-
Umyalezo Wethemba Ezithunjweni EzidangeleIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
24, 25. Yiziphi izibusiso ezizotholwa izithunjwa ezingamaJuda ezenza ngokuvumelana nomyalezo kaJehova ngo-Isaya?
24 Ngakho, uma amaJuda elalela amazwi angokwesiprofetho atshelwa wona ngo-Isaya, nakanjani ayoyithola insindiso ayithenjiswe uJehova. Ngenxa yalokho, ayothola intokozo enkulu. UJehova uthi: “Niyophuma ngokujabula, futhi niyongeniswa ngokuthula. Izintaba namagquma kuyokwenama phambi kwenu ngokukhamuluka kwenjabulo, nayo kanye imithi yasendle yonke iyoshaya ihlombe.
-
-
Umyalezo Wethemba Ezithunjweni EzidangeleIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
25 Ngo-537 B.C.E., izithunjwa ezingamaJuda zaphuma ngempela eBabiloni zijabula. (IHubo 126:1, 2)
-
-
Umyalezo Wethemba Ezithunjweni EzidangeleIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu II
-
-
Isibusiso sikaJehova sibonakala ngokushesha njengoba abantu bakhe bemkhonza “ngokukhamuluka kwenjabulo.” Kunjengokungathi izwe ngokwalo liyajabula.
26. Yisiphi isimo esibusisekile abantu bakaNkulunkulu abasijabulelayo namuhla?
26 Ngo-1919 insali yamaKristu agcotshiwe yakhululwa ekuthunjweni okungokomoya. (Isaya 66:8) Kanye nesixuku esikhulu sezinye izimvu, manje ikhonza uNkulunkulu ngokujabula epharadesi elingokomoya.
-