-
Amazwi Enduduzo Ayisiprofetho Akuthintayo NaweIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
Ingabe onkulunkulu bezizwe bayakwazi ukuprofetha ngokunembile futhi ngaleyo ndlela bafakazele ukuthi banolwazi olungaphezu koluvamile? Uma bekwazi, kumelwe nakanjani kube nemiphumela emihle noma emibi yokusekela lokho abakushoyo. Empeleni, onkulunkulu abayizithombe abakwazi kwenza lutho futhi bafana nento engekho.
23. Kungani uJehova, ngabaprofethi bakhe, azilahla kaningi kangaka izithombe?
23 Osukwini lwethu abanye bangase bazibuze ukuthi kungani uJehova, ngo-Isaya nabaprofethi abangozakwabo, achitha isikhathi esingaka elahla ubuze bokukhonza izithombe. Namuhla kungase kubacacele abaningi ukungabi lusizo kwezithombe ezenziwe umuntu. Nokho, lapho inkolelo ethile engamanga isigxilile kubantu futhi abaningi beyamukela, kunzima ukuyisusa ezingqondweni zabo. Izinkolelo eziningi zanamuhla nazo azinangqondo njengenkolelo yokuthi izithombe ezingaphili zingonkulunkulu bangempela. Kodwa abantu babambelele kulezo zinkolelo naphezu kwezizathu ezinamandla eziziphikisayo. Kuba yilapho abanye sebelizwe kaninginingi iqiniso lapho bekwazi khona ukubona ukuhlakanipha kokwethembela kuJehova.
-
-
Amazwi Enduduzo Ayisiprofetho Akuthintayo NaweIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
‘Vezani futhi nisitshele izinto ezizokwenzeka. Izinto zokuqala—ukuthi zaziyini—yishoni, ukuze sigxilise inhliziyo yethu futhi sazi ikusasa lazo. Noma nisenze ukuba sizwe ngisho nangezinto ezizayo.
-