Isahluko Samashumi Amabili Nesishiyagalombili
IPharadesi Libuyiselwe!
1. Kungani izinkolo eziningi zinikeza ithemba lokuphila epharadesi?
“ISIFISO sepharadesi singesinye sezifiso zabantu ezinamandla. Kungenzeka ukuthi siyisifiso esinamandla nesiphikelela kunazo zonke. Bonke abantu abasontayo nabangasonti bayalilangazelela ipharadesi.” Isho kanjalo i-Encyclopedia of Religion. Isifiso esinjalo singokwemvelo, ngoba iBhayibheli lisitshela ukuthi ukuphila kwabantu kwaqala ePharadesi—ingadi enhle eyayingenazifo nakufa. (Genesise 2:8-15) Akumangalisi ukuthi izinkolo eziningi zezwe zinikeza ithemba lokuphila okuzayo epharadesi lohlobo oluthile.
2. Singalitholaphi ithemba langempela lePharadesi elizayo?
2 Ezindaweni eziningi eBhayibhelini, sifunda ngethemba langempela lePharadesi elizayo. (Isaya 51:3) Ngokwesibonelo, ingxenye yesiprofetho sika-Isaya elotshwe esahlukweni 35 ichaza ukuguqulwa kwezindawo eziyihlane zibe amapaki asazingadi namasimu athelayo. Izimpumputhe ziyabona, izimungulu zikhulume, nezithulu zizwe. Kuleli Pharadesi elithenjisiwe, alukho usizi nokububula, okusho ukuthi nokufa akusekho. Yeka isithembiso esihle! Kufanele aqondwe kanjani la mazwi? Ingabe asinikeza ithemba namuhla? Ukucabangela lesi sahluko sika-Isaya kuzosinikeza izimpendulo zale mibuzo.
Izwe Eliyincithakalo Liyethaba
3. Ngokwesiprofetho sika-Isaya, yiziphi izinguquko ezizokwenzeka ezweni?
3 Isiprofetho esiphefumulelwe sika-Isaya esiphathelene nePharadesi elibuyiselwe siqala ngala mazwi: “Ihlane nesifunda esingenamanzi kuyothaba, ithafa eliwugwadule liyojabula futhi liqhakaze njengesafroni. Liyoqhakaza nakanjani, futhi ngempela liyojabula ngenjabulo nangokukhamuluka kokuthokoza. Kumelwe linikwe inkazimulo yeLebanoni, ubukhazikhazi beKarmeli nobeSharoni. Kuyoba khona labo abayobona inkazimulo kaJehova, ubukhazikhazi bukaNkulunkulu wethu.”—Isaya 35:1, 2.
4. Kunini lapho izwe lamaJuda lifana khona nehlane futhi kwenzeka kanjani?
4 U-Isaya uloba la mazwi cishe ngonyaka ka-732 B.C.E. Ngemva kweminyaka engaba ngu-125, abaseBabiloni bayalibhubhisa iJerusalema, abantu bakwaJuda bathunjwe. Izwe labo lisala lingenamuntu, liyincithakalo. (2 AmaKhosi 25:8-11, 21-26) Ngale ndlela kugcwaliseka isixwayiso sikaJehova sokuthi abantu bakwa-Israyeli babeyodingiswa uma bengathembeki. (Duteronomi 28:15, 36, 37; 1 AmaKhosi 9:6-8) Lapho isizwe samaHeberu sithunjelwa kwelinye izwe, amasimu aso avundile asala enganakwe muntu iminyaka engu-70 futhi aba njengehlane.—Isaya 64:10; Jeremiya 4:23-27; 9:10-12.
5. (a) Izimo ezinjengezepharadesi zibuyiselwa kanjani ezweni? (b) Abantu bayibona ngamuphi umqondo “inkazimulo kaJehova”?
5 Nokho, isiprofetho sika-Isaya sibikezela ukuthi leli zwe ngeke lihlale liyincithakalo phakade. Liyobuyiselwa ekubeni ipharadesi langempela. Liyonikezwa ‘inkazimulo yeLebanoni nobukhazikhazi beKarmeli nobeSharoni.’a Kanjani? Lapho ebuya ekuthunjweni, amaJuda aphinde akwazi ukulima nokunisela amasimu awo, izwe lawo liphinde livunde futhi lithele njengasekuqaleni. Udumo luya kuJehova kuphela ngalokhu. Yintando yakhe, ukusekela kwakhe nesibusiso sakhe okwenza amaJuda ajabulele lezi zimo ezinjengezepharadesi. Abantu babona “inkazimulo kaJehova, ubukhazikhazi bukaNkulunkulu [wabo]” ngokuqaphela ukuthi uJehova unesandla ezinguqukweni ezimangalisayo ezweni labo.
6. Yikuphi ukugcwaliseka okubalulekile kwamazwi ka-Isaya?
6 Noma kunjalo, ezweni lakwa-Israyeli elibuyiselwe, amazwi ka-Isaya agcwaliseka ngendlela ebaluleke nakakhulu. Ngomqondo ongokomoya, sekuyiminyaka eminingi u-Israyeli esesimweni esomile, esifana nehlane. Ngesikhathi ethunjiwe eBabiloni, ukukhulekela okumsulwa kwakubekelwe imingcele eqinile. Kwakungekho thempeli, kungekho altare, bungekho ubupristi obuhleliwe. Imihlatshelo yansuku zonke yamiswa. Manje u-Isaya uprofetha ukuthi izinto zizoshintsha. Ngaphansi kokuhola kwamadoda anjengoZerubabele, u-Ezra noNehemiya, abameleli bazo zonke izizwe ezingu-12 zakwa-Israyeli baphindela eJerusalema, bakhe kabusha ithempeli futhi bakhulekele uJehova ngokukhululeka. (Ezra 2:1, 2) Yipharadesi elingokomoya ngempela leli!
Ukuvutha Ngomoya
7, 8. Kungani amaJuda athunjiwe edinga isimo sengqondo esiqondile, futhi amazwi ka-Isaya asinikeza kanjani isikhuthazo?
7 Amazwi ka-Isaya isahluko 35 aletha intokozo. Umprofethi ubikezela ukuthi lesi sizwe esiphendukayo siyoba nekusasa eliqhakazile. Ngempela, ukhuluma ngokuqiniseka nangethemba. Ngemva kwamakhulu amabili eminyaka, lapho esezobuyiselwa ezweni lawo, amaJuda athunjiwe adinga ukuqiniseka nethemba elifanayo. Ngo-Isaya, uJehova ubanxusa ngokwesiprofetho: “Qinisani izandla ezibuthakathaka, nenze amadolo axegezelayo aqine. Thanini kulabo abakhathazekile enhliziyweni: ‘Yibani namandla. Ningesabi. Bhekani! UNkulunkulu wenu uyokuza enempindiselo, uNkulunkulu uyokuza nanembuyiselo. Yena ngokwakhe uyofika anisindise.’”—Isaya 35:3, 4.
8 Ukuphela kwesikhathi eside sokuthunjwa kuyisikhathi sokuthatha isinyathelo. Inkosi yasePheresiya uKoresi, ithuluzi likaJehova lokuthululela intukuthelo phezu kweBabiloni, umemezele ukuthi ukukhulekelwa kukaJehova kumelwe kubuyiselwe eJerusalema. (2 IziKronike 36:22, 23) Imikhaya yamaHeberu eyizinkulungwane kudingeka izihlele ukuze ithathe uhambo oluyingozi olusuka eBabiloni luye eJerusalema. Uma ifika lapho, kuyodingeka yakhe izindawo zokuhlala ezanele futhi ibhukulele umsebenzi omkhulu wokwakha kabusha ithempeli nomuzi. Amanye amaJuda eBabiloni angase akubone kuthena amandla konke lokhu. Kodwa lesi akusona isikhathi sokuphelelwa amandla nesokukhathazeka. AmaJuda kumelwe aqinisane futhi athembele kuJehova. Uwaqinisekisa ngokuthi ayosindiswa.
9. Yisiphi isithembiso esihle esinikezwa amaJuda abuyela ekhaya?
9 Labo abakhululiwe ekuthunjweni eBabiloni bayoba nesizathu esihle sokuthokoza ngoba bayobe belindelwe ikusasa elihle lapho bebuyela eJerusalema. U-Isaya uyabikezela: “Ngaleso sikhathi amehlo ezimpumputhe ayovuleka, nazo kanye izindlebe zezithulu ziyovuleka. Ngaleso sikhathi olunyonga uyoqombola njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyokhamuluka ngokuthokoza.”—Isaya 35:5, 6a.
10, 11. Kungani kumelwe ukuba amazwi ka-Isaya anencazelo engokomoya kumaJuda abuyela ekhaya, futhi asho ukuthini?
10 Kusobala ukuthi uJehova ucabanga ngesimo esingokomoya sabantu bakhe. Baye bajeziswa ngokuthunjwa iminyaka engu-70 ngenxa yokuhlubuka kwabo ngaphambili. Kodwa nalapho ebajezisa, uJehova akazange ashaye abantu bakhe ngokubenza izimpumputhe, izithulu, izinyonga nezimungulu. Ngakho, lapho isizwe sakwa-Israyeli sibuyiselwa, akudingeki selashwe ukukhubazeka okungokwenyama. UJehova ubuyisela lokho okwakulahlekile, impilo engokomoya.
11 AmaJuda aphendukayo aphulukiswa ngokuba aphinde asanguluke ngokomoya—umbono wawo ongokomoya, ikhono lawo lokuzwa, elokulalela nelokukhuluma izwi likaJehova liyavuseleleka. Aqaphela isidingo sokuba ahlale eseduze noJehova. Ngokuziphatha kwawo okuhle, ‘akhamuluka’ ngokudumisa uNkulunkulu wawo ngentokozo. ‘Owayelunyonga’ uyazimisela futhi akushisekele ukukhulekela uJehova. Ngomqondo ongokomfanekiso, “uyoqombola njengendluzele.”
UJehova Uyabaqabula Abantu Bakhe
12. UJehova uyolibusisa kangakanani izwe ngamanzi?
12 Kunzima ukucabanga ngepharadesi elingenamanzi. IPharadesi lokuqala lase-Edene lalinamanzi amaningi. (Genesise 2:10-14) Izwe elalinikezwe u-Israyeli nalo ‘lalinezigodi ezinezifufula zamanzi, iziphethu nezintwa zamanzi.’ (Duteronomi 8:7) Kuyafaneleka-ke ukuba u-Isaya enze lesi sithembiso esiqabulayo: “Kuyobé kuqhume amanzi ehlane, nezifufula ethafeni eliwugwadule. Umhlabathi ogangathwe ukushisa uyobe usunjengechibi elinomhlanga, nomhlabathi owomele amanzi unjengeziphethu zamanzi. Endaweni okuhlala kuyo izimpungushe, indawo yazo yokuphumula, kuyoba khona utshani obuluhlaza nemihlanga nezitshalo zebungu.” (Isaya 35:6b, 7) Lapho ama-Israyeli ephinda enakekela izwe, izindawo eziyincithakalo izimpungushe ezazehla zenyuka kuzo ziyombozwa isikhotha. Umhlabathi owomile nonothuli uyoguqulwa ube ‘ibhuku’ okungamila kulo ibungu nemihlanga yasemanzini.—Jobe 8:11.
13. Ayini amanzi amaningi angokomoya isizwe esibuyela eJerusalema esiyowathola?
13 Okubaluleke nakakhulu amanzi eqiniso angokomoya lawo amaJuda abuyela ezweni lakubo ayowajabulela ngobuningi. UJehova uyonikeza ulwazi, isikhuthazo nenduduzo ngeZwi lakhe. Ngaphezu kwalokho, amadoda amadala athembekile nezikhulu ‘ayoba njengemifudlana yamanzi ezweni elingenamanzi.’ (Isaya 32:1, 2) Labo abagqugquzela ukukhulekela okumsulwa, njengo-Ezra, uHagayi, uJeshuwa, uNehemiya, uZakariya noZerubabele, ngempela bayokuba ubufakazi obuphilayo bokugcwaliseka kwesiprofetho sika-Isaya.—Ezra 5:1, 2; 7:6, 10; Nehemiya 12:47.
“INdlela Yobungcwele”
14. Chaza indlela ephakathi kweBabiloni neJerusalema.
14 Kodwa ngaphambi kokuba amaJuda athunjiwe ajabulele lezo zimo zepharadesi elingokwenyama nelingokomoya, kuyodingeka athathe uhambo olude nolunezingozi esuka eBabiloni elibangise eJerusalema. Ukuhamba ngendlela enqamulelayo kungasho ukuhamba ibanga elingamakhilomitha angu-800 endaweni eyomile engenalutho. Indlela engenazingozi ezitheni ingasho ukuhamba ibanga elingamakhilomitha angu-1 600. Noma iyiphi indlela iyowenza achithe izinyanga esimweni sezulu esibi futhi esengozini yokunqwamana nezilwane zasendle nabantu abanjengezilwane. Nokho, labo abasikholelwayo isiprofetho sika-Isaya abakhathazeki ngokweqile. Ngani?
15, 16. (a) Yisiphi isivikelo uJehova asinikeza amaJuda ohambweni lwawo lokuya ekhaya? (b) Kungayiphi enye indlela uJehova alungiselela ngayo amaJuda umgwaqo ophephile?
15 Ngo-Isaya, uJehova uyathembisa: “Ngokuqinisekile kuyoba khona umgwaqo omkhulu lapho, yebo indlela; iyobizwa ngokuthi iNdlela Yobungcwele. Ongahlanzekile ngeke adlule kuyo. Iyokuba eyalowo ohamba kule ndlela, abekho abayiziwula abayozulazula kuyo. Akukho ngonyama eyokuba lapho, nohlobo oluhahayo lwezilo zasendle ngeke lukhuphukele kuyo. Akukho okuyotholakala lapho; futhi abathengwe kabusha bayohamba lapho.” (Isaya 35:8, 9) UJehova ubabuyisele kuye abantu bakhe! ‘Bangabathengiweyo’ bakhe, futhi ubaqinisekisa ngokubavikela endleleni ephindela ekhaya. Ukhona ngempela yini umgwaqo okhonkiwe, ophakeme nobiyelwe osuka eBabiloni uya eJerusalema? Cha, kodwa ukuvikela kukaJehova abantu bakhe ohambweni lwabo kuqiniseke kangangokuba kunjengokungathi bahamba kulowo mgwaqo.—Qhathanisa neHubo 91:1-16.
16 AmaJuda avikelekile nasezingozini ezingokomoya. Lo mgwaqo ongokomfanekiso ‘uyiNdlela Yobungcwele.’ Labo abadelela izinto ezingcwele noma abangcolile ngokomoya abakufanelekele ukuhamba kuwo. Abafuneki ezweni elibuyiselwe. Abamukelekayo ngabanezisusa ezinhle. Ababuyeli kwaJuda naseJerusalema ngomoya wokuzigqaja ngobuzwe babo noma ngenjongo yokuphishekela izithakazelo zabo. AmaJuda anomqondo ongokomoya ayaqaphela ukuthi isizathu esiyinhloko sokubuya kwawo ukumisa kabusha ukukhulekelwa kukaJehova okumsulwa kulelo zwe.—Ezra 1:1-3.
Abantu BakaJehova Bayathokoza
17. Isiprofetho sika-Isaya siwaduduze kanjani amaJuda athembekile phakathi nesikhathi eside ethunjiwe?
17 Isahluko 35 sesiprofetho sika-Isaya siphetha ngamazwi amnandi: “Bona kanye abakhululwe nguJehova bayobuya futhi ngokuqinisekile bayokuza eZiyoni ngokukhamuluka kwenjabulo; ukuthokoza phakade kuyoba sekhanda labo. Bayofinyelela ukwethaba nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.” (Isaya 35:10) AmaJuda athunjiwe ayefunda lesi siprofetho ukuze athole induduzo nethemba ngesikhathi esathunjiwe kungenzeka ayezibuza ukuthi kazi izici zaso ezihlukahlukene ziyogcwaliseka kanjani. Cishe awakaziqondi izici eziningi zalesi siprofetho. Noma kunjalo, bekulokhu kucace bhá ukuthi ‘ayobuya futhi ngokuqinisekile ayokuza eZiyoni.’
18. Kungayiphi indlela usizi nokububula kwaseBabiloni kuphenduke ukwethaba nokuthokoza ezweni elibuyiselwe?
18 Ngakho, ngonyaka ka-537 B.C.E., amadoda angaba ngu-50 000 (kuhlanganise nezigqila ezingaphezu kuka-7 000) kanye nabesifazane nezingane bathatha uhambo lwezinyanga ezine belibangise eJerusalema, bethembele ngokugcwele kuJehova. (Ezra 2:64, 65) Ngemva kwezinyangana nje kuphela, i-altare likaJehova selakhiwe, okuyisandulela sokwakhiwa kabusha kwethempeli. Isiprofetho sika-Isaya esineminyaka engu-200 siyagcwaliseka. Usizi nokububula kwesizwe ngesikhathi siseBabiloni kuphenduka ukwethaba nokuthokoza ezweni elibuyiselwe. UJehova usifezile isithembiso sakhe. IPharadesi—elingokwenyama nelingokomoya—selibuyiselwe!
Ukuzalwa Kwesizwe Esisha
19. Kungani kungase kuthiwe isiprofetho sika-Isaya sinokugcwaliseka okulinganiselwe ekhulwini lesithupha B.C.E.?
19 Yebo, ekhulwini lesithupha B.C.E., u-Isaya isahluko 35 ugcwaliseka ngendlela elinganiselwe. Izimo ezinjengezepharadesi ezijatshulelwa amaJuda abuyiselwe ezweni lawo azihlali unomphela. Ngokuhamba kwesikhathi, izimfundiso zenkolo ezingamanga nobuzwe konakalisa ukukhulekela okumsulwa. Ngokomoya, amaJuda aphinde abhekane nosizi futhi abubule. Ekugcineni uJehova uyawalahla njengabantu bakhe. (Mathewu 21:43) Ngenxa yokuphinda angalaleli, ukuthokoza kwawo akuhlali phakade. Konke lokhu kukhomba kokunye ukugcwaliseka okukhulu nakakhulu kuka-Isaya isahluko 35.
20. Yimuphi u-Israyeli omusha owaba khona ekhulwini lokuqala C.E.?
20 Ngesikhathi sikaJehova esifanele, kwaba khona omunye u-Israyeli, ongokomoya. (Galathiya 6:16) UJesu walungiselela ukuzalwa kwalo Israyeli omusha ngesikhathi senkonzo yakhe yasemhlabeni. Wabuyisela ukukhulekela okumsulwa, futhi ngezimfundiso zakhe, amanzi eqiniso aphinde ageleza. Waphulukisa abagula ngokomoya nangokwenyama. Kwaba khona ukukhamuluka kwentokozo njengoba kumenyezelwa izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Emasontweni ayisikhombisa ngemva kokufa nokuvuswa kwakhe, uJesu okhazinyulisiwe wamisa ibandla lobuKristu, u-Israyeli ongokomoya owawakhiwa amaJuda nabanye ababehlengwe ngegazi likaJesu elachitheka, bazalwa njengamadodana kaNkulunkulu angokomoya, baba abafowabo bakaJesu futhi bagcotshwa ngomoya ongcwele.—IzEnzo 2:1-4; Roma 8:16, 17; 1 Petru 1:18, 19.
21. Ngokuqondene nebandla lobuKristu lekhulu lokuqala, yiziphi izenzakalo ezingase zibhekwe njengokugcwaliseka kwezici ezithile zesiprofetho sika-Isaya?
21 Ngesikhathi ebhalela amalungu ka-Israyeli ongokomoya, umphostoli uPawulu wabhekisela emazwini ka-Isaya 35:3 ethi: “Qondisani izandla ezilengayo namadolo abuthakathaka.” (Heberu 12:12) Kusobala ukuthi ekhulwini lokuqala C.E., agcwaliseka la mazwi ka-Isaya isahluko 35. Ngomqondo ongokoqobo, uJesu nabafundi bakhe benza izimangaliso ngokwenza izimpumputhe zibone nezithulu zizwe. Benza “izinyonga” zahamba nezimungulu zakhuluma. (Mathewu 9:32; 11:5; Luka 10:9) Okubaluleke nakakhulu, abalungileyo baphunyula enkolweni yamanga futhi bajabulela ipharadesi elingokomoya ebandleni lobuKristu. (Isaya 52:11; 2 Korinte 6:17) Njengasendabeni yamaJuda ayevela eBabiloni, laba abaphunyukileyo bathola ukuthi kwakudingeka isimo sengqondo esiqondile nesibindi.—Roma 12:11.
22. Kwenzeka kanjani ukuba amaKristu aqotho afuna iqiniso namuhla athunjelwe eBabiloni?
22 Kuthiwani ngosuku lwethu? Ingabe isiprofetho sika-Isaya sinokunye ukugcwaliseka, okuphelele nokuhilela ibandla lobuKristu namuhla? Yebo. Ngemva kokufa kwabaphostoli, isibalo samaKristu eqiniso agcotshiwe sancipha kakhulu, futhi amaKristu amanga, “ukhula,” anda emhlabeni. (Mathewu 13:36-43; IzEnzo 20:30; 2 Petru 2:1-3) Ngisho naphakathi nekhulu le-19 lapho abantu abaqotho beqala ukuzehlukanisa neLobukholwa befuna ukukhulekela okumsulwa, ukuqonda kwabo kwakulokhu kungcoliswe izimfundiso ezingasekelwe emibhalweni. Ngo-1914 uJesu wabekwa esihlalweni sobukhosi njengeNkosi enguMesiya, kodwa ngokushesha ngemva kwalokho, isimo salaba bafuni beqiniso sabonakala singenathemba. Ekugcwalisekeni kwesinye isiprofetho, izizwe ‘zalwa nabo futhi zabanqoba,’ futhi imizamo yala maKristu aqotho yokushumayela izindaba ezinhle yakhinyabezeka. Empeleni, iBabiloni labathumba.—IsAmbulo 11:7, 8.
23, 24. Amazwi ka-Isaya aye agcwaliseka ngaziphi izindlela kubantu bakaNkulunkulu kusukela ngo-1919?
23 Kodwa ngo-1919 izinto zashintsha. UJehova wabakhipha abantu bakhe ekuthunjweni. Baqala ukulahla izimfundiso zamanga ezazonakalise ukukhulekela kwabo ekuqaleni. Ngenxa yalokho bathola ukuphulukiswa. Baba sepharadesi elingokomoya, lelo ngisho nanamuhla elisaqhubeka linwebekela emhlabeni wonke. Ngomqondo ongokomoya, izimpumputhe ziyabona nezithulu ziyezwa—zikuqaphela ngokugcwele ukusebenza komoya ongcwele kaNkulunkulu, ngaso sonke isikhathi ziyasiqaphela isidingo sokuhlala ziseduze noJehova. (1 Thesalonika 5:6; 2 Thimothewu 4:5) Njengoba engasezona izimungulu, amaKristu eqiniso alungele ‘ukukhamuluka,’ amemezele amaqiniso eBhayibheli kwabanye. (Roma 1:15) Labo ababebuthaka ngokomoya, noma ‘beyizinyonga,’ manje babonisa intshiseko nentokozo. Ngomqondo ongokomfanekiso, sebeyakwazi ‘ukuqombola njengendluzele.’
24 La maKristu abuyiselwe ahamba ‘eNdleleni Yobungcwele.’ Le “Ndlela,” esuka eBabiloni Elikhulu iye epharadesi elingokomoya, ivulekele bonke abakhulekeli abahlanzekile ngokomoya. (1 Petru 1:13-16) Bangathembela esivikelweni sikaJehova futhi baqiniseke ukuthi uSathane ngeke aphumelele ekuhlaseleni kwakhe kobulwane efuna ukuqeda ukukhulekela kweqiniso. (1 Petru 5:8) Abangalaleli nalabo abaziphathisa okwezilwane zasendle ezingamagovu abavunyelwe ukonakalisa abasemgwaqweni kaNkulunkulu wobungcwele. (1 Korinte 5:11) Ngaphansi kwalesi simo esivikelekile, abahlengiweyo bakaJehova—abagcotshiwe “nezinye izimvu”—bathola intokozo ngokukhonza okuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.—Johane 10:16.
25. Kuyokuba khona yini ukugcwaliseka okungokoqobo kuka-Isaya isahluko 35? Chaza.
25 Kuthiwani ngesikhathi esizayo? Ingabe isiprofetho sika-Isaya siyoke sigcwaliseke ngendlela engokoqobo? Yebo. Ukuphulukisa okuyisimangaliso okwenziwa uJesu nabafundi bakhe ekhulwini lokuqala kwabonisa isifiso namandla kaJehova okuphulukisa ngezinga elikhulu esikhathini esizayo. AmaHubo aphefumulelwe akhuluma ngokuphila okumi phakade emhlabeni ezimweni ezinokuthula. (IHubo 37:9, 11, 29) UJesu wathembisa ukuphila ePharadesi. (Luka 23:43) Kusukela encwadini yalo yokuqala kuze kube kweyokugcina, iBhayibheli linikeza ithemba lepharadesi langempela. Ngaleso sikhathi, izimpumputhe, izithulu, izinyonga nezimungulu ziyophulukiswa ngokwenyama futhi ziphulukiswe unomphela. Usizi nokububula kuyophela. Ngempela ukuthokoza kuyokuba okwaphakade, kungapheli.—IsAmbulo 7:9, 16, 17; 21:3, 4.
26. Amazwi ka-Isaya awaqinisa kanjani amaKristu namuhla?
26 Nakuba amaKristu eqiniso elindele ukubuyiselwa kwePharadesi elingokwenyama lasemhlabeni, ngisho kwamanje ajabulela izibusiso zepharadesi elingokomoya. Abhekana nezilingo nokuhlupheka ngombono oqondile. Enethemba elingaxegi kuJehova, ayakhuthazana, elalela lesi siyalo: “Qinisani izandla ezibuthakathaka, nenze amadolo axegezelayo aqine. Thanini kulabo abakhathazekile enhliziyweni: ‘Yibani namandla. Ningesabi.’” Asethemba ngokuphelele lesi siqinisekiso esiyisiprofetho: “Bhekani! UNkulunkulu wenu uyokuza enempindiselo, uNkulunkulu uyokuza nanembuyiselo. Yena ngokwakhe uyofika anisindise.”—Isaya 35:3, 4.
[Imibhalo yaphansi]
a ImiBhalo ichaza iLebanoni lasendulo ngokuthi yizwe elinothile elinamahlathi aluhlaza nezizemazema zemisedari efana neyaseNsimini Yase-Edene. (IHubo 29:5; 72:16; Hezekeli 28:11-13) ISharoni lalaziwa ngemifula yalo namahlathi e-oki; iKarmeli lalidume ngezivini zalo, amasimu ezithelo, nemimango eyayimbozwe izimbali.
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 370]
[Izithombe ekhasini 375]
Izindawo ezingamahlane ziba izindawo ezinamanzi amaningi ezinomhlanga nezitshalo zebungu
[Isithombe ekhasini 378]
UJesu waphulukisa abagula ngokomoya nangokwenyama