-
Umyalezo Wethemba Ezithunjweni EzidangeleIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
Ukwethemba Okungafanele
8. AmaJuda amaningi athembelephi, naphezu kwasiphi isixwayiso?
8 Kuze kube manje amaJuda awakathembeli ngokugcwele kuJehova ukuze asindiswe. Ngokwesibonelo, lingakawi iJerusalema, ababusi balo babebheka ezizweni ezinamandla ukuze bathole ukusekelwa, okwakufana nokuthi bafeba neGibithe neBabiloni. (Hezekeli 16:26-29; 23:14) Ngesizathu esihle, uJeremiya wabaxwayisa: “Iqalekisiwe indoda engumqemane ebeka ithemba layo kumuntu wasemhlabeni futhi empeleni yenze inyama ibe yingalo yayo, futhi enhliziyo yayo ifulathela uJehova.” (Jeremiya 17:5) Kodwa, yilokho kanye abantu bakaNkulunkulu abakwenzayo!
9. AmaJuda amaningi ‘ayikhokha’ kanjani “imali ngalokho okungesona isinkwa”?
9 Manje bagqilazwe esinye sezizwe ababethembele kuzo. Ingabe basifundile isifundo? Kungenzeka ukuthi abaningi abasifundanga, ngoba uJehova uyabuza: “Kungani niqhubeka nikhokha imali ngalokho okungesona isinkwa, futhi kungani nikhandlekela lokho okungaphumeli ekwanelisekeni?” (Isaya 55:2a) Uma amaJuda ayizithunjwa ethembela kothile ngaphandle kukaJehova, ‘akhokha imali ngalokho okungesona isinkwa.’ IBabiloni ngeke neze liwadedele, kwazise linenqubo yokungazidedeli izithunjwa zalo ziphindele ekhaya. Eqinisweni, iBabiloni nababusi balo, ezentengiselwano zalo, nokukhulekela kwalo kwamanga, akunakuwenzela lutho amaJuda athunjiwe.
10. (a) UJehova uyowavuza kanjani amaJuda athunjiwe uma emlalela? (b) Yisiphi isivumelwano uJehova ayesenze noDavide?
10 UJehova uncengisisa abantu bakhe: “Ngilalelisiseni, nidle okuhle, futhi umphefumulo wenu mawuthole injabulo enkulu ngokukhuluphala. Thambekisani indlebe yenu nize kimi.
-
-
Umyalezo Wethemba Ezithunjweni EzidangeleIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
Ithemba abanalo laba bantu abangondlekile kahle ngokomoya likuJehova kuphela, lowo manje okhuluma nabo ngo-Isaya ngokusasiprofetho.
-