Isahluko Samashumi Amabili
Isandla SikaJehova Asizange Sifinyezwe
1. Sinjani isimo kwaJuda, futhi abaningi bazibuza ukuthini?
ISIZWE sakwaJuda sithi sisebuhlotsheni besivumelwano noJehova. Nokho, kunezinkathazo yonke indawo. Ubulungisa buyivelakancane, ubugebengu nokucindezela kuthé bhe, kanti awafezeki namathemba okuthi izinto zizoba ngcono. Kukhona okungahambi neze kahle. Abaningi bayazibuza ukuthi uJehova uyoke azilungise yini izinto. Isimo sinjena ngezinsuku zika-Isaya. Kodwa izenzakalo zangalesi sikhathi ezilandiswa ngu-Isaya zingaphezu kokuba umlando nje wasendulo. Lokho akushoyo kunezixwayiso ezingokwesiprofetho zanoma ubani othi ukhulekela uNkulunkulu kodwa ebe eyishaya indiva imithetho yaKhe. Futhi isiprofetho esiphefumulelwe esilotshwe ku-Isaya isahluko 59 sinikeza isikhuthazo somusa kubo bonke abalwela ukukhonza uJehova yize bephila ezikhathini ezinzima neziyingozi.
Bahlukanisiwe NoNkulunkulu Weqiniso
2, 3. Kungani uJehova engamvikeli uJuda?
2 Cabanga nje—abantu bakaJehova besivumelwano sebeyizihlubuki! Bamfulathele uMenzi wabo, ngaleyo ndlela bazikhipha bona esandleni sakhe esivikelayo. Ngenxa yalokhu, bacindezeleke kakhulu. Kungenzeka yini ukuthi basola uJehova ngezikhathi ezinzima ababhekene nazo? U-Isaya uyabatshela: “Bheka! Isandla sikaJehova asizange sifinyezwe kakhulu ukuba singakwazi ukusindisa, futhi indlebe yakhe ayizange ibe ngethuntubezeke kakhulu ukuba ingakwazi ukuzwa. Cha, kodwa iziphambeko zenu ziye zaba yizinto ezibangela ukwahlukana phakathi kwenu noNkulunkulu wenu, nezono zenu ziye zabangela ukuba anifihlele ubuso bakhe ukuze angezwa.”—Isaya 59:1, 2.
3 Lawo mazwi ahluba udlubu ekhasini futhi ayiqiniso. UJehova usenguye uNkulunkulu wensindiso. ‘NjengoMuzwi wemithandazo’ uyayilalela imithandazo yezinceku zakhe ezithembekile. (IHubo 65:2) Nokho, akababusisi abenzi bobubi. Yibona abantu abazihlukanisa noJehova. Ububi babo bumenze wabafihlela ubuso.
4. UJuda ubekwa maphi amacala?
4 Iqiniso liwukuthi uJuda unomlando omubi kabi. Isiprofetho sika-Isaya siveza amanye amacala akhe: “Izintende zezandla zenu zingcoliswé yigazi, neminwe yenu yisiphambeko. Izindebe zenu zikhulumé amanga. Ulimi lwenu luqhubeké lukhuluma ukungalungi kodwa.” (Isaya 59:3) Laba bantu baqamba amanga futhi bakhuluma izinto ezingalungile. Inkulumo ethi “izintende . . . zingcoliswé yigazi” ibonisa ukuthi abanye baye babulala ngisho nokubulala. Yeka ukuhlanjalazwa kukaNkulunkulu, lowo oMthetho wakhe awenqabeli nje kuphela ukubulala, kodwa wenqabela ‘nokuzonda umfowenu enhliziyweni yakho’! (Levitikusi 19:17) Ukona okungalawuleki kwezakhamuzi zakwaJuda nomphumela wako ongenakugwenywa kufanele kukhumbuze ngamunye wethu namuhla ukuthi kudingeka silawule imicabango nemizwa yethu enesono. Ngaphandle kwalokho singagcina sesenza izenzo ezimbi ezingasehlukanisa noNkulunkulu.—Roma 12:9; Galathiya 5:15; Jakobe 1:14, 15.
5. Ukonakala kukaJuda kuhambe ibanga elingakanani?
5 Ukona sekungene esizweni sonke. Isiprofetho sithi: “Akekho omemeza ngokulunga, akekho oye enkantolo ngokwethembeka. Kuye kwathenjelwa kokungekhona okungokoqobo, kwakhulunywa okungenanzuzo. Kuye kwakhulelwa inkathazo kwazalwa okulimazayo.” (Isaya 59:4) Akekho okhuluma ngokulunga. Ngisho nasezinkantolo zomthetho, kuqabukela kutholakale umuntu okungathenjelwa kuye noma othembekile. UJuda umfulathele uJehova futhi wabeka ithemba lakhe ezivumelwaneni azenze nezizwe, ngisho nasezithombeni ezingaphili. Konke lokhu kuyizinto ‘ezingekona okungokoqobo,’ ziyize leze. (Isaya 40:17, 23; 41:29) Ngenxa yalokho, ziningi izingxoxo zokubonisana, kodwa zonke azifezi lutho. Kuhlelwa ukuba kwenziwe izinto ezithile, kodwa umphumela wazo uba izinkathazo nobuhlungu.
6. Umlando weLobukholwa ufana kanjani nokaJuda?
6 Ukungalungi nobudlova bakwaJuda bufana ngendlela emangalisayo nobukweLobukholwa. (Bheka esithi “IJerusalema Eliyisihlubuki—Umfuziselo WeLobukholwa,” ekhasini 294.) Izizwe okuthiwa zingamaKristu ziye zalwa izimpi zezwe ezimbili ezinesihluku. Kuze kube manje, inkolo yeLobukholwa ayibanga namandla okunqanda ukuqothulwa kwabantu nokubulalana kwezizwe okwenziwa amalungu ayo. (2 Thimothewu 3:5) Yize uJesu afundisa abalandeli bakhe ukuba bathembele eMbusweni kaNkulunkulu, izizwe zeLobukholwa ziyaqhubeka zincike ezikhalini zempi nasezivumelwaneni zezombangazwe ukuze zithole ukulondeka. (Mathewu 6:10) Empeleni, abakhi abakhulu bezikhali emhlabeni basezizweni zeLobukholwa! Yebo, uma eLobukholwa lithembela emizamweni yabantu nasezinhlanganweni zabo ukuze libe nekusasa elilondekile, nalo lithembela ‘kokungekhona okungokoqobo.’
Bavuna Izithelo Ezibabayo
7. Kungani amacebo kaJuda ephumela kokulimazayo kodwa?
7 Ukukhonza izithombe nokungathembeki akusoze kwawakha umphakathi omuhle. Ngenxa yokwenza izinto ezinjalo, amaJuda angathembekile manje avuna izinkathazo azitshale wona ngokwawo. Siyafunda: “Bachamusele amaqanda enyoka enesihlungu, futhi baqhubeka beluka ubulembu besicabucabu. Noma ubani odla amaqanda abo wayefa, futhi iqanda elaliphihlizwa lalichanyuselwa libe yinyoka enesihlungu.” (Isaya 59:5) Kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni, amacebo kaJuda awavezi lutho olutheni. Ukucabanga kwakhe okungalungile kuphumela ebubini, njengoba nje namaqanda enyoka enesihlungu eveza izinyoka ezinesihlungu kuphela. Futhi isizwe sibe sesiyahlupheka.
8. Yini ebonisa ukuthi ukucabanga kukaJuda kunephutha?
8 Ezinye izakhamuzi zakwaJuda zingase zikhalele ebudloveni zizama ukuzivikela, kodwa ziyohluleka. Ukulwa akunakuyithatha indawo yokuthembela kuJehova, kungenakuyithatha nendawo yemisebenzi yokulunga eyisivikelo, njengoba nje ubulembu bungenakuyithatha indawo yengubo yangempela yokuzivikela esimweni semvula esibi. U-Isaya uthi: “Ubulembu babo ngeke busebenze njengengubo, futhi ngeke bazimboze ngemisebenzi yabo. Imisebenzi yabo iyimisebenzi elimazayo, futhi umsebenzi wobudlova usezintendeni zezandla zabo. Izinyawo zabo ziqhubeka zigijimela ebubini bodwa, futhi bayashesha ukuchitha igazi elingenacala. Imicabango yabo iyimicabango elimazayo; ukuphanga nokwaphuka kusemigwaqweni yabo emikhulu.” (Isaya 59:6, 7) Ukucabanga kukaJuda kunephutha. Ngokusebenzisa ubudlova ukuze azame ukuxazulula izinkinga zakhe, ubonisa isimo sengqondo sokungamhloniphi uNkulunkulu. Akanandaba nokuthi izisulu zakhe eziningi azinacala nokuthi ezinye zazo ziyizinceku zikaNkulunkulu eziqotho.
9. Kungani abaholi beLobukholwa bekuzwa ngendaba nje ukuthula kweqiniso?
9 La mazwi aphefumulelwe asikhumbuza umlando onegazi weLobukholwa. Nakanjani uJehova uyothi malilandise ngokumelela kwalo ubuKristu ngendlela embi kangaka! NjengamaJuda osuku luka-Isaya, eLobukholwa liye lalandela inkambo yokuziphatha esontekile ngenxa yokuthi abaholi balo bakholelwa ukuthi iyona kuphela esebenzayo. Bathi bekhuluma ngokuthula, bebe benza izinto ezingenabulungisa. Yeka ukuziphikisa! Njengoba abaholi beLobukholwa beqhubeka benza kanjena, ukuthula kweqiniso bayogcina bekuzwe ngendaba. Kunjengoba isiprofetho siqhubeka sisho: “Abayinakanga indlela yokuthula, futhi abukho ubulungisa emikhondweni yabo. Izindlela zabo bazenze ngokwabo ukuba zigwegwe. Akekho noyedwa ohamba kuzo empeleni oyokwazi ukuthula.”—Isaya 59:8.
Bazulazula Ebumnyameni Obungokomoya
10. Ekhulumela uJuda ewonke, yini u-Isaya ayivumayo?
10 UJehova ngeke azibusise izindlela zikaJuda zobuqili nezonakalisayo. (IHubo 11:5) Ngakho lapho ekhulumela sonke isizwe, u-Isaya uyavuma ukuthi uJuda unecala: “Yingakho ubulungisa buye baba kude nathi, nokulunga kungasifici. Silokhu sithembe ukuthola ukukhanya, kodwa, bheka! ubumnyama; ukuthola ukukhanya okukhulu, kodwa sasilokhu sihamba esigayegayeni esiqhubekayo. Silokhu siphumputha udonga njengezimpumputhe, njengalabo abangenawo amehlo siyaqhubeka siphumputha. Sikhubeké emini bebade njengasebumnyameni bakusihlwa; phakathi kwabayizidlakela sinjengabantu abafileyo. Siyaqhubeka sibubula, sonke ngothi lwethu, njengamabhere; futhi njengamajuba siqhubeka sivukutha ngokulila.” (Isaya 59:9-11a) AmaJuda awakalenzi iZwi likaNkulunkulu laba isibani ezinyaweni zawo nokukhanya endleleni yawo. (IHubo 119:105) Ngenxa yalokho, alikho ithemba. Ngisho nasemini bebade, ayaphumputha njengokungathi kukusihlwa. Ungathi afile. Njengoba elangazelela impumuzo, abhonga aqeqebule kuhle kwamabhere alambile noma alimele. Amanye avukutha ngendlela ebanga usizi, njengamajuba anesizungu.
11. Kungani efiphele amathemba kaJuda okuthola ubulungisa nensindiso?
11 U-Isaya wazi kahle ukuthi isizathu sokuhlupheka kukaJuda ukuvukela kwakhe uNkulunkulu. Uthi: “Sasilokhu sethembe ukuthola ubulungisa, kodwa babungekho; ukuthola insindiso, kodwa iye yahlala ikude nathi. Ngoba ukuvukela kwethu kube kuningi phambi kwakho; futhi izono zethu zona, ngasinye siye safakaza ngokumelene nathi. Ngoba ukuvukela kwethu kukithi; futhi iziphambeko zethu zona, sizazi kahle. Bekulokhu kweqiwa umthetho kuphikwa uJehova; futhi kwahlehlwa kuNkulunkulu wethu, kwakhulunywa ngokucindezela nokuvukela, kwacatshangwa futhi kwavungazelwa amazwi angamanga avela khona kanye enhliziyweni.” (Isaya 59:11b-13) Njengoba izakhamuzi zakwaJuda zingakaphenduki, izono zazo azikakathethelelwa. Ubulungisa abukho ezweni ngoba abantu bamshiyile uJehova. Baye bazibonakalisa bengabakhohlisi ngazo zonke izindlela, bacindezela ngisho nabafowabo. Abeve befana nabantu beLobukholwa namuhla! Akukhona nje ukuthi abaningi ababunaki ubulungisa, kodwa bakhuthalele nokushushisa oFakazi BakaJehova abathembekile, abafuna ukwenza intando kaNkulunkulu.
UJehova Ukhipha Isahlulelo
12. Siyini isimo sengqondo salabo abanomthwalo wemfanelo wokwenza ubulungisa kwaJuda?
12 Kubonakala sengathi abukho ubulungisa, ukulunga, noma iqiniso kwaJuda. “Ubulungisa baphoqelelwa ukuba buhlehle, nokulunga kwamane nje kwaqhubeka kumele kude. Ngoba iqiniso likhubekile ngisho nasesigcawini, futhi okuqondile akukwazi ukungena.” (Isaya 59:14) Ngemva kwamasango omuzi kwaJuda, kunezigcawu amadoda amadala adingidela kuzo amacala. (Ruthe 4:1, 2, 11) Lawo madoda kufanele ahlulele ngokulunga futhi afune ubulungisa, angavumi ukufunjathiswa. (Duteronomi 16:18-20) Kunalokho, ahlulela ngokwemibono yawo enobugovu. Okubi nakakhulu ukuthi abheka noma ubani ozama ngobuqotho ukwenza okuhle njengesisulu esilula. Siyafunda: “Iqiniso liba ngelintulekayo, futhi wonke umuntu osukayo ebubini uyaphangwa.”—Isaya 59:15a.
13. Njengoba abahluleli bakwaJuda benza imisebenzi yabo ngokunganaki, yini azoyenza uJehova?
13 Labo abangakuhlabi ukuziphatha okubi bayakhohlwa ukuthi uNkulunkulu akayona impumputhe, uyabona, futhi unamandla. U-Isaya uyabhala: “UJehova wabona, futhi kwakukubi emehlweni akhe ukuthi ubulungisa babungekho. Lapho ebona ukuthi kwakungekho muntu, waqala ukumangala ukuthi kwakungekho muntu olamulayo. Ingalo yakhe yaqala ukumsindisa, nokulunga kwakhe yikho okwamsekela.” (Isaya 59:15b, 16) Njengoba abahluleli abamisiwe benza imisebenzi yabo ngokunganaki, uJehova uzongenela kule ndaba. Lapho engenela, uyokwenza izinto ngokulunga nangamandla.
14. (a) Abaningi namuhla banasiphi isimo sengqondo? (b) UJehova uzilungiselela kanjani ukuthatha isinyathelo?
14 Kunesimo esifanayo namuhla. Siphila ezweni elinabaningi ‘abangasenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle.’ (Efesu 4:19) Bambalwa abakholelwa ukuthi uJehova uyoke angenele ukuze aqede ububi emhlabeni. Kodwa isiprofetho sika-Isaya sibonisa ukuthi uJehova uyakubukisisa okwenziwa abantu. Uyahlulela, futhi ngesikhathi sakhe, athathe izinyathelo ezivumelana nalezo zahlulelo. Ingabe izahlulelo zakhe zinobulungisa? U-Isaya uthi zinabo. Endabeni yesizwe sakwaJuda, uyabhala: “Khona-ke [uJehova] wagqoka ukulunga njengejazi lensimbi, nesigqoko sokuzivikela sensindiso ekhanda lakhe. Ngaphezu kwalokho, wagqoka izingubo zempindiselo njengesambatho futhi wazisonga ngentshiseko njengokungathi ngejazi elingenamikhono.” (Isaya 59:17) La mazwi ayisiprofetho akha isithombe sikaJehova eyiqhawe elibhukulela impi. Uzimisele ukuba injongo yakhe iphumelele. Uyaqiniseka ngokulunga kwakhe okuphelele nokungenakungatshazwa. Futhi lapho ahlulela uyobe enentshiseko futhi engesabi. Akungatshazwa ukuthi ukulunga kuyonqoba.
15. (a) AmaKristu eqiniso ayokwenzani lapho uJehova ekhipha isahlulelo? (b) Yini engase ishiwo ngezahlulelo zikaJehova?
15 Emazweni athile namuhla izitha zeqiniso zizama ukuvimba umsebenzi wezinceku zikaJehova ngokusakaza inkulumo-ze engamanga nehlambalazayo. AmaKristu eqiniso awakwenqeni ukumelela iqiniso, kodwa asuke engafuni ukuziphindiselela. (Roma 12:19) Ngisho nalapho uJehova enza eLobukholwa eliyisihlubuki lilandise, abakhulekeli bakhe emhlabeni ngeke babe nesandla ekubhujisweni kwalo. Bayazi ukuthi kungokukaJehova ukuphindisela nokuthi uyothatha isinyathelo esifanele lapho isikhathi sifika. Isiprofetho siyasiqinisekisa: “Ngokuvumelana nalezi zenzo uyonika umvuzo ngokufanayo, ukufutheka kwabaphikisana naye, impatho efanele ezitheni zakhe. Uyobuyisela impatho efanele eziqhingini.” (Isaya 59:18) Njengasosukwini luka-Isaya, izahlulelo zikaNkulunkulu ngeke nje zibe nobulungisa kuphela, kodwa ziyoba eziphelele. Ziyofinyelela ‘naseziqhingini’ imbala, ezindaweni ezikude. Akekho oyobe ekude noma engayedwa ukuba izahlulelo zikaJehova zingafiki kuye.
16. Obani abayosinda ekwahluleleni kukaJehova, futhi yini abayoyifunda ngokusinda kwabo?
16 UJehova ubahlulela ngokulunga labo abazikhandlayo ekwenzeni okuhle. U-Isaya ubikezela ukuthi kusukela komunye umkhawulo kuya komunye—kuwo wonke umhlaba—abanjalo bayosinda. Futhi ukuthola kwabo isivikelo sikaJehova kuyobenza bamhloniphe nakakhulu. (Malaki 1:11) Siyafunda: “Kusukela entshonalanga bayoqala ukwesaba igama likaJehova, kusukela empumalanga inkazimulo yakhe, ngoba uyofika njengomfula ocindezelayo, oqhutshwe yiwo kanye umoya kaJehova.” (Isaya 59:19) Njengesiphepho esinamandla esilahla phansi udonga lwamanzi oluphambi kwaso futhi siphephule konke okusendleleni yaso, umoya kaJehova uyoshanela zonke izithiyo ukuze intando yakhe ifezeke. Umoya wakhe unamandla kakhulu kunanoma imaphi amandla omuntu. Lapho ewusebenzisela ukwahlulela abantu nezizwe, uyophumelela nakanjani, kube impumelelo ephelele.
Ithemba Nesibusiso Ngabaphendukayo
17. Ubani oThenga kabusha iZiyoni, futhi ulithenga nini kabusha?
17 Ngaphansi koMthetho KaMose, umIsrayeli ozithengisa ebugqilini, wayengase athengwe futhi akhishwe ebugqilini ngumuntu owayezomthenga kabusha. Ngaphambili encwadini ka-Isaya yesiprofetho, uJehova ufaniswé nomuntu oThenga kabusha abantu abaphendukayo. (Isaya 48:17) Namanje uphinde achazwe ngokuthi uThenga kabusha abaphendukayo. U-Isaya uloba isithembiso sikaJehova: “‘OThenga kabusha ngokuqinisekile uyofika eZiyoni, nakulabo abaphendukayo eseqweni kwaJakobe,’ kusho uJehova.” (Isaya 59:20) Lesi siqinisekiso esiqinisa idolo sigcwaliseka ngo-537 B.C.E. Kodwa sinokunye ukugcwaliseka. Umphostoli uPawulu wacaphuna la mazwi kuyi-Septuagint futhi wathi asebenza kumaKristu. Wabhala: “Ngale ndlela wonke u-Israyeli uyosindiswa. Njengoba nje kulotshiwe: ‘Umkhululi uyovela eZiyoni futhi asuse imikhuba yokungamhloniphi uNkulunkulu kuJakobe. Futhi yilesi isivumelwano sami nabo, lapho ngisusa izono zabo.’” (Roma 11:26, 27) Ngempela, isiprofetho sika-Isaya siqhubeka sisebenza isikhathi eside kakhulu—kuze kufike esikhathini sethu nangemva kwaso. Kanjani?
18. UJehova wamenza waba khona kanjani futhi nini “u-Israyeli kaNkulunkulu”?
18 Ekhulwini lokuqala, insali encane yesizwe sakwa-Israyeli yamukela uJesu njengoMesiya. (Roma 9:27; 11:5) Ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E., uJehova wathulula umoya wakhe ongcwele emakholweni angaba ngu-120 futhi wawangenisa esivumelwaneni sakhe esisha esimlamuleli waso nguJesu Kristu. (Jeremiya 31:31-33; Heberu 9:15) Ngalolo suku kwaba khona “u-Israyeli kaNkulunkulu,” isizwe esisha esimalungu aso aphawuleka ngokugcotshwa ngomoya kaNkulunkulu, hhayi ngokuba awozalo luka-Abrahama. (Galathiya 6:16) Lesi sizwe esisha sahlanganisa nabeZizwe abangasokile, kuqala ngoKorneliyu. (IzEnzo 10:24-48; IsAmbulo 5:9, 10) Ngaleyo ndlela uJehova uNkulunkulu wabamukela futhi baba abantwana bakhe abangokomoya, izindlalifa kanye noJesu.—Roma 8:16, 17.
19. Yisiphi isivumelwano uJehova asenza no-Israyeli kaNkulunkulu?
19 Manje uJehova wenza isivumelwano no-Israyeli kaNkulunkulu. Siyafunda: “‘Mina-ke, nasi isivumelwano sami nabo,’ usho uJehova. ‘Umoya wami ophezu kwakho namazwi ami engiwabeké emlonyeni wakho—akuyikusuka emlonyeni wakho, nasemlonyeni wenzalo yakho, nasemlonyeni wenzalo yenzalo yakho,’ usho uJehova, ‘kusukela manje kuze kube phakade.’” (Isaya 59:21) Kungakhathaliseki ukuthi la mazwi agcwaliseka noma awagcwalisekanga ku-Isaya, agcwaliseka impela kuJesu, owaqinisekiswa ngokuthi ‘wayeyobona inzalo yakhe.’ (Isaya 53:10) UJesu wakhuluma amazwi ayewezwe kuJehova, futhi umoya kaJehova wawukuyena. (Johane 1:18; 7:16) Kuyafaneleka ukuba abafowabo nezindlalifa akanye nazo, amalungu ka-Israyeli kaNkulunkulu, nabo bathole umoya ongcwele kaJehova futhi bashumayele isigijimi abasifunde kuYise osezulwini. Bonke ‘bangabantu abafundiswé uJehova.’ (Isaya 54:13; Luka 12:12; IzEnzo 2:38) Ngo-Isaya noma ngoJesu, ofanekiselwa u-Isaya ngokwesiprofetho, uJehova manje wenza isifungo sokuthi ngeke abasuse nanini kodwa uyobasebenzisa njengofakazi bakhe kuze kube phakade. (Isaya 43:10) Ingobani-ke kodwa “inzalo” yabo nayo ezuzayo kulesi sivumelwano?
20. Isithembiso sikaJehova ku-Abrahama sagcwaliseka kanjani ngekhulu lokuqala?
20 Endulo uJehova wathembisa u-Abrahama: “Ngenzalo yakho zonke izizwe zomhlaba ngokuqinisekile ziyozibusisa.” (Genesise 22:18) Ngokuvumelana nalokhu, insali encane yama-Israyeli emvelo eyamukela uMesiya yaya ezizweni eziningi, ishumayela izindaba ezinhle ngoKristu. Kuqala ngoKorneliyu, abeZizwe abaningi abangasokile ‘bazibusisa’ ngoJesu, iNzalo ka-Abrahama. Baba ingxenye ka-Israyeli kaNkulunkulu nengxenye yesibili yenzalo ka-Abrahama. Bayingxenye ‘yesizwe esingcwele’ sikaJehova, esithunywe ukuba ‘simemezele kabanzi ubuhle balowo owasibiza ukuba siphume ebumnyameni singene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.’—1 Petru 2:9; Galathiya 3:7-9, 14, 26-29.
21. (a) Iyiphi ‘inzalo’ evezwe u-Israyeli kaNkulunkulu namuhla? (b) Isivumelwano uJehova asenze no-Israyeli kaNkulunkulu siyiduduza kanjani le “nzalo.”
21 Namuhla kubonakala seliqoqiwe inani eliphelele lika-Israyeli kaNkulunkulu. Kodwa izizwe zisaqhubeka zibusiswa—ngezinga elikhulu. Kanjani? Ngokuthi u-Israyeli kaNkulunkulu uye waba ‘nenzalo,’ abafundi bakaJesu abathemba labo ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. (IHubo 37:11, 29) Le “nzalo” nayo ifundiswa nguJehova futhi ifundiswa izindlela zakhe. (Isaya 2:2-4) Yize ingabhapathizwa ngomoya ongcwele noma ibhekwe njengomhlanganyeli esivumelwaneni esisha, iqiniswa umoya ongcwele kaJehova ukuba inqobe zonke izithiyo uSathane athiya ngazo umsebenzi wayo wokushumayela. (Isaya 40:28-31) Inani layo selifinyelele ezigidini manje futhi liyaqhubeka landa njengoba nayo iveza eyayo inzalo. Isivumelwano sikaJehova nabagcotshiwe senza le “nzalo” iqiniseke ngokuthi uJehova uyoqhubeka eyisebenzisa njengomkhulumeli wakhe kuze kube phakade.—IsAmbulo 21:3, 4, 7.
22. Yikuphi ukuqiniseka esingaba nakho ngoJehova, futhi lokhu kufanele kusithinte kanjani?
22 Kwangathi-ke sonke singalondoloza ukholo lwethu kuJehova. Uzimisele ukusisindisa futhi unawo amandla! Isandla sakhe ngeke nanini sifinyezwe; uyolokhu ebophula abantu bakhe abathembekile. Bonke abamethembayo bayoqhubeka benamazwi akhe amahle emilonyeni yabo “kusukela manje kuze kube phakade.”
[Ibhokisi ekhasini 294]
IJerusalema Eliyisihlubuki—Umfuziselo WeLobukholwa
IJerusalema, inhloko-dolobha yesizwe sikaNkulunkulu esikhethiwe, ifanekisela inhlangano kaNkulunkulu yasezulwini yezidalwa zomoya kanye nendikimba yamaKristu agcotshiwe avuselwe ezulwini njengomlobokazi kaKristu. (Galathiya 4:25, 26; IsAmbulo 21:2) Nokho, izakhamuzi zaseJerusalema zazivame ukungathembeki kuJehova, futhi lo muzi wachazwa ngokuthi uyisifebe nesiphingikazi. (Hezekeli 16:3, 15, 30-42) Likuleso simo, iJerusalema lalifanekisela kahle eLobukholwa eliyisihlubuki.
UJesu wabiza iJerusalema ngokuthi “umbulali wabaprofethi nokhanda ngamatshe labo abathunywe kuye.” (Luka 13:34; Mathewu 16:21) NjengeJerusalema elingathembekile, eLobukholwa lithi likhonza uNkulunkulu weqiniso kodwa liyachezuka ezindleleni zakhe zokulunga. Singaqiniseka ukuthi uJehova uyokwahlulela eLobukholwa ngezindinganiso zokulunga ezifanayo nalezo ahlulela ngazo iJerusalema eliyisihlubuki.
[Isithombe ekhasini 296]
Umahluleli kufanele ahlulele ngokulunga, afune ubulungisa, futhi angamukeli izifumbathiso
[Isithombe ekhasini 298]
Kuhle kwesikhukhula, izahlulelo zikaJehova ziyokhukhula zonke izithiyo ezithiya ukufezeka kwentando yakhe
[Isithombe ekhasini 302]
UJehova wenza isifungo sokuthi abantu bakhe abasoze balahlekelwa ilungelo lokuba ofakazi bakhe