Umbono WeBhayibheli
Kuyini Ukuthanda Izinto Ezibonakalayo?
ABANTU bazalwa bethambekele ezintweni ezingokomoya futhi benesidingo sokukhulekela uNkulunkulu. Noma kunjalo, umuntu wadalwa ngezinto ezibonakalayo, uyazidinga futhi uyazijabulela. Amanye amaKristu anengcebo eningi yezinto ezibonakalayo. Ingabe lokhu ngokwakho kuwubufakazi bokuthi athanda izinto ezibonakalayo futhi ayantula ngokomoya? Ngokuphambene, ingabe lawo ampofu awazithandi izinto ezibonakalayo futhi athambekele kakhulu ezintweni ezingokomoya?
Ngokuqinisekile uzovuma ukuthi ukuthanda izinto ezibonakalayo kuhilela okungaphezu kokumane nje ube nensada yengcebo noma yempahla. Cabangela lezi zibonelo zeBhayibheli ezibonisa ukuthi kuyini ngempela ukuthanda izinto ezibonakalayo nendlela yokugwema izingozi okuzilethayo engokomoyeni lomuntu.
Babecebile Futhi Bedumile
Phakathi kwezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile ezikhathini zeBhayibheli kwakunabathile ababecebile futhi bedumile. Ngokwesibonelo, u-Abrahama “wayenemihlambi emikhulu nesiliva negolide eliningi kakhulu.” (Genesise 13:2) UJobe wayaziwa ngokuthi ‘wayemkhulu kunabo bonke abaseMpumalanga’ ngoba wayenemfuyo eningi neqembu elikhulu lezinceku. (Jobe 1:3) Amakhosi akwa-Israyeli, njengoDavide noSolomoni, aba nengcebo eningi kakhulu.—1 IziKronike 29:1-5; 2 IziKronike 1:11, 12; UmShumayeli 2:4-9.
Ebandleni lekhulu lokuqala kwakunamaKristu acebile. (1 Thimothewu 6:17) ULidiya ubizwa ngokuthi “umthengisi wokunsomi, wasemzini waseThiyathira nongumkhulekeli kaNkulunkulu.” (IzEnzo 16:14) Udayi onsomi nezingubo ezidaywe ngawo kwakubiza kakhulu futhi ngokuvamile kwakugcinelwa abantu abasezikhundleni eziphakeme noma abacebile. Ngakho, kumelwe ukuba uLidiya ngokwakhe wayecebile ngandlela-thile.
Ngokuphambene, abakhulekeli abathile bakaJehova abathembekile ezikhathini zeBhayibheli babempofu kakhulu. Izinhlekelele zemvelo, izingozi, nokufa kwafaka eminye imikhaya ebumpofwini. (UmShumayeli 9:11, 12) Yeka ukuthi kumelwe ukuba kwakunzima kangakanani ngalabo abaswele ukubukela abanye bedla kusale noma benezinto eziningi ezibonakalayo! Noma kunjalo, kwakuyoba iphutha ukuba bahlulele labo abacebile ngokuthi bathanda izinto ezibonakalayo noma baphethe ngokuthi labo ababengacebile babekhonza uNkulunkulu ngokugcwele. Ngani? Cabangela umnyombo wokuthanda izinto ezibonakalayo.
Ukuthanda Imali
Isichazamazwi esithile sichaza ukuthanda izinto ezibonakalayo ngokuthi “ukuhlale ucabanga ngezinto ezibonakalayo noma ukugcizelela zona kakhulu ngaphezu kwenhlakanipho noma kwezinto ezingokomoya.” Ngakho, umnyombo wokuthanda izinto ezibonakalayo usezifisweni zethu, izinto eziza kuqala kithi nezinto ukuphila kwethu okugxile kuzo. Lokhu kuboniswa ngokucacile yilezi zibonelo ezimbili zeBhayibheli.
UJehova wameluleka ngokuqinile uBharuki, owayekhonza njengonobhala womprofethi uJeremiya. Kungenzeka ukuthi uBharuki wayempofu ngenxa yezimo zaseJerusalema nokujwayelana kwakhe noJeremiya owayengathandwa. Yize kunjalo, uJehova waphawula: “Kodwa wena uqhubeka uzifunela izinto ezinkulu. Musa ukuqhubeka uzifuna.” Kungenzeka ukuthi uBharuki waqala ukuthanda izinto ezibonakalayo, eqala ukuhlala ecabanga ngomcebo noma ngokulondeka kwabanye ngokwezinto ezibonakalayo. UJehova wakhumbuza uBharuki ukuthi wayeyomkhulula embubhisweni eyayizokwehlela iJerusalema kodwa wayengeke alonde impahla yakhe.—Jeremiya 45:4, 5.
UJesu wenza umfanekiso ngomuntu naye owayehlala ecabanga ngezinto ezibonakalayo. Lo muntu wayegxile engcebweni yakhe kunasekusebenziseni lokho ayenakho ukuze andise inkonzo yakhe kuNkulunkulu. Lesi sicebi sathi: “Ngizodiliza izinqolobane zami ngakhe ezinkulu kunazo, . . . futhi ngizothi emphefumulweni wami: ‘Mphefumulo, unezinto eziningi ezinhle ezibekelelwe iminyaka eminingi; khululeka, udle, uphuze, uzijabulise.’” UJesu wabe esethi: “Kodwa uNkulunkulu wathi kuye, ‘Muntu ongenangqondo, ngalobu busuku bayawufuna umphefumulo wakho kuwe. Khona-ke ubani ozothola izinto ozibekelele?’ Kunjalo ngomuntu oziqongelelela umcebo kodwa engacebile kuNkulunkulu.”—Luka 12:16-21.
Liyini iphuzu lalokhu kulandisa okubili? Kusisiza ukuba sibone ukuthi umuntu uthanda izinto ezibonakalayo, hhayi ngenxa yobuningi balokho anakho, kodwa ngoba ebeka izinto ezibonakalayo kuqala. Umphostoli uPawulu wathi: “Labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo, eziphonsa abantu ekubhujisweni nasencithakalweni. Ngoba uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo, futhi ngokuzama ukufinyelela lolu thando abanye baye baduka okholweni futhi bazigwaza yonke indawo ngeminjunju eminingi.” (1 Thimothewu 6:9, 10) Ukuzimisela ukuceba nokuthanda izinto ezibonakalayo yikona okudala izinkinga.
Ukuzihlola Kuyadingeka
AmaKristu ayaqikelela ukuba agweme isicupho sokuthanda izinto ezibonakalayo kungakhathaliseki isimo sawo sezomnotho. Amandla engcebo ayakhohlisa futhi angaminyanisa ingokomoya. (Mathewu 13:22) Ukushenxisa izinto ezingokomoya sigxile ezintweni ezibonakalayo kungasibamba singanakile, kube nemiphumela edabukisayo.—IzAga 28:20; UmShumayeli 5:10.
Ngakho, amaKristu kufanele ahlole izinto eziza kuqala kuwo nalokho ukuphila kwawo okugxile kukho. Kungakhathaliseki ukuthi umuntu unezinto ezibonakalayo ezincane noma eziningi, abantu abanaka izinto ezingokomoya balwela ukulandela iseluleko sikaPawulu sokungabeki ithemba labo “engcebweni engaqinisekile, kodwa kuNkulunkulu, osinika zonke izinto ngokucebile ukuze sizijabulele.”—1 Thimothewu 6:17-19.