Imibuzo Evela Kubafundi
Njengoba oFakazi BakaJehova belwela ukuhlala bethembekile futhi bethembana, kungani benomuzwa wokuthi kubalulekile ukwenza isivumelwano esibhaliwe lapho besebenzelana kwezamabhizinisi?
Ukwenza kwabo kanjalo kungokomBhalo, kuyasiza, futhi kubonisa uthando. Kanjani? Ake sicabangele lezo zici zezivumelwano zebhizinisi.
IBhayibheli linikeza umlando obhaliwe wokusebenzelana kukaNkulunkulu nabantu bakhe besivumelwano, ama-Israyeli. Lihlanganisa nokusebenzelana kwezamabhizinisi okuhilela abakhulekeli beqiniso. UGenesise isahluko 23 unokunye esingase sikucabangele. Lapho othandekayo wakhe uSara efa, u-Abrahama wayefuna ukuthola ithuna. Waqala ukuthengiselana nabaseKhanani ababehlala eduze naseHebroni. Amavesi 7-9 abonisa ukuthi wasikisela ukubanikeza inani elifanelekayo ngendawo ayeyifuna. Ivesi 10 lifakazela ukuthi lokhu kusikisela kwenziwa obala, kukhona ababezwa esangweni lomuzi. Ivesi 13 libonisa ukuthi umnikazi wendawo wathi uzomupha yona u-Abrahama, yena wasabela ngokuthi indawo wayezoyithatha kuphela ngokuyithenga. Futhi amavesi 17, 18, no-20 ayachaza ukuthi yilokho okwenzeka, kwaqinisekiswa “emehlweni abantwana bakwaHeti phambi kwabo bonke abangena esangweni lomuzi wakhe.”
Nokho, kwakungaba okuhlukile yini uma labo ababethengiselana kanjalo bengabakhulekeli beqiniso bobabili? Isahluko 32 sikaJeremiya siyaphendula. Kusukela evesini 6 kuqhubeke, siphawula ukuthi uJeremiya wayezothenga indawo kumzala wakhe. Ivesi 9 libonisa ukuthi kwavunyelwana ngenani elifanele. Manje funda amavesi 10-12: “Ngaloba [mina Jeremiya] incwadi, ngayinamathelisa, ngazifakazisela, ngamlinganisela imali ngesilinganiso. Ngayithatha incwadi yokuthenga, enamathelisiweyo enemithetho, nezimiso, nevulekileyo, nganikela incwadi yokuthenga kuBaruki indodana kaNeriya kaMahaseya ngaphambi kukaHanameli indodana yomfowabo kababa naphambi kwawofakazi ababelobé incwadi yokuthenga naphambi kwabo bonke abaJuda ababehlala egcekeni letilongo.”
Yebo, nakuba uJeremiya ayesebenzelana nomkhulekeli ayekanye naye, eyisihlobo nokwenza, walandela inqubo ethile engokomthetho enengqondo. Kwabhalwa izincwadi ezimbili zobufakazi—eyokuqala yashiwa ingavaliwe ukuze itholakale kalula, eyesibili yavalwa ukuze inikeze ubufakazi uma kungase kube khona ukungabaza mayelana nokunemba kwalena eyashiywa ingavaliwe. Konke lokhu kwenziwa, njengoba ivesi 13 lisho, “phambi kwabo.” Ngakho kwaba ibhizinisi elenziwa obala, ngokomthetho, futhi kunofakazi. Khona-ke, ngokusobala kuwukulandela isibonelo esingokomBhalo ngabakhulekeli beqiniso ukusingatha izindaba ngendlela eqinisekisiwe nebhalwé ngalendlela.
Kuyasiza futhi. Siyazi ukuthi siyiqiniso kanjani isisho esithi “bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.” (UmShumayeli 9:11) Lokho kuhlanganisa namaKristu azinikezele nathembekile. UJakobe 4:13, 14 ukubeka ngalendlela: “Mina, manje, nina enithi: ‘Namuhla noma kusasa sizoya kulomuzi futhi sizochitha unyaka khona, futhi sizohileleka ebhizinisini futhi sithole imbuyiselo,’ kanti kanazi ukuthi ukuphila kwenu kuyoba yini kusasa.” Ngakho, singase siqale umsebenzi othile njengokuthenga, senze umsebenzi noma inkonzo okuvunyelwene ngayo, noma sikhiqizele othile impahla. Kodwa yini engenzeka kusasa—noma ngenyanga elandelayo noma ngonyaka olandelayo? Kuthiwani uma thina noma lona omunye engahileleka engozini? Kungase kwenze ukugcina leso sivumelwano kube into engenakwenzeka. Kuthiwani uma singenakukwazi ukwenza umsebenzi noma sifeze inkonzo, noma yena ekuthola kungenakwenzeka ukukhokha noma ukufeza uhlangothi lwakhe lwesivumelwano? Uma kungenasivumelwano esibhaliwe, kungase kuphakame izinkinga zangempela, ebezingaxazululwa noma zigwenywe ngokuba nesivumelwano esibhaliwe.
Ngaphezu kwalokho, akumelwe sikhohlwe ukuthi khona kanye ukungaqiniseki kwezici eziningi zokuphila kungase kusho ukuthi kudingeka omunye umuntu athathe lowo mthwalo noma axazulule izindaba zethu (noma zalona omunye) zebhizinisi. UJakobe wanezela evesini 14: “Ngoba niyinkungu ebonakala isikhathi esincane bese inyamalala.” Eqinisweni, singase sife ngokungalindelekile. Isivumelwano esibhaliwe, singase sivumele abanye ukuba baqhubeke basingathe izindaba uma okuthile okungalindelekile kwenzeka kunoma ubani wenu.
Ngomqondo othile, lokhu kuholela esicini sesithathu—izivumelwano ezibhaliwe zibonisa uthando. Ngokuqinisekile, uma noma imuphi efa noma ehileleka engozini ebangela ukukhubazeka, bekuyobe ubonisé uthando umKristu ngokulungiselela ukulandisa okubhaliwe ngezibopho noma izimali ezilindelekile kuyena. Futhi kunokubonisa ukungathembani, kubonisa uthando ngomzalwane esisebenzelana naye ukwenza isivumelwano esikubeka ngokucacile nangokunembile lokho abopheke ukuba akwenze noma okufanele akuthole. Lesi sinyathelo sothando siyonciphisa imizwa ebuhlungu nenzondo esingaba nayo uma omunye ngokungapheleli engase akhohlwe imininingwane ethile noma okulindeleke kuye. Ubani nje kithi ophelele, ongakhohlwa, noma okungenzeki ukuba angayiqondi kahle imininingwane noma izinhloso?—Mathewu 16:5.
Zikhona nezinye izindlela ezenza ukwenza izivumelwano zebhizinisi ezibhaliwe kube ukubonisa uthando ngomfowethu, umkhaya wethu, kanye nebandla lilonke. Kodwa kumelwe kube sobala ukuthi ngalé kokubonisa uthando, imibhalo enjalo ebhaliwe yaba nemininingwane eyanele kuyasiza futhi kungokomBhalo.