Isahluko Seshumi Nane
UJehova Uphakamisa Inceku Yakhe EnguMesiya
1, 2. (a) Ake ufanekise isimo amaJuda amaningi ayebhekene naso ekuqaleni kwekhulu lokuqala C.E. (b) Yiliphi ilungiselelo uJehova ayelenzile ukuze asize amaJuda athembekile abone uMesiya?
AKE sithi uzobonana nesikhulu esibalulekile. Sesimisiwe isikhathi nendawo enizobonana kuyo. Kodwa kunenkinga: Awusazi ukuthi sinjani, futhi sizofika isinyenyela, kungabi namsindo osiphelezelayo. Uzosibona kanjani? Ungasizakala uma unencazelo eningiliziwe ngaso.
2 Ekuqaleni kwekhulu lokuqala C.E., amaJuda amaningi abhekana nesimo esinjena. Ayelindele uMesiya—umuntu owayezoba obaluleke ukubedlula bonke abake baphila. (Daniyeli 9:24-27; Luka 3:15) Kodwa amaJuda athembekile ayezombona kanjani? Esebenzisa abaprofethi abangamaHeberu, uJehova wayenikeze imininingwane ngezenzakalo eziphathelene noMesiya eyayiyokwenza abantu abanokuqonda bakwazi ukumbona ngokunembile.
3. Iyiphi incazelo ngoMesiya enikezwa ku-Isaya 52:13–53:12?
3 Eziprofethweni zesiHeberu ezikhuluma ngoMesiya, cishe asikho esinikeza umbono ocace njengesilotshwe ku-Isaya 52:13–53:12. Kusasele iminyaka engaphezu kwengu-700, u-Isaya akachazanga ukubukeka kukaMesiya, kodwa wachaza imininingwane eyayibaluleke ngokwengeziwe—injongo yokuhlupheka kwakhe nokuthi wayeyohlupheka kanjani, futhi waningiliza ngokufa nokungcwatshwa kwakhe nokuphakanyiswa kwakhe. Ukucabangela lesi siprofetho nokugcwaliseka kwaso kuzosithinta izinhliziyo futhi kuqinise nokholo lwethu.
“Inceku Yami”—Ingubani?
4. Izazi ezingamaJuda ziye zathi ingubani “inceku,” kodwa kungani lokho kungavumelani nesiprofetho sika-Isaya?
4 U-Isaya usanda kukhuluma ngokukhululwa kwamaJuda ekuthunjweni eBabiloni. Manje, ebheka phambili esenzakalweni esikhulu nakakhulu, uloba amazwi kaJehova: “Bheka! Inceku yami iyokwenza ngokuqondisisa. Iyoba sesikhundleni esiphakeme futhi ngokuqinisekile iyokhushulwa futhi iphakanyiswe kakhulu.” (Isaya 52:13) Ingubani le “nceku”? Emakhulwini eminyaka edlule, izazi ezingamaJuda bezilokhu zinikeza imibono ehlukahlukene. Ezinye zathi iyiso sonke isizwe sakwa-Israyeli ngesikhathi sisathunjelwe eBabiloni. Kodwa leyo ncazelo ayivumelani nesiprofetho. INceku kaNkulunkulu ihlupheka ngoba ithanda. Nakuba ingenacala, ihlupheka ngenxa yezono zabanye. Lokhu akunakubhekisela esizweni samaJuda, sona esathunjwa ngenxa yezindlela zaso zokona. (2 AmaKhosi 21:11-15; Jeremiya 25:8-11) Abanye babethi le Nceku ifanekisela iqembu labakhethiweyo kwa-Israyeli elalizibona lilungile nokuthi lahlupheka ngenxa yama-Israyeli anezono. Nokho, ngesikhathi sokuhlupheka kwa-Israyeli, akukho qembu elithile elahluphekela elinye.
5. (a) Izazi ezithile ezingamaJuda ziye zathi isiprofetho sika-Isaya sisebenza kubani? (Bheka umbhalo waphansi.) (b) Iyiphi incazelo ecacile enikezwa yincwadi yeBhayibheli yezEnzo ngale Nceku?
5 Ngaphambi kokufika kobuKristu nangasekuqaleni kweNkathi Evamile, izazi ezimbalwa ezingamaJuda zathi lesi siprofetho sisebenza kuMesiya. ImiBhalo YamaKristu YesiGreki ibonisa ukuthi kuyiqiniso lokhu. Incwadi yezEnzo ibika ukuthi ngesikhathi umthenwa waseTopiya ethi akazi ukuthi ingubani iNceku okukhulunywa ngayo esiprofethweni sika-Isaya, uFiliphu “wamemezela kuye izindaba ezinhle ngoJesu.” (IzEnzo 8:26-40; Isaya 53:7, 8) Nezinye izincwadi zeBhayibheli zithi uJesu Kristu uyiNceku enguMesiya yesiprofetho sika-Isaya.a Lapho sixoxa ngalesi siprofetho, sizobona ukufana okungenakuphikiswa phakathi kwalowo uJehova ambiza ngokuthi “inceku yami” noJesu waseNazaretha.
6. Isiprofetho sika-Isaya sibonisa kanjani ukuthi uMesiya uyoyifeza ngempumelelo intando yaphezulu?
6 Lesi siprofetho siqala ngokuchaza ukuphumelela kokugcina kukaMesiya ekwenzeni intando yaphezulu. Igama elithi “inceku” libonisa ukuthi uyozithoba entandweni kaNkulunkulu njengoba nje nenceku izithoba enkosini yayo. Ngokwenza kanjalo, uyobe “wenza ngokuqondisisa.” Ukuqondisisa kuyikhono lokubona ngalé kwesimo esithile. Ukwenza izinto ngokuqondisisa kusho ukwenza izinto ngokuqapha. Ngokuqondene nesenzo sesiHeberu esisetshenziswe lapha, enye incwadi ithi: “Sisho ukwenza izinto ngokuqapha nangokuhlakanipha. Umuntu owenza izinto ngokuhlakanipha uyophumelela.” Ukuthi uMesiya uyophumelela ngempela kubonakala ekutheni lesi siprofetho sithi ‘uyokhushulwa futhi aphakanyiswe kakhulu.’
7. UJesu Kristu “wenza” kanjani “ngokuqondisisa,” futhi ‘ukhushulwe futhi waphakanyiswa kakhulu’ ngamuphi umqondo?
7 UJesu “wenza ngokuqondisisa,” wabonisa ukuziqonda iziprofetho zeBhayibheli ezazisebenza kuye, futhi zamqondisa ekwenzeni intando kaYise. (Johane 17:4; 19:30) Waba yini umphumela? Ngemva kokuvuswa kukaJesu nokunyukela kwakhe ezulwini, ‘uNkulunkulu wamphakamisela esikhundleni esiphakeme futhi ngomusa wamnika igama elingaphezu kwawo wonke amanye amagama.’ (Filipi 2:9; IzEnzo 2:34-36) Kwabe sekuthi ngo-1914 uJesu okhazinyulisiwe wakhushulwa nakakhulu. UJehova wamphakamisela esihlalweni sobukhosi soMbuso KaMesiya. (IsAmbulo 12:1-5) Yebo, ‘wakhushulwa futhi waphakanyiswa kakhulu.’
‘Bamgqolozele Bemangele’
8, 9. Lapho uJesu ophakanyisiwe efika ezokhipha isahlulelo, ababusi basemhlabeni bayokwenzenjani, futhi ngani?
8 Izizwe nababusi bazo bayokwenzenjani lapho bebhekene noMesiya ophakanyisiwe? Uma sithi ukuweqa amazwi anezelwe engxenyeni yesibili yevesi 14, lesi siprofetho sifundeka kanje: “Ngezinga abaningi abaye bayigqolozela ngalo bemangele . . . iyothusa izizwe eziningi ngezinga elifanayo. Amakhosi ayovala imilomo lapho eyibona, ngoba lokho ayengazange alandiswe kona ayokubona ngempela, futhi ayophendulela ukucabanga kwawo kulokho ayengakuzwanga.” (Isaya 52:14a, 15) Ngala mazwi u-Isaya akachazi ukuvela kokuqala kukaMesiya, kodwa uchaza ukubhekana kwakhe kokugcina nababusi bomhlaba.
9 Lapho uJesu ophakanyisiwe efika ezokhipha isahlulelo kulesi simiso sezinto esingamhloniphi uNkulunkulu, ababusi basemhlabeni ‘bayomgqolozela bemangele.’ Yiqiniso, ababusi abangabantu ngeke bambone ngokoqobo uJesu okhazinyulisiwe. Kodwa bayobona ubufakazi bamandla akhe njengoMlweli kaJehova wasezulwini. (Mathewu 24:30) Bayophoqeleka ukuba bacabange ngento abangayizwanga ishiwo abaholi benkolo—ukuthi uJesu unguMkhiphi wezahlulelo zikaNkulunkulu! Le Nceku ephakanyisiwe abayobhekana nayo iyokwenza izinto ngendlela abangayilindele.
10, 11. Kungashiwo ngamuphi umqondo ukuthi uJesu wayonakalisiwe ekhulwini lokuqala, futhi lokhu kwenziwe kanjani namuhla?
10 Ngokusho kwenkulumo enezelwe evesini 14, u-Isaya uthi: “Ukubonakala kwayo kwakonakaliswe kakhulu ngaphezu kokwanoma yimuphi omunye umuntu nesimo sayo esinesithunzi sasonakaliswe ngaphezu kwesamadodana abantu.” (Isaya 52:14b) Ingabe uJesu wayekhubazekile ngandlela-thile? Cha. Nakuba iBhayibheli linganingilizi ngokuthi uJesu wayenjani, akungabazeki ukuthi iNdodana kaNkulunkulu ephelele yayakheke kahle futhi ibukeka. Cishe amazwi ka-Isaya abhekisela ekuthotshisweni uJesu akuthola. Wabadalula ngesibindi abaholi benkolo bosuku lwakhe ukuthi bangabazenzisi, abaqambimanga nababulali; futhi basabela ngokumthuka. (1 Petru 2:22, 23) Bammangalela ngokuthi uyisaphulamthetho, umhlambalazi, umkhohlisi nomvukeli wombuso waseRoma. Ngale ndlela, laba bamangaleli bamanga bonakalisa ukubonakala kukaJesu.
11 Nanamuhla kusalokhu kukhulunywa kabi ngoJesu. Abantu abaningi bacabanga ngoJesu eyingane emkhombeni noma eyisidalwa esihawulayo esibethelwe esiphambanweni, ubuso baso bunyukubaliswe usizi, sithwele umqhele wameva. Abefundisi beLobukholwa bayikhuthazile le mibono. Bahlulekile ukuveza uJesu eyiNkosi yasezulwini enamandla izizwe eziyolandisa kuyo. Lapho ababusi abangabantu bebhekana ngeziqu zamehlo noJesu ophakanyisiwe maduze nje, bayobe bebhekene noMesiya ‘onalo lonke igunya ezulwini nasemhlabeni’!—Mathewu 28:18.
Obani Abayobeka Ukholo Kulezi Zindaba Ezinhle?
12. Amazwi ka-Isaya 53:1 aphakamisa miphi imibuzo ethakazelisayo?
12 Ngemva kokuchaza izinguquko ezimangalisayo zikaMesiya—esuka ekubeni ‘owonakalisiwe’ eya ekubeni “ophakanyiswe kakhulu”—u-Isaya uyabuza: “Ngubani oye waba nokholo entweni esiyizwile? Ngokuphathelene nengalo kaJehova, yambulelwé bani?” (Isaya 53:1) La mazwi ka-Isaya aphakamisa imibuzo ethakazelisayo: Ingabe siyogcwaliseka lesi siprofetho? Ingabe ‘ingalo kaJehova,’ efanekisela ikhono lakhe lokusebenzisa amandla, iyozambula futhi yenze la mazwi agcwaliseke?
13. UPawulu wabonisa kanjani ukuthi isiprofetho sika-Isaya sagcwaliseka kuJesu, futhi amaJuda amaningi asabela kanjani?
13 Ngaphandle kokuthandabuza, impendulo ithi yebo! Encwadini ayibhalela abaseRoma, uPawulu ucaphuna amazwi ka-Isaya ukuze abonise ukuthi isiprofetho u-Isaya asizwa futhi wasiloba sagcwaliseka kuJesu. Ukukhazinyuliswa kukaJesu ngemva kokuhlupheka kwakhe emhlabeni kwakuyizindaba ezinhle. “Noma kunjalo,” kusho uPawulu ekhuluma ngamaJuda angakholwa, “abazange bazilalele bonke izindaba ezinhle. Ngoba u-Isaya uthi: ‘Jehova, ubani owabeka ukholo entweni eyezwakala ngathi?’ Ngakho ukholo lulandela into ezwiweyo. Nento ezwiweyo iza ngezwi eliphathelene noKristu.” (Roma 10:16, 17) Ngokudabukisayo, bambalwa nokho ababeka ukholo ezindabeni ezinhle eziphathelene neNceku kaNkulunkulu osukwini lukaPawulu. Ngani?
14, 15. UMesiya uyofika ngaphansi kwasiphi isizinda emhlabeni?
14 Lesi siprofetho sibe sesichazela ama-Israyeli izizathu zemibuzo esevesini 1, futhi ngokwenza kanjalo, sinikeza isizathu sokuthi kungani abaningi bengeke bamamukele uMesiya: “Uyovela njengehlumela phambi [kobukele], nanjengempande ezweni elingenamanzi. Akanaso isimo esinesithunzi, futhi akanabo ubukhazikhazi; ngesikhathi esiyombo-na ngaso, uyobe engenakho ukubonakala okungasenza simfise.” (Isaya 53:2) Lapha sibona isizinda ayofikela ku-so uMesiya emhlabeni. Uyoba nesiqalo esiphansi, futhi kwababukele uyobonakala engeke abe yilutho. Ngaphezu kwalokho, uyoba njengehlumela nje, isithombo esintekenteke esihluma esiqwini noma egatsheni lesihlahla. Uyofana nanempande ethembele emanzini esemhlabathini owomile ongathembisi ukuthi kungamila okuthile kuwo. Futhi ngeke afike nodwendwe nobukhazikhazi basebukhosini—uyobe engafake zingubo zasebukhosini futhi engathwelwe miqhele ebenyezelayo. Kunalokho, isiqalo sakhe siyoba esiphansi nesingakhangi.
15 Yeka indlela lokhu okusichaza kahle ngayo isiqalo sikaJesu esiphansi njengomuntu! Wazalwa incasakazi engumJuda, uMariya, esitebeleni esasisemzini omncane owaziwa ngokuthi iBetlehema.b (Luka 2:7; Johane 7:42) UMariya nomyeni wakhe uJosefa babedla imbuya ngothi. Ngemva kwezinsuku cishe ezingu-40 uJesu ezelwe, baletha umnikelo wesono wezimpofana, “amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.” (Luka 2:24; Levitikusi 12:6-8) Ngokuhamba kwesikhathi, uMariya noJosefa bahlala eNazaretha, lapho uJesu akhulela khona emkhayeni omkhulu, cishe ekhula ngokuciciyela.—Mathewu 13:55, 56.
16. Kuyiqiniso ngamuphi umqondo ukuthi uJesu ‘wayengenasithunzi’ noma “ubukhazikhazi”?
16 Kubonakala sengathi ngesikhathi uJesu engumuntu, izimpande zakhe zazingekho emhlabathini ofanele. (Johane 1:46; 7:41, 52) Yize ayengumuntu ophelele futhi eyinzalo yeNkosi uDavide, ukuphila kwakhe okuphansi akuzange kumenze abe “nesithunzi” noma “ubukhazikhazi”—okungenani kulabo ababelindele ukuba uMesiya aqhamuke esizindeni esithé ukuphakama. Begqugquzelwa abaholi benkolo abangamaJuda, abaningi banxenxelwa ekutheni bangamnaki futhi bamdelele. Ekugcineni, izixuku azibonanga lutho olufiselekayo eNdodaneni kaNkulunkulu ephelele.—Mathewu 27:11-26.
‘Wayedelelwa futhi Egwenywa Abantu’
17. (a) U-Isaya uqala ukuchazani, futhi kungani esebenzisa inkathi edlule? (b) Obani ‘abadelela’ futhi ‘bagwema’ uJesu, futhi bakwenza kanjani lokho?
17 U-Isaya manje uqala ukuyichaza ngokuningiliziwe indlela uMesiya ayobhekwa futhi aphathwe ngayo: “Wadelelwa futhi wagwenywa abantu, umuntu ohloselwe ubuhlungu nokuba ajwayelane nokugula. Futhi kwaba khona okunjengokungathi ukufihlwa kobuso kithi. Wadelelwa, sambheka nanjengongento yalutho.” (Isaya 53:3) Eqiniseka ngokuthi amazwi akhe ayogcwaliseka, u-Isaya usebenzisa inkathi edlule lapho ebhala, njengokungathi asegcwalisekile kakade. Ingabe ngempela abantu bamdelela futhi bamgwema uJesu Kristu? Yebo! Abaholi benkolo ababezishaya abalungile nabalandeli babo babembheka njengomuntu odeleleke kunabo bonke. Bambiza ngokuthi ungumngane wabathelisi nezifebe. (Luka 7:34, 37-39) Bamkhafulela ebusweni. Bamshaya ngezibhakela futhi bamthuka. Bamklolodela futhi bamgcona. (Mathewu 26:67) Bethonywe yilezi zitha zeqiniso, “abantu bakubo [kaJesu] abazange bamamukele.”—Johane 1:10, 11.
18. Njengoba uJesu engazange agule, kukanjani ‘ayengumuntu ohloselwe ubuhlungu nokuba ajwayelane nokugula’?
18 Njengomuntu ophelele, uJesu akazange agule. Nokho, ‘wayengumuntu ohloselwe ubuhlungu nokuba ajwayelane nokugula.’ Lobo buhlungu nokugula kwakungekona okwakhe. UJesu wayesuka ezulwini wafikela ezweni eligulayo. Waphila phakathi kokuhlupheka nobuhlungu, kodwa akabagwemanga labo ababegula ngokwenyama noma ngokomoya. Njengodokotela okhathalelayo, wajwayelana nokuhlupheka kwalabo ababemzungezile. Ngaphezu kwalokho, wakwazi ukwenza into okungekho dokotela ovamile ongayenza.—Luka 5:27-32.
19. Ubuso bukabani ‘obafihlwa,’ futhi izitha zikaJesu zabonisa kanjani ukuthi ‘zazimbheka njengongento yalutho’?
19 Noma kunjalo, izitha zikaJesu zabheka yena njengogulayo futhi zenqaba ukumbonisa umusa. Ubuso bakhe ‘bafihlwa’ kodwa hhayi ngoba yena ayefihlela abanye ubuso bakhe. Lapho ihumusha u-Isaya 53:3, i-New English Bible isebenzisa inkulumo ethi “into abantu abayincisha amehlo.” Empeleni, abaphikisi bakaJesu bamthola ecasula kangangokuba bamfulathela, njengokungathi wayenyanyeka kakhulu ukuba bangambuka. Kubona, wayengengcono ngalutho kunesigqila. (Eksodusi 21:32; Mathewu 26:14-16) Babethanda uBaraba umbulali kunaye. (Luka 23:18-25) Yini enye ababengayenza ukuze babonise ukumeya kwabo uJesu?
20. Amazwi ka-Isaya abanikeza yiphi induduzo abantu bakaJehova namuhla?
20 Izinceku zikaJehova namuhla zingathola induduzo enkulu emazwini ka-Isaya. Ngezinye izikhathi, abaphikisi bangase babeyise abakhulekeli bakaJehova abathembekile noma bababheke njengabangento yalutho. Kodwa okubaluleke kakhulu ukuthi uJehova uNkulunkulu usazisa kangakanani, njengoba kwakunjalo ngoJesu. Yize abantu ‘babebheka uJesu njengongento yalutho,’ lokho akukushintshanga ukubaluleka kwakhe okukhulu kuNkulunkulu!
‘Wahlatshwa Ngenxa Yeseqo Sethu’
21, 22. (a) Yini uMesiya ayithwalela abanye? (b) Abaningi babembheka kanjani uMesiya, futhi ukuhlupheka kwakhe kwagcinaphi?
21 Kungani kwadingeka ukuba uMesiya ahlupheke futhi afe? U-Isaya uyachaza: “Ngempela yena ngokwakhe wathwala ukugula kwethu; wathwala izinhlungu zethu. Kodwa thina sambheka njengoshaywe ngenhlupho, oshaywe uNkulunkulu nohlushwayo. Kodwa wayehlatshwa ngenxa yeseqo sethu; echotshozwa ngenxa yeziphambeko zethu. Isijeziso esasihloselwe ukuba thina sibe nokuthula sasiphezu kwakhe, futhi ngenxa yamanxeba akhe kube khona ukuphulukiswa kwethu. Sonke siye sanhlanhlatha njengezimvu; yilowo nalowo wayephendukela kweyakhe indlela; uJehova ubangelé ukuba isiphambeko sethu sonke sihlangabezane naye.”—Isaya 53:4-6.
22 UMesiya wathwala ukugula kwabanye nezinhlungu zabo. Ngomqondo ongokomfanekiso, wafukula imithwalo yabo, wayitshatha emahlombe. Futhi njengoba ukugula nobuhlungu kuyimiphumela yesimo sesintu sokona, uMesiya wathwala izono zabanye. Abaningi abazange basiqonde isizathu sokuhlupheka kwakhe futhi bakholelwa ukuthi uNkulunkulu wayemjezisa, emshaya ngesifo esenyanyekayo.c Ukuhlupheka kukaMesiya kwagcina ngokuba ahlatshwe, aphulwe futhi alinyazwe—amagama anyantisayo abonisa ukufa kobudlova nokubuhlungu. Kodwa ukufa kwakhe kunamandla okuhlawulela; kubeka isisekelo sokubuyisa labo abahamba eziphambekweni nasezonweni, kubasize babe nokuthula noNkulunkulu.
23. UJesu wakuthwala ngayiphi indlela ukuhlupheka kwabanye?
23 UJesu wakuthwala kanjani ukuhlupheka kwabanye? Lapho licaphuna u-Isaya 53:4, iVangeli likaMathewu lithi: “Abantu bamlethela abantu abaningi abakhwelwe ngamademoni; wayixosha le mimoya ngezwi, welapha bonke ababengaphathekile kahle; ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi, ethi: ‘Yena ngokwakhe wathatha ukugula kwethu futhi wathwala izifo zethu.’” (Mathewu 8:16, 17) Ngokwelapha labo ababeza kuye bephethwe izifo ezinhlobonhlobo, kwafana nokuthi uJesu uthatha ukuhlupheka kwabo kube okwakhe. Futhi lokho kwelapha kwakumqeda amandla. (Luka 8:43-48) Ukukwazi kwakhe ukwelapha zonke izinhlobo zokugula—okungokwenyama nokungokomoya—kwafakazela ukuthi wayenikwe amandla okuhlanza abantu esonweni.—Mathewu 9:2-8.
24. (a) Kungani kwabaningi kwabonakala sengathi uJesu ‘ushaywe’ uNkulunkulu “ngenhlupho”? (b) Kungani uJesu ahlupheka futhi wafa?
24 Nokho, kwabaningi kwaba sengathi uNkulunkulu ‘umshaye ngenhlupho’ uJesu. Angithi phela ukuhlushwa kwakhe kwakugqugquzelwa abaholi benkolo abahlonishwayo. Kodwa khumbula ukuthi wayengahlupheki ngenxa yezono zakhe. ‘UKristu wahlupheka ngenxa yenu,’ kusho uPetru, “enishiyela isibonelo sokuba nilandele izinyathelo zakhe eduze. Akenzanga sono, nenkohliso ayitholakalanga emlonyeni wakhe. Yena ngokwakhe wathwala izono zethu emzimbeni wakhe siqu esigxotsheni, ukuze sihlukane nezono futhi siphilele ukulunga. Futhi ‘naphulukiswa ngemivimbo yakhe.’” (1 Petru 2:21, 22, 24) Sonke sake saba izoni, ‘siduka njengezimvu.’ (1 Petru 2:25) Kodwa ngoJesu uJehova walungiselela indlela yokusihlenga esimweni sethu sokona. Wenza ukuba iziphambeko zethu ‘zihlangabezane’ noJesu, zihlale phezu kwakhe. Ngokuzithandela, uJesu ongenasono wajeziswa ngenxa yezono zethu. Ngokufa ukufa okuyihlazo esigxotsheni kungafanele, wenza kwenzeka ukuba sibuyisane noNkulunkulu.
‘Wavuma Ukuba Ahlushwe’
25. Sazi kanjani ukuthi uMesiya wahlupheka futhi wafa ngokuzithandela?
25 Ingabe uMesiya wavuma ukuba ahlupheke futhi afe? U-Isaya uthi: “Wayecindezelwe kanzima, futhi wayevuma ukuba ahlushwe; nokho wayengawuvuli umlomo wakhe. Wayelethwa ngokungathi yimvu ekuhlatshweni; futhi njengemvukazi eye yaba yisimungulu phambi kwabagundi bayo, naye wayengawuvuli umlomo wakhe.” (Isaya 53:7) Ngobusuku bokugcina ephila, uJesu wayengabiza “amalegiyona ezingelosi angaphezu kwayishumi nambili” ukuba azomsiza. Kodwa wathi: “Uma kuba njalo, imiBhalo ibiyogcwaliseka kanjani ukuthi kumelwe ukuba kwenzeke ngalendlela?” (Mathewu 26:53, 54) Kunalokho, “iWundlu likaNkulunkulu” alizange ligoloze. (Johane 1:29) Lapho abapristi abakhulu namadoda amadala bemmangalela ngamanga phambi kukaPilatu, uJesu “akaphendulanga.” (Mathewu 27:11-14) Wayengafuni kusho lutho olwalungase luphazamise ukufezeka kwentando kaNkulunkulu ngaye. UJesu wayezimisele ukufa njengeWundlu eliwumhlatshelo, azi kahle ukuthi ukufa kwakhe kuyohlenga isintu esilalelayo esonweni, ekuguleni nasekufeni.
26. Abaphikisi bakaJesu bakusebenzisa kanjani ‘ukuvimbela’?
26 Manje u-Isaya usinikeza imininingwane eyengeziwe ngokuhlupheka nokuthotshiswa kukaMesiya. Umprofethi uyabhala: “Ngenxa yokuvinjelwa nokwahlulelwa wasuswa; ubani oyozikhathaza ngisho nangemininingwane yesizukulwane sakhe? Ngoba wahlukaniswa nezwe labaphilayo. Wayethole lo mvimbo ngenxa yeseqo sabantu bakithi.” (Isaya 53:8) Lapho ekugcineni uJesu ethathwa izitha zakhe, laba baphikisi benkolo basebenzelana naye ngendlela ‘yokuvimbela.’ Akukona ukuthi bazibamba bangayiveza inzondo yabo, kodwa bavimbela ubulungisa, noma babugodla. Lapho ihumusha u-Isaya 53:8, i-Septuagint yesiGreki ithi “ukuthotshiswa” esikhundleni sokuthi ‘ukuvinjelwa.’ Izitha zikaJesu zamthobisa ngokungamniki impatho eyayifanele ngisho nesigebengu esingenabani. Ukuqulwa kwecala likaJesu kwakuwukuphendukezelwa kobulungisa. Kanjani?
27. Lapho abaholi benkolo bamaJuda bequla icala likaJesu, iyiphi imithetho abayishaya indiva, futhi uMthetho kaNkulunkulu bawephula ngaziphi izindlela?
27 Njengoba babezimisele ukubulala uJesu, abaholi benkolo abangamaJuda baphula imithetho yabo. Ngokomthetho, iSanhedrini yayingaqula icala elinesijeziso sokufa ehholo lamatshe elalisemagcekeni ethempeli kuphela, hhayi emzini wompristi omkhulu. Icala elinjalo kwakufanele liqulwe emini, hhayi sekushone ilanga. Futhi ecaleni elinesijeziso sokufa, kwakufanele isinqumo sikhishwe ngemva kosuku kuqediwe ukuqulwa kwecala. Ngakho, amacala ayengaqulwa neze ngobusuku beSabatha noma bomkhosi othile. Yonke le mithetho ayizange inakwe lapho kuqulwa icala likaJesu. (Mathewu 26:57-68) Okubi nakakhulu ukuthi abaholi benkolo bawephula ingcaca uMthetho kaNkulunkulu lapho bequla leli cala. Ngokwesibonelo, basebenzisa ukufumbathisa ukuze babambe uJesu. (Duteronomi 16:19; Luka 22:2-6) Balalela ofakazi bamanga. (Eksodusi 20:16; Marku 14:55, 56) Futhi bakha iqhinga lokuba bakhulule umbulali, ngaleyo ndlela bazilethela icala legazi phezu kwabo nezwe labo. (Numeri 35:31-34; Duteronomi 19:11-13; Luka 23:16-25) Ngakho akubanga khona “ukwahlulelwa,” icala alithethwanga ngendlela enobulungisa ukuze kukhishwe isinqumo esifanele, nesingenzeleli.
28. Yini izitha zikaJesu ezingayinakanga?
28 Ingabe izitha zikaJesu zalwenza uphenyo ukuze zithole ukuthi ungubani ngempela lo muntu ezazimqulisa icala? U-Isaya ubuze umbuzo ofanayo: “Ubani oyozikhathaza ngisho nangemininingwane yesizukulwane sakhe?” Igama elithi “isizukulwane” lingasho abantu bozalo lomuntu noma isizinda sakhe. Ngesikhathi iSanhedrini iqula icala likaJesu, amalungu ayo awazange asinake isizinda sakhe—ukuthi wayegcwalisa izimfuneko zikaMesiya owayethenjisiwe. Kunalokho, ammangalela ngokuthi uyahlambalaza futhi athi ufanelwe ukufa. (Marku 14:64) Kamuva, umbusi ongumRoma uPontiyu Pilatu wavumela ukucindezelwa futhi wakhipha isigwebo sokuba uJesu abethelwe. (Luka 23:13-25) Ngakho, eneminyaka engu-33 1/2, uJesu “wahlukaniswa,” noma wanqunywa, engakabi mdala kakhulu.
29. Kwenzeka kanjani ukuba ingcwaba likaJesu libe “kanye nababi, kanye nesigaba sezicebi”?
29 Ngokuqondene nokufa nokungcwatshwa kukaMesiya, u-Isaya ube eseloba ukuthi: “Uyokwenza ingcwaba lakhe libe kanye nababi, kanye nesigaba sezicebi ekufeni kwakhe, naphezu kweqiniso lokuthi wayengenzanga budlova futhi kwakungekho nkohliso emlonyeni wakhe.” (Isaya 53:9) Lapho efa futhi engcwatshwa, uJesu waba kanjani nababi nezicebi? Ngo-Nisan 14, 33 C.E., wafela esigxotsheni ngaphandle kwezindonga zaseJerusalema. Njengoba ayebethelwe phakathi kwabenzi bokubi ababili, kufana nokuthi ingcwaba lakhe lalikanye nababi. (Luka 23:33) Kodwa lapho uJesu esefile, uJosefa, isicebi sase-Arimatheya, waqunga isibindi wacela kuPilatu imvume yokwethula isidumbu sikaJesu futhi asingcwabe. Ekanye noNikodemu, uJosefa walungisa isidumbu ukuze singcwatshwe wabe esesifaka ethuneni elisha okwakungelakhe. (Mathewu 27:57-60; Johane 19:38-42) Ngakho ingcwaba likaJesu lalikanye nesigaba sezicebi futhi.
“UJehova Wakujabulela Ukumchoboza”
30. Kungamuphi umqondo uJehova akujabulela ukuchoboza uJesu?
30 U-Isaya ube esesho into exakayo: “UJehova wakujabulela ukumchoboza; wamenza wagula. Uma uyobeka umphefumulo wakhe njengomnikelo wecala, yena uyobona inzalo yakhe, uyokwelula izinsuku zakhe, futhi lokho okujabulisa uJehova kuyophumelela esandleni sakhe. Ngenxa yenkathazo yomphefumulo wakhe uyobona, uyokwaneliswa. Ngolwazi lwakhe olungileyo, inceku yami, uyolethela abantu abaningi ukuma okulungile; futhi uyothwala iziphambeko zabo.” (Isaya 53:10, 11) Kungenzeka kanjani nje ukuba uJehova ajabulele ukubona le nceku ethembekile ichotshozwa? Kusobala ukuthi uJehova akazange ayihluphe yena ngokwakhe iNdodana yakhe ethandekayo. Izitha zikaJesu yizona ezazinecala eligcwele ngalokho ezakwenza kuye. Kodwa uJehova wazivumela ukuba zimphathe ngonya. (Johane 19:11) Ngasizathu sini? Ngokuqinisekile, uNkulunkulu wobubele nesihawu sesisa wezwa ubuhlungu lapho ebona iNdodana yakhe engenacala ihlupheka. (Isaya 63:9; Luka 1:77, 78) Akukho lutho uJehova ayengaluthandi ngoJesu. Noma kunjalo, uJehova wakujabulela ukuzimisela kweNdodana yakhe ukuhlupheka ngenxa yazo zonke izibusiso ezaziyoba umphumela wako.
31. (a) UJehova wawubeka kanjani umphefumulo kaJesu waba ‘umnikelo wecala’? (b) Ngemva kwazo zonke izinhlupheko uJesu azithola engumuntu, yini okumelwe ukuba imanelisa ngokukhethekile?
31 Esinye sezibusiso ukuthi uJehova wabeka umphefumulo kaJesu waba ‘umnikelo wecala.’ Ngakho, lapho uJesu enyukela ezulwini, wangena lapho kukhona khona uJehova ephethe inani lokuphila kwakhe kobuntu okwaba umhlatshelo, laba umnikelo wecala, futhi uJehova wakujabulela ukulamukela egameni lesintu sonke. (Heberu 9:24; 10:5-14) Ngomnikelo wakhe wecala, uJesu wathola “inzalo.” Njengoba ‘enguYise Ongunaphakade,’ uyakwazi ukubanikeza ukuphila—ukuphila okuphakade—labo ababonisa ukholo egazini lakhe elachitheka. (Isaya 9:6) Ngemva kwazo zonke izinhlupheko uJesu adlula kuzo engumphefumulo ongumuntu, kumelwe ukuba limanelisa kakhulu ithemba lokukhulula isintu esonweni nasekufeni! Yebo, kumelwe ukuba kumanelisa nangokwengeziwe ukwazi ukuthi ubuqotho bakhe banikeza uYise wasezulwini impendulo ekuklolodelweni iSitha saKhe, uSathane uDeveli.—IzAga 27:11.
32. Yiluphi ‘ulwazi’ uJesu alethela ngalo “abantu abaningi ukuma okulungile,” futhi obani abathola loku kuma?
32 Esinye isibusiso esiwumphumela wokufa kukaJesu ukuthi ulethela “abantu abaningi ukuma okulungile” ngisho kwamanje. U-Isaya uthi lokhu ukwenza “ngolwazi lwakhe.” Kusobala ukuthi lolu ulwazi uJesu aluthola ngokuba umuntu futhi ahlupheke kungafanele ngoba elalela uNkulunkulu. (Heberu 4:15) Njengoba ahlupheka kwaze kwaba sekufeni, uJesu wakwazi ukulungiselela umhlatshelo owawudingeka ukuze kusizakale abanye bathole ukuma okulungile. Obani abathola loku kuma okulungile? Okokuqala, abalandeli bakhe abagcotshiwe. Ngenxa yokuthi babonisa ukholo emhlatshelweni kaJesu, uJehova uthi balungile ngombono wokuba abamukele njengamadodana, futhi abenze babe izindlalifa ezikanye noJesu. (Roma 5:19; 8:16, 17) Bese kuba “isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu’ esibonisa ukholo egazini likaJesu elachitheka futhi sijabulela ukuma okulungile ngombono wokuba sibe abangane bakaNkulunkulu futhi sisinde e-Armagedoni.—IsAmbulo 7:9; 16:14, 16; Johane 10:16; Jakobe 2:23, 25.
33, 34. (a) Yini esiyifunda ngoJehova esijabulisayo? (b) Obani ‘abaningi’ iNceku enguMesiya ethola “isabelo” phakathi kwabo?
33 Okokugcina, u-Isaya uchaza ukunqoba kukaMesiya: “Ngaleso sizathu ngizomabela isabelo phakathi kwabaningi, futhi uyohlukanisa impango kanye nabanamandla, ngenxa yokuthi umphefumulo wakhe wawuthululela khona kanye ekufeni, futhi wabalwa kanye nezeqamthetho; yena ngokwakhe wasithwala isono sabantu abaningi, futhi walamulela izeqamthetho.”—Isaya 53:12.
34 La mazwi aphetha le ngxenye yesiprofetho sika-Isaya asifundisa okuthile okujabulisayo ngoJehova: Uyabazisa labo abahlala beqotho kuye. Lokhu kuboniswa isithembiso esithi ‘uzoyabela isabelo phakathi kwabaningi’ iNceku yakhe enguMesiya. Cishe la mazwi athathelwa esikweni lokwaba impango yempi. UJehova uyabazisa ubuqotho ‘babaningi’ abathembekile basendulo, kuhlanganise uNowa, u-Abrahama noJobe, futhi ubabekele “isabelo” ezweni lakhe elisha elizayo. (Heberu 11:13-16) Ngokufanayo, uyoyabela isabelo neNceku enguMesiya. Ngempela, uJehova ngeke angabuvuzi ubuqotho bayo. Nathi singaqiniseka ukuthi uJehova ngeke ‘awukhohlwe umsebenzi wethu nothando esilubonisa kulo igama lakhe.’—Heberu 6:10.
35. Obani “abanamandla” uJesu ahlanganyela nabo impango, futhi iyini impango?
35 INceku kaNkulunkulu iyothola impango yempi nangokunqoba izitha zayo. Le mpango iyoyihlanganyela “nabanamandla.” Ekugcwalisekeni kwala mazwi, obani “abanamandla”? Bangabafundi bakaJesu bokuqala abanqoba izwe njengaye—izakhamuzi ‘zika-Israyeli kaNkulunkulu’ ezingu-144 000. (Galathiya 6:16; Johane 16:33; IsAmbulo 3:21; 14:1) Iyini-ke impango? Ngokusobala ihlanganisa “izipho ezingabantu,” lezo uJesu, ngomqondo ongokomfanekiso, azihlwitha esandleni sikaSathane, azilethe ebandleni lobuKristu. (Efesu 4:8-12) Laba “abanamandla” abangu-144 000 banikezwa nesabelo senye impango. Ngenxa yokunqoba kwabo izwe, baphuca uSathane isizathu sokusola uNkulunkulu. Ukuzinikela kwabo kuJehova okungaxegi kuyamphakamisa, kwenze inhliziyo yakhe ithokoze.
36. Ingabe uJesu wayazi ukuthi wayegcwalisa isiprofetho esiphathelene neNceku kaNkulunkulu? Chaza.
36 UJesu wayazi ukuthi wayegcwalisa isiprofetho esiphathelene neNceku kaNkulunkulu. Ngobusuku aboshwa ngabo, wacaphuna amazwi aku-Isaya 53:12 wawenza asebenza kuye: “Ngiyanitshela ukuthi lokhu okulotshiwe kumelwe kufezeke kimi, okuwukuthi, ‘Wabalwa kanye nabangenamthetho.’ Ngoba lokho okuphathelene nami kuyafezeka.” (Luka 22:36, 37) Kuyadabukisa ukuthi ngempela uJesu waphathwa njengongenamthetho. Wabulawa njengesaphulamthetho futhi walengiswa phakathi kwabaphangi ababili. (Marku 15:27) Nokho, walithwala ngokuzithandela leli hlazo, azi kahle ukuthi wayelamulela thina. Kwafana nokuthi uma phakathi kwezoni nesijeziso esiwukufa, futhi ukufa kwatholwa uyena.
37. (a) Umlando wokuphila nokufa kukaJesu usenza sikwazi ukubonani? (b) Kungani kufanele simbonge uJehova uNkulunkulu neNceku yakhe ephakanyisiwe, uJesu Kristu?
37 Umlando wokuphila nokufa kukaJesu usenza sikwazi ukukubona ngokunembile lokhu: UJesu Kristu uyiNceku enguMesiya yesiprofetho sika-Isaya. Yeka indlela okufanele sibonge ngayo ngokuthi uJehova wayezimisele ukuvumela iNdodana yakhe ethandekayo ukuba igcwalise indima engokwesiprofetho yeNceku, ihlupheke futhi ife ukuze sihlengwe esonweni nasekufeni! Ngaleyo ndlela uJehova wasibonisa uthando olukhulu. EyabaseRoma 5:8 ithi: “UNkulunkulu utusa uthando lwakhe siqu kithi ngoba, ngesikhathi siseyizoni, uKristu wasifela.” Yeka indlela okufanele simbonge ngayo noJesu Kristu, iNceku ephakanyisiwe, owathulula umphefumulo wakhe ekufeni ngokuzithandela!
[Imibhalo yaphansi]
a Lapho ihumusha u-Isaya 52:13, iTargum kaJonathan ben Uzziel (wekhulu lokuqala C.E.), njengoba ihunyushwe uJ. F. Stenning, ithi: “Bhekani, inceku yami, Ogcotshiweyo (noma uMesiya), uyakuqhakaza.” Ngokufanayo, iTalmud yaseBabiloni (cishe yekhulu lesithathu C.E.) ithi: “UMesiya—ubani igama lakhe? . . . [; labo] abangabendlu yoRabi [bathi, ungoGulayo], njengoba kushiwo, ‘Ngokuqinisekile uye wathwala ukugula kwethu.’”—Sanhedrin 98b; Isaya 53:4.
b Umprofethi uMika wathi ngeBetlehema “wena omncane kakhulu ukuba ube phakathi kwezinkulungwane zakwaJuda.” (Mika 5:2) Noma kunjalo, leli Betlehema elincane laba nelungelo elingatholwanga omunye umuzi lokuba umuzi okwazalelwa kuwo uMesiya.
c Igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “oshaywe ngenhlupho” lisetshenzisiwe nangokuqondene nochoko. (2 AmaKhosi 15:5) Ngokusho kwezazi ezithile, amanye amaJuda awususela ku-Isaya 53:4 umqondo wokuthi uMesiya wayeyoba nochoko. ITalmud yaseBabiloni ithi leli vesi lisebenza kuMesiya, imbiza ngokuthi “isazi esinochoko.” I-Douay Version yamaKatolika ethathelwe kuyi-Vulgate yesiLatini, ilihumusha kanje leli vesi: “Siye sacabanga ngaye njengonochoko.”
[Ishadi ekhasini 212]
INCEKU KAJEHOVA
Indlela UJesu Ayigcwalisa Ngayo Le Ndima
ISIPROFETHO ISENZAKALO UKUGCWALISEKA
Isaya 53:4 Wathwala ukugula
kwethu Math. 8:16, 17; Luka 8:43-48
Isaya 53:5 Wahlatshwa Joh. 19:34
Isaya 53:9 Wangcwatshwanezicebi Math. 27:57-60;
Isaya 53:12 Wabalwa nezoni Math. 26:55, 56; 27:38;
[Isithombe sekhasini 203]
‘Wadelelwa abantu’
[Isithombe sekhasini 207]
“Wayengawuvuli umlomo wakhe”
[Umthombo]
Detail from “Ecce Homo” by Antonio Ciseri
[Isithombe sekhasini 211]
“Umphefumulo wakhe wawuthululela khona kanye ekufeni”