-
“Okhethiweyo Wami, Lowo Umphefumulo Wami Omamukele!”Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
‘Inceku Eyisithulu Neyimpumputhe’
26, 27.U-Israyeli uzibonisa kanjani ‘eyinceku eyisithulu neyimpumputhe,’ futhi imiphumela iba yini?
26 INceku kaNkulunkulu ekhethiweyo, uJesu Kristu, yahlala ithembekile kwaze kwaba sekufeni. Kodwa abantu bakaJehova u-Israyeli bayinceku engathembekile, eyisithulu neyimpumputhe ngomqondo ongokomoya. Ekhuluma nabo, uJehova uthi: “Yizwani, nina zithulu; bhekani ukuze nibone, nina zimpumputhe. Ngubani oyimpumputhe, uma kungeyona inceku yami, ngubani oyisithulu njengesithunywa sami engisithumayo?
-
-
“Okhethiweyo Wami, Lowo Umphefumulo Wami Omamukele!”Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
27 U-Israyeli uyisehluleki sokukhalelwa! Abantu bakhe balokhu bewela ekukhulekeleni onkulunkulu bezizwe abangamademoni. UJehova ulokhu ethumela izithunywa zakhe ngokuphindaphindiwe, kodwa abantu bakhe abazishayi mkhuba. (2 IziKronike 36:14-16)
-