-
UJehova—“UNkulunkulu Olungile NoMsindisi”Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
Lethani umbiko wenu nodaba lwenu. Yebo, mababonisane ndawonye ngobunye. Ngubani owenzé ukuba lokhu kuzwiwe kusukela esikhathini eside esadlula? Ngubani okubikile kusukela ngaso kanye leso sikhathi? Akumina Jehova yini, okungekho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwakhe; uNkulunkulu olungile noMsindisi, njengoba kungekho omunye ngaphandle kwami?” (Isaya 45:20, 21)
-
-
UJehova—“UNkulunkulu Olungile NoMsindisi”Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
Kodwa labo abakhulekela uJehova bathola ukuthi unamandla okwenza izenzakalo azibikezela “kusukela esikhathini eside esadlula,” kuhlanganise nokusindisa abantu bakhe abathunjelwe eBabiloni. Amandla anjalo nokubona izinto kusengaphambili kuhlukanisa uJehova kubo bonke abanye onkulunkulu. Ngempela, ‘unguNkulunkulu olungile noMsindisi.’
-