-
Amazwi Enduduzo Ayisiprofetho Akuthintayo NaweIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
17, 18. U-Isaya ukuchaza kanjani ukunikwa kuka-Israyeli amandla, futhi yikuphi ukugcwaliseka esiqinisekiswa ngakho?
17 UJehova uyaqhubeka eduduza abantu bakhe: “Bheka! Ngikwenze waba yisihlibhi sokubhula, isibhulo esisha esinamazinyo asika nhlangothi zombili. Uyonyathela izintaba uzichoboze; namagquma uyowenza abe njengamakhoba nje.
-
-
Amazwi Enduduzo Ayisiprofetho Akuthintayo NaweIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
Amazwi Enduduzo Ayisiprofetho Akuthintayo NaweIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
18 U-Israyeli uyonikwa amandla okuba azilwele, futhi ngomqondo ongokomoya, azinqobe izitha zakhe ezinjengentaba. Lapho u-Israyeli ebuya ekuthunjweni, uyozinqoba izitha eziyozama ukuvimba ukwakhiwa kabusha kwethempeli nezindonga zeJerusalema. (Ezra 6:12; Nehemiya 6:16) Kodwa la mazwi kaJehova ayogcwaliseka ngezinga elikhulu kakhulu ‘ku-Israyeli kaNkulunkulu.’ (Galathiya 6:16) UJesu uthembisa amaKristu agcotshiwe: “Lowo onqobayo futhi agcine izenzo zami kuze kube sekupheleni ngiyomnika igunya phezu kwezizwe, igunya elifanayo nalelo nami engilamukele kuBaba, futhi uyokwelusa abantu ngenduku yensimbi kangangokuthi bayophihlizwa babe izicucu njengezitsha zobumba.” (IsAmbulo 2:26, 27) Siyofika ngempela isikhathi lapho abafowabo bakaKristu abavuselwe enkazimulweni yasezulwini beyohlanganyela ekubhubhiseni izitha zikaJehova uNkulunkulu.—2 Thesalonika 1:7, 8; IsAmbulo 20:4, 6.
-