“Indlu Yomthandazo Yazo Zonke Izizwe”
Akulotshiwe yini ukuthi, ‘Indlu yami iyobizwa ngokuthi indlu yomthandazo yazo zonke izizwe’?”—MARKU 11:17.
1. Babunjani ubuhlobo u-Adamu no-Eva ababenabo ekuqaleni noNkulunkulu?
LAPHO u-Adamu no-Eva bedalwa, babenobuhlobo obuseduze noYise wasezulwini. UJehova uNkulunkulu wakhuluma nabo futhi waveza injongo yakhe enhle kakhulu ngohlanga lwesintu. Ngokuqinisekile, kwakuvamile ukuba bashukunyiselwe ukuba badumise uJehova ngemisebenzi yakhe emihle yendalo. Uma u-Adamu no-Eva bedinga isiqondiso njengoba babecabangela indima yabo njengabazali besikhathi esizayo bomkhaya wesintu, babengaya kuNkulunkulu kungakhathaliseki ukuthi bakuphi ekhaya labo eliyiPharadesi. Babengazidingi izinkonzo zompristi ethempelini elithile.—Genesise 1:28.
2. Yiluphi ushintsho olwenzeka lapho u-Adamu no-Eva bona?
2 Isimo sashintsha lapho ingelosi ehlubukayo iyenga u-Eva ukuba acabange ukuthi isimo sakhe ekuphileni sasiyothuthuka uma engafulathela ubukhosi bukaJehova, ithi wayeyoba “njengoNkulunkulu.” Ngenxa yalokho, u-Eva wasidla isithelo somuthi uNkulunkulu ayewunqabele. USathane wabe esesebenzisa u-Eva ukuba alinge umyeni wakhe. Ngokudabukisayo, u-Adamu walalela umkakhe owayesenesono, ebonisa ukuthi wayazisa ubuhlobo bakhe naye ngaphezu kobuhlobo bakhe noNkulunkulu. (Genesise 3:4-7) Eqinisweni, u-Adamu no-Eva bakhetha uSathane ukuba abe unkulunkulu wabo.—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 4:4.
3. Yaba yini imiphumela emibi yokuhlubuka kuka-Adamu no-Eva?
3 Ngokwenza kanjalo, abantu ababili bokuqala abalahlekelwanga ubuhlobo babo obuyigugu noNkulunkulu kuphela kodwa balahlekelwa nayithemba lokuphila phakade epharadesi lasemhlabeni. (Genesise 2:16, 17) Imizimba yabo enesono ekugcineni yawohloka baze bafa. Inzalo yabo yazuza njengefa lesi simo sokuba nesono. “Kanjalo” kuchaza iBhayibheli, “ukufa kwasakazekela kubantu bonke.”—Roma 5:12.
4. Yiliphi ithemba uNkulunkulu alinikeza isintu esinesono?
4 Kwakudingeka okuthile ukuze isintu esinesono sibuyisane noMdali waso ongcwele. Lapho egweba u-Adamu no-Eva, uNkulunkulu wanikeza inzalo yabo yesikhathi esizayo ithemba ngokwenza isithembiso ‘senzalo’ eyayiyosindisa isintu emiphumeleni yokuhlubuka kukaSathane. (Genesise 3:15) Kamuva, uNkulunkulu wembula ukuthi iNzalo yesibusiso yayiyokuza ngo-Abrahama. (Genesise 22:18) Ecabanga ngalenjongo yothando, uNkulunkulu wakhetha inzalo ka-Abrahama, ama-Israyeli, ukuba ibe isizwe sakhe esikhethiwe.
5. Kungani kufanele sibe nesithakazelo emininingwaneni yesivumelwano soMthetho sikaNkulunkulu no-Israyeli?
5 Ngo-1513 B.C.E., ama-Israyeli angena ebuhlotsheni besivumelwano noNkulunkulu futhi avuma ukulalela imithetho yakhe. Leso sivumelwano soMthetho kufanele sibathakazelise kakhulu bonke abafuna ukukhulekela uNkulunkulu namuhla ngoba sakhomba eNzalweni eyayithenjisiwe. UPawulu wathi sasiqukethe ‘isithunzi sezinto ezinhle ezizayo.’ (Heberu 10:1) Lapho uPawulu esho lamazwi, wayekhuluma ngenkonzo yabapristi baka-Israyeli etabernakele elithwalekayo, noma itende lokukhulekela. Lalibizwa ngokuthi ‘ithempeli likaJehova’ noma ‘indlu kaJehova.’ (1 Samuweli 1:9, 24) Ngokuhlola inkonzo engcwele eyayenziwa endlini kaJehova yasemhlabeni, singaliqonda ngokugcwele ngokwengeziwe ilungiselelo lesihe elenza abantu abanesono namuhla babuyisane noNkulunkulu.
INgcwelengcwele
6. Yini eyayibekwe eNgcwelengcwele, futhi ukuba khona kukaNkulunkulu kwakumelelwe kanjani lapho?
6 “OPhezukonke akahlali ezindlini ezenziwe ngezandla,” kusho iBhayibheli. (IzEnzo 7:48) Nokho, ukuba khona kukaNkulunkulu endlini yakhe yasemhlabeni kwakumelelwa yifu egumbini elalibizwa ngokuthi iNgcwelengcwele phakathi impela. (Levitikusi 16:2) Ngokusobala, lelifu lalikhanya bhá, lenza kube nokukhanya eNgcwelengcwele. Laliba phezu kwebhokisi elingcwele elalibizwa ngokuthi ‘umphongolo wobufakazi,’ elalinezibhebhe zamatshe ezaziqoshwe eminye yemiyalo uNkulunkulu ayeyinikeze u-Israyeli. Esembozweni soMphongolo kwakunamakherubi amabili egolide ayenamaphiko avulekile, ayefanekisela izidalwa zomoya ezisesikhundleni esiphezulu enhlanganweni kaNkulunkulu yasezulwini. Ifu eliyisimangaliso lokukhanya laliba ngaphezu kwesembozo phakathi kwamakherubi. (Eksodusi 25:22) Lokhu kwakufanekisela uNkulunkulu uMninimandla onke ehlezi phezu kwenqola yasezulwini esekelwe amakherubi aphilayo. (1 IziKronike 28:18) Kucacisa ukuthi kungani iNkosi uHezekiya yathandaza: “Jehova-Sebawoti, Nkulunkulu kaIsrayeli, ohlezi phezu kwamakherubi.”—Isaya 37:16.
INdawo Engcwele
7. Iziphi izinto ezaziseNdaweni Engcwele?
7 Igumbi lesibili letabernakele lalibizwa ngokuthi iNdawo Engcwele. Ngaphakathi kulengxenye, ngakwesokhohlo somnyango, kwakumi isibani esihle esinamagatsha ayisikhombisa, kanti ngakwesokudla kwakunetafula lesinkwa sokubukwa. Phambili lé kwakune-altare okwakunyuka kulo iphunga elimnandi lempepho eshayo. Laliphambi kwesihenqo esasihlukanisa iNdawo Engcwele neNgcwelengcwele.
8. Yimiphi imisebenzi abapristi ababeyenza njalo eNdaweni Engcwele?
8 Njalo ekuseni nakusihlwa, umpristi kwakumelwe angene etabernakele ashise impepho e-altare lempepho. (Eksodusi 30:7, 8) Ekuseni, lapho kusha impepho, izibani eziyisikhombisa othini lwesibani lwegolide kwakumelwe zigcwaliswe ngamafutha. Kusihlwa izibani zazikhanyiswa ukuze zikhanyise iNdawo Engcwele. Njalo ngeSabatha umpristi kwakumelwe abeke izinkwa ezintsha ezingu-12 etafuleni lesinkwa sokubukwa.—Levitikusi 24:4-8.
Igceke
9. Yayiyini injongo yomcengezi wamanzi, futhi yisiphi isifundo esingasithola kulokhu?
9 Itabernakele nalo lalinegceke, elalizungezwe uthango lwendwangu yamatende. Kuleli gceke kwakunomcengezi omkhulu lapho abapristi babegeza khona izandla nezinyawo zabo ngaphambi kokungena eNdaweni Engcwele. Kwakumelwe bageze nangaphambi kokunikela ngemihlatshelo e-altare elalisegcekeni. (Eksodusi 30:18-21) Lemfuneko yokuhlanzeka iyisikhumbuzo esinamandla ezincekwini zikaNkulunkulu namuhla sokuthi kumelwe zilwele ukufinyelela ubumsulwa obungokomzimba, obungokokuziphatha, obungokwengqondo, nobungokomoya uma zifuna ukukhulekela kwazo kwamukeleke kuNkulunkulu. (2 Korinte 7:1) Ngokuhamba kwesikhathi izinkuni zokubasa zomlilo we-altare namanzi omcengezi kwabe sekulethwa yizigqila zethempeli ezingewona ama-Israyeli.—Joshuwa 9:27.
10. Yimiphi eminye yeminikelo eyayenziwa e-altare lomhlatshelo?
10 Njalo ekuseni nakusihlwa, kwakushiswa iwundlu lomhlatshelo e-altare kanye nomnikelo wempuphu nowokuphuzwa. (Eksodusi 29:38-41) Eminye iminikelo yayenziwa ngezinsuku ezikhethekile. Ngezinye izikhathi umhlatshelo kwakudingeka wenziwe ngenxa yesono esithile somuntu siqu. (Levitikusi 5:5, 6) Ngezinye izikhathi umIsrayeli wayenganikela ngomhlatshelo wokuzithandela wenhlanganyelo izingxenye zawo ezazidliwa abapristi nayilowo onikelile. Lokhu kwakubonisa ukuthi izoni ezingabantu zazingaba nokuthula noNkulunkulu, zijabulele isidlo naye, ngomqondo ongokomfanekiso. Ngisho nomfokazi wayengaba umkhulekeli kaJehova futhi abe nelungelo lokuletha iminikelo yokuzithandela endlini yaKhe. Kodwa ukuze babonise inhlonipho efanelekile kuJehova, abapristi babemukela kuphela iminikelo engcono kakhulu. Iminikelo yempuphu kwakumelwe kube ecolisisiwe, izilwane zomhlatshelo kwakumelwe zingabi nasici.—Levitikusi 2:1; 22:18-20; Malaki 1:6-8.
11. (a) Lalenziwani igazi lemihlatshelo yezilwane, futhi lokhu kwakubhekisela kuphi? (b) Uyini umbono kaNkulunkulu kokubili ngegazi labantu nelezilwane?
11 Igazi lalemihlatshelo lalilethwa e-altare. Lokhu kwakuyisikhumbuzo sansuku zonke esizweni, sokuthi sasiyizoni ezidinga umhlengi, ogazi lakhe elichithiwe lalingahlawulela izono zaso phakade futhi lisisindise ekufeni. (Roma 7:24, 25; Galathiya 3:24; qhathanisa namaHeberu 10:3.) Lokhu kusetshenziswa okungcwele kwegazi kwakukhumbuza ama-Israyeli nokuthi igazi limelela ukuphila nokuthi ukuphila kungokukaNkulunkulu. Noma yikuphi okunye ukusebenzisa kwabantu igazi bekulokhu kwenqatshelwe uNkulunkulu.—Genesise 9:4; Levitikusi 17:10-12; IzEnzo 15:28, 29.
USuku Lokubuyisana
12, 13. (a) Lwaluyini uSuku Lokubuyisana? (b) Ngaphambi kokuba umpristi ophakeme alethe igazi eNgcwelengcwele, yini okwakumelwe ayenze?
12 Kanye ngonyaka ngosuku olwalubizwa ngokuthi uSuku Lokubuyisana, sonke isizwe sakwa-Israyeli, kuhlanganise nabagogobele ababekhulekela uJehova, kwakumelwe siyeke yonke imisebenzi futhi sizile. (Levitikusi 16:29, 30) Ngalolu suku olubalulekile, isizwe sasihlanzwa esonweni ngendlela engokomfanekiso ukuze sijabulele ubuhlobo obunokuthula noNkulunkulu omunye unyaka. Ake sisicabange lesi simo, sicabangela ezinye zezici ezivelele.
13 Umpristi ophakeme usegcekeni letabernakele. Ngemva kokugeza emcengezini wamanzi, uhlaba inkunzi yomhlatshelo. Igazi lenkunzi lithelwa esitsheni; lizosetshenziswa ngendlela ekhethekile ukuze kuhlawulelwe izono zesizwe samaLevi sabapristi. (Levitikusi 16:4, 6, 11) Kodwa, ngaphambi kokuba aqhubeke nomhlatshelo, kunokuthile umpristi okumelwe akwenze. Uthatha impepho enamakha (cishe uyifaka enkezweni) namalahle avuthayo e-altare uwafaka emcengezini womlilo. Manje ungena eNdaweni Engcwele eya ngasesihenqweni seNgcwelengcwele. Ehamba kancane, udlula ngalé kwesihenqo ame phambi komphongolo wesivumelwano. Ngemva kwalokho, engasabonwa muntu, uthela impepho emalahleni avuthayo, iNgcwelengcwele igcwale ifu elinuka kamnandi.—Levitikusi 16:12, 13.
14. Kungani umpristi ophakeme kwakumelwe angene eNgcwelengcwele negazi lezilwane ezimbili ezihlukene?
14 Manje uNkulunkulu uzimisele ukubonisa isihe futhi anikwe inhlawulo, ngendlela engokomfanekiso. Ngenxa yalesi sizathu isembozo soMphongolo sasibizwa ngokuthi “isihlalo sesihe” noma “isembozo sesihlawulelo.” (Heberu 9:5, umbhalo waphansi we-NW) Umpristi ophakeme uyaphuma eNgcwelengcwele, athathe igazi lenkunzi, abuye angene eNgcwelengcwele. Njengoba kuyaliwe eMthethweni, ugcobhoza umunwe wakhe egazini abese elifafaza kasikhombisa phambi kwesembozo soMphongolo. (Levitikusi 16:14) Ngemva kwalokho, uphindela egcekeni ahlabe impongo, ewumnikelo wesono “ngenxa yabantu.” Ungena nelinye igazi lempongo eNgcwelengcwele aphinde sona leso asenze ngegazi lenkunzi. (Levitikusi 16:15) Kunezinye izinkonzo ezibalulekile ezazenziwa ngoSuku Lokubuyisana. Ngokwesibonelo, umpristi ophakeme kwakumelwe abeke izandla zakhe phezu kwenhloko yempongo yesibili avume phezu kwayo “ububi babantwana bakwaIsrayeli.” Lempongo ephilayo yayibe isiholelwa ehlane ukuze ihambe nezono zesizwe, ngomqondo ongokomfanekiso. Ngalendlela ukubuyisana kwakwenziwa unyaka ngamunye kwenzelwa “abapristi nabantu bonke bebandla.”—Levitikusi 16:16, 21, 22, 33.
15. (a) Ithempeli likaSolomoni lalifana ngani netabernakele? (b) Incwadi yamaHeberu ithini ngenkonzo engcwele eyayenziwa kokubili etabernakele nasethempelini?
15 Eminyakeni yokuqala engu-486 yomlando ka-Israyeli njengabantu bakaNkulunkulu besivumelwano, itabernakele elithwalekayo laba kubo njengendawo yokukhulekela uNkulunkulu wabo, uJehova. Khona-ke, uSolomoni wakwa-Israyeli wanikezwa ilungelo lokwakha isakhiwo esasiyohlala njalo. Nakuba leli thempeli laliyoba likhulu futhi libe nezinto eziningi, ipulani eyayilungiselelwe ngokwaphezulu yalandela isimo setabernakele. Njengetabernakele, lalifanekisa ilungiselelo elikhulu, neliphumelela ngokwengeziwe lokukhulekela ‘elaliyomiswa [uJehova], hhayi umuntu.’—Heberu 8:2, 5; 9:9, 11.
Ithempeli Lokuqala Nelesibili
16. (a) Yisiphi isicelo sothando uSolomoni asenza lapho enikezela ithempeli? (b) UJehova wakubonisa kanjani ukwamukela kwakhe umthandazo kaSolomoni?
16 Lapho enikezela lelo thempeli elikhazimulayo, uSolomoni wahlanganisa lesi sicelo esiphefumulelwe: “Owezizwe ongesiye owabantu bakho uIsrayeli, lapho evela ezweni elikude ngenxa yegama lakho elikhulu . . . abesefika ukukhuleka kulendlu, mawuzwe wena ezulwini, indawo yakho yokuhlala, wenze njengakho konke lowezizwe akhala ngakho kuwe, ukuze bonke abantu bomhlaba bazi igama lakho, bakwesabe wena njengabantu bakho uIsrayeli, nokuze bazi ukuthi lendlu engiyakhileyo ibiziwe ngegama lakho.” (2 IziKronike 6:32, 33) Ngendlela esobala, uNkulunkulu wabonisa ukuwamukela kwakhe umthandazo kaSolomoni wokunikezela. Ilangabi lomlilo lehla livela ezulwini lashisa imihlatshelo yezilwane phezu kwe-altare, inkazimulo kaJehova yagcwala ethempelini.—2 IziKronike 7:1-3.
17. Kwenzekani ekugcineni ethempelini elalakhiwe uSolomoni, futhi ngani?
17 Ngokudabukisayo, ama-Israyeli alahlekelwa ukwesaba kwawo uJehova okunempilo. Ngokuhamba kwesikhathi, angcolisa igama lakhe elikhulu ngezenzo zokuchitha igazi, ukukhonza izithombe, ukuphinga, ukulala nesihlobo, nangokuphatha kabi izintandane, abafelokazi, nabafokazi. (Hezekeli 22:2, 3, 7, 11, 12, 26, 29) Ngakho, ngonyaka ka-607 B.C.E., uNkulunkulu wakhipha isahlulelo ngokuletha amabutho aseBabiloni ukuba azobhubhisa ithempeli. Ama-Israyeli asinda ayiswa ekuthunjweni eBabiloni.
18. Ethempelini lesibili, yimaphi amalungelo avulekela amanye amadoda ayengewona ama-Israyeli, ayekusekela ngenhliziyo ephelele ukukhulekelwa kukaJehova?
18 Ngemva kweminyaka engu-70 insali yamaJuda eyayiphendukile yaphindela eJerusalema futhi yanikezwa ilungelo lokwakha kabusha ithempeli likaJehova. Ngokuthakazelisayo, babenganele abapristi namaLevi ababezokhonza kuleli thempeli lesibili. Ngenxa yalokho, amaNethini, ayeyinzalo yezigqila zethempeli ezazingewona ama-Israyeli, anikezwa amalungelo athé xaxa njengezikhonzi zasendlini kaNkulunkulu. Nokho, awazange alingane nabapristi namaLevi ngezikhundla.—Ezra 7:24; 8:17, 20.
19. Yisiphi isithembiso uNkulunkulu asenza ngethempeli lesibili, futhi lamazwi agcwaliseka kanjani?
19 Ekuqaleni kwakubonakala sengathi ithempeli lesibili lalingeke libe yilutho uma liqhathaniswa nelokuqala. (Hagayi 2:3) Kodwa uJehova wathembisa: “Ngizamazamise nabo bonke abezizwe, kufike okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe, ngiyigcwalise lendlu ngenkazimulo . . . Inkazimulo yokugcina yalendlu iyakuba-nkulu kuneyokuqala.” (Hagayi 2:7, 9) Ngokuvumelana nalamazwi, ithempeli lesibili laba nenkazimulo ethé xaxa. Lahlala iminyaka engu-164 ngaphezulu futhi abakhulekeli abaningi ngokwengeziwe ababevela emazweni amaningi ngokwengeziwe batheleka emagcekeni alo. (Qhathanisa nezEnzo 2:5-11.) Ukuvuselelwa kwethempeli lesibili kwaqala ezinsukwini zeNkosi uHerode, futhi amagceke alo anwetshwa. Njengoba lalakhiwe laphakama esisekelweni esikhulu setshe futhi lizungezwe yimipheme emihle, lalidlisela ogageni ngobuhle ithempeli lokuqala elalakhiwe uSolomoni. Lalinegceke elikhulu elingaphandle, elalenzelwe abantu bezizwe ababefuna ukukhulekela uJehova. Udonga lwamatshe lwaluhlukanisa leliGceke Labezizwe namagceke angaphakathi ayengawama-Israyeli kuphela.
20. (a) Yimuphi umehluko ovelele ithempeli elalakhiwe kabusha elaba nawo? (b) Yini eyayibonisa ukuthi amaJuda ayelibheka ngokungafanele ithempeli, futhi yini uJesu ayenza esabela kulokhu?
20 Leli thempeli lesibili laba nomehluko omkhulu wokuthi iNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, ifundise phakathi emagcekeni alo. Kodwa njengoba kwakunjalo nangethempeli lokuqala, iningi lamaJuda lalingenawo umbono ofanele ngelungelo lawo lokuba abagcini bendlu kaNkulunkulu. Phela, aze avumela ngisho nabathengisi ukuba bahwebe egcekeni labeZizwe. Ngaphezu kwalokho, abantu babevunyelwa ukuba banqamule ethempelini lapho bethwele izinto eziya ezindaweni eziseduze neJerusalema. Ezinsukwini ezine ngaphambi kokufa kwakhe, uJesu wahlanza ithempeli esusa imikhuba enjalo yezwe, ngesikhathi esifanayo ethi: “Akulotshiwe yini ukuthi, ‘Indlu yami iyobizwa ngokuthi indlu yomthandazo yazo zonke izizwe’? Kodwa nina niyenzé umhume wabaphangi.”—Marku 11:15-17.
UNkulunkulu Ushiya Indlu Yakhe Yasemhlabeni Phakade
21. Yini uJesu ayibonisa ngokuqondene nethempeli laseJerusalema?
21 Ngenxa yesinyathelo sikaJesu sesibindi sokusekela ukukhulekelwa kukaNkulunkulu okumsulwa, abaholi benkolo bamaJuda bazimisela ukumbulala. (Marku 11:18) Azi ukuthi wayesezobulawa, uJesu wathi kubaholi benkolo bamaJuda: “Indlu yenu ishiywa nani.” (Mathewu 23:37, 38) Ngalokho wabonisa ukuthi ngokushesha uNkulunkulu wayengeke esalwamukela uhlobo lokukhulekela olwaluqhutshwa ethempelini elingokoqobo eJerusalema. Lalingeke lisaba “indlu yomthandazo yazo zonke izizwe.” Lapho abafundi bakhe bekhombisa uJesu izakhiwo ezinhle zethempeli, wathi: “Aniziboni yini zonke lezizinto? . . . Akusoze kwashiywa lapha itshe phezu kwetshe lingadilizelwa phansi.”—Mathewu 24:1, 2.
22. (a) Amazwi kaJesu ngethempeli agcwaliseka kanjani? (b) Esikhundleni sokugxilisa amathemba awo emzini wasemhlabeni, yini amaKristu okuqala ayifuna?
22 Isiprofetho sikaJesu sagcwaliseka ngemva kweminyaka engu-37 ngonyaka ka-70 C.E., lapho amabutho amaRoma ebhubhisa iJerusalema nethempeli lalo. Lokho kwanikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi uNkulunkulu wayeyishiye ngempela indlu yakhe engokoqobo. UJesu akazange abikezele ngokwakhiwa kabusha kwelinye ithempeli eJerusalema. Ngokuqondene nalowo muzi wasemhlabeni, umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu angamaHeberu: “Ngoba asinawo lapha umuzi oqhubekayo, kodwa sifuna ngobuqotho lowo ozayo.” (Heberu 13:14) AmaKristu okuqala ayelangazelela ukuba ingxenye ‘yeJerusalema lasezulwini’—uMbuso kaNkulunkulu onjengomuzi. (Heberu 12:22) Ngakho, ukukhulekela kweqiniso kukaJehova akusagxilile ethempelini elingokoqobo emhlabeni. Esihlokweni sethu esilandelayo, sizocabangela ilungiselelo eliphakeme uNkulunkulu aye walimisela bonke abafisa ukumkhulekela “ngomoya nangeqiniso.”—Johane 4:21, 24.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Yibuphi ubuhlobo uNkulunkulu ayenabo no-Adamu no-Eva obabalahlekela?
◻ Kungani izici zetabernakele kufanele zisithakazelise?
◻ Yini esiyifunda emisebenzini yasegcekeni letabernakele?
◻ Kungani uNkulunkulu avumela ukuba ithempeli lakhe libhujiswe?
[Izithombe ekhasini 10, 11]
IThempeli Elakhiwa Kabusha Uherode
1. INgcwelengcwele
2. INdawo Engcwele
3. I-altare Lomnikelo Wokushiswa
4. Ulwandle Oluncibilikisiwe
5. Igceke Labapristi
6. Igceke Lika-Israyeli
7. Igceke Labesifazane