-
UJehova UNkulunkulu Usethempelini Lakhe ElingcweleIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu I
-
-
22 Njengo-Isaya, uJesu wawufeza ngokwethembeka umsebenzi ayewabelwe futhi wathola ukusabela okufanayo. AmaJuda osuku lukaJesu ayengazimisele ukwamukela isigijimi njengoba nje ayenjalo nalawo umprofethi u-Isaya ayeshumayela kuwo. (Isaya 1:4) Ukusebenzisa imifanekiso kwakuyisici senkonzo kaJesu. Lokhu kwenza abafundi bakhe babuze: “Kungani ukhuluma nabo ngokusebenzisa imifanekiso?” UJesu waphendula: “Nina nikunikiwe ukuqonda izimfihlo ezingcwele zombuso wamazulu, kodwa labaya bantu abakunikwanga. Kungakho ngikhuluma nabo ngokusebenzisa imifanekiso, ngoba, ukubheka, babheka ngeze, nokuzwa, bezwa ngeze, futhi abawutholi umqondo wako; futhi isiprofetho sika-Isaya siyagcwaliseka kubo, esithi, ‘Ngokuzwa, niyokuzwa kodwa ningasoze nawuthola umqondo wako; futhi, ukubheka, niyobheka kodwa ningasoze nabona. Ngoba inhliziyo yalaba bantu iye yaba lukhuni, nangezindlebe zabo bezwile bangasabela, futhi baye bacimeza amehlo abo; ukuze bangalokothi babone ngamehlo abo, bezwe nangezindlebe zabo futhi bathole umqondo wako ngezinhliziyo zabo bese bephenduka, ngibaphulukise.’”—Mathewu 13:10, 11, 13-15; Marku 4:10-12; Luka 8:9, 10.
23 Lapho ecaphuna u-Isaya, uJesu wayebonisa ukuthi lesi siprofetho sasigcwaliseka osukwini lwakhe. Abantu bebonke babenesimo senhliziyo esifana nesamaJuda osuku luka-Isaya. Bazenza abangasiboni nabangasizwa isigijimi sakhe futhi nabo babhujiswa. (Mathewu 23:35-38; 24:1, 2)
-
-
UJehova UNkulunkulu Usethempelini Lakhe ElingcweleIsiprofetho Sika-Isaya—Ukukhanya Kuso Sonke Isintu I
-
-
24. UPawulu wasisebenzisa kanjani isiprofetho sika-Isaya, futhi kubonisani lokhu?
24 Cishe ngo-60 C.E., umphostoli uPawulu waboshwa eRoma. Wahlela ukuba abonane ‘namadoda avelele kumaJuda’ kanye nabanye futhi wabanikeza “ubufakazi obuphelele ngokuphathelene nombuso kaNkulunkulu.” Lapho abaningi bengasamukeli isigijimi sakhe, uPawulu wachaza ukuthi kwakugcwaliseka isiprofetho sika-Isaya. (IzEnzo 28:17-27; Isaya 6:9, 10) Ngakho abafundi bakaJesu bafeza ukuthunywa okufana nokuka-Isaya.
25. Yini oFakazi bakaNkulunkulu bosuku lwanamuhla abaye bayiqonda, futhi basabela kanjani?
25 Ngokufanayo, oFakazi BakaJehova namuhla bayaqonda ukuthi uJehova uNkulunkulu usethempelini lakhe elingcwele. (Malaki 3:1) Njengo-Isaya, bathi: “Nangu mina! Thuma mina.” Ngentshiseko, bamemezela umyalezo oyisixwayiso ngesiphelo esisondelayo salesi simiso sezinto esonakele. Kodwa, njengoba uJesu abonisa, bayidlanzana abantu abavula amehlo nezindlebe zabo, balalele, babone bese beyasindiswa. (Mathewu 7:13, 14) Bayajabula ngempela labo abenza izinhliziyo zabo zilalele futhi “bazitholele ukuphulukiswa”!—Isaya 6:8, 10.
-