Isahluko 104
Izwi LikaNkulunkulu Lizwakala Okwesithathu
LAPHO esethempelini, uJesu ubelusizi ngokufa okumelwe abhekane nakho ngokushesha. Akukhathalela ngokuyinhloko indlela idumela likaYise elizothinteka ngayo, ngakho uyathandaza: “Baba, khazimulisa igama lakho.”
Kulokho, izwi elinamandla livela ezulwini, lithi: “Ngilikhazimulisile, ngobuye ngilikhazimulise.”
Isixuku esime eduze siyaxakeka. “Ingelosi ikhulumé kuye,” abanye baqala ukusho. Abanye bathi bekuduma izulu. Kodwa, empeleni, nguJehova uNkulunkulu okhulumile! Nokho, lesi akusona isikhathi sokuqala izwi likaNkulunkulu lizwakala ngokuqondene noJesu.
Ngenkathi uJesu ebhapathizwa, eminyakeni emithathu nengxenye ngaphambili, uJohane uMbhapathizi wezwa uNkulunkulu ethi ngoJesu: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.” Khona-ke, esikhathini esithile ngemva kwePhasika elidlule, lapho uJesu eguqulwa isimo phambi kwabo, uJakobe, uJohane, noPetru bezwa izwi likaNkulunkulu lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.” Futhi manje, ngokwesithathu, ngoNisan 10, ezinsukwini ezine ngaphambi kokufa kukaJesu, izwi likaNkulunkulu liyaphinda lizwiwa abantu. Kodwa kulokhu uJehova ukhuluma ngokuzwakalayo kangangokuthi izixuku ziyezwa!
UJesu uyachaza: “Lelizwi alizanga ngenxa yami kepha ngenxa yenu.” Linikeza ubufakazi bokuthi uJesu ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu, uMesiya othenjisiwe. “Kalokhu kungukwahlulelwa kwalelizwe,” kuqhubeka uJesu, “kalokhu umbusi walelizwe uzakuxoshwa.” Ngamanye amazwi, inkambo kaJesu yokuphila yokwethembeka iqinisekisa ukuthi uSathane uDeveli, umbusi wezwe, ufanelwe ‘ukuxoshwa,’ abulawe.
Ebhekisela emiphumeleni yokufa kwakhe okusondelayo, uJesu uthi: “Mina, nxa ngiphakanyiswa emhlabeni, ngiyakubadonsela kimi bonke.” Ukufa kwakhe akukhona neze ukunqotshwa, ngoba ngakho, uyodonsela abanye kuye ukuze bajabulele ukuphila okuphakade.
Kodwa isixuku siyaphikisa: “Sizwile emthethweni ukuthi uKristu uyakuma phakade; usho kanjani wena ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani leNdodana yomuntu na?”
Naphezu kwabo bonke ubufakazi, kuhlanganise nokuzwa izwi likaNkulunkulu uqobo, abaningi abakukholelwa ukuthi uJesu uyiNdodana yomuntu yangempela, uMesiya othenjisiwe. Nokho, njengoba enza ezinyangeni eziyisithupha ngaphambili eMkhosini Wamadokodo, uJesu uyaphinda ubhekisela kuyena ngokuthi “ukukhanya” futhi ukhuthaza izilaleli zakhe: “Nisenokukhanya kholwani ngukukhanya, ukuze nibe-ngabantwana bokukhanya.” Ngemva kokusho lezinto, uJesu uyahamba acashe, ngokusobala ngoba ukuphila kwakhe kusengozini.
Ukungakholelwa kwamaJuda kuJesu kugcwalisa amazwi kaIsaya ngokuqondene ‘namehlo abantu aphuphuthekisiwe nezinhliziyo zabo ezenziwe lukhuni ukuze bangaphenduki baphulukiswe.’ UIsaya wabona embonweni amagceke kaJehova asezulwini, kuhlanganise noJesu enkazimulweni yakhe engakabi umuntu ekanye noJehova. Nokho, amaJuda, ekugcwalisekeni kwalokho uIsaya akubhala, abenqaba ngenkani ubufakazi bokuthi Lona unguMkhululi wawo othenjisiwe.
Ngakolunye uhlangothi, ngisho nabaningi bababusi (ngokusobala amalungu enkantolo ephakeme yamaJuda, iSanhedrin) eqinisweni baba nokholo kuJesu. UNikodemu noJosefa waseArimatheya bangababili balababusi. Kodwa lababusi, okungenani okwamanje, bayehluleka ukumemezela ukholo lwabo, ngoba besaba ukuxoshwa ezikhundleni zabo esinagogeni. Yeka ukuthi abanjalo balahlekelwa okukhulu kangakanani!
UJesu uyaqhubeka ephawula: “Okholwa yimi kakholwa yimi kepha ngongithumileyo. Obona mina ubona ongithumileyo. . . . Uma umuntu ezwa amazwi ami engawalondi, lowo angimahluleli mina, ngokuba angizanga ukuba ngahlulele izwe, kepha ukuba ngisindise izwe. . . . Izwi engalikhulumayo yilona eliyakumahlulela ngosuku lokugcina.”
Uthando lukaJehova ngezwe lesintu lwamshukumisela ukuba athumele uJesu ukuze labo abakholwa nguye basindiswe. Ukuthi abantu bayasindiswa noma cha kuyonqunywa ukuthi bayazilalela yini izinto uNkulunkulu ayala uJesu ukuba azisho. Ukwahlulela kuyokwenzeka “ngosuku lokugcina,” phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane.
UJesu uphetha ngokuthi: “Angikhulumanga ngokwami, kodwa uBaba ongithumileyo nguye onginiké umyalo wokuba ngizakuthini, ngikhulumeni. Ngiyazi ukuthi umyalo wakhe ungukuphila okuphakade. Ngakho-ke lokho engikukhulumayo ngikukhuluma njengalokho uBaba angitshela khona.” Johane 12:28-50; 19:38, 39; Mathewu 3:17; 17:5; Isaya 6:1, 8-10.
▪ Kukuziphi izehlakalo ezintathu lapho izwi likaNkulunkulu lezwakala khona ngokuqondene noJesu?
▪ Umprofethi uIsaya wayibona kanjani inkazimulo kaJesu?
▪ Yibaphi ababusi abakholelwa kuJesu, kodwa kungani bengamvumi obala?
▪ Luyini ‘usuku lokugcina,’ futhi abantu bayokwahlulelwa ngasiphi isisekelo ngalesosikhathi?