-
‘Khamulukani Ngenjabulo Kanye Kanye’!Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
2. Livuka nini iZiyoni, futhi kwenzeka kanjani lokhu?
2 Ngo-Isaya, uJehova ukhuluma nomuzi waKhe awuthandayo, iZiyoni: “Vuka, vuka, gqoka amandla akho, Ziyoni! Gqoka izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwele! Ngoba ngeke kuphinde kusangena kuwe ongasokile nongahlanzekile.
-
-
‘Khamulukani Ngenjabulo Kanye Kanye’!Isiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
Ngenxa yokuthi izakhamuzi zalo zimthukuthelisile uJehova, sekuyiminyaka engu-70 iJerusalema liyincithakalo. (2 AmaKhosi 24:4; 2 IziKronike 36:15-21; Jeremiya 25:8-11; Daniyeli 9:2) Manje yisikhathi sokuba livuke enkathini ende yokungasebenzi, ligqoke izingubo ezinhle zenkululeko. UJehova ushukumise inhliziyo kaKoresi ukuze akhulule “indodakazi eyisithunjwa yaseZiyoni” ngenjongo yokuba izakhamuzi zangaphambili zaseJerusalema nenzalo yazo zilishiye iBabiloni, ziphindele eJerusalema, futhi zibuyisele ukukhulekela kweqiniso. Akukho muntu ongasokile nongahlanzekile okumelwe abe seJerusalema.—Ezra 1:1-4.
3. Kungani ibandla lamaKristu agcotshiwe lingase libizwe ngokuthi “indodakazi yaseZiyoni,” futhi likhululwe kukuphi?
3 La mazwi ka-Isaya ayagcwaliseka nasebandleni lobuKristu. Ibandla lamaKristu agcotshiwe lingachazwa ngokuthi ‘liyindodakazi yaseZiyoni’ yanamuhla ngoba “iJerusalema eliphezulu” lingumama walo.a Njengoba bekhululiwe ezimfundisweni zamaqaba nezezihlubuki, abagcotshiwe kumelwe bahlale benokuma okuhle phambi kukaJehova, cha, hhayi ngokuba basokwe enyameni, kodwa ngokusokwa ezinhliziyweni zabo. (Jeremiya 31:33; Roma 2:25-29) Lokhu kuhlanganisa ukulondoloza ukuhlanzeka okungokomoya, okungokwengqondo nokokuziphatha phambi kukaJehova.—1 Korinte 7:19; Efesu 2:3.
4. Nakuba “iJerusalema eliphezulu” lingakaze lingamlaleli uJehova, kwenzekani kubameleli balo emhlabeni okufuze okwenzeka ezakhamuzini zaseJerusalema lasendulo?
4 Yiqiniso, “iJerusalema eliphezulu” alikaze lingamlaleli uJehova. Nokho, phakathi nempi yezwe yokuqala, abameleli balo emhlabeni—amaKristu agcotshiwe—baphula umthetho kaJehova kungengamabomu ngenxa yokuthi babengakuqondi kahle ukungathathi-hlangothi kobuKristu beqiniso. Lapho belahlekelwa umusa waphezulu, “iBabiloni Elikhulu,” umbuso wezwe wenkolo yamanga, labathumba ngokomoya. (IsAmbulo 17:5) Isimo sabo sokugqilazwa safinyelela umvuthwandaba ngo-June 1918 ngesikhathi izisebenzi ezingu-8 ze-Watch Tower Society ziboshelwa amacala amanga, kuhlanganise nelokubopha uzungu. Ngaleso sikhathi umsebenzi ohleliwe wokushumayela izindaba ezinhle wacishe wama. Kodwa ngo-1919 kwakhishwa isimemezelo esicacile sokuba kuvukwe ngokomoya. AmaKristu agcotshiwe aqala ukuzehlukanisa ngokuphelele nokungcola kokuziphatha nokungokomoya kweBabiloni Elikhulu. Avuka othulini lokuthunjwa, futhi “iJerusalema eliphezulu” laba nobuhle ‘bomuzi ongcwele’ lapho kungamukelwa neze khona ukungcola okungokomoya.
-