Eqinisweni, yayisebumnyameni obukhulu. Kwakunini lapho? Futhi uJehova uNkulunkulu wenzani ngakho?
4 Kwakusenkathini yeMpi Yezwe I, ngokushesha ngemva kokuba uMbuso kaNkulunkulu wobuMesiya umisiwe ezulwini ngo-1914. Izizwe, zisekelwa abefundisi bamasonto emazweni ahlukahlukene, zazithukuthelelene. (IsAmbulo 11:17, 18) Njengoba kulindelekile, uNkulunkulu wayemelene neLobukholwa eliyisihlubuki nesigaba salo sabefundisi esiziphakamisayo njengoba nje ayemelene nesizwe sakwa-Edomi esasiqhosha. Ngakho, eLobukholwa, i-Edomi elalifanekiselwa, lizobhekana nokugcwaliseka kwanamuhla kuka-Isaya isahluko 34. Lokhu kugcwaliseka kokuba liqothulwe phakade kuqiniseke ngendlela efanayo nokugcwaliseka kokuqala phezu kwe-Edomi lasendulo.—IsAmbulo 18:4-8, 19-21.
5. U-Isaya isahluko 35 uye wagcwaliseka kanjani esikhathini sethu?
5 Kuthiwani ngesahluko 35 sesiprofetho sika-Isaya, njengoba sigcizelela ukujabula? Naso siye sagcwaliseka esikhathini sethu. Kanjani? Siye sagcwaliseka ngokubuyiswa kuka-Israyeli ongokomoya ekuthunjweni okungokomfanekiso. Ake sihlole amaqiniso kulokho okuwumlando wamuva ongokwasezulwini, owenzeka phakathi nesikhathi sokuphila kwabaningi abasekhona.
6. Kungani kungase kuthiwe insali ka-Israyeli ongokomoya yaba sesimweni sokuthunjwa?
6 Isikhathi esifushane phakathi nenkathi yeMpi Yezwe I, insali ka-Israyeli ongokomoya yayingazange ihlale ihlanzeké ngokuphelele futhi izivumelanisa nentando kaNkulunkulu. Abanye kuyo babengcoliswe amaphutha angokwezimfundiso futhi bayekethisa ngokungathathi ukuma okucacile ngakuJehova lapho becindezelwa ukuba basekele amazwe ayelwa. Phakathi naleyo minyaka yempi, yabhekana nazo zonke izinhlobo zokushushiswa, izincwadi zayo zeBhayibheli zivinjelwa nokuvinjelwa ezindaweni eziningi. Ekugcineni, abanye babazalwane abavelele balahlwa ngamacala amanga futhi baboshwa. Uma ubheka emuva, akunzima ukubona ukuthi, ngomqondo othile, abantu bakaNkulunkulu babengakhululekile neze, babesesimweni sokuthunjwa. (Qhathanisa noJohane 8:31, 32.) Babentula umbono ongokomoya ngendlela engathi sína. (Efesu 1:16-18) Bazibonakalisa benjengezimungulu ekudumiseni uNkulunkulu, umphumela waba ukuba abangenazithelo ngokomoya. (Isaya 32:3, 4; Roma 14:11; Filipi 2:11) Uyabona yini ukuthi lokhu kufana kanjani nesimo samaJuda asendulo ayesekuthunjweni eBabiloni?
7, 8. Hlobo luni lokubuyiselwa insali yanamuhla eye yakujabulela?
7 Kodwa ingabe uNkulunkulu wayeyoyeka izinceku zakhe zanamuhla zikuleso simo? Cha, wayezimisele ukuzibuyisa, ngokuvumelana nalokho okwabikezelwa ngo-Isaya. Ngaleyo ndlela sona lesi siprofetho esisesahlukweni 35 sigcwaliseka ngokuphawulekayo esikhathini sethu, njengoba kubuyiselwa insali ka-Israyeli ongokomoya ekuchumeni nasempilweni epharadesi elingokomoya. KumaHeberu 12:12, uPawulu wasebenzisa u-Isaya 35:3 ngomqondo ongokomfanekiso, okufakazela ukunemba kokusebenzisa kwethu lengxenye yesiprofetho sika-Isaya ngendlela engokomoya.
8 Ngenkathi engemva kwempi, abagcotshiwe baka-Israyeli ongokomoya ababesasele baphuma ekuthunjweni, ngomqondo ongokomfanekiso. UJehova uNkulunkulu wasebenzisa uJesu Kristu, uKoresi Omkhulu, ukuba abakhulule. Ngakho, lensali yakwazi ukwenza umsebenzi wokwakha kabusha, owawufana nomsebenzi wensali yamaJuda asendulo, abuyela ezweni lawo ukuze ayokwakha kabusha ithempeli elingokoqobo eJerusalema. Ngaphezu kwalokho, lama-Israyeli angokomoya ezikhathini zanamuhla akwazi ukuqala ukutshala nokuveza ipharadesi elingokomoya elivundile, insimu yase-Edene engokomfanekiso.
9. Into efana naleyo echazwe ku-Isaya 35:1, 2, 5-7 yenzeka kanjani esikhathini sethu?
9 Sicabanga ngalokhu okungenhla, ake siphinde sicabangele u-Isaya isahluko 35, futhi siqale ngamavesi 1 no-2. Okwakubonakale kuyindawo engenamanzi kwaqala ukuqhakaza ngempela futhi kwaveza izithelo njengamathafa asendulo aseSharoni. Khona-ke, bheka amavesi 5 kuya ku-7. Insali, abambalwa kuyo abasaphila futhi abakhuthele enkonzweni kaJehova, yavulwa amehlo okuqonda. Yakwazi ukuyibona kangcono incazelo yalokho okwakwenzeke ngo-1914 nangemva kwalokho. Futhi lokho kuye kwaba nethonya kwabaningi bethu abakha “isixuku esikhulu,” manje esikhonza kanye nensali.—IsAmbulo 7:9.
Ingabe Uyahlanganyela Kulokho Kugcwaliseka?
10, 11. (a) Uye wahileleka kanjani ekugcwalisekeni kuka-Isaya 35:5-7? (b) Wena siqu uzizwa kanjani ngalezi zinguquko?
10 Ngokwesibonelo, ake ucabange ngawe. Ngaphambi kokuba uhlangane noFakazi BakaJehova, ingabe wawulifunda njalo iBhayibheli? Uma kunjalo, wawuliqonda kangakanani? Ngokwesibonelo, manje usuyalazi iqiniso ngesimo sabafileyo. Cishe umuntu onesithakazelo kulendaba ungamvulela imibhalo efanele kuGenesise isahluko 2, umShumayeli isahluko 9, no Hezekeli isahluko 18, kanye neminye imibhalo eminingi. Yebo, cishe uyakuqonda lokho iBhayibheli elikufundisayo ngezindaba noma izimpikiswano eziningi. Kalula nje, uyaliqonda iBhayibheli, futhi ungabachazela okuningi kulo abanye, njengoba ngokungangabazeki uye wenza.
11 Nokho, ngabanye singenza kahle uma singazibuza, ‘Ngikufunde kanjani konke engikwaziyo ngeqiniso leBhayibheli? Ngaphambi kokufunda nabantu bakaJehova, ingabe ngase ngiyitholile yonke imibhalo esanda kushiwo? Ingabe ngangiyiqonda futhi ngifinyelele iziphetho ezifanele ngalokho ekushoyo?’ Impendulo eqotho kulemibuzo cishe ingucha. Akekho okufanele acasulwe yilenkulumo, kodwa kungase kushiwo ukuthi ngokuyisisekelo wawuyimpumputhe ngokuqondene nalemibhalo nalokho ekushoyo. Akunjalo? Yayikhona eBhayibhelini, kodwa wawungayiqondi noma ungakuqondi ekushoyo. Khona-ke, avuleka kanjani amehlo akho ngokomoya? Kwenzeka ngalokho uJehova aye wakwenza ekugcwaliseni u-Isaya 35:5 ensalini egcotshiwe. Amehlo akho nawe ayesevuleka. Awusekho ebumnyameni obungokomoya. Uyabona.—Qhathanisa nesAmbulo 3:17, 18.
12. (a) Kungani singase sithi lesi akusona isikhathi sokuphulukiswa okungokoqobo ngokuyisimangaliso? (b) Isimo sikaMfoweth’ uF. W. Franz sayibonisa kanjani indlela u-Isaya 35:5 agcwaliseka ngayo esikhathini sethu?
12 Abafundi abakhuthele beBhayibheli nabafunda ngokusebenzelana kukaNkulunkulu nabantu phakathi namakhulu eminyaka bayazi ukuthi lena akuyona inkathi yezimangaliso ezingokoqobo zokuphulukisa emlandweni. (1 Korinte 13:8-10) Ngakho asilindele ukuba uJesu Kristu avule amehlo ezimpumputhe ukuze afakazele ukuthi unguMesiya, umProfethi kaNkulunkulu. (Johane 9:1-7, 30-33) Futhi akenzi ukuba zonke izithulu zibuye zizwe futhi. Njengoba uFrederick W. Franz, omunye wabagcotshiwe nowayengumongameli we-Watch Tower Society, ayesondela eminyakeni eyikhulu ubudala, cishe wayeseyimpumputhe futhi kwakudingeka asebenzise insiza-kuzwa. Iminyaka ethile wayengasakwazi ukufunda ngenxa yokungaboni kahle; nokho, ubani owayengacabanga ukuthi uyimpumputhe noma uyisithulu ngomqondo ka-Isaya 35:5? Iso lakhe elibukhali elingokomoya laliyisibusiso kubantu bakaNkulunkulu emhlabeni wonke.
13. Yiluphi ushintsho noma ukubuyiselwa abantu bakaNkulunkulu banamuhla abaye bakujabulela?
13 Kuthiwani ngolimi lwakho? Abagcotshiwe bakaNkulunkulu kungenzeka babethule phakathi nokuthunjwa kwabo ngokomoya. Kodwa lapho uNkulunkulu eseshintshe leso simo, izindimi zabo zaqala ukukhamuluka ngenjabulo ngenxa yalokho ababekwazi ngoMbuso kaNkulunkulu omisiwe nezithembiso zakhe zesikhathi esizayo. Kungenzeka bakusiza nawe ukuba uqaqe ulimi lwakho. Wawukhuluma kangakanani ngeqiniso leBhayibheli nabanye esikhathini esidlule? Mhlawumbe ngesinye isikhathi wawucabanga, ‘Ngiyakujabulela ukufunda, kodwa ngeke ngiyokhuluma nabantu engingabazi.’ Nokho, akulona yini iqiniso ukuthi ‘ulimi lwesimungulu’ manje ‘lukhamuluka ngenjabulo’?—Isaya 35:6, qhathanisa ne-NW.
14, 15. Abaningi baye bahamba kanjani ‘eNdleleni Yobungcwele’ esikhathini sethu?
14 AmaJuda asendulo ayekhululwe eBabiloni ayenohambo olude lokubuyela ezweni lakubo. Kuhambelana nakuphi lokho esikhathini sethu? Ake ubheke u-Isaya 35:8: “Kuyakuba-khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela yobuNgcwele; ongcolileyo akayikuhamba ngayo.”
15 Kusukela yakhululwa ekuthunjweni okungokomoya, insali egcotshiwe, manje ehambisana nezigidi zezinye izimvu, iye yaphuma eBabiloni Elikhulu ihamba ngendlela enkulu engokomfanekiso, indlela ehlanzekile yobungcwele eholela epharadesi elingokomoya. Senza konke esingakwenza ukuze sifanelekele ukuhamba nokuhlala kuleNdlela Enkulu Yobungcwele. Ake uzicabange wena. Ingabe izindinganiso zakho zokuziphatha nezimiso obambelele kuzo aziphakeme kakhulu manje kunalokho ezaziyikho lapho usesezweni? Ingabe awenzi umzamo omkhulu ngokwengeziwe ukuze uvumelanise ukucabanga nokuziphatha kwakho nokukaNkulunkulu?—Roma 8:12, 13; Efesu 4:22-24.
16. Yiziphi izimo esingazijabulela njengoba sihamba eNdleleni Yobungcwele?
16 Njengoba uqhubeka kuleNdlela Yobungcwele, ngokuyisisekelo awukhathazeki ngabantu abanjengezilwane. Kuyavunywa, ezweni kumelwe uqaphele ukuthi abantu abanobugovu noma abanenzondo abakudli uphila ngokomfanekiso. Abantu abaningi kakhulu baphatha abanye ngobudlova. Yeka ukuthi kuhluke kanjani kubantu bakaNkulunkulu! Kubo usendaweni ephephile. Yiqiniso, amaKristu okanye nawo awaphelele; ngezinye izikhathi ayawenza amaphutha noma akucasule. Kodwa uyazi ukuthi abafowenu abakuhlosi ukukulimaza noma ukukushwabadela. (IHubo 57:4; Hezekeli 22:25; Luka 20:45-47; IzEnzo 20:29; 2 Korinte 11:19, 20; Galathiya 5:15) Kunalokho, babonisa ukukukhathalela; baye bakusiza; bafuna ukukhonza kanye nawe.
17, 18. Ipharadesi likhona ngamuphi umqondo manje, futhi uyini umphumela walokhu kithi?
17 Ngakho singabheka u-Isaya isahluko 35, sicabanga ngokugcwaliseka kwanamuhla kwamavesi 1 kuya ku-8. Akukhanyi yini ukuthi sikutholile lokho okubizwa ngokufanelekile ngokuthi ipharadesi elingokomoya? Cha, aliphelele—okwamanje. Kodwa liyipharadesi ngempela, ngoba, njengoba kushiwo evesini 2, lapha ‘sibona inkazimulo kaJehova, nobukhosi bukaNkulunkulu wethu.’ Umphumela uba yini? Ivesi 10 lithi: “Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya baye eSiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe-phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.” Ngempela, ukuphuma kwethu enkolweni yamanga nokuphishekela kwethu ukukhulekela kweqiniso ngaphansi kokuvunyelwa uNkulunkulu, kuletha injabulo.
18 Injabulo ehlangene nokukhulekela kweqiniso iyaqhubeka yanda, akunjalo? Ubona abantu abathakazelayo benza izinguquko futhi begxila eqinisweni leBhayibheli. Ubona intsha ikhula futhi ithuthuka ngokomoya ebandleni. Kunobhapathizo, lapho ubona khona abantu obaziyo bebhapathizwa. Akuzona yini lezo izizathu zenjabulo, injabulo enkulu, namuhla? Yebo, yeka indlela okujabulisa ngayo ukuba abanye bahlanganyele nathi enkululekweni yethu engokomoya nasezimweni zepharadesi!
Ukugcwaliseka Okuseza!
19. Yini u-Isaya isahluko 35 asenza siyilindele ngethemba?
19 Kuze kube manje sicabangele u-Isaya isahluko 35 ngokuphathelene nokugcwaliseka kokuqala okwenzeka ngokubuya kwamaJuda, nokugcwaliseka okungokomoya okuqhubekayo namuhla. Kodwa akupheleli lapho. Kunokunye okwengeziwe. Kuhlobene nesiqinisekiso seBhayibheli sokubuyiselwa okuzayo kwezimo ezingokoqobo zepharadesi emhlabeni.—IHubo 37:10, 11; IsAmbulo 21:4, 5.
20, 21. Kungani kunengqondo futhi kungokomBhalo ukukholelwa ukuthi kusazoba khona nokunye ukugcwaliseka kuka-Isaya isahluko 35?
20 Bekuyoba ukuziphikisa ngoJehova ukuba anikeze izincazelo ezicacile zepharadesi abese enza ukugcwaliseka kwazo kugcine ezintweni ezingokomoya. Yebo, lokhu akusho ukuthi ukugcwaliseka okungokomoya akubalulekile. Ngisho noma ipharadesi elingokoqobo belimisiwe, bekungeke kusanelise uma kuleyo ndawo enhle naphakathi kwezilwane ezinokuthula besizungezwe abantu abonakele ngokomoya, abantu abaziphatha njengezilwane zasendle. (Qhathanisa noThithu 1:12.) Yebo, kumelwe kufike elingokomoya kuqala, ngoba yilo elibaluleke kakhulu.
21 Noma kunjalo, iPharadesi elizayo aligcini ngezici ezingokomoya esizijabulela manje nesizozijabulela nangokwengeziwe esikhathini esizayo. Sinesizathu esihle sokulindela ukugcwaliseka okungokoqobo kweziprofetho ezinjengo-Isaya isahluko 35. Ngani? Phela, esahlukweni 65, u-Isaya wabikezela ‘izulu elisha nomhlaba omusha.’ Umphostoli uPetru wasebenzisa lokho lapho echaza okuyolandela usuku lukaJehova. (Isaya 65:17, 18; 2 Petru 3:10-13) UPetru wayebonisa ukuthi izici ezachazwa u-Isaya zaziyoba khona ngempela lapho ‘umhlaba omusha’ uba khona ngokoqobo. Lokho kuhlanganisa nezincazelo okungenzeka uzijwayele—ukwakha izindlu nokuhlala kuzo; ukutshala izivini nokudla izithelo zazo; ukujabulela komuntu umsebenzi wezandla zakhe isikhathi eside; ukuhlala ndawonye kwempisi newundlu; nokungabi nalutho olulimazayo emhlabeni wonke. Ngamanye amazwi, ukuphila isikhathi eside, amakhaya alondekile, inala yokudla, umsebenzi owanelisayo, nokuthula phakathi kwezilwane naphakathi kwezilwane nabantu.
22, 23. Yisiphi isisekelo senjabulo esiyoba khona ekugcwalisekeni kuka-Isaya isahluko 35 esikhathini esizayo?
22 Alikujabulisi yini lelo themba? Kufanele likujabulise, ngoba yileyo ndlela uNkulunkulu asidalela ukuba siphile ngayo. (Genesise 2:7-9) Ngakho, lisho ukuthini ngokuqondene nesiprofetho sika-Isaya isahluko 35 esisicabangelayo? Lisho ukuthi sinesinye isizathu sokukhamuluka ngenjabulo. Izingwadule ezingokoqobo nezindawo ezingenamanzi ziyoqhakaza, zisenze sithokoze. Ngaleso sikhathi abantu abanamehlo aluhlaza, noma ansundu, noma omunye umbala omuhle, kodwa manje abayizimpumputhe, bayokwazi ukubona. AmaKristu esikanye nawo ayizithulu, noma ngisho nalabo kithi abangezwa kahle, bayokwazi ukuzwa ngokucacile. Yeka injabulo yokusebenzisa lelo khono ekuzweni iZwi likaNkulunkulu lifundwa futhi lichazwa, kanye nokulalela imisindo yomoya ovunguza ezihlahleni, ukuhleka komntwana, nokukhala kwenyoni!
23 Kuyosho futhi ukuthi abayizinyonga, kuhlanganise nalabo abahlushwa isifo sokuqaqamba kwamalunga, bayohamba bangezwa buhlungu. Yeka impumuzo! Ngaleso sikhathi imifula yangempela iyogobhoza ogwadule. Siyowabona amanzi egobhoza futhi sizwe nomsindo wawo. Siyokwazi ukuhamba siye lapho futhi sithinte utshani obuluhlaza nekhwani. Kuyoba iPharadesi elibuyiselwe ngempela. Kuthiwani ngenjabulo yokuba seduze nebhubesi noma ezinye izilwane ezinjalo singesabi? Akudingeki siqale ukukuchaza lokho, ngoba sonke sike sacabanga ngaleso simo kakade.
24. Kungani ungavumelana namazwi aku-Isaya 35:10?
24 U-Isaya uyasiqinisekisa: “Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya baye eSiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe-phezu kwamakhanda abo.” Ngakho singavuma ukuthi sinesizathu sokukhamuluka ngenjabulo. Injabulo ngenxa yalokho uJehova akwenzela abantu bakhe kakade epharadesi lethu elingokomoya, nenjabulo ngenxa yalokho esingakulindela ePharadesi elingokoqobo eliseduze kakhulu. Ngokuqondene nabajabulayo—thina—u-Isaya uyabhala: “Bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.”—Isaya 35:10.
Uphawulile?
◻ U-Isaya isahluko 35 wagcwaliseka kanjani okwesibili?
◻ Yini ngomqondo ongokomoya ehambisana nezinguquko ezimangalisayo ezabikezelwa u-Isaya?
◻ Uye wahlanganyela kanjani ekugcwalisekeni kwalesi siprofetho?
◻ Kungani singase sithi u-Isaya isahluko 35 usenza sibe nethemba ngekusasa?
[Isithombe ekhasini 15]
Ijele elalikuRaymond Street eBrooklyn, eNew York, lapho abazalwane abangu-7 abavelele babeboshwe khona ngo-June 1918
[Isithombe ekhasini 16]
Nakuba ayesecishe abe yimpumputhe eminyakeni yakhe yokukhula, ikhono likaMfoweth’ uFranz lokubona ngokomoya laliphila sáka
[Izithombe ekhasini 17]
Ukukhula nokuthuthuka okungokomoya kuyizizathu zokujabula