-
UJehova—“UNkulunkulu Olungile NoMsindisi”Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
Mina ngokwami ngenze umhlaba ngadala ngisho nomuntu phezu kwawo. Mina—izandla zami siqu zelula amazulu, futhi ngiyalé lonke ibutho lawo.
-
-
UJehova—“UNkulunkulu Olungile NoMsindisi”Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
Nalapha futhi isimiso sendalo nesokwambula izinto zibonakala zihlobene. NjengoMdali wendawo yonke, uJehova unegunya lokuqondisa izenzakalo ngendlela afuna ngayo. (1 IziKronike 29:11, 12)
-
-
UJehova—“UNkulunkulu Olungile NoMsindisi”Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
Ukuza kukaKoresi, nakuba engakafiki, kuqiniseke njengokuba khona kwezulu nomhlaba. Iyiphi-ke indodana ka-Israyeli engalokotha igxeke uYise, “uJehova wamabutho”?
16. Kungani izinceku zikaJehova kufanele zizithobe kuye?
16 Wona la mavesi ka-Isaya anesinye isizathu sokuba izinceku zikaNkulunkulu zizithobe kuye. Izinqumo zakhe zihlale zizizuzisa kakhulu izinceku zakhe. (Jobe 36:3) Wenza imithetho ukuze asize abantu bakhe bazizuzise bona. (Isaya 48:17) AmaJuda osuku lukaKoresi amukela ubukhosi bukaJehova ayabona ukuthi kuyiqiniso lokhu. Njengoba uKoresi enza izinto ngokulunga kukaJehova, uthi mawahambe eBabiloni ayokwakha kabusha ithempeli. (Ezra 6:3-5) Ngokufanayo namuhla, bathola izibusiso labo abasebenzisa imithetho kaNkulunkulu ekuphileni kwabo kwamihla yonke nabazithoba ebukhosini bakhe.—IHubo 1:1-3; 19:7; 119:105; Johane 8:31, 32.
-