ISAHLUKO SESHUMI NANYE
“Abelusi Ngokuvumelana Nenhliziyo Yami”
1, 2. (a) Kungenzekani uma umhlambi wezimvu ungavikelwe? (b) Wawuhilelani umsebenzi kamalusi wangezikhathi zeBhayibheli?
UHIROYASU waseJapane wayesengumfanyana lapho unina ethenga inqama nemvukazi. Wayezelusa, futhi imvukazi yayizala amawundlu amabili ngonyaka, ngakho umhlambi waqala ukwanda. Ngesikhathi eseneminyaka engu-12 kwase kunezimvu ezingu-12 noma ezingu-13. Uyakhumbula, “Ngolunye usuku ekuseni ngovivi ngisalele, ngazizwa zikhala. Ngazindela. Lapho ekugcineni ngiphuma, nankuya umhlambi wezinja zasendle ubaleka usuka emawundlwini ayesedwengulwe izisu, amathumbu ephumele ngaphandle. Ngatatazela ngafuna unina. Ngamthola esaphefumula, esemathantaleni egazi. Yinqama kuphela eyasinda. Ngaphatheka kabi. Kwakumelwe ngiphume ngiyohlola umhlambi lapho nje ngiqala ukuwuzwa ukhala. Awukwazanga ukuzivikela ezinjeni.”
2 Ngezikhathi zeBhayibheli, cishe wonke umuntu wayejwayelene nomsebenzi kamalusi. Umsebenzi wakhe kwakuwukuhola umhlambi wakhe awuyise emadlelweni futhi aqiniseke ukuthi imfuyo ayiphathisiwe yondleke kahle. Wayebuye ayivikele kwezinye izilwane acinge nezidukile. (1 Sam. 17:34-36) Umalusi wayewulalisa umhlambi wakhe ukuze uphumule, ungaphazamiseki. Wayesiza nalapho kuzalwa amawundlu bese ewanakekela. Abalobi beBhayibheli abaningi, kuhlanganise noJeremiya, basebenzisa umfanekiso kamalusi njengesingathekiso lapho bebhekisela kumuntu ophathiswe abanye, kungaba njengenkosi yabo noma njengombonisi ongokomoya.
3. UJeremiya wayebhekisela kuphi lapho esebenzisa igama elithi “umalusi” nelithi “ukwalusa”?
3 Abanye ebandleni lobuKristu bangase bacabange ngabadala njengabelusi kuphela lapho la madoda ehambela abafowabo ukuze abasize futhi abakhuthaze. Nokho, ngokwendlela uJeremiya asebenzisa ngayo igama elithi “umalusi” nelithi “ukwalusa,” singabona ukuthi wawasebenzisa kuzo zonke izici zobudlelwane obabuphakathi kwababonisi bakwaJuda nabantu. UNkulunkulu wayevame ukuzilahla izikhulu, abaprofethi nabapristi bakwaJuda njengabelusi ababi ngoba babengayikhathaleli inhlalakahle yabantu abavamile. (Jer. 2:8) “Izimvu” zabo babeziphatha kabi, bezidukisa futhi bengazinaki kuyilapho ngobugovu bephishekela okuthandwa yibo. Abantu bakaNkulunkulu babeshiywe esimweni esishaqisayo sokunganakwa ngokomoya. UJehova wamemezela ‘umaye’ kulabo belusi bamanga futhi waqinisekisa abantu bakhe ngokuthi wayezobanika abelusi abakhathalelayo nabaqaphile ababezowuvikela ngempela umhlambi.—Funda uJeremiya 3:15; 23:1-4.
4. Ubani onakekela umhlambi kaNkulunkulu namuhla, futhi ngamuphi umoya?
4 Isithembiso sikaNkulunkulu saba nokugcwaliseka okukhulu kuJesu, uMalusi oyiNhloko wezimvu zikaJehova, owaba yiNhloko yebandla lobuKristu. Wazibiza ngokuthi ‘ungumalusi omuhle’ obonisa ububele bangempela kubalandeli bakhe. (Joh. 10:11-15) Namuhla, ukuze uJehova anakekele umhlambi wakhe wasemhlabeni, usebenzisa abelusi, abahlanganisa abagcotshiwe besigaba senceku ethembekile neqondayo kanye nabadala abaqotho ‘besixuku esikhulu.’ (IsAm. 7:9) Laba belusi balwela ukubonakalisa umoya kaJesu wokuzidela. Bafuna ukondla nokuphatha ibandla ngothando, belingisa uKristu. Maye kulowo ongabanaki abafowabo noma ozenza ingqongqo phezu kwabo noma obaphatha ngokhahlo noma azikhukhumeze! (Math. 20:25-27; 1 Pet. 5:2, 3) Yini uJehova ayilindele kubelusi abangamaKristu namuhla? Yini esingayifunda emibhalweni kaJeremiya ngezimo zengqondo nezisusa ezifanele abadala okumelwe babe nazo lapho benakekela imithwalo yabo yemfanelo? Ake sihlole indima yabo njengabanikeza usizo, abavikelayo, abakhathalelayo, abafundisi ngaphakathi nangaphandle kwebandla nanjengabahluleli.
BAYAVIKELA FUTHI BAYAKHATHALELA
5-7. (a) UJehova ulindele ukuba izimvu zakhe ziphathwe kanjani, futhi ngani? (b) Abadala bangalubonisa kanjani uthando lwangempela ngabafowabo, kuhlanganise nasebedukile?
5 Umphostoli uPetru wabiza uJehova ngokuthi “umalusi nombonisi wemiphefumulo [yethu].” (1 Pet. 2:25) Yisiphi isimo sengqondo uNkulunkulu asibonisayo ‘ngezimvu’ zakhe? Impendulo siyithola ngokubheka emuva osukwini lukaJeremiya. Ngemva kokugxeka abelusi ababi ababewuhlakaza futhi bengawunaki umhlambi, uJehova wathi ‘wayezoziqoqa’ izimvu zakhe azibuyisele edlelweni lazo. Wathembisa ukuthi uzozimisela abelusi abahle “abayozelusa impela” futhi baqiniseke ukuthi abantu bakhe bavikelekile ezitheni ezifuna ukubadwengula. (Jer. 23:3, 4) Yebo, izimvu zikaJehova zaziyigugu kuye. Ziseyigugu nanamuhla. Wakhokha inani elikhulu ngenxa yenhlalakahle yazo yaphakade.—1 Pet. 1:18, 19.
6 Njengabelusi abangokoqobo, ababonisi abangamaKristu akufanele badebesele lapho benakekela ibandla. Uma ukhonza njengomdala, ingabe uhlale uziphaphamele izimpawu ezibonisa ukuhlupheka kwabafowenu futhi ingabe uzimisele ukubasiza ngokushesha? Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yabhala: “Kufanele usazi ngokuqinisekile isimo somhlambi wakho. Beka inhliziyo yakho emihlambini yakho.” (IzAga 27:23) Leli vesi litusa inkuthalo yabelusi abangokoqobo; nokho isimiso salo singasebenza nasekunakekelweni kwebandla ngabelusi abangokomoya. Uma ukhonza njengomdala, ingabe uyalwa nanoma yikuphi ukuthambekela kokuba ungqó shishilizi? Kwakona nje ukuthi uPetru wabala ‘nokuzenza izingqongqo phezu kwalabo abayifa likaNkulunkulu’ kufakazela ukuthi umdala angakwenza ngempela lokhu. Ungasiza kanjani ekugcwalisekeni kukaJeremiya 33:12? (Yifunde.) Abazali abangabodwa, abafelokazi, imikhaya enosingamzali, asebekhulile kanye nabancane bangase bakudinge ngokukhethekile ukunakwa nokusizwa.
7 Ngezinye izikhathi umalusi ebandleni kudingeka afune futhi asize abathile okuthe ngazizathu zimbe baphuma emhlanjini, njengoba nje kungase kwenze umalusi wezimvu ezingokoqobo. Lokho kuyodinga ukuba azidele futhi athobeke. Ngesineke uchitha isikhathi enakekela izidingo zalabo abaphathisiwe. Abadala bebandla bayobe benza kahle ngokuzibuza ngobuqotho: ‘Ngikulwela ngezinga elingakanani ukukhuthaza abanye nokubakha kunokubahlulela nokubagxeka? Ingabe ngiyafuna ngempela ukwenza kangcono?’ Ngezinye izikhathi kungase kudingeke imizamo ephindaphindiwe ukuze kusizwe umuntu abone izinto ngombono kaNkulunkulu. Uma umzalwane noma udade emanqikanqika ukwamukela iseluleko esingokomBhalo (hhayi nje umbono wabadala), khumbula uJehova, uMalusi noMbonisi Ophakeme. Ngesineke, ‘waqhubeka ekhuluma’ futhi ezama ukusiza abantu bakhe abadlubulundayo. (Jer. 25:3-6) Iningi labantu bakaNkulunkulu namuhla alizenzi izinto ezimbi kodwa lapho iseluleko sidingeka, umdala kumelwe asinikeze njengoba kwenza uJehova.
8. Abelusi abangokomoya bangasilingisa kanjani isibonelo sikaJeremiya?
8 UJeremiya wawathandazela amaJuda akubo lapho kusenethemba lokuthi asengabuyela kuJehova. Wathi kuNkulunkulu: “Khumbula ukuma kwami phambi kwakho ukuba ngikhulume okuhle ngisho nangokuphathelene nabo, ukuba nginqande ukufutheka kwakho kubo.” (Jer. 18:20) Kuyabonakala kula mazwi ukuthi uJeremiya wayefuna okuhle kubafowabo, engabacabangeli okubi. Namuhla, ababonisi abangamaKristu kufanele babonise isimo sengqondo sikaJeremiya kuze kube yilapho sekunobufakazi obusobala bokuthi umuntu uzimisele enhliziyweni ukwenza okubi. Isinyathelo esifanele siwukubancoma abanye ngokuhle abakwenzayo, sibathandazele futhi sithandaze nabo.—Math. 25:21.
Yisiphi isithembiso uNkulunkulu asenza ngoJeremiya mayelana nabelusi abangokomoya? Ababonisi abangamaKristu bangawuvikela futhi bawukhathalele kanjani umhlambi?
“NGOKUQINISEKILE BAZONONDLA”
9, 10. Kungani ukuba umalusi omuhle (umdala webandla) kusho ukuba ngumfundisi?
9 Ngokuvumelana nalokho esikufunda kuJeremiya 3:15, abelusi abangamaKristu kufanele ‘bondle abanye ngolwazi nangokuqondisisa,’ okusho ukukhonza njengabafundisi. (1 Thim. 3:2; 5:17) UJehova wathembisa abantu bakhe ukuthi abelusi abahle babezokwenza lokho. Futhi wakhuthaza amaJuda ukuba amukele imfundo eqondisayo kumprofethi wakhe uJeremiya. (Funda uJeremiya 6:8.) Ukuze ziphile kahle, izimvu kudingeka zondliwe. Ngokufanayo, abantu bakaNkulunkulu kudingeka bondliwe futhi baqondiswe ngemiBhalo ukuze bahlale bephile kahle ngokomoya.
10 Uma kuziwa ekufundiseni, abadala banendima ekabili—ukusiza labo asebeyingxenye yebandla kakade nokusiza labo abangakabi amaKristu eqiniso. Khumbula: Esinye sezizathu eziyinhloko zokuba khona kwebandla lobuKristu siwukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ngakho-ke, abadala kumelwe babe abashumayeli abashisekayo. (Jer. 1:7-10) Ngokwenza kanjalo, bagcwalisa isibopho sabo kuNkulunkulu, babekele nabafowabo isibonelo esihle. Uma ungumdala, awutholi yini ukuthi ukushumayela njalo nabafowenu nodadewenu abahlukahlukene kukunika ithuba lokubasiza baphucule amakhono abo okufundisa, nawe uphucule awakho? Futhi lapho uhola ngentshiseko ekushumayeleni, unikeza isikhuthazo esibalulekile esingasiza lonke ibandla ukuba lithuthuke.
11, 12. Yini umdala ofuna ukuba umalusi omuhle okumelwe ayinake?
11 Lokho abadala abakudlulisela ebandleni kumelwe kusekelwe eBhayibhelini; uma kunjalo kuyoba ukudla okungokomoya okunomsoco. Ungabona-ke ukuthi ukuze abelusi ebandleni babe abafundisi abaphumelelayo, kumelwe babe abafundi abashisekayo beZwi likaNkulunkulu. Qhathanisa lokhu nalokho uJeremiya athi kuyisizathu esenza abaholi babantu bakubo bahluleka: “Abelusi baziphathe ngokungacabangi, futhi abazange bamfune ngisho noJehova. Yingakho bengenzanga ngokuqondisisa, futhi zonke izilwane zabo ebeziklabile zihlakaziwe.” (Jer. 10:21) Labo okwakufanele babe ngabafundisi babengazilandeli izimiso ezingokomBhalo futhi bengamfuni uNkulunkulu. Ngakho-ke, babengenakwenza ngokuhlakanipha kwangempela. UJeremiya wamemezela izahlulelo ezinamandla ngisho nakakhulu ngalabo okwakuthiwa abaprofethi.—Funda uJeremiya 14:14, 15.
12 Ngokungafani nalabo belusi bamanga, ababonisi abangamaKristu bafunda futhi balingise isibonelo sikaJesu. Ngakho bangakwazi ukukhonza njengabelusi abahlakaniphile bomhlambi. Kungaba yinselele ngabo ukuhlela ukuba kube nesifundo esinjalo zikhathi zonke ngenxa yezinto eziningi ezidinga isikhathi nokunakekela kwabo. Kodwa uma ungumdala, ingabe uqiniseka ngokuqinile ukuthi ukufundisa kwakho kungazuzisa futhi kube yiqiniso, kubonise ulwazi nokuqondisisa, kuphela uma ukusekela eZwini likaNkulunkulu nasesiqondisweni esivela esigabeni senceku ethembekile neqondayo? Uma unomuzwa wokuthi awusasinaki isifundo somuntu siqu njengangaphambili, yini ozoyenza ukuze uhlale wehlukile kubelusi bamanga bosuku lukaJeremiya?
13. Yini eyasiza uJeremiya waba umfundisi omuhle, futhi yini abelusi abangamaKristu namuhla abangayifunda kuye?
13 Into eyenza uJeremiya waphumelela ngokukhethekile njengomfundisi ukusebenzisa kwakhe imifanekiso. Yiqiniso, wayefundiswe uJehova. Yeka indlela okwakuyokhumbuleka ngayo ukumbona ephahlaza igabha lobumba phansi futhi ebikezela ukuthi iJerusalema nabantu balo kwakuyophihlizwa ngendlela efanayo! (Jer. 19:1, 10, 11) UJeremiya wenza nejoka lokhuni walibeka entanyeni ukuze afanekise ukugqilazeka kanzima kwabantu bakubo ngaphansi kweBhabhiloni. (Jer., izahl. 27-28) UNkulunkulu akazange athume abadala basebandleni okulo ukuba benze izimanga ezinjalo ukuze bafanekise amaphuzu. Nokho, awujabuli yini lapho befaka imifanekiso efanelekayo nokuhlangenwe nakho lapho befundisa? Imifanekiso nezibonelo ezicatshangwe kahle nezifaneleka ngempela zingaba namandla futhi zishukumise.
14. (a) Kwakusekelwephi ukukhuluma kukaJeremiya ‘ngebhalsamu eGileyadi’? (b) Abadala abangamaKristu bangayithuthukisa kanjani impilo engokomoya yabafowabo?
14 Yeka indlela esibonga ngayo ngokufundisa kwabelusi abangamaKristu! Ngosuku lwakhe, uJeremiya wabona isidingo sokuphulukiswa okungokomoya kwabantu bakubo. Wabuza: “Alikho yini ibhalsamu eGileyadi? Noma akekho yini umphulukisi khona?” (Jer. 8:22) Kwakunebhalsamu elingokoqobo eGileyadi, ingxenye yakwa-Israyeli esempumalanga yeJordani. La mafutha esihlahla athaphuka iphunga elimnandi ayebatshazwa ngezici zawo zokwelapha, evame ukusetshenziswa ekuthobeni nasekwelapheni izilonda. Kodwa kwakungekho ukwelashwa okungokomoya. Kungani? UJeremiya waphawula: “Abaprofethi empeleni baprofetha amanga; abapristi bona, bathobisa abantu ngokwamandla abo. Abantu bami bathandé ukuba kube ngaleyo ndlela.” (Jer. 5:31) Kuthiwani namuhla? Awuvumi yini ukuthi likhona ngempela “ibhalsamu eGileyadi”—yebo, ebandleni lakini? Singafanisa ibhalsamu elithobayo nenduduzo abelusi abangamaKristu abakhathalelayo abayinikeza ngokuqondisa abazalwane ngothando ezimisweni zemiBhalo, bebakha, bebathandazela futhi bethandaza nabo.—Jak. 5:14, 15.
Yisiphi isici sokufundisa kwabadala ebandleni lakini osazisa ngokukhethekile? Yini eyenza ukufundisa kwabo kuphumelele?
“YILOKHU UJEHOVA AKUSHILO”
15, 16. Kungani kokubili umhlambi ongokoqobo nongokomoya kudingeka unakwe?
15 Cabanga ngenjabulo kamalusi wezimvu ezingokoqobo lapho ukuzikhandla kwakhe isikhathi eside kuphumela ekuzalweni kwamawundlu aphilile! Nokho, umalusi uyazi ukuthi ukuze akhule, kuzodingeka anakwe. Kumelwe aqikelele ukuthi athola ukudla okunomsoco. Amawundlu azalwa enemisila emide engase ihushe phansi ibuthe umquba nokungcola. Umalusi ufuna imfuyo yakhe ihlale ihlanzekile futhi iphilile, ngakho angase ayinqamule ngobunono imisila ukuze angayizwisi ubuhlungu ngokungadingekile. Abelusi abangokomoya nabo bazinaka ngothando izimvu, amalungu ebandla abakulo. (Joh. 21:16, 17) Abadala bajabula kakhulu ngokubona abathakazelayo bethatha izinyathelo beba amaKristu eqiniso. Ababonisi abangamaKristu bafuna ukuba zonke izimvu, ezindala nezincane, zibe imiqemane futhi zondliwe ngokufanele, ngakho abayeki ukuzinakekela, bazisize lapho kudingeka. Ngokuqinisekile, lo msebenzi uhilela nokukhumbuza abafowabo ‘lokho uJehova akushilo,’ okungukuthi, lokho imiBhalo ekufundisayo.—Jer. 2:2, 5; 7:5-7; 10:2; Thithu 1:9.
16 UJeremiya kwakudingeka abe nesibindi ukuze amemezele isigijimi sikaNkulunkulu. Kunjalo nangababonisi ebandleni, ikakhulu ezimweni okumelwe bakhulume kuzo ukuze bavikele abafowabo. Ngokwesibonelo, kungenzeka umalusi ongokomoya abone kudingeka angenele ukuze avikele ‘iwundlu elisanda kuzalwa’ noma ngisho “imvu” endala ekungcolisweni yizwe likaSathane. Lo muntu osengozini kungenzeka nokuthi akasifuni iseluleko. Noma kunjalo, ingabe umalusi ononembeza angasonga izandla nje abukele lapho ilungu lomhlambi lizifaka enkingeni? Lutho neze! Ngeke futhi asithathe kalula isimo esinjalo, enze sengathi konke kuhamba kahle kube kusobala ukuthi akunjalo, futhi kungaphumela ekubeni inceku akanye nayo ilahlekelwe ukuthula kwayo noJehova.—Jer. 8:11.
17. Kunini lapho umalusi kungadingeka anake ngokukhethekile imvu ethile futhi angakwenza kanjani?
17 Uma imvu engaqaphile ingase iyengeke iwushiye umhlambi, umalusi ophapheme uyosheshe ayikhalime ayibuyisele emhlanjini. (Funda uJeremiya 50:6, 7.) Ngokufanayo, ngesinye isikhathi umbonisi kungadingeka abonisane ngendlela eqinile kodwa enothando nalabo abadlala ngomlilo. Ngokwesibonelo, angase aphawule ukuthi umbhangqwana othembisene umshado uchitha isikhathi ndawonye ngaphandle kombheki usezindaweni ongase unqotshwe kuzo inkanuko. Umdala onomusa nonokuqonda angawusiza ugweme izimo ezinjalo ezingawenza wone. Angase awubonise izingozi ezingaholela ekuziphatheni okuzondwa uJehova kodwa aqikelele ukuba angawubeki icala. Njengoba kwenza uJeremiya, abadala abathembekile bayakulahla lokho uNkulunkulu akulahlayo. Kulokhu balingisa uJehova, okwathi nakuba engazange abakhahle abantu bakhe, wabancenga ngomprofethi wakhe: “Sizani ningalwenzi lolu hlobo olunengekayo lwento engiyizondile.” (Jer. 5:7; 25:4, 5; 35:15; 44:4) Ingabe ukwazisa ngempela ukukhathalela abelusi abanothando abanakho ngomhlambi?
18. Imiphi imiphumela ekhuthazayo etholakala ngokuzikhandla kwabelusi abangokomoya?
18 Yiqiniso, akubona bonke labo uJeremiya abeluleka abamlalela. Kodwa bakhona abamlalela. Ngokwesibonelo, lapho uBharuki, umngane nonobhala kaJeremiya, edinga iseluleko esiqinile, uJeremiya wasinikeza ngokungananazi. (Jer. 45:5) Kwaba namuphi umphumela? UBharuki wathola umusa kaNkulunkulu futhi wasinda lapho kubhujiswa iJerusalema. Nanamuhla, imiphumela emihle etholwa abadala bebandla lapho besiza abakholwa nabo ingabakhuthaza ukuba ‘baqhubeke bezimisela ekukhuthazeni nasekufundiseni’ okusindisa ukuphila.—1 Thim. 4:13, 16.
UKUJEZISA “NGEZINGA ELIFANELEKILE”
19, 20. Imuphi umthwalo wemfanelo abadala abanawo lapho besebenzelana nabenzi bokubi?
19 Enye indima yababonisi namuhla ukuba abahluleli abangokomoya. Ezenzakalweni ezingavamile, abadala kungase kudingeke basebenzelane nezoni zangamabomu, befuna ukuziholela ekuphendukeni. Ngomusa kodwa ngokungagwegwesi, uJehova wakhuthaza abenzi bokubi ukuba bashiye izindlela zabo ezimbi. (Jer. 4:14) Nokho, uma othile ebandleni engayishiyi inkambo yesono, abadala kumelwe bathathe isinyathelo ukuze bavikele umhlambi ethonyeni elingase liwonakalise. Njengoba imiBhalo isho, kungase kudingeke bamxoshe umenzi wokubi. UJehova ulindele ukuba abadala benze ngokuvumelana nobulungisa baphezulu ezimweni ezinjalo. Inkosi enhle uJosiya yayiyisibonelo ekwenzeni lokho. ‘Yamela ilungelo elingokomthetho lohluphekile nompofu.’ Yayilingisa uthando lukaNkulunkulu ngobulungisa. Ngakho uJehova wayengabuza ngokuqondene nezenzo zikaJosiya: “Kwakungekhona yini lokho ukungazi mina?” Ngenxa yokuthi uJosiya wenza ubulungisa nokulunga, “kwamhambela kahle.” Awuzizwa yini ulondeke ngokwengeziwe lapho abadala ebandleni lakini belwela ukulingisa isibonelo sikaJosiya?—Jer. 22:11, 15, 16.
20 Qiniseka ngokuthi uJehova ujezisa abenzi bokubi “ngezinga elifanelekile.” (Jer. 46:28) Ngokuvumelana nalokhu, kuye ngezimo nangesimo sengqondo esibonisiwe, abadala bangase beluleke, bakhuthaze noma basole abakholwa nabo. Futhi kungase kuze kudingeke nokumsusa ekuhlanganyeleni umenzi wokubi ongaphenduki. Esimweni esinjalo, abadala abamthandazeli obala umuntu osusiwe futhi oqhubekayo nenkambo yokona; kungaba ukuchitha isikhathi lokho.a (Jer. 7:9, 16) Kepha bayolingisa uNkulunkulu ngokubonisa osusiwe ekuhlanganyeleni ukuthi angabuyela kanjani emseni kaNkulunkulu. (Funda uJeremiya 33:6-8.) Nakuba ukususwa ekuhlanganyeleni kungase kube buhlungu, singaqiniseka ukuthi izindinganiso zikaNkulunkulu zilungile, zinobulungisa futhi zibalungele bonke abantu.—IsiL. 1:18.
21. Kufanele sibe njani isimo somhlambi kaNkulunkulu, futhi ungaba kanjani nengxenye kulokho?
21 Lapho abadala ebandleni beziqaphela futhi bezisebenzisa izindinganiso zaphezulu eziphefumulelwe, umhlambi uyokondleka, uphile kahle futhi uvikeleke. (IHu. 23:1-6) Lokho uJeremiya asitshela kona ngezimo zengqondo nezisusa, ezifanele nezingafanele, kungabasiza ababonisi abangamaKristu njengoba befeza umthwalo wemfanelo ongathí sina wokunakekela izimvu zikaNkulunkulu. Khona-ke, ngamunye wethu angazibuza, ‘Ingabe ngizoqhubeka ngilazisa ilungiselelo likaJehova lokufundisa, ukuqondisa nokuvikela abantu bakhe ngokusekela abelusi ‘abawelusa impela’ umhlambi “ngolwazi nangokuqondisisa”?’—Jer. 3:15; 23:4.
Kukuziphi izimo lapho ababonisi kufanele babe nesibindi khona? Yini uJehova ayilindele kubadala abangamaKristu lapho bahlulela?
a Bheka INqabayokulinda ka-December 1, 2001, amakhasi 30-31.