-
UJehova—“UNkulunkulu Olungile NoMsindisi”Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
‘Mina ngokwami ngizohamba phambi kwakho, futhi ngizohlelemba amaduli ezwe. Ngizophula iminyango yethusi ibe yizicucu, nginqume nemigoqo yensimbi.
-
-
UJehova—“UNkulunkulu Olungile NoMsindisi”Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
5, 6. Isiprofetho ngokuwa kweBabiloni sigcwaliseka nini futhi kanjani?
5 Ngonyaka ka-539 B.C.E.—ngemva kweminyaka engaba ngu-200 u-Isaya elobe lesi siprofetho—uKoresi uyafika ngempela ezindongeni zaseBabiloni ezohlasela umuzi. (Jeremiya 51:11, 12) AbaseBabiloni abanandaba kodwa. Banomuzwa wokuthi umuzi wabo awunakunqotshwa. Izindonga zawo ezinde zizinze phezu kwemiselekazi ejulile egcwele amanzi avela eMfuleni i-Ewufrathe, oyingxenye yesimiso sokuzivikela salo muzi. Sekuphele iminyaka engaphezu kwekhulu kungekho sitha esiye salidlisela ogageni iBabiloni! Eqinisweni, umbusi waseBabiloni uBelishasari, uzizwa elondeke kangangokuba uyazitika namalungu esigodlo sakhe. (Daniyeli 5:1) Ngalobo busuku—ubusuku buka-October 5/6—uKoresi uphothula iqhinga lezempi elibonisa ukukhalipha okukhulu.
6 Enhla nomfula eBabiloni, onjiniyela bakaKoresi sebegubhe usebe loMfula i-Ewufrathe, baphambukisa amanzi awo ukuze angabe esehlela eningizimu ngakulo muzi. Kungakabiphi, amanzi omfula aphakathi eBabiloni nalizungezile abohla kangangokuthi amabutho kaKoresi ayakwazi ukugxambuza emfuleni angene phakathi emzini. (Isaya 44:27; Jeremiya 50:38) Kuyamangalisa ukuthi njengoba nje u-Isaya abikezela, amasango angasemfuleni avuliwe. Amabutho kaKoresi atheleka phakathi eBabiloni, athatha isigodlo abese ebulala iNkosi uBelishasari. (Daniyeli 5:30) Ngobusuku obubodwa nje selinqotshiwe. IBabiloni seliwile, isiprofetho sigcwaliseka ngokuphelele.
-