-
IPharadesi Libuyiselwe!Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu I
-
-
22. Kwenzeka kanjani ukuba amaKristu aqotho afuna iqiniso namuhla athunjelwe eBabiloni?
22 Kuthiwani ngosuku lwethu? Ingabe isiprofetho sika-Isaya sinokunye ukugcwaliseka, okuphelele nokuhilela ibandla lobuKristu namuhla? Yebo. Ngemva kokufa kwabaphostoli, isibalo samaKristu eqiniso agcotshiwe sancipha kakhulu, futhi amaKristu amanga, “ukhula,” anda emhlabeni. (Mathewu 13:36-43; IzEnzo 20:30; 2 Petru 2:1-3) Ngisho naphakathi nekhulu le-19 lapho abantu abaqotho beqala ukuzehlukanisa neLobukholwa befuna ukukhulekela okumsulwa, ukuqonda kwabo kwakulokhu kungcoliswe izimfundiso ezingasekelwe emibhalweni. Ngo-1914 uJesu wabekwa esihlalweni sobukhosi njengeNkosi enguMesiya, kodwa ngokushesha ngemva kwalokho, isimo salaba bafuni beqiniso sabonakala singenathemba. Ekugcwalisekeni kwesinye isiprofetho, izizwe ‘zalwa nabo futhi zabanqoba,’ futhi imizamo yala maKristu aqotho yokushumayela izindaba ezinhle yakhinyabezeka. Empeleni, iBabiloni labathumba.—IsAmbulo 11:7, 8.
23, 24. Amazwi ka-Isaya aye agcwaliseka ngaziphi izindlela kubantu bakaNkulunkulu kusukela ngo-1919?
23 Kodwa ngo-1919 izinto zashintsha. UJehova wabakhipha abantu bakhe ekuthunjweni. Baqala ukulahla izimfundiso zamanga ezazonakalise ukukhulekela kwabo ekuqaleni. Ngenxa yalokho bathola ukuphulukiswa. Baba sepharadesi elingokomoya, lelo ngisho nanamuhla elisaqhubeka linwebekela emhlabeni wonke.
-
-
IPharadesi Libuyiselwe!Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu I
-
-
Okubaluleke nakakhulu, abalungileyo baphunyula enkolweni yamanga futhi bajabulela ipharadesi elingokomoya ebandleni lobuKristu. (Isaya 52:11; 2 Korinte 6:17)
-