-
UBharuki—Unobhala KaJeremiya OthembekileINqabayokulinda—2006 | Agasti 15
-
-
Ungazifuneli “Izinto Ezinkulu”
Ngesikhathi ebhala umqulu wokuqala, uBharuki wacindezeleka. Wathi: “Maye, manje, kimi, ngoba uJehova unezele usizi ebuhlungwini bami! Ngidiniwe ngenxa yokububula kwami, futhi angitholanga ndawo yokuphumula.” Lwalubangelwa yini lolu sizi?—Jeremiya 45:1-3.
Ayikho impendulo eqondile enikezwayo. Kodwa zama ukusibona ngeso lengqondo isimo sikaBharuki. Ukulandisa ngezixwayiso ezazineminyaka engu-23 kubantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda kumelwe ukuba kwenza kwaba sobala ukuthi babemhlubukile futhi bemlahlile uJehova. Ukunquma kukaJehova ukubhubhisa iJerusalema noJuda kanye nokudingisela lesi sizwe eBhabhiloni iminyaka engu-70—ukwaziswa uJehova akwembula ngawo lowo nyaka futhi okungenzeka kwakukhona emqulwini—kumelwe ukuba kwamethusa uBharuki. (Jeremiya 25:1-11) Ngaphezu kwalokho, kwakunengozi yokuthi uma engasekela uJeremiya ngobuqotho ngalesi sikhathi esibucayi wayengalahlekelwa isikhundla nomsebenzi wakhe.
Kunoma ikuphi, uJehova uqobo wangenela ukuze asize uBharuki ahlale ekhumbula isahlulelo esasizofika ngokushesha. UJehova wathi: “Engikwakhile ngiyakudiliza, engikutshalile ngiyakusiphula, ngisho nalo lonke izwe ngokwalo.” Wabe eseluleka uBharuki: “Kodwa wena, uqhubeka uzifunela izinto ezinkulu. Musa ukuqhubeka uzifuna.”—Jeremiya 45:4, 5.
UJehova akashongo ngokuqondile ukuthi zaziyini lezi “zinto ezinkulu,” kodwa kungakhathaliseki ukuthi zaziyizifiso zobugovu, udumo, noma ukuchuma ngezinto ezibonakalayo kumelwe ukuba uBharuki waqonda ukuthi zaziyini. UJehova wamyala ukuba abheke izinto ngombono ofanele futhi akhumbule okwakuzokwenzeka: “Bheka ngiletha inhlekelele phezu kwayo yonke inyama, . . . futhi ngiyokunika umphefumulo wakho ukuba ube yimpango yakho kuzo zonke izindawo ongase uye kuzo.” Ukuphila kukaBharuki kwakuwukuphela kwento eyigugu eyayizosinda nomaphi lapho ayengase aye khona.—Jeremiya 45:5.
-
-
UBharuki—Unobhala KaJeremiya OthembekileINqabayokulinda—2006 | Agasti 15
-
-
Lapho uBharuki ekhunjuzwa ngokuthi phakathi nezinsuku zokugcina zikaJuda, sasingekho isikhathi sokuzifunela “izinto ezinkulu,” kusobala ukuthi walalela, ngoba wawuthola umphefumulo wakhe njengempango. Kunengqondo ukusisebenzisa kithi lesi seluleko, njengoba nathi siphila ezinsukwini zokugcina zalesi simiso sezinto. UJehova usithembisa into efanayo—ukusinda. Singazilalela yini lezi zikhumbuzo njengoBharuki?
-