-
Ukubona Uhlobo Olufanele LwesithunywaINqabayokulinda—1997 | Meyi 1
-
-
10. UKoresi ‘wayegcotshwe’ ngayiphi indlela, futhi uJehova wayengakhuluma kanjani naye eminyakeni engaphezu kwekhulu ngaphambi kokuzalwa kwakhe?
10 Phawula ukuthi uJehova ukhuluma noKoresi njengokungathi uyaphila kakade. Lokhu kuvumelana namazwi kaPawulu athi uJehova ‘ubiza izinto ezingekho njengokungathi zikhona.’ (Roma 4:17) Futhi uNkulunkulu ubiza uKoresi ngokuthi “ogcotshiweyo wakhe.” Wakwenzelani lokho? Ingani umpristi kaJehova ophakeme akazange athele amafutha angcwele okugcoba ekhanda likaKoresi. Yiqiniso, kodwa lokhu ukugcoba okungokwesiprofetho. Kubonisa ukubekwa esikhundleni esikhethekile. Ngakho uNkulunkulu wayengakhuluma ngokumisa kwakhe uKoresi kusengaphambili njengokumgcoba.—Qhathanisa neyoku-1 AmaKhosi 19:15-17; 2 AmaKhosi 8:13.
-
-
Ukubona Uhlobo Olufanele LwesithunywaINqabayokulinda—1997 | Meyi 1
-
-
Ngobusuku obubucayi, ababexokozeliswa uphuzo eBabiloni, ngobudedengu bayishiya yomibili iminyango yesango ivuliwe ngasemanzini e-Ewufrathe.
-