-
Induduzo Kubantu BakaNkulunkuluIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
13, 14. Ibhekiselaphi inkulumo ethi “Rahabi” nethi “isilo sasolwandle,” futhi ‘siphihlizwa’ kanjani ‘sibe yizicucu’?
13 Njengokungathi ucela uJehova ukuba athathe isinyathelo ngenxa yabantu baKhe abathunjiwe, u-Isaya uthi: “Vuka, vuka, zembathise amandla, wena ngalo kaJehova! Vuka njengasezinsukwini zakudala, njengasezizukulwaneni zezikhathi ezadlula kudala. Akuwena yini owaphihliza uRahabi waba yizicucu, owahlaba isilo sasolwandle?
-
-
Induduzo Kubantu BakaNkulunkuluIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
Inkulumo ethi “Rahabi” nethi “isilo sasolwandle” ibhekisela eGibithe ngaphansi kukaFaro owayemelene nokuFuduka kuka-Israyeli eGibithe. (IHubo 74:13; 87:4; Isaya 30:7) Njengoba liqala eNile Delta futhi lenabe amakhilomitha amaningi lize lifike eNile Valley, iGibithe lasendulo lalifana nenyoka enkulu. (Hezekeli 29:3) Kodwa lesi silo sanqunywa saba yizicucu lapho uJehova ethulula iziNhlupho Eziyishumi kuso. Sahlatshwa, salinyazwa kabi kakhulu futhi saqedwa amandla ngesikhathi ibutho laso libhujiswa emanzini oLwandle Olubomvu. Yebo, uJehova wabonisa amandla engalo yakhe lapho emelana neGibithe. Ingabe ngeke azimisele ngendlela efanayo ukulwela abantu bakhe abathunjwe eBabiloni?
-