-
“Ningofakazi Bami”!Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
Awungithengelanga umhlanga omnandi ngemali; awuzange ungisuthise ngamafutha emihlatshelo yakho. Empeleni ungiphoqe ukuba ngikukhonze ngenxa yezono zakho; ungidinile ngeziphambeko zakho.”—Isaya 43:22-24.
-
-
“Ningofakazi Bami”!Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
Kunjalo ‘nangomhlanga,’ obhekisela kuyi-calamus enephunga elimnandi, isithako esinuka kamnandi samafutha okugcoba angcwele. Ama-Israyeli abengasakunaki ukusebenzisa lezi zinto enkonzweni yasethempelini. Kodwa ingabe izimfuneko ezinjalo ziwumthwalo? Cha aziwona! Izinto ezifunwa uJehova zilula uma ziqhathaniswa nezonkulunkulu bamanga. Ngokwesibonelo, unkulunkulu wamanga uMoloki wayefuna ukwenzelwa umhlatshelo ngezingane—into uJehova angakaze ayifune!—Duteronomi 30:11; Mika 6:3, 4, 8.
22 Ukube nje ama-Israyeli ayenokuqonda okungokomoya, ayengeke neze ‘adinwe uJehova.’ Ngokubheka uMthetho wakhe, ayeyolubona uthando olujulile awathanda ngalo futhi ayeyokujabulela ukumenzela iminikelo ‘yamafutha,’—okungcono kakhulu kwemihlatshelo yawo. Kunalokho, ngobugovu azigcinela wona amafutha. (Levitikusi 3:9-11, 16) Yeka ukuthi lesi sizwe esonakele simcindezela kanjani uJehova ngezono zaso—empeleni, simenza akhonze sona!—Nehemiya 9:28-30.
-